Ikhasi lokuqala

30. Ukubheka indaba yokushintshwa esikhundleni

                           UYi Ran eLaiwu City, eShandong Province

       Esikhathini esedlule, ngenxa yokungaqondi kwami umgomo ophathelene nokuhlelwa kabusha kwezisebenzi ebandleni, lapho ibandla lishintsha umholi esikhundleni, kwazaleka umcabango kimi. Ukususela kulokho engangikubuka, udade lo owayeshintshwa esikhundleni wayemuhle kakhulu ekwamukeleni nasekwabelaneni ngeqiniso, futhi wayevulelekile ekuykhulumeni kwakhe ngenkohlakalo.Ngakho ke, ngangingaqondi ukuthi kwakungani umuntu owayelithanda kangaka iqiniso kwakumelwe asuswe. Kungenzeka ukuba wayekhulumea ngemibono ngenkohlakalo kwaze kwedlulela, ngalokho umholi wakhe ngephutha wacabanga ukuthi ungumuntu ongalithandi iqiniso, wase emsusa esikhundleni? Uma ngempela kuyilokho okwenzeka, ngakube alulinyazwanga ithuba lokuqeqeshwa komuntu owayefuna iqiniso?

       Ngisazizwa ngididekile ngalokhu, ngafunda lo mbhalo emsebenzini ohlelwe wakhishwa yibandla: “Umndeni kaNkulunkulu unquma ukuqeqesha nokusebenzisa abantu ngobunjalo babo. Uma ubunjalo bomuntu othile, kuyilobo obufuna iqiniso, umndeni kaNkulunkulu ngeke umdele; uma umuntu ezimisele ukufuna iqiniso, kanjalo ngaphandle kokungabaza uyozwa inguquko. Uma ubunjalo omuntu othile iuileyo engalifuni iqiniso, futhi enganaki imisebenzi yakhe futhi engahambi ngendlela enhle, ngakho akafanelwe ukuqeqeshwa futhi noNkulunkulu angeluphelelise lolu hlobo lomuntu. Kulowo muntu uNkulunkulu angazimisele ukumphelelisa, umndeni kaNkulunkulu nawo awukwazi ukumqeqesha… ngakho ukuphathwa kwabantu kumelwe kwenziwe ngokuhambisana nesidingo somsebenzi kaNkulunkulu nobunjalo babantu. Iyona ndlela ekahle le yokusebenza ngokusobala noNkulunkulu nokumkhonza ngokweqiniso uNkulunkulu. Uma lendlela ekahle yokusebenza noNkulunkulu ingasetshenziswa, umsebenzi kaNkulunkulu uyaphazamiseka futhi nentando kaNkulunkulu ayilandelwa” (“Ukuhlanganyela Eminye Imibuzo” Ezinqolobaneni zokuHlanganyela noKuhlelwa Komsebenzi Webandla I). Ngenkathi ngizama ngokuphindaphindiwe ukuqonda la mazwi, ngaqonda ukuthi kwakunomgomo owawusebenza noma ibandla lalikhuphula othile noma lalimsusa esikhundleni. Ngaqonda ukuthi wawusetshenziswa ngokwezidingo zomsebenzi kaNkulunkulu nobunjalo babantu, hhayi ukusebenzisa nokususa abantu ngokuthanda. Nangale nje kwalokho, ibandla alisusi umuntu esikhundleni ngenxa yokuthi uveze inkohlakalo, kepha izinto zibhekwa ngokwesisekelo sengqikithi yakhe. Uma ingqikithi yomuntu idinga iqiniso, ibandla ngeke lize limdele futhi ngeke lize lizibe noma lone muntu ofuna iqiniso. Ngakho ngahamba ngaya phambi kukaNkulunkulu ukukhuleka nokufuna ukululekwa: “O Nkulunkulu! Ngiyazi ukuthi ngoniwe ngokujulile nguSathane, futhi anginakho ukuqonda umsebenzi Wakho, kukhona imicabango oeminingi phakathi kimi nemibono eminingi engasoze yahambisana Nawe. Namuhla, ngaphansi kokuholwa Nguwe, manje sengiyazi ukuthi noma kusekukhetheni, ekuqeqeshweni noma ekususeni abantu esikhundleni, ibandla likuqhamukela konke ngokwezimfuno zomsebenzi Wakho nengqikithi yabantu. Kepha-ke angikayiqondisisi kahle ingqikithi kadadewethu owasuswa esikhundleni, ngomphumela wokuthi nginombono ngokuhlela kwebandla. Ngiyacela ukuba ungaluleke futhi ungihole; ngivumele ngibonisise ukuze ekusebenzeni kwami ukusuka manje, ngingaphazamisi umsebenzi Wakho ngenxa yokuphambuka kwami namaphutha ami”

       Emva kokuba sengikhulekile, ngathatha izinhlelo zomsebenzi futhi , ngokuholwa uNkulunkulu, ngafunda la magama: “Ngokufunda amazwi kaNkulunkulu, labo abafuna iqiniso bangalinganisa isimo sabo senkohlakalo ngokubheka izwi likaNkulunkulu. Ukuhlanganyela kwabo ngezwi likaNkulunkulu akwenzelwa nje ukukhuluma mayelana nokuqonda izwi likaNkulunkulu kodwa nokuziqonda bona futhi. Noma ngabe hlobo luni lwenkohlakalo oluveziwe, bangaluveza obala, ukuze abafowethu nodadewethu bezozuza okuyiqiniso, bebe ngaleso sikhathi bexazulula eyabo inkohlakalo. Lena futhi yindlela enhle kakhulu yokuholela abantu emazwini kaNkulunkulu. … Bonke labo abakhuluma kuphela ngemiqondo esobala nabangenalo ulwazi lokoqobo, abakufanele ukuba abaholi emndenini kaNkulunkulu. Lolu hlobo lwabaholi nezisebenzi kumelwe zisuswe esikhundleni” (“Ukukhonza uNkulunkulu Umuntu Kumelwe Afunde ukuthi Uhlukanisa Kanjani Abantu” Emlandweni Wokuhlanganyela Nokuhlelwa Komsebenzi weBandla I). La mazwi angenza ngaqonda ukuthi ngokufunda amazwi kaNkulunkulu, labo abafuna ngokweqiniso iqiniso bangakwazi ukulinganisa isimo senkohlakalo yabo ngezwi likaNkulunkulu, babe nokuqonda kweqiniso umongo wezwi likaNkulunkulu futhi baqonde ngokweqiniso imvelo nobunjalo benkohlakalo yabo. Ukuhlanganyela kwabo kungaveza indlela okuyiyona yabantu futhi kungaletha abantu phambi kuka Nkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, naso leso sikhathi sokusaxazululwa kwezinkinga zabanye, bangaxazulula nezabo uqobo izinkinga, bagxile ekungeneni kwabo empilweni kanye nokuguquka kwesimo sabo.

       Kulesi sikhathi, ngaqala ukukhumbula imininingwane ngendlela yokuziphatha nokwenza kwalo dade owayesuswe esikhundleni. Nakuba ekuxazululeni izinkinga zabantu wayekhuluma kahle nakabanzi, esebenzisa amagama acatshangwe kahle nabekwe kahle, wayengayixazululile inkinga yokungena kwakhe empilweni futhi ehlezi ephila esimweni yokuzibona elungile, eziqhenya kakhulu ekholwa ukuthi wayenza kahle wonke umsebenzi. Eqinisweni umsebenzi wakhe wawuyinhlakanhlaka. Uma lokho ayekwamukele wakuhlanganyela kwakukade kuwukuqonda ingqikithi yeqiniso, wayengasebenzisi ngani ukuqonda kwakhe ukuba azisize? Lapho umholi eveza isimo sakhe esiyiphutha, wabuka ngobuqotho futhi wahlaziya izinkinga ezinkulu ezazikhona ekusebenzeni kwakhe, wahlanganyela naye mayelana nazo, nakuba ngaphandle wavuma ngekhanda ngokuphindaphindiwe, eveza ukwamukela nokuzimisela ukuba akwenze ngokomgomo, kepha ngasese waqhubeka ngezindlela zakhe zakudala zokungahambisani nomgomo, enza izinto ngendlela afuna ngayo ezazicekela phansi umsebenzi futhi. Ngesikhathi kubhekwene naye, nakuba ingaphandle lakhe laliveza ukuthi uyazisola kakhulu, emveni kwalokho katshengisanga inguquko. Nakuba wayekhuluma ngokuziqonda yena qobo lwakhe, waveza obala inkohlakalo yakhe, umphumela ukuthi wenza ukuba abanye babukele kuye, bamcabanga ezingeni eliphezulu beletha abantu phambi kwakhe. Indlela yakhe yokukhiphela izinto obala nje yayingazuzisi muntu lutho. Kwakulimaza futhi kukhohlise abantu kuphela.… ngangibona ekwenzeni ngokuphikelela kwakhe ukuthi, nakuba wayesesebenze iminyaka eminingi futhi wazihlomisa ngokuqonda okusobala, isimo sakhe empilweni sasingakaze siguqulwe. Okuphikisana nalokho, wayeseziphakamisa futhi eziqhenya kakhulu. Sengibona manje ukuthi wayengesiye umuntu owayefuna iqiniso, futhi engesiye umuntu owayemukele iqiniso elimsulwa noma owayehlanganyela ngokukhaliphile. Wayengakufanelwe impela ukuqeqeshwa, futhi, ukuba wayegcinwe esikhundleni sakhe, ngabe wabambelela umsebenzi webandla walimaza abafowabo nodadewabo. Ukususwa kwakhe esikhundleni empeleni kwakungukulunga kukaNkulunkulu futhi kwakuyindlela engcono kaNkulunkulu yokumsindisa. Ngale kwalokho wayengabe esakhohliswe ukubukeka kwakhe kwangaphandle futhi ngabe akawabonanga amaphutha ezindlela zakhe, ekugcineni awele ekujezisweni uNkulunkulu.

      Ngabona ngenxa yalolu daba ukuthi ngangiliqonda kancane kangakanani iqiniso, ngigxile kuphela ezincazelweni ezisobala zezinhlelo zemisebenzi neqiniso, nokuba nolwazi olubhalwe phansi kuphela. Ngangingagxilile neze kuba ekuqondeni intando kaNkulunkulu, ezinhlelweni zomsebenzi, futhi ngangingenakuqonda okunesisekelo ngeqiniso. Ngakho angigcinanga ngokuthi ngingakwazi ukuqonda ngwzingqikithi zabantu, kepha ukuphikisana nalokho ngakhathazeka ngokuba nenkani ukuthi umuntu ofuna iqiniso wayesuswe esikhundleni ngephutha.

       O Nkulunkulu! Ngikubonga ngesambulo Sakho nokukhanyiselwa okungenze ngazibona ubuze bami, ubumpumputhe nokuthi bengidabukisa kanjani, okungenze ngabona ukuthi ngaphandle kweqiniso, umuntu ngeke aqonde ingqikithi yendaba, kunalokho ngakhohliswa indlela abukeka ngayo ngaphandle. Kungokuqonda iqiniso kuphela lapho umuntu engenza kahle khona umsebenzi obalulekile. O Nkulunkulu! Kusuka namuhla kuya kuya phambili ngifisa ukwenza imizamo ethe xaxa ukufuna iqiniso, ukufuna intando Yakho kukho konke, ukwenza izinto ozidingayo futhi ukuba wusizo Kuwe masinyane.

Umthombo : IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ukufunda Okuhambelanayo:“Kumele Ubhekisise Izenzo Zakho



Awekho amazwana:

Thumela amazwana