Ikhasi lokuqala

Zulu Gospel Song "Kulowo Abantu Okumele Bamphilele" Thola Incazelo Yokuphila




Zulu Gospel Song "Kulowo Abantu Okumele Bamphilele" Thola Incazelo Yokuphila

Bekungacacile ukuthi abantu kumele baphilele bani. Manje sengiyitholile impendulo.
Bengijwayele ukuziphilela mina, ngifuna kuphela isithunzi nodumo.
Ukuthandaza kuNkulunkulu kugcwalise amazwi amahle, kuyilapho ngibambelele endleleni yami yokuphila yangempela.
Ukholo olusekelwe ekusaseni nasekudalelweni, anginalo iqiniso noma ubuqiniso.
Amasiko nemithetho, aminyanisa ukholo lwami; ngishiywe ngingenalutho.
Ngehlulekile ukuphila njengomuntu, angilufanelekele uthando lukaNkulunkulu.

Inhliziyo yami iphaphanyisiwe manje, ingitshela ukuthi ngibuyisele uthando lukaNkulunkulu.
Ngiyazizonda ngoba bengingenanembeza, ngingamlaleli uNkulunkulu futhi ngidabukisa inhliziyo yaKhe.
Bengingenandaba nhlobo nenhliziyo kaNkulunkulu; ngingenandaba nangamazwi aKhe.
Ngingenanembeza, ngingenangqondo, bengingabalwa kanjani njengomuntu?
Ukwahlulela kukaNkulunkulu kungenza ngibone, bengonakaliswe kakhulu uSathane.
Leli zwe elibi, linezicupho yonke indawo; iqiniso yilo okumele likhethwe yikholwa.
O Nkulunkulu othandekayo, ungithande kangangokuba wenze konke ongakwenza ukuze ungisindise.
Ongenzele kona, ngizokugcina engqondweni! Angeke ngikukhohlwe nanini.
Ukunakekela inhliziyo kaNkulunkulu, kuyintando yami. Ngizimisele ukuphishekela iqiniso.
Ukuzikhandla ngenxa kaNkulunkulu, ukuzinikela ukuze ngibuyisele uthando lwaKhe,
ukuzinikela ukuze ngibuyisele uthando lwaKhe.

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.



Awekho amazwana:

Thumela amazwana