Ikhasi lokuqala

58. Umona, Isifo SikaMoya Esingalapheki

  UHe Jiejing     IDolobha IHezou, Isifundazwe IGuangxi

  Udade kanye nami sasibhangqiwe ukuze sibuyekeze izihloko ndawonye. Njengoba sasihlangene, mina ngabona ukuthi kwakungenandaba noma ngabe kwakuwukucula, kuwukudansa, ukwamukela izwi likaNkulunkulu, noma ukuxhumanisa iqiniso, yena wayengcono kunami kunoma yisiphi isici. Abafo kanye nodade bomndeni owawusingethe bonke bamthanda yena futhi belokhu bexoxa naye. Ngenxa yalokhu, inhliziyo yami yayingaphathekile kahle futhi mina ngazizwa sengathi nganginakiwe- ngisho nasekucabangeni ukuthi uma nje wayekhona lana, yayingekho indawo yami. Enhliziyweni yami ngaqala ngazizwa ngimcasukela futhi ngingazimisele ukumphelekezela ukogcwalisa imisebenzi yethu. Mina ngethemba ukuthi uzoshiya ukuze abafo kanye nodade bezongithanda bese becabanga kakhulu ngami.

  Ngolunye usuku, umholi wafika kithina. Udade wayecele ukuthi adluliselwe emisebenzini ehlukile ngenxa yokucwengwa komphefumulo yena ayedlula kukho okwakwenza isimo sakhe sibe sibi. Ngenkathi ngimuzwa yena esho lokhu, ngajabula kakhulu. Mina ngacabanga: Ngangihlale ngethemba ukuthi uzohamba. Uma wena uhamba, khona-ke mina ngizobe sengiphumile enkingeni yami. Ngakho-ke, ngangizimisele ukuthi ngibone ngokushesha umholi emnika omunye umsebenzi. Nokho, izinto zaphindiselwa kimi futhi umholi akamnikanga kuphela isabelo somsebenzi esisha, kodwa yena ngokubekezela waxhumanisa iqiniso naye futhi wamsiza ukushintsha isimo sakhe. Ngenkathi ngibona lokhu, mina ngazizwa nginexhala ikakhulukazi, futhi ngethemba ngisho nakakhulu ukuthi udade uzoshiya. Mina ngacabanga: Ngizokwazi ukuphuma nini kule nkinga uma engashiyi kulesi sikhathi? Cha, kumele ngicabange indlela ezomenza ngokushesha ashiye. Ngalokho-ke, mina ngathatha ithuba ngenkathi udade engekho ukuthi nginike umholi imininingwane eyengeziwe, ngithi: “Yena uhlale enokucwengwa komphefumulo lokho okumvimbela ukuthi agxile ekubuyekezeni izihloko. Manje uselahlekelwe umsebenzi kaMoya oNgcwele futhi angeke akwazi ukubuyekeza izihloko. Sekuvele sekuthinteke umsebenzi webandla wokuhlela kanye nokwenza izihloko. Wena ubungase umnike naye isabelo somsebenzi esisha. Udade uX ungcono ekubhaleni izihloko, nawe ubungamkhetha kubuyekeza izihloko. Yena kungenzeka abe nenani elingcono lokwenza kunodade engibhangqwe naye.” Ngokushesha nje ngiqeda ukusho lokhu, izwi likaNkulunkulu lafika kimi lingisola mina: “Isintu esinonya nesihluku! Ubuqili nokusongelana, ukududulana, ukugijimela udumo nokuceba, ukubulalana—kuzophela nini? UNkulunkulu ukhulume amazwi angamakhulu ezinkulungwane, nokho akekho noyedwa oqondayo. … Bangaki abangacindezeli noma bacwase abanye ngoba nje befuna ukuvikela igama labo?” (“Ababi Kumele Bajeziswe” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Ekubhekaneni namazwi kaNkulunkulu okwahlulelwa, mina ngazizwa sengathi uNkulunkulu ungilahla kabuhlungu ubuso nobuso. Ngokushesha ngaqala ngathuthumela wukwesaba futhi agikwazanga ukuzisiza kodwa ngezwa ngesaba ngenxa yamazwi engangisanda kuwakhuluma. Angifani nje nalaba bantu abambulwe yizwi likaNkulunkulu “abacindezela futhi bacwase abanye ukuze bavikele isikhundla sabo”? Ngenkathi ngibona ukuthi udade engangisebenza naye wayengcono kunami kuso sonke isici kanti nokuthi abafo kanye nodade bayamthanda, mina ngaba nomona enhliziyweni yami. Mina ngangidiniwe wuye, ngambandlulula yena, futhi ngethemba nokuthi yena uzoshiya thina ngokushesha ukuze mina ngizophuma enkingeni yami. Ukuze ngithole abafo kanye nodade ukuthi banginake ukuze ngizizwe nginegama nabo, ngathatha ithuba lesimo esibi sikadade futhi ngakhuluma kabi ngaye kumholi egameni lokuvikela intshisekelo yebandla. Kwakuwumzamo wami oyize ukusebenzisa umholi ukuze axoshwe. Ukuziphatha kwami kwaveza ngokuphelele ukubukeka kwami kweqiniso futhi kwambula ukuthi ngiyingozi futhi ngiyinyoka enonya, ukuthi ngempela ngangiwumntwana kadrako omkhulu obomvu! Ukuze ngidale ubudlova, udrago omkhulu obomvu uzosebenzisa noma yini ukususa abaphikisayo. Ukuze ngibe semkhakheni wabafowethu kanye nodadewethu futhi ngenze bona bahlale bengizungezile, mina ngokuziqhenya ngasiphula labo ababengeyona inzuzo kimi. Udrako omkhulu obovu unomona ngalabo abakhulu kunaye bese ebhubhisa labo abanezifiso ezinhle. Mina futhi nganginomona ngalo dade ngoba wayengcono kunami kuzo zonke futhi mina ngasebenzisa izindlela ezidabukisayo ukumxoshisa. Udrako omkhulu obovu ulahla futhi ahlabe abantu ngezinhloso zakhe siqu sakhe.Ukuze ngithole ezami qobo izinhloso, ngenze ihaba ngamabomu ngodade. Ukuziphatha kwami kwakufana ncamashi nale ekadrako omkhulu obovu; mina nje ngangidelela, ngesabeka futhi ngiyingozi kakhulu. Ibandla lase lihlele ukuthi sisebenze ndawonye ukuze thina sizokwazi ukusizana futhi silekelelane omunye nomunye, ukuze senze umsebenzi omuhle nganhliziyo kanye namqondo munye ukuthokozisa uNkulunkulu. Kwakuwukuba futhi ukuthi singasebenzisa amandla ethu ukwakha ubuthakathaka babanye ukuze thina siqonde futhi sithole iqiniso eliningi bese siguqula isimo sethu. Kodwa mina angiyiqondanga intando kaNkulunkulu nakancane. Ngenkathi ngibona udade esesimweni esibi, mina angizange kuphela ngithembele othandweni ukumsiza, kodwa mina ngabheka ukushintshwa kwakhe ngokushesha ukuze ngivikele isikhundla sami. Mina impela ngiyingozi kangaka. Imvelo yami yonakele kangaka. Mina ngangingenalo uthando lolu umuntu owejwayelekile okumele abenalo. Mina bese ngilahlekelwe wubuntu ngokuphelele kangangokuthi ngingasebenzisa noma yini ukufeza izinjongo zami. Uma ngingaphuthumi ngiphenduke, kumele ngibhujiswe ngodrako omkhulu obovu.

  NgiyabongaNkulunkulu! Ukwahlulela kanye nokusola kwakho kungivusile kuseyisikhathi ukungenza mina ngibone ukuthi ukuziphatha kwami kwakufana nse nokukadrako omkhulu obovu egameni kanye nasekwenzeni. Lokhu kungibangele ukuthi ngiyizonde imvelo kasathane le ekimina. Kusukela manje, mina ngizosuka emvelweni kasathane ekimina.Mina ngeke ngisazilwela mina uqobo. Mina ngiyokwethemba ukuthi ngisebenze ngcono nalo dade ukufezekisa imisebenzi yethu futhi sanelise uNkulunkulu. Mina ngizozimisela ukufuna iqiniso bese ngiyeka ubuthi bukadrako omkhulu obovu, ngaleyo ndlela ngiphile njengomuntu wangempela ukududuza uNkulnkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana