Ikhasi lokuqala

Indlela Yokungena Esimweni Esijwayelekile

umusa kaNkulunkulu,Amazwi KaNkulunkulu,unkulunkulu uthando


Lapho abantu bamukela ngokwengeziwe amazwi kaNkulunkulu, yilapho bekhanyiseleka ngokwengeziwe futhi bakulambela baphinde bakomele ngokwengeziwe ukufuna ulwazi lukaNkulunkulu. Yilabo abemukela amazwi kaNkulunkulu kuphela abakwazi ukuzwa izinto ezijulile nezicebe ngokwengeziwe; yibo kuphela abanokuphila okuqhakaza njalo njalo. Bonke abantu abafuna ukuphila kumele baphathe lokhu njengomsebenzi wabo, futhi kufanele bezwe sengathi ngeke baphile ngaphandle kukaNkulunkulu, ukuthi ayikho impumelelo ngaphandle kukaNkulunkulu, nokuthi konke kuyize ngaphandle kukaNkulunkulu. Kufanele benze isinqumo sokungenzi lutho ngaphandle kobukhona bukaMoya oNgcwele, futhi bangazimiseli ukwenza noma yini uma ukufunda kwabo amazwi kaNkulunkulu kungatheli zithelo. Akufanele benzele ukuzizuzisa bona. Okuhlanganwa nakho empilweni kuza ngokukhanyiselwa nangesiqondiso sikaNkulunkulu, futhi kuwukuphumelela kwemizamo yenu. Kufanele nibe nemfuneko yokungenzi izaba kwenihlangana nakho empilweni yenu.

Ngezinye izikhathi izimo zenu azijwayelekile—nilahlekelwa ubukhona bukaNkulunkulu bese ningamuzwa lapho nithandaza; kuvamisile ukuzwa wesaba ezikhathini ezinjalo. Kufanele niphume nisheshe ukufuna, kungenjalo uNkulunkulu uyoqhela kini, futhi ngeke nibe nawo uMoya oNgcwele usuku olulodwa noma ezimbili, noma inyanga eyodwa noma ezimbili, futhi ngeke nibe nawo ngisho nomsebenzi Wakhe. Lapho uhlangabezana nalolo hlobo lwesimo uba ndikindiki ngokwezinga elithile; uphinde uthunjwe uSathane, futhi uyokwazi nokwenza noma yini—uthande futhi ulangazelele imali, ukhohlise abafowenu nodadewenu, ubukele amafilimu namavidiyo, udlale i-mahjong, uze ubheme futhi uphuze ngaphandle kokuthola noma ikuphi ukuqondiswa. Inhliziyo yakho iyaqhela kuNkulunkulu, uzama usekusithekeni ukuzimela, futhi wenze izahlulelo zakho emsebenzi Wakhe ngokuzithandela. Kwezinye izimo kuyindaba ebucayi ukuthi abantu benza isono nabantu abanobulili obungafani nobabo ngaphandle kokushaywa amahloni noma ukuphoxeka. Abantu abanjalo bayashiywa uMoya oNgcwele, empeleni sekuyisikhathi eside bengenawo umsebenzi kaMoya oNgcwele. Okuwukuphela kwento oyibona kubo ukuthi kuyanda ukukhohlakala kwabo, bazelula nakakhulu izandla zabo ezikhohlakele, ekugcineni baphike ukuba khona kwale ndlela—bathunjwa uSathane ngenxa yezono zabo. Uma ubona ukuthi unoMoya oNgcwele hhayi umsebenzi Wakhe, vele ususesimweni esiyingozi. Uma ungakuzwa ukuba khona koMoya oNgcwele, usulengela ekufeni. Uma wehluleka ukuphenduka, uyobuyiselwa kuSathane ngokugcwele futhi ube ngomunye wabasuswayo. Ngakho lapho ubona ukuthi usesimweni lapho unoMoya oNgcwele khona (ungenzi izono, ungazinikeli ekonakaleni, noma uphike ngokusobala uNkulunkulu), kodwa untula umsebenzi kaMoya oNgcwele (awunyakaziseki lapho uthandaza, awuzuzi kukhanyiseleka okucacile lapho udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu, uyakuvilaphela ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, njalo awukhuli empilweni, sekuyisikhathi eside ungenakho ukukhanya okubalulekile), ngalezi zikhathi kumele uqikelele kakhulu. Awukwazi ukuzenzela umathanda noma ube nenkani. Ukuba khona kukaMoya oNgcwele kunganyamalala nganoma isiphi isikhathi, ngakho lezi zimo ziyizikhathi eziyingozi. Uma uhlangabezana nalezi zimo, kumele ulungise ngokushesha. Okokuqala, kufanele uthandazele ukuphenduka, unxuse umusa kaNkulunkulu, uthandaze ngobuqotho; ngaphezu kwalokho, kumele uthulise inhliziyo yakho lapho udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi ngaphezu kwalesi sisekelo, kumele uthandaze ngokwengeziwe. Qinisa imizamo yakho yokucula izindumiso, yokuthandaza, yokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, nokwenza umsebenzi wakho. Lapho ubuthaka kakhulu, uSathane ungena kalula kakhulu enhliziyweni yakho; uma kunjalo, inhliziyo yakho iyosuswa kuNkulunkulu ibuyiselwe kuSathane; ngemva kwalokho ngeke ube naye uMoya oNgcwele, kuyoba nzima kakhulu ngawe ukuthi ubuyise umsebenzi kaMoya oNgcwele. Kungcono ukufuna umsebenzi kaMoya oNgcwele lapho Yena esekhona, cela uNkulunkulu akukhanyisele kakhulu, ungavumi uNkulunkulu akushiye. Kufanele uthandaze, uhube izindumiso, wenze umsebenzi wakho, udle futhi uphuze amazwi kaNkulunkulu ukuze uSathane angabi nethuba lokwenza umsebenzi wakhe. Ngokwenza kanjalo, uyozuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Uma ungabuyisi le ndlela kodwa ulinga, lapho ulahlekelwa uMoya oNgcwele kuyoba nzima ukuthi ubuye, ngaphandle uma uMoya oNgcwele ekukhuthaza, ekukhanyisela futhi ekucacisela; noma kunjalo isimo sakho ngeke sibuye esikhathini sosuku olulodwa noma ezimbili, noma ngesigamu sonyaka. Konke lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi abantu abanaki futhi abakwazi ukuqhubekela phambili ekwazini; ngakho uMoya oNgcwele ubashiyile. Ngisho noma usubuyile, ngeke ucacelwe ngomsebenzi wamanje kaNkulunkulu ngoba usalele emuva kakhulu ekuphileni kwakho, njengokungathi kuwe kakhulu. Akuyona yini lena into ebeka ukuphila engcupheni? Kodwa abantu abanjalo ngibatshela ukuthi: Akukephuzi kakhulu ukuba niphenduke manje, kodwa kunombandela owodwa, wokuthi kumele nisebenze kanzima ningavilaphi. Uma abanye abantu bethandaza kahlanu njalo, kufanele nithandaze kashumi; uma abanye abantu bedla futhi bephuza amazwi kaNkulunkulu amahora amabili usuku nosuku, nina kumele kube amahora amane kuya kwayisithupha; uma abanye belalela izingoma amahora amabili nina kumele nikwenze ngohhafu wosuku. Zithuliseni njalo phambi kukaNkulunkulu, futhi nicabange ngothando lukaNkulunkulu; kuze kube yilapho ninyakaziswa khona, izinhliziyo zenu ziphendukele Kuye, futhi ningalokothi nicabange ukuthi ukumshiya kuyoba nezithelo. Isimo sasekuqaleni esijwayelekile ningasibuyisa ngalokhu kwenza kuphela.

Abanye abantu bafuna ngogqozi, kodwa abanakungena emgudwini ofanele. Lokhu kungenxa yokuthi abanandaba kakhulu futhi abazinaki nhlobo izindaba zomoya. Abazi nhlobo ukuthi bangaba kanjani namazwi kaNkulunkulu, abazi ukuthi kuyini ukuba khona kukaMoya oNgcwele noma komsebenzi kaMoya oNgcwele. Laba bantu banomdlandla kodwa badidekile; abalandeli ukuphila. Ngoba abamazi nakancane uMoya, noma bazi izingxenye eziguqukayo zomsebenzi woMoya oNgcwele, futhi abajwayelene nesimo sabo somoya. Akulona yini lolu uhlobo lokholo oludidekile? Abantu abanjalo ngeke bathole lutho ngisho noma bengafuna kuze kube sekugcineni. Umnyombo wokukholwa komuntu kuNkulunkulu nokukhula empilweni ulele ekuqondeni ukuthi uNkulunkulu wenza muphi umsebenzi kulokho wena ohlangana nakho, ekuboneni indlela uNkulunkulu athandeka ngayo, nokuqonda intando Yakhe ukuze uthobele wonke amalungiselelo Akhe, uvumele amazwi Akhe agcwaliseke kuwe, abe ukuphila kwakho, anelise uNkulunkulu. Uma unohlobo lokholo oludidekile kuphela, ungazinaki izindaba zomoya noma izindaba ezimayelana noguquko esimweni sokuphila, futhi ungayenzi imizamo eqinisweni, ingabe uyokwazi ukubamba intando Yakhe? Uma ungaziqondi izimfuno zikaNkulunkulu, ngeke ube nokuzwa, futhi ngeke uyithole indlela yokwenza. Into okufanele ugxile kuyo ekuzweni amazwi kaNkulunkulu ukuveza umthelela amazwi kaNkulunkulu awafezile kuwe, nokwazi uNkulunkulu kulokho. Uma ugcina ngokufunda amazwi kaNkulunkulu kodwa ungazi ukuthi ungawezwa kanjani, lokho akusho yini ukuthi awunakho ukuqonda komoya? Njengoba bonke abantu bengawezwa amazwi kaNkulunkulu manje, abawazi umsebenzi Wakhe; akukhona yini lokhu ukusilela ekwenzeni? Uma lokho kuqhubeka, uyofinyelela nini ekwazini nasekukhuleni empilweni? Ngeke yini kube inkulumo eyize leyo? Baningi kini abanaka izimfundiso; aniziqondi izinto zomoya, kodwa nisafuna uNkulunkulu anisebenzisele izinto ezinkulu futhi anibusise. Lokhu akukho nhlobo ngokoqobo! Ngakho, kufanele nilungise lokhu ukuze nonke ningene emgudwini ofanele wokuphila komoya, nibe nokuhlangenwe nakho kwangempela, ningene ngempela ekubeni ngokoqobo kwamazwi kaNkulunkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana