Ikhasi lokuqala

South African Gospel Song "Qaphelani isiphetho sesintu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu



South African Gospel Song "Qaphelani isiphetho sesintu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

South African Gospel Song "Qaphelani isiphetho sesintu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
zinak’isiphetho sesintu;
zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,
ophakeme kakhulu ohlonishwayo;
zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,
njengalokh’isizukulwane
sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,
njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni.

Umsebenzi kaNkulunkulu unjengamagagasi agubha kakhulu;
akekho ongamgcina noma abophe izinyawo Zakhe.
Ngokulalel’iphimbo Lakhe Balandele Yena
izinyathelo Zakhe zilandeleke nezithembiso Zakhe zamukelwe.
Bonke abanye bayobhekana nokubhujiswa bamukel’isijeziso esibafanele.
UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
 ziqaphel’isiphetho sesintu.
Qaphelani isiphetho sesintu.

kusuka Ezwini Elivela Lisenyameni

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangenisi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo konoma iyiphi inhlangano yesithathu futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana