Ikhasi lokuqala

Ngingasiza Abanye Ngempela Ngokungena Ngokwami Eqinisweni Kuphela

UDu Fan    Esifundazweni SaseJiangsu

Muva nje, ibandla lalibambe ukhetho lokuqoka umholi omusha, kodwa umholi owengamele waphambana nezimiso zebandla, esebenzisa indlela yakhe yokwenza ukhetho. Lapho abanye abafowethu nodadewethu beveza imibono yabo, akazange nje kuphela angakwamukeli, kodwa waphikelela ngokubambelela endleleni yakhe. Ngemva kwalokho ibandla ladideka ngezenzo zomholi. Lapho ngithola lokhu, ngacasuka ngokuphelele: Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu abe nokuzithwala nokuzenza olungile kangaka? Ukwenza imisebenzi yokuba umholi webandla ngaphandle kukaNkulunkulu enhliziyweni yomuntu, ukubukela phansi amalungiselelo omsebenzi, ngokwala nokwenqaba iziphakamiso zabafowethu nodadewethu—ngubani omunye ongasolwa ngokudideka kwebandla ngaphandle kwakho! Ngathumela ngokushesha othile ukuthi ayokhuluma nomholi webandla futhi, ngesikhathi esifanayo, ngafunda izwi likaNkulunkulu ngibheka amaqiniso anokuhlobana engingawaphakamisa kumholi ukuze ngimanelise ngephutha lezindlela zakhe. Kamuva ngalobo busuku, ngaya futhi ngahlangana nomholi. Ngesikhathi sikhuluma, ngakhuluma naye ngephimbo elibeka icala, ngingakwazi ukucindezela intukuthelo yami. Okwangimangalisa, emizuzwini eyishumi siqale umhlangano wethu, umholi waphakama ngokushesha futhi waphuthuma ngaphandle enezinyembezi emehlweni akhe. Umfowethu owayehambe ukuyomjaha wabuya emva kwesikhashana wayesethi, “Uhambile futhi uyazi ukuthi wenze kabi.” Ngingayekile, ngamemeza ngithukuthele: “Mayelana nodaba olubaluleke kangaka lwesimiso, uzimisele ukumane ushiye izinto zingaxazululiwe? Yeka ukuthi uzithwele futhi uzibona ulunge kangakanani! Wenza okuphambene nezimiso zebandla futhi awuvumi noma ubani ukuba abe nezwi. Uzokwenza kanjani esikhathini esizayo ukwenza kwenzeke noma yini? Yeka ithemba lekusasa eliyingozi! Lokhu ngeke kulunge, uma uzomane uphumele ngaphandle esithubeni, kuzodingeka ngikubhalele incwadi.” Ngaso leso sikhathi, ngahlala phansi futhi ngambhalela incwadi engavuma kuyo ngokomfanekiso ukuthi indlela engangikhulume ngayo yayingafanele ngase ngixolisa. Encwadini, ngakhuluma futhi ngezinkinga zakhe, ngasho izimiso ukuze ngikhanyise inkinga. Ngacabanga ukuthi izinto ngangizisingathe kahle. Ngakolunye uhlangothi, ngabonisa ukuthi ngiyakwazi ukuyeka ukuqhosha kwami futhi ngibe nokuziqonda okujulile, kanti ngesikhathi esifanayo ngasebenzisa iqiniso ukuze ngixazulule izinkinga. Ngacabanga ukuthi, ngokubona indlela engangisingathe ngayo izinto, lo mholi ngokuqinisekile wayeyoneliseka futhi athole ukuqonda okusha.

Ngesinye isikhathi, lapho ngikhuluma ngale ndaba nomholi wami, umholi wangibuza indlela engangena ngayo eqinisweni lapho ngixazulula le nkinga. “Indlela engangena ngayo eqinisweni? Ingabe ngenza umsebenzi omubi? Ingabe izenzo zami zazingafanele?” Ngazizwa ngididekile kancane. Umholi waqhubeka: “Akuyona indaba yokuthi uyixazulule kahle kangakanani inkinga, kodwa kunalokho, ekuxazululeki inkinga, ingabe wasebenzisa isikhundla namandla akho ukwanelisa abanye noma wasebenzisa iqiniso ukuze uphakamise futhi ufakazele uNkulunkulu, futhi uvumele abanye ukuba bathole ukuziqonda okujulile? Ngaphezulu, kubonakala sengathi wawukhuluma ngezwi likaNkulunkulu, kodwa empeleni wawumane uzama ukumenza athobele umbono wakho. Kungani agcina ngokuhamba? Kuyacaca ukuthi wahamba ngenxa yokuthi wayengakwamukeli okushoyo, wayenganelisekile. Uma sikhathazeka kuphela ngokukhuluma iqiniso nabanye bese sidebesela ukunaka inkohlakalo yethu siqu, sidebesela ukuzazi thina, bese sisebenza ngenxa nje yomsebenzi, nakanjani akukho okusha esiyokufunda futhi ngeke sibe nokuguquka esimweni sethu. Ngalo mqondo, ingabe asifani noPawulu, owanikeza abanye isiqondiso kodwa, yena, emsebenzini kaNkulunkulu, waba nokuzimisela okukhulu ezindleleni zakhe zokukhohlakala? Ekuzithwaleni kwakhe, waba umuntu okholwa kuNkulunkulu kodwa omelana noNkulunkulu, wafa ngokulahlwa okuphakade.” Le ngxoxo yaba njengobizo olwangivusa ebuthongweni obude. Empeleni, lapho uNkulunkulu engibonisa lesi simo, angizange ngifune iqiniso noma ngifune inhloso kaNkulunkulu, angizange ngicabangele indlela yokungena kwami eqinisweni noma ngicabange ngokusabela okungokwemizwelo yami esimweni. Okuwukuphela engakwenza ukucabanga ngendlela yokuxazulula izinkinga zabanye abantu. Ngalo mqondo, ingabe ngangicabangela isifiso sikaNkulunkulu sokuletha abanye ngaphambi Kwakhe? Noma kunalokho ngangisebenzisa isikhundla sami ukuze ngiphoqelele abanye ukuba bamukele umbono wami? Ngangikhohlakaliswe uSathane, ngingenalo iqiniso, ubuntu noma isizathu. Nami ngangiwumgilwa. Ngangingcono ngani kunomunye umuntu? Ngangingenakho ukuzazi komuntu siqu, ngingaliqondi iqiniso. Ngingaqaphile, ngakhuluma ngokhahlo futhi ngacasuka, ngisebenzisa isikhundla sami ekufundiseni abanye. Ukuzithwala nokuziqhayisa kobusathane kwami kwakudaluliwe! Lapho udade ephuma ngokuphuthuma ekhala, angizange ngicabange ngezenzo zami, kunalokho ngamcasula futhi ngathukuthela ngagana umnwabu. Ingabe ukuziphatha kwami kwakungafani nezenzo zonya zikadrako omkhulu obomvu?

Ngibonga uNkulunkulu ngesiqondiso Sakhe. Lokhu okuhlangenwe nakho kwangikhanyisela ngokubaluleka kokungena eqinisweni elingokoqobo. Kungokungena eqinisweni elingokoqobo kuphela lapho singathola khona isivikelo sikaNkulunkulu futhi singamelani noNkulunkulu. Ekuhlanganyeleni komuntu kwathiwa: “Abantu abaningi baba abaholi bamanga nabaphikukristu ngenxa yokuthi abakwazi ukufuna ngempela iqiniso futhi, ngenxa yalokho, abanalo ngisho nelincane iqiniso elingokoqobo. Masinyane lapho bethola isikhundla futhi babe negunya elithile baqala ukwedelela isimiso, bazicabange njengabaphakeme futhi, ngesifiso sokuthola isikhundla, bazibiza ngamakhosi. Ekugcineni, abantu abanjalo bayenyanywa futhi balahlwe abakhethiweyo bakaNkulunkulu, ekugcineni banqotshwe ukwehluleka okuphelele. Ingabe lokhu kuyisenhlakalo eyisivelakancane? Kungani abantu bengasanguluki? Kusiza ngani ukukholwa kuNkulunkulu ukuze nje uthole igunya, usebenzise amandla futhi ujabulele ukuthola isikhundla? Lokhu ukuziphatha kwabantu abanobugovu, abaphansi nababi, kuyisifiso esiphansi salabo abahamba endleni yokumelana noKristu” (“Kufanele Uthole Ukungena Eqinisweni Elingokoqobo Lezwi LikaNkulunkulu Ukuze Uthole Ukupheleliswa UNkulunkulu” kwethi Ukushumayela Nokuhlanganyela KoMfowethu). Kulesi siqephu ngabona ukuthi labo abangangeni eqinisweni, bazothi, ngokuthola isikhundla, bazimemezele njengamakhosi bese ngokuqhosha besebenzisa isikhundla sabo ukuze bacindezele, baqambele futhi balawule abanye. Ekugcineni bazoba abaholi bamanga nabaphikukristu. Akuwona amandla onakalisa laba bantu, kodwa umphumela ongenakugwenywa wokwehluleka ukufuna iqiniso! Nakuba kungabonakala sengathi lokhu okuhlangenwe nakho kwakungekubi kangako, isimo sengqondo kanye nemvelo yami yangempela yokumelana noNkulunkulu kubonakalisa ngokungenakungatshazwa ukuthi ngangihamba endleleni yokumelana noKristu. Ukube angizange ngibe nesiqondiso sikaNkulunkulu, eqinisweni ngabe angizange ngibone ubuwula bami futhi ngabe ngisaphila njengolungile. Ngokuqhubeka ngaleyo ndlela, ekugcineni ngangiyodalulwa futhi ngisuswe! Lapho ngicabanga ngendlela izinto ezaziyoqhubeka ngayo, ngiba nohlevane. Yeka ukuthi ayeyingozi kangakanani amanzi engangihamba kuwo, ngikholwa kuNkulunkulu iminyaka eminingi kangaka futhi ngilokhu ngingayazi indlela engokoqobo yokungena njengoPawulu, owayephila ngaphakathi nombono ocatshangelwayo weqiniso, kodwa eqhubeka ekholwa futhi ekhonza uNkulunkulu ngokuvumelana nesimo sakhe semvelo nangemvelo ekhohlakele. Uma ngingasusi izimo ezikhona namuhla, ngingazithola ngilahlwa ekulahlweni kwaphakade. Esikhathini esizayo, ngidinga ukubeka ukubaluleka okukhulu ekungeneni komuntu siqu nasekufuneni iqiniso.

Ngokushesha ngemva kokuba konke lokhu kwenzekile, ngathola incwadi evela kudade osezinhlwini zokuqala zeqembu levangeli eyayiqala ngokuthi wayenenkinga yokuqonda iqiniso futhi ecela isiqondiso sami. Ngemva kokufunda incwadi, ngaphinde ngacasuka: Yeka ukuthi ungumuntu ozithwele kangakanani! Awubambisani kahle nalabo baholi kanye nezisebenzi zebandla. Ngaso sonke isikhathi uma bekunikeza iziphakamiso umane ubeke izaba, uqhubeke nokwenza ngokunganaki. Umsebenzi wevangeli onesibopho sawo awunampumelelo futhi amabandla njalo abika ngesimo sakho. Namuhla ubhalela mina ukuze ucele isiqondiso: Uqinisekile ukuthi uzosamukela isiqondiso sami? Ucabanga ukuthi yonke into oyenzile beyifanele futhi ilungile nokuthi konke ukwehluleka kwakho kubangelwe ngabanye abantu ngokuthi bangakwazi ukwenza iqiniso: Uzazi kahle kangakanani wena? … Lapho ngicabanga ngokwengeziwe, ngathukuthela ngokwengeziwe, ngangizwa amalangabi entukuthelo ephuma enhliziyweni yami: Ingabe awuzange ucele ukuba ngikunike isiqondiso? Sekuyisikhathi manje ngifuna ukukhuluma nawe, namuhla sengize ngalithola ithuba. Ngabeka phansi izabelo zami zangaleso sikhathi ngase ngiqala umsebenzi ngibheka amazwi kaNkulunkulu ahlobene nesimo sakhe engingawasebenzisa ukuze ngimanelise. Njengoba kwenzeka, lapho ngibheka ngokwengeziwe iziqephu ezifanele, zincane ngokwngeziwe engazithola—ngadideka ukuthi zazinyamalale zashonaphi zonke iziqephu engangiziqonda. Lapho nje ngiqala ukucasuka, iphimbo eligxekayo lakhuluma enhliziyweni: Ulifuna kuphi izwi likaNkulunkulu? Nangu lo muntu uphambi kwakho, ungena kanjani eqinisweni? Kungani njalo uzama ukuxazulula izinkinga zabanye abantu? Yini oyembulile ekuwe siqu? Isambulo nesiqondiso sikaNkulunkulu kwacima amalangabi entukuthelo enhliziyweni yami futhi kwanginika ukuqonda: Ingabe usukhohliwe lokho okwenzeka esikhathini esedlule? Ungasebenzi ngenxa nje yomsebenzi—xazulula izinkinga zakho ngaphambi kokuzama ukusiza abanye. Ngalesi sikhathi, ngacabanga ngalesi siqephu sezwi likaNkulunkulu: “Themba uNkulunkulu ukuthi axazulule ubunzima obungaphakathi kuwe, lahla isimo sakho esiwileyo, yazi isimo sakho sangempela nalokho okufanele ukwenze, futhi ukhulume ngokwengeziwe ngezinto ongaziqondi. Kuphoqelekile ukuthi uzazi. Yelapha isifo sakho kuqala. Phila futhi wenze ngokwamazwi Ami ngokuwadla nangokuwaphuza ngokwengeziwe nokuwaqonda. Yenza uNkulunkulu abuse phakathi kuwe, noma kusekhaya noma kuyiphi indawo. … Angakhula yini ekuphileni umuntu ongakwazi ukuphila ngezwi likaNkulunkulu? Cha! Kufanele uphile ngezwi likaNkulunkulu kulowo nalowo mzuzu, uthathe izwi Lami njengendinganiso yokwenza kwakho empilweni yakho, ukuze uqonde ukuthi yiziphi izenzo uNkulunkulu azithola zijabulisa nokuthi yiziphi izenzo uNkulunkulu azithola zizondeka. Ngale ndlela, uyoya ngokuya ungena emzileni ofanele” (“Izwi Lamashumi Amabili Nambili” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). “Ekuxhumaneni, kufanele uzuze ukuqonda kwabanye. Kufanele uxhumame mayelana nezindaba zokomoya empilweni. Kungale ndlela kuphela lapho ungakwazi khona ukunikeza ukuphila futhi ugcwalise ukuntula kwabanye. Akufanele ukhulume ngephimbo lokulungisa, ngoba lokho kungukusebenzisa kabi isikhundla. Ekuxhumaneni, kufanele uqonde izindaba zokomoya; kufanele ube nokuhlakanipha futhi uhlole inhliziyo yabanye. Lowo onaka futhi asebenzele abanye kufanele alunge. Kufanele akhulume ngalokho anakho nakwaziyo” (“Izwi Leshumi Nantathu” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu ayecace njengechibi elisentabeni futhi angisiza ngabona ubuthakathaka bami: Lapho ngibhekana nanoma yisiphi isimo, angiziqapheli mina futhi angiboni ukubaluleka kwalokho engikuvezayo kimi. Ngokuyisisekelo, anginaye uNkulunkulu enhliziyweni yami futhi angikwazi ukwethembela Kuye. Ngaphezu kwalokho, angiwaqondi amazwi kaNkulunkulu amaningi kakhulu futhi angikwazi ukubheka izinto noma ukwenza ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu. UNkulunkulu ucela ukuba siphile ngokuvumelana nezwi Lakhe ngaso sonke isikhathi sazo zonke izinsuku nokuthi sithathe izwi likaNkulunkulu njengesiqondiso sokuziphatha kwethu. Ucela ukuba senze lokho akuthandayo futhi siyeke lokho okungavumelani nenhloso Yakhe. Ingabe uNkulunkulu akakuzondi lokho engikuvezayo ngami namuhla? Kungayiphi indlela lapho izenzo zami namuhla zazifeza ngayo imisebenzi yami? Cha, ngangenza okubi ngokucacile. Ngalesi sikhathi, ngathola isiqephu esivela Esimisweni sama-44 “Isimiso Sokusiza Abanye Ngenhliziyo Enothando,” esasithi: “1. Kufanele wehlukanise phakathi kwezinhlobo zabantu ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu. Ngalabo abakholwa ngempela kuNkulunkulu futhi bamukele iqiniso, kufanele ubasize ngenhliziyo enothando neqotho.” Ngaphinde ngathola lawa mazwi kaNkulunkulu, “Lidingani izwi likaNkulunkulu njengesimiso sokuphatha abanye? Thanda okuthandwa nguNkulunkulu, zonda okuzondwa nguNkulunkulu. Okungukuthi, abantu abathandwa nguNkulunkulu abafuna ngempela iqiniso futhi abenza intando kaNkulunkulu, ngabantu okufanele ubathande. Labo abangenzi intando kaNkulunkulu, abazonda uNkulunkulu, abangalaleli uNkulunkulu, futhi abenyanywa nguNkulunkulu, ngabantu okufanele sibenyanye futhi sibalahle. Yilokho okudingwa yizwi likaNkulunkulu” (“Ukuzazi Kudinga Ukwazi Imicabango Nemibono Yakho Egxilile” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe). Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyasithanda, uba yinyama futhi azifihle Yena ngokuthobeka, angavinjwa lutho ukuba asindise sonke isintu. Uzonda izinto ezonakele zabantu, kodwa azwelane nobuthakathaka babo, akakhulumi nabantu ngokokukhohlakala kwabo, kodwa ukhuthaza njalo abantu ngesiyalo esiqotho, ngokubafundisa ngokungakhathali nangothando ukuze babone iphutha lezindlela zabo futhi bathole indlela entsha eya phambili. UNkulunkulu unginika umusa Wakhe, uyangivusa futhi angivumele ukuba ngifeze lo msebenzi ukuze ngithande lokho uNkulunkulu akuthandayo, ngisize futhi ngisekele abafowethu nodadewethu ngenhliziyo enothando lapho behlangana nobunzima futhi ngiphathe bonke abantu nenhliziyo eqotho. Mina, nokho, ngenza okuphambene nalezi zimiso Zakhe: Ngenxa nje yokuthi nginesiqu esingokomoya esincane futhi ngabona ukuthi abanye babeveze ukukhohlakala kwabo okuthile, ngakudebeselela ukuzwelana nobuthakathaka babo, kodwa kunalokho ngasebenzisa izwi likaNkulunkulu njengesikhali sokubacindezela nokubaphoqelela ukuba bavumelane nami. Ingabe lokhu akusona yini isenzo senzondo? Masinyane ngazizwa nginamahloni amakhulu futhi ngidumazekile ngokuzithwala nokungazi kwami. Ngemva kwalokho, ngafunda isiqephu sezwi likaNkulunkulu Esimisweni sama-43, “Isimiso Sokuhlanganyela Okusuka Enhliziyweni”: “Ukwabelana kusho ukukhuluma wonke umcabango osenhliziyweni yakho, isimo sakho, ohlangene nakho nolwazi lwakho lwamazwi kaNkulunkulu, kanye nesimo sokonakala ngaphakathi kuwe—futhi ngemva kwalokho, abanye bayehlukanisa, futhi bamukele okuhle futhi babone lokho okuphambene. Yilokhu kuphela ukwabelana, futhi yilokhu kuphela ukuxhumana kwangempela”(“Ukuze Wethembeke, Kufanele Uzivule Kwabanye” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe). Ngokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu, ngafunda indlela yokukhuluma nodadewethu ngendlela eyayizomsiza. Ngalesi sikhathi, lapho ngithatha ipeni, ngezwa uthando olukhulu lugcwala ngaphakathi kimi. Ngaba nomuzwa onamandla wokuba ngiveze inhliziyo yami engxoxweni nodade. Ngalesi sikhathi, angizange ngisebenzise izwi likaNkulunkulu ukuba ngixazulule izinkinga zakhe, kodwa kunalokho ukuba ngixoxe ngokuqonda kwami ukuzithwala kanye nemvelo yami ekhohlisayo nangokuziphatha kwami ngonya—nganginazange ngibaphathe kahle abafowethu nodadewethu, ngidebesele ukubonisa uthando nozwelo kubo. Encwadini ngabhala okulandelayo: Ngimbonga ngempela uNkulunkulu ngokubeka wena phambi kwami, angivumele ukuba ngibone ububi obungaphakathi kwenhliziyo yami. Njengomholi, anginalo iqiniso noma ukuba ngokoqobo. Angikufanele ukuba umholi, ngenxa yokuthi ngehlulekile ukuthatha isibopho somsebenzi uNkulunkulu awubeke kimi—ngehlulekile ukwenza njengenceku phambi kukaNkulunkulu. Kunalokho, ngathatha umsebenzi wami njengesikhundla segunya, ukuvelela, ngizicabangela mina ngaphezu kwabanye. Lapho ngibona incwadi yakho, ngifikelwe ukunengeka okukhulu kanye nokwahlulela, ngaze futhi ngakholwa ukuthi nginegunya lokukuthena nokubhekana nawe. Yeka indlela yokuzithwala nokukhohlisa ebingikade nginakho! Eqinisweni, ubuthakathaka bakho kade futhi kuwubuthakathaka kanye namaphutha ami. Lapho mina kanye nabafowethu nodadewethu singakwazi ukusebenza ndawonye ngokuzwana, le indlela uNkulunkulu adalula ngayo ukuthi yonke le nhlekelele yaba umphumela wokwehluleka kwami ukungena eqinisweni ngokubambisana ngokuzwana. Ngibonga uNkulunkulu ngalesi sambulo, esingisize ngabona ukuthi ngaphezu kokukholwa kuNkulunkulu iminyaka eminingi, ngisadinga ukuthola ukuqonda ukusindisa kukaNkulunkulu isintu. Ngisadinga futhi ukuqonda inhloso kaNkulunkulu yokusindisa isintu. Angazi ukuthi umuntu kufanele asindiswe futhi apheleliswe ngayiphi indlela. Ngenxa yalokho, kunoma yisiphi isimo engingase ngihlangane naso, angikakwazi ukwamukela ukwahlulelwa nokusolwa, ukubhekanwa nami nokuthenwa. Kunalokho, ngikhathazeka ngokwengeziwe njalo ngokuvikela okuthandwa yinyama kanye nokuba matasa ngezindaba ezikha phezulu. Ukube awuzange ungithumelele le ncwadi engidalulayo, bengingeke ngibone imvelo yenkinga yami. Sobabili asenze ukungena eqinisweni elingokoqobo esikhathini esizayo.

Lapho ngiyeka ngempela ukuqhosha kwami, ngifinyelela ekuzazini futhi ngizihlola mina, ngase ngisebenzisa isimo esingokoqobo engibhekane naso ekukhulumeni nokungena eqinisweni nodadewethu, ngazizwa ngizinze ngokwedlulele futhi nginokuthula futhi ngezwa ukuthi akusekho banga kanye nokuqhelelana phakathi kwethu. Ngabona ngempela uphawu lwesibusiso sikaNkulunkulu ezimweni engenza kuzo iqiniso. Kuphela ngesiqondiso nangokukhanyiselwa uNkulunkulu okuqhubekayo mina, owayekwazi ukukhuluma ngeqiniso kuphela kodwa ngingalisebenzisi, owayebhekane nokuhlangenwe nakho engenzi lutho ngokungena eqinisweni elingokoqobo, ngaqala kancane ukuba ngcono. Ngabona isimo sikaNkulunkulu sokulunga nobungcwele kokuhlangenwe nakho kwami okwedlule. Njengoba nje ukukhuluma komfowethu kwathi, “Noma kuphi lapho kunokukhohlakala, kuzoba nokwahlulelwa, noma nini lapho kunobubi, kuzoba nokusolwa.” Futhi ngafinyelela ekuqapheleni ngokwengeziwe ukuthi ukwahlulelwa nokusolwa uNkulunkulu yilokho esikudingayo. Ukubhekana nokwahlulelwa nokusolwa uNkulunkulu kuyisipho sensindiso nomusa omkhulu. Kungokuthola lokhu kwahlulelwa nokusolwa kuphela lapho singakwazi khona ukukhululeka ethonyeni lobumnyama bukaSathane, silahle ubumnyama, sifune ukukhanya neqiniso, singene eqinisweni, futhi senze iqiniso. Ngithandazela ukuthi ukusola nokwahlulela uNkulunkulu kungilandele noma kuphi engihamba khona, ukuze ngithole ukuhlanzeka bese ngiphila njengomuntu wangempela.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana