Ikhasi lokuqala

ISethulo

  Le ngxenye yamazwi kaNkulunkulu inengqikithi yezingxenye ezine; akhulunywa uKristu kusukela ekupheleni kuka-1992 kuya ku-2005. Amaningi awo asekelwe ezintweni eziqoshwe ezintshumayelweni nasezingxoxweni Zakhe ngesikhathi ehamba emabandleni. Okulotshiwe akukaze kulungiswe, alukho noshintsho uKristu alwenzile. Okunye kuyimiqulu uKristu ayiloba ngepeni Lakhe. (Lapho uKristu eloba, lokho ukwenza kube kanye ngaphandle kokuhlaba ikhefu acabange; akudingekanga nokuthi alungise kancane nje, futhi kungukuvezwa ngokugcwele koMoya. Lokhu akunakungatshazwa.) Asikaze sikuhlele eceleni lokhu, kodwa siwafake ngokubhalwa kwawo kwasekuqaleni ngendlela ashiwo ngayo. Ngale ndlela sizokwazi ukubona izinyathelo zikaNkulunkulu zomsebenzi kusukela kulokho akushilo, siqonde nendlela asebenza ngayo esigabeni ngasinye. Lolu hlelo luphinde lusizuzise kakhulu isintu ekuqondeni izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, nasekwazini ukuhlakanipha Kwakhe.

  Izahluko eziyisishiyagalombili zokuqala “Indlela” kwesithi “Amazwi kaKristu njengoba Ayehamba Emabandleni (I)” ziyingxenye encane yamazwi kaKristu njengoba eme walingana nabantu aphakathi kwabo. Acishe abonakale engacacile, kodwa empeleni aqukethe umuzwa wothando lukaNkulunkulu nokucabangela isintu. Ngaphambi kwalokhu uNkulunkulu wakhuluma esezulwini lesithathu, ngakho ibanga phakathi kukaNkulunkulu nomuntu laba likhulu kakhulu futhi abantu abakaze balokothe basondelane noNkulunkulu, ingasaphathwa eyokucela kuNkulunkulu ukuba abanikeze ukuphila kwabo. Ngakho kwesithi “Indlela,” uNkulunkulu wakhuluma nomuntu njengolingana naye futhi wakhomba ukuthi iya ngakuphi indlela ukuze ubudlelwane obuphakathi komuntu noNkulunkulu bubuyele esimweni obabuyiso ekuqaleni, umuntu akabange esangabaza ukuthi uNkulunkulu wayesayisebenzisa yini indlela yokukhuluma, futhi alubange lusaba bikho uvalo lokulingwa ngokufa. UNkulunkulu wehla ezulwini lesithathu weza emhlabeni; umuntu weza phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu evela echibini lomlilo nesibabuli, elahla ithunzi lokuba umenzi womsebenzi, walamukela ngokusemthethweni ubhapathizo lwamazwi kaNkulunkulu njengamankonyane asanda kuzalwa. Yile ndlela kuphela uNkulunkulu akwazi ngayo ukuhlala eceleni kwabantu akhulume nabo, enze umsebenzi owanelisa kakhulu ekuphileni. Inhloso yokuzithoba kukaNkulunkulu abe umuntu ukuthi asondelane nesintu, kunciphe igebe phakathi komuntu noNkulunkulu, abonwe abantu futhi bamethembe, akhuthaze ukuzethemba kwabo kokufuna ukuphila futhi balandele uNkulunkulu. Ekugcineni, izahluko eziyisishiyagalombili zesithi “Indlela” ziyizihluthulelo zikaNkulunkulu zokuvula iminyango ezinhliziyweni zabantu; ziyizibhebhe zakhe ezimthokozisayo. Abantu bangazilalelisisa ngale ndlela kuphela izimfundiso nemiyalo kaNkulunkulu ephindaphindiwe. Kungashiwo nokuthi kungemva kwalapho kuphela lapho uNkulunkulu aqala khona ngokusemthethweni umsebenzi wokunika ukuphila nokuvezwa iqiniso kulesi sigaba samanje somsebenzi, futhi waqhubeka ekhuluma: “Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe” nakwesithi “Ezinyathelweni Zomsebenzi kaNkulunkulu”.... Le ndlela ayikuvezi yini ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nezinhloso Zakhe eziqotho? Lokhu ukunika ukuphila kokuqala kukaKristu, ngakho uma kuqhathaniswa nezingxenye ezimbalwa ezilandelayo, iqiniso libonakala ngandlela thile liyize. Umyalo ongemva kwalokhu ulula kakhulu: UNkulunkulu usebenza ngokwezidingo zesintu. Akenzi noma akhulume engaboni; nguNkulunkulu kuphela oqonda ngokugcwele izidingo zesintu, Nguye kuphela omcabangelayo futhi omthandayo umuntu.

  “Umsebenzi Nokungena” (1 kuya ku-10) ngamazwi kaNkulunkulu engena esigabeni esisha, ngakho siqale ngalezi zahluko eziyishumi futhi ngemva kwalokho, saya kwesithi “Amazwi kaKristu njengoba Ayehamba Emabandleni (II).” Kulesi sigaba, uNkulunkulu uveza imininingwane yezinto azidingayo ngeqembu labalandeli Bakhe, ehlanganisa ulwazi ngokuphila kwabantu, okudingekayo ngekhono, njalo njalo. Futhi ngenxa yokuthi labo bantu base beziqinisile izinhliziyo zabo ekulandeleni uNkulunkulu bengasabungabazi ubuntu kanye nesiqu sikaNkulunkulu, waqala ukubaphatha ngokusemthethweni labo ababemlandela njengomndeni Wakhe futhi waxoxa nabo ngeqiniso elingaphakathi elimayelana nomsebenzi kaNkulunkulu kusukela ekudalweni kwezwe kuze kube manje. Wembula neqiniso ngeBhayibheli, ngaphezu kwalokho, wabavumela baqonda ukubaluleka kweqiniso ngokuba senyameni kukaNkulunkulu. Abantu bangasiqonda kangcono isiqu sikaNkulunkulu nesiqu somsebenzi Wakhe kula mazwi, ngaphezu kwalokho, bazobona ukuthi lokho abantu abakuzuzile ngensindiso kaNkulunkulu kudlula lokho okwazuzwa abaprofethi nabaphostoli kuzo zonke izinkathi. Kuyo yonke imisho yamazwi kaNkulunkulu, ungakubona konke ukuhlakanipha Kwakhe kanye nothando Lwakhe olukhulu nokukhathalela. Ngesikhathi eveza la mazwi, uphinde embule ngokucacile kubantu imibono yabo edlule, amaphutha, izinto abangakaze bazicabange, ngisho nezindlela zabo zakusasa ngokulandelana. Mhlawumbe lena indlela encane yokuzwa uthando abantu abakwazi ukuluthola! Ngaphezu kwakho konke, uNkulunkulu usebanike abakudingayo abantu nalokho abakucelile—akazange akugodle futhi azikho izimfuno azenze ngokukhethekile.

  Ngokukhethekile izahluko ezimbalwa kule ngxenye zingamazwi Akhe mayelana neBhayibheli. Lokhu kungenxa yokuthi iBhayibheli lalandela izinkulungwane eziningi zeminyaka yomlando wabantu futhi abantu bonke baliphathisa okukaNkulunkulu ngezinga lokuthi abantu ezinsukwini zokugcina bafaka iBhayibheli esikhundleni sikaNkulunkulu. Kuyamunenga lokhu uNkulunkulu. Kanjalo nangesikhathi Sakhe, kufanele acacise udaba olungaphakathi nomsuka weBhayibheli. Ngale kwalokho, iBhayibheli belisazokwazi ukuthatha isikhundla sikaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu futhi bangenqaba baphinde bakale izenzo zikaNkulunkulu besekela lokho emazwini aseBhayibhelini. Incazelo kaNkulunkulu ngesiqu, ukwakhiwa, nezimpazamo zeBhayibheli nakanjani akukuphiki ukuba khona kwako, futhi akulilahli iBhayibheli. Kunalokho, kwenzelwe ukuletha incazelo enomqondo nefanele, ukubuyisa isithombe sokuqala seBhayibheli, nokulungisa ukungaqondi kahle abantu abanakho ngeBhayibheli ukuze bonke abantu babe nombono ofanele ngalo, bengabe besalikhonza, bengabe besalahleka—ngendlela eyihaba, benza ukholo lwabo olungaboni eBhayibhelini lube ukukholelwa nokukhonza uNkulunkulu, futhi abalokothi babhekane nemvelaphi yalo eyiqiniso nobuthaka balo. Kungemuva kokuba bonke benokuqonda okuhlanzekile ngeBhayibheli bezokwazi ukunganqikazi kulo futhi bamukele amazwi amasha kaNkulunkulu ngesibindi. Lena inhloso kaNkulunkulu kulezi zahluko eziningana. Iqiniso uNkulunkulu afuna ukulitshela abantu lapha ukuthi akunamfundiso noma iqiniso okungangena esikhundleni emsebenzini kaNkulunkulu wamanje noma emazwini Akhe, futhi akunalutho olungangena esikhundleni sikaNkulunkulu. Uma abantu bengakwazi ukususa inetha yeBhayibheli, abanakukwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu. Uma befuna ukuza phambi kukaNkulunkulu, kumele baqala bahlanze izinhliziyo zabo nganoma yini engangena esikhundleni Sakhe—ngale ndlela uNkulunkulu uyokwaneliswa. Nakuba uNkulunkulu echaza kuphela iBhayibheli lapha, ungakhohlwa ukuthi ziningi ezinye izinto eziyizimpazamo abantu abazikhonzayo ngaphandle kweBhayibheli, okuwukuphela kwezinto abangazikhonzi, yilezo ezivela kuNkulunkulu. UNkulunkulu umane asebenzise iBhayibheli njengesibonelo sokukhumbuza bonke ukuthi bangathathi inkambo engafanele futhi bengaphinde beqise bese bedideka lapho bekholelwa kuNkulunkulu futhi bamukela amazwi Akhe.

  Amazwi uNkulunkulu awakhiphayo asuke akubeni yize aye akujuleni. Ngakho, lokho akushoyo kuyaqhubeka kujula kusukela ekuziphatheni kwangaphandle kwabantu kanye nezenzo, kuya ezimweni zabo ezikhohlakele, kusukela lapho kuyasabalala ukuze kugxile ekujuleni kwemiphefumulo yabantu—imvelo yabo. Phakathi nesikhathi “Amazwi kaKristu njengoba Ayehamba Emabandleni (III)” akhulunywe ngaso, amazwi kaNkulunkulu agcizelela isiqu kanye nobuntu bomuntu, nokuthi kushoni ukuba umuntu woqobo—lana amaqiniso ajulile nemibuzo ebalulekile mayelana nokungena kwabantu ekuphileni. Ngempela, ukukhumbula iqiniso uNkulunkulu alivezela umuntu kwesithi “Amazwi kaKristu njengoba Ayehamba Emabandleni (I),” ngokuqhathanisa nesithi “Amazwi kaKristu njengoba Ayehamba Emabandleni (III)” kubaluleke kakhulu. Le ngxenye igxile endleleni yekusasa labantu nendlela abangapheleliswa ngayo; igxile ekusaseni lesiphetho sesintu kanye namazwi kaNkulunkulu nanomuntu bengena ekuphumuleni ndawonye. (Kungashiwo kuze kube manje ukuthi, lana amazwi uNkulunkulu awasho kumuntu mayelana nemvelo yakhe, umsebenzi wakhe, isiphetho sakhe okulula ukuwaqonda.) UNkulunkulu unethemba lokuthi labo abafunda la mazwi yilabo abaphuma emibonweni yabantu nasemicabangweni, futhi abakwazi ukuba nokuqonda okuhlanzekile kwawo wonke amazwi Akhe ekujuleni kwezinhliziyo zabo. Wethemba nakakhulu ukuthi bonke labo abafunda la mazwi bangabheka amazwi Akhe njengeqiniso, indlela, nokuphila, nokuthi bangamthathi kancane uNkulunkulu noma bamkhohlise. Uma abantu befunda la mazwi benombono wokuhlola noma ukufunda uNkulunkulu, khona-ke konke ukubaluleka kwawo kulahlekile kubo. Yilabo abafuna iqiniso kuphela, ababeke izinhliziyo zabo ekulandeleni uNkulunkulu, futhi abangamngabazi nakancane Yena okufanele bamukele la mazwi.

  “Amazwi kaKristu njengoba Ayehamba Emabandleni (IV)” angolunye uhlobo lwamazwi aphezulu alandela “Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana.” Le ngxenye inezikhuthazo zikaNkulunkulu, izimfundiso, kanye nezambulo eziya kubo bonke abantu emahlelweni obuKristu, ezifana nesithi: “Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha,” “Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu.” Inanezimfuno eziqondile kakhulu zikaNkulunkulu ngesintu, ezifana nezithi: “Kumele Wenze Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho,” “Izexwayiso Ezintathu,” “Iziphambeko Ziyokwenza Umuntu Aye Esihogweni.” Kukhulunywa ngezingxenye eziningi njengezambulo nezahlulelo zazo zonke izinhlobo zabantu namazwi endlela yokwazi uNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi le ngxenye iwumgogodla wokwahlulela kukaNkulunkulu isintu. Okungenakukhohlakala ukuthi lapho uNkulunkulu esezovala ikhethini lomsebenzi Wakhe, wembula lokhu okusemathanjeni abantu—ukukhaphela. Inhloso Yakhe ukuthi abantu bazi leli qiniso ekugcineni futhi balishise ezingxenyeni ezisekugcineni zezinhliziyo zabo: Akunandaba ukuthi sekuyisikhathi eside kangakanani ungumlandeli Wakhe—imvelo yakho isenokukhaphela uNkulunkulu. Kusho ukuthi, kusemvelweni yabantu ukukhaphela uNkulunkulu ngoba abantu abanakho ukuvuthwa okuqinile ezimpilweni zabo, abanakho nje ushintsho oluthi alufane esimweni sabo. Nakuba lezi zahluko ezimbili, “Ukukhaphela (1)” nesithi “Ukukhaphela (2),” ziza nokumangaza abantu, ngempela ziyizixwasiyo ezithembekile nezinobulungisa zikaNkulunkulu kubantu. Okungenani lapho abantu beziqhenya futhi bezigabisa, ngemva kokufunda lezi zahluko ezimbili, ububi babo buyoboshwa futhi bayothamba. Kulezi zahluko ezimbili uNkulunkulu ukhumbuza bonke abantu ukuthi akunandaba ukuthi ukuphila kwabo kuvuthwe kangakanani, nokuthi lunzulu kangakanani ulwazi lwabo, bazethemba kakhulu kangakanani, akunandaba ukuthi wazalelwaphi nokuthi uyaphi, imvelo yakho yokukhaphela uNkulunkulu ingavumbuka noma nini noma kuphi. Lokho uNkulunkulu afuna ukukutshela wonke umuntu yilokhu: Ukukhaphela uNkulunkulu kuyimvelo yomuntu. Ngempela inhloso kaNkulunkulu ekuvezeni lezi zahluko ezimbili akukhona ukuthola izaba zokuqeda noma ukulahla isintu, kodwa ukusenza sinakisise imvelo yaso futhi siphile ngokucophelela phambi kukaNkulunkulu ukuze ngazo zonke izikhathi sithole isiqondiso Sakhe, ahlale ephambi kwaso futhi sigweme ukungabi sisakwazi ukuhlehlela emuva. Lezi zahluko ezimbili zivusa emaqandeni bonke abalandela uNkulunkulu. Nginethemba lokuthi abantu bangaziqonda izinhloso ezijulile zikaNkulunkulu. Ngaphezu kwakho konke, la mazwi wonke angamaqiniso angenakuphikwa, ngakho kungani umuntu eqophisana nokuthi uNkulunkulu uwaveze nini futhi ngayiphi indlela? Ukube uNkulunkulu zonke lezi zinto uzigcine Kuye wangazisho kodwa walinda kwaze kwaba yilapho abantu becabanga khona ukuthi kwase kuyisikhathi esifanele, bekungeke kwephuze yini? Bekuyoba yisiphi isikhathi esifanele?

  Kulezi zingxenye ezine uNkulunkulu usebenzisa izindlela eziningi nemibono. Isibonelo, ngezinye izikhathi usebenzisa ihaba, ngezinye izikhathi usebenzisa indlela eqondile nemfundiso; ngezinye izikhathi usebenzisa izibonelo, futhi ngezinye izikhathi usola ngokhahlo. Kukho konke, kukhona zonke izinhlobo ezihlukene zezindlela, futhi inhloso ukuzwisa abantu izinhlobo ezingafani nokubanambithisa. Umbono akhuluma ekuwo uyashintsha ngezindlela ezingafani noma ngengqikithi yalokho akushoyo. Isibonelo, ngezinye izikhathi uthi, “Mina” noma “Yimi,” okusho ukuthi, ukhuluma nabantu esembonweni kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ngezinye izikhathi ukhuluma engumuntu wesithathu, athi “uNkulunkulu” uyilokhu noma uyilokhuya, futhi kunezinye izikhathi lapho ekhuluma khona eyisidalwa esingumuntu. Akunandaba ukuthi ukhuluma ekumuphi umbono, akunakushintsha isiqu Sakhe. Lokhu kungenxa yokuthi akunandaba ukuthi ukhuluma kanjani, konke akuvezayo kungamazwi esiqu sikaNkulunkulu uqobo—konke kuyiqiniso, kuyilokho isintu esikudingayo.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana