Ikhasi lokuqala

South African Gospel Song "Ihubo Lombuso (II) UNkulunkulu Ufikile, UNkulunkulu UyiNkosi"



South African Gospel Song "Ihubo Lombuso (II) UNkulunkulu Ufikile, UNkulunkulu UyiNkosi"


Kulo mzuzu ongajwayelekile, kulesi sikhathi esijabulisayo,
ezulwini phezulu, naphansi, bonke bayahlabelela, becula izindumiso.
Kulokhu, ubani ongajabule? Kulokhu, ngubani ongenanhliziyo ethokozile?
Bebhekene nalokhu, ngubani ongaphunyelwa unyembezi?
Izulu, lingaselona izulu lakudala, yizulu lombuso.
Umhlaba, kungasewona umhlaba wakuqala, ngumhlaba wokucweba.
Emva kwemvula enkulu, umhlaba omdala omubi usuguquke ngokugcwele.

Izintaba namanzi kuyaguquka …
Umuntu uyaguquka naye, konke okudaliwe kuyaguquka…
O zintaba ezithule, phakamani nidansele uNkulunkulu!
O manzi amile, gobhozani njalo!
O sintu esiphuphayo, vukani nilandele!
UNkulunkulu usefikile … UNkulunkulu uyiNkosi …
Bonke bayobona ubuso bukaNkulunkulu ngamehlo abo,
bezwe iphimbo likaNkulunkulu ngezindlebe zabo,
futhi baziphilele impilo yombuso…
Kumangalisa kakhulu, kumnandi kakhulu…
Akukhohlakali…

Olakeni oluvuthayo lukaNkulunkulu, udrako omkhulu obomvu uyazibinya.
Ekwahluleleni okunobukhosi kukaNkulunkulu, ubuso bangempela bukadeveli buyakhonjiswa.
Ngaphansi kwamazwi aqinile kaNkulunkulu,
umuntu uzwa ihlazo lakhe ngokujulile, akazi ukuthi acashephi.
Ukhumbula emuva ukuthi wamchizela futhi wamklolodela kanjani uNkulunkulu,
ezigabisa sonke isikhathi, engalaleli uNkulunkulu ngazo zonke izikhathi.
Manje buka futhi namuhla, ubani ongachiphizi izinyembezi?
Ngubani owehluleka ukuzigxeka?
Kuwo wonke umhlaba, bonke bagcwele izinyembezi,
bagcwele imisindo yenjabulo, bagcwele amazwi okuhleka.
Injabulo engenamkhawulo…

Umkhemezelo uyehla, uyaphindelela; iziwombe zeqhwa eliningi…
Amafu ashwibeka esibhakabhakeni phezulu,
izilwandle zomhlaba ziyaphenduka zigubhe.
Umuntu ugajwe wusizi nenjabulo.
Abanye bahleka ngenjabulo, abanye bachitha izinyembezi, abanye bamemeza ngentokozo…
Bonke babonakala sebekhohliwe. Ngabe wusuku lwentwasahlobo olunomkhemezelo?
Noma usuku lwehlobo oluqhakazile? Noma usuku lokuvuna okukhulu kwekwindla?
Noma usuku olubandayo lweqhwa lobusika? Akekho ongasho…
Amadodana kaNkulunkulu ayadansa ngenjabulo; abantu bakaNkulunkulu bayagxuma ngenjabulo.
Izingelosi zisemsebenzini wazo, ziyelusa…
Abantu emhlabeni basebenza ngenkuthalo, futhi zonke izidalwa zomhlaba ziyanda.
Izulu, lingaselona izulu lakudala, yizulu lombuso.
Umhlaba, kungasewona umhlaba wakuqala, ngumhlaba wokucweba.
Emva kwemvula enkulu, umhlaba omdala omubi usuguquke ngokugcwele.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana