Ngikholwa ukuthi njengoba uNkulunkulu ekwazi ukuqhuba umsebenzi Wakhe edolobheni lamadimoni, nakanjani Angakwazi ukuqhuba umsebenzi Wakhe emadolobheni angebaleke agcwele amadimoni emhlabeni jikelele. Labo phakathi kwethu benkathi yokugcina impela bazolibona usuku lwenkazimulo kaNkulunkulu. Lokhu kubizwa ngokuthi "ukulandela kuze kube sekupheleni kuzokuholela ensindisweni." Akekho ongathatha indawo kaNkulunkulu kulesi sigaba somsebenzi Wakhe—uNkulunkulu Uqobo kuphela ongakwenza. Lokhu kudalwa ukuthi kwedlulele; kuyisigaba somsebenzi wokunqoba, futhi abantu ngeke bakwazi ukunqoba abanye abantu. Amazwi omlomo kaNkulunkulu kuphela kanye nezinto azenza Yena ngqo ezinganqoba isintu. Emhlabeni uwonke, uNkulunkulu usebenzisa izwe likadrako omkhulu obomvu njengenkundla yokuzwa amanzi ngobhokwe. Emuva kalokhu, Uzoqala lo msebenzi kuyo yonke enye indawo. Lokho kuchaza ukuthi uNkulunkulu Uzokwenza umsebenzi omkhulu kakhulu emhlabeni uwonke, futhi bonke abantu basemhlabeni uwonke bazokwamukeliswa umsebenzi kaNkulunkulu wokunqoba. Abantu bayo yonke inkolo kanye nalo lonke ihlelo kumele bamukele lesi sigaba somsebenzi. Le indlela okumele ilandelwe—akekho umuntu ongayibalekela. Ingabe uzimisele ngokwamukela lokhu uNkulunkulu akuthembe ngakho? Ngihlala ngibona ukuthi ukwamukela into othenjwe ngayo uMoya Oyingcwele kuyinto emangalisayo. Indlela engibona ngayo, lokhu kungukwethenjwa okukhulukazi uNkulunkulu akubeka izandleni zesintu. Ngethemba ukuthi Ngizoba nabafowethu nodadewethu abasebenza kanzima ngokuhambisana Nami futhi bamukele lokhu kuNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akwazi ukudunyiswa emhlabeni uwonke, futhi izimpilo zethu ngeke zibe yize leze. Kumele senzele uNkulunkulu okuthile, noma kumele senze isifungo. Uma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu kodwa engenakho akulandelelayo, impilo yakhe iba yize, futhi uma sekufika isikhathi sokuthi afe, ukwazi ukubheka isibhakabhaka esiluhlaza kanye nomhlaba ogcwele izintuli kuphela. Ingabe lokho yimpilo ebalulekile? Uma ungakwazi ukufeza izidingo zikaNkulunkulu ngenkathi usaphila, ngeke kube yinto enhle leyo? Kungani uhlala ufuna inkinga, nokubukelwa phansi? Ngaleyo ndlela ingabe ikhona into oyithola kuNkulunkulu? Futhi ingabe ikhona into etholwa uNkulunkulu kuwe? Esethembisweni engisenze noNkulunkulu, ngivele ngimunike inhliziyo Yami futhi angimukhohlisi ngamazwi Ami. Ngeke ngize ngiyenze into enjalo—engizimisele ngakho ukududuza uNkulunkulu,engimuthanda ngenhliziyo Yami, kuphela, ukuze uMoya Wakhe osezulwini ukwazi ukududuzeka. Inhliziyo kungenzeka ibaluleke kodwa uthando lubaluleke kakhulu. Ngizimisele ngokunikela ngothando olubalulekile olusenhliziyweni Yami kuNkulunkulu ukuze lokho okuthokozelwa Nguye kube yinto enhle kakhulu enginayo, ukuze Agcwaliswe ngothando engimunika lona. Ingabe uzimisele ngokunikela ngothando lwakho lonke kuNkulunkulu ukuze aluthokozele? Ingabe uzimisele ngokwenza lokhu kube umgomo wakho wokuphila? Engikubonayo ngokwalokho engibhekane nakho ukuthi uma nginika uNkulunkulu uthando olukhulu, umuzwa wokuzizwela Ngiphila ngentokozo uyanda, futhi nginamandla angenamkhawulo, ngizimisele ngokunikela ngomzimba nomqondo Wami uwonke, futhi Ngihlale Ngizizwela ukuthi ngeke ngize Ngikwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwanele. Ngakho, ingabe uthando lwakho luwuthando olubudedengu, noma olungephela, noma olungelinganiseke? Uma ufuna ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso, uyohlala unalo olunye uthando ongaluphindisela Kuye. Uma kunjalo, ngomuphi umuntu futhi ngeyiphi into engakwazi ukuma endleleni yothando lwakho othanda ngalo uNkulunkulu?
UNkulunkulu ubona uthando lwesintu sisonke njengolubalulekile; wandisa nezinye izibusiso Zakhe kulabo abathanda Yena. Lokhu kwenziwa ukuthi uthando lomuntu kunzima kakhulu ukuhlangana nalo, luncane kakhulu, futhi lucishe lungatholakali. Emhlabeni jikelele, uNkulunkulu uke wazama ukufuna ukuthi abantu babuyisele uthando Kuye, kodwa kuyo yonke iminyaka kuze kube yimanje, labo ababuyisele uthando kuNkulunkulu bambalwa—bayidlanzana. Ngokukhumbula Kwami, uPetro wayengomunye, kodwa wayeholwa uJesu ngqo futhi waze wanikela ngothando lwakhe olugcwele kuNkulunkulu ekufeni kwakhe, okwaqeda leyo mpilo yakhe. Ngakho, ngenxa yalezi zimo ezingezinhle uNkulunkulu wanciphisa uhlelo lomsebenzi Wakhe emhlabeni jikelele, ngokusebenzisa izwe likadrako omkhulu obomvu njengesibonelo. Ugxilise wonke amandla Akhe kanye nemizamo Yakhe endaweni eyodwa. Lokhu kuzoba nemiphumela emihle kakhulu futhi kuzobasiza kakhulu ofakazi Bakhe. Ngenxa yale migomo emibili uNkulunkulu Ususe umsebenzi Wakhe emhlabeni uwonke Wawuyisa kulaba bantu abahluphekayo basezweni laseChina futhi Waqala umsebenzi Wakhe wothando, wokunqoba, ukuze kuthi lapho laba bantu sebekwazi ukuthanda Yena, Akwazi ukuqhubeka nesigaba esilandelayo somsebenzi Wakhe. Lokhu kuwuhlelo lukaNkulunkulu. Ngale ndlela izithelo zomsebenzi Wakhe zizoba zinkulu kakhulu. Uhlelo lomsebenzi Wakhe lugxilile futhi luqoqekile. Kusobala ukuthi likhulu kangakanani inani elikhokhwe uNkulunkulu nokuthi mangakanani amandla awasebenzisile ngokwenza umsebenzi Wakhe kithi, ukuthi usuku lwethu selufikile. Lokhu kuyisibusiso sethu. Ngakho, okungahambisani nokuqonda kwabantu ukuthi abantu baseNtshonalanga banomona ngokuthi sazalelwa endaweni enhle kangaka, kodwa thina sisonke sizibona siphansi futhi sithobekile. Akusikho ukusiphakamisa kukaNkulunkulu lokhu? Uzalo lukadrako omkhulu obomvu obeluhlala lunyathelwa luyahlonishwa abaseNtshonalanga—lokhu kuyisibusiso sangempela. Uma Ngicabanga ngalokhu, Ngikhungathwa umusa kaNkulunkulu, kanye nothando kanye nokusondela Kwakhe. Ngalokhu kungabonakala ukuthi okwenziwa uNkulunkulu akuhambisani nhlobo nokuqonda kwabantu, futhi yize bonke laba bantu beqalekisiwe, Akanqandwa izithiyo zomthetho futhi wenze ukuthi umsebenzi Wakhe ugxile kule ngxenye yomhlaba ngenhloso. Yingakho ngijabula, yingakho Ngizizwela Ngithokoze ngendlela engelinganiseke. Njengomuntu obambe iqhaza lobuholi emsebenzini, njengompristi omkhulu phakathi kwama-Israyeli, Ngikwazi ukwenza umsebenzi kaMoya ngqo futhi Ngisebenzela uMoya kaNkulunkulu ngqo; lokhu kuyisibusiso Sami. Ngubani ongaba nesibindi sokucabanga into enjengale? Kodwa namuhla, lokhu kufike kithi singazelele. Intokozo enkulu impela ebiza ukuthi sibungaze. Ngethemba ukuthi uNkulunkulu uzoqhubeka nokusibusisa nokusiphakamisa ukuze labo phakathi kwethu ababishe ebubini bengasetshenziswa uNkulunkulu kakhulu, okuzosisiza ukuze sibuyisele uthando Lwakhe.
Ukubuyisa uthando lukaNkulunkulu kuyindlela esengiyithatha, kodwa Ngizizwela ukuthi lokhu akusiyo intando kaNkulunkulu okumele ngihambe ngayo. Intando kaNkulunkulu Ngami ukuthi Yena Angisebenzise kakhulu—le indlela kaMoya Oyingcwele. Mhlawumbe Nginephutha. Ngicabanga ukuthi le yindlela engiyithathayo selokhu ngathatha isinqumo Sami noNkulunkulu kudala. Ngizimisele ngokuholwa uNkulunkulu ukuze Ngikwazi ukungena endleleni okumele Ngibe kuyo ngokushesha, futhi Nganelise intando kaNkulunkulu ngokushesha. Noma abanye bangacabangani, ngikholwa ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu futhi wudaba olubaluleke kakhulu empilweni Yami. Akekho umuntu ongaphuca Mina leli lungelo—lokhu ngumbono Wami ngqo, futhi mhlawumbe kukhona abanye abahluleka ukukuqonda, kodwa Ngikholelwa ukuthi asikho isidingo sokuthi kube nomuntu engimucacisela ngalokhu. Ngizothatha indlela okumele Ngiyilandele—uma sengiyibonile indlela okumele ngiyilandele futhi ngeke ngihlehle. Yingakho ngibuyele kula magama: Ngibeka inhliziyo Yami ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Ngilindele ukuthi abafowethu nodadewethu ngeke bangigxeke! Phezu kwakho konke, ngokubona Kwami, abanye abantu bangasho ukuthi bathandani, kodwa ngibona ukuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kusemqoka futhi akumele ngizithole ngibhekene nezingqinamba ngalokhu. Ngeke ngilenze iphutha uma ngenza intando Yakhe, futhi ukwenza lokhu ngeke kuhlelwe ngokwezintshisekelo Zami uqobo! Ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu ubone ngaphakathi kwenhliziyo Yami! Pho ungakuqonda kanjani lokhu? Ingabe uzimisele ngokunikela ngawe uqobo kuNkulunkulu? Ingabe uzimisele ngokusetshenziswa uNkulunkulu? Ingabe isinqumo sakho ngukwenza intando kaNkulunkulu? Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bebonke bakwazi ukuthola usizo oluthile emagameni Ami. Yize umbono Wami ungakholakali, Ngisathi Engingakusho ukuze sisonke sikwazi ukuvulelana izinhliziyo sixoxe ngaphandle kwezithiyo, ukuze uNkulunkulu aqhubeke nokuhlala phakathi kwethu ingunaphakade. Lawa ngamazwi aphuma enhliziyweni Yami. Kulungile! Aphela lapho amazwi asenhliziyweni Yami namuhla. Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bazoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla, futhi ngethemba ukuthi uMoya kaNkulunkulu uyohlala usinakekela!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana