Ikhasi lokuqala

UNkulunkulu Udala U-Eva

(UGenesise 2:18-20) Futhi INKOSI uNkulunkulu yathi, Akukuhle ukuba umuntu ahlale ngayedwa; ngizakumenzela umsizi omfanele. Futhi INKOSI uNkulunkulu yabumba ngalowo mhlabathi zonke izilwane zasendle, nezinyoni zonke zezulu; wase eziyisa ku-Adamu ukuba abone ukuthi angaziqamba ngokuthini: futhi ukuze kuthi lokho u-Adamu aziqamba ngakho zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo ukusuka lapho. Futhi u-Adamu waziqamba amagama nazo zonke izinkomo, nanezinyoni zezulu, kanye nezilwane zasendle; kepha u-Adamu akatholelwanga umsizi omfanele.

(UGenesise 2:22-23) INKOSI uNkulunkulu ngobhambo ayeluthathile kumuntu, wamakhela owesifazane wase emyisa kumuntu. U-Adamu wayesethi, Lo useyithambo lamathambo ami, nenyama yenyama yami: uyakubizwa ngokuthi iNdodakazi, ngokuba uthathwe eNdodeni.

Kunamazwi ambalwa ayinhloko kulezi zingxenye zemibhalo. Ngicela udwebele lokhu: “ukuze kuthi lokho u-Adamu aziqamba ngakho zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo ukusuka lapho.” Ngakho ubani owaqamba amagama azo zonke izilwane eziphilayo? Kwakungu-Adamu, hhayi uNkulunkulu. La mazwi atshela isintu leli qiniso: UNkulunkulu wamnika umuntu ukuhlakaniphangesikhathi emdala. Lokho kusho ukuthi, ukuhlakanipha komuntu kuvela kuNkulunkulu. Lokhu kuyiqiniso. Kodwa kungani? Ngemva kokudala kukaNkulunkulu u-Adamu, ingabe u-Adamu waya esikoleni? Ingabe wayekwazi ukufunda? Ngemva kokuba uNkulunkulu edale izilwane ezehlukahlukene eziphilayo, ingabe u-Adamu wazibona zonke lezo zilwane? Ingabe uNkulunkulu wamtshela amagama azo? Yiqiniso, uNkulunkulu akamfundisanga ukuthi uzoziqamba kanjani lezi zilwane. Iqiniso lelo! Uma kunjalo wazi ngani ukuthi kufanele aziqambe kanjani lezi zilwane amagama azo nokuthi wayezoziqamba nhloboni yamagama? Lokhu kuhlobene nombuzo uNkulunkulu awubuza u-Adamu ngesikhathi emdala. Amaqiniso afakazela ukuthi ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wenezela nokuhlakanipha kuye. Leli iphuzu eliwumgogodla. Ingabe nonke nilalele ngokucophelela? Kunelinye iphuzu eliwumgogodla okufanele linicacele: Ngemva kokuba u-Adamu eqambe lezi zilwane ngamagama, lawo magama aphenduka iqoqo lenqolobane kaNkulunkulu. Kungani ngisho kanjalo? Lokhu kubandakanya nesimo sikaNkulunkulu, futhi kumele ngikuchaze.

uNkulunkulu,uhlelo lukankulunkulu

UNkulunkulu wadala umuntu, wafaka umoya wokuphila kuye, wamnika nokuhlakanipha, amakhono, nalokho anakho nalokho ayikho. Ngemva kokuba uNkulunkulu enike umuntu zonke lezi zinto, umuntu wakwazi ukwenza ezinye izinto ngokuzimela nokusebenzisa umqondo Wakhe. Uma into esungulwa umuntu futhi ayenze iyinhle emehlweni kaNkulunkulu, kusho ukuthi uNkulunkulu uyakwamukela akagxambukeli kukho. Uma okwenziwa umuntu kulungile, uNkulunkulu uyoqikelela ukuthi ukugcina kunjalo. Ngakho yini eyembulwa amazwi athi “ukuze kuthi lokho u-Adamu aziqamba ngakho zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo ukusuka lapho”? Kusitshela ukuthi azikho izinguquko ezenziwa uNkulunkulu emagameni ezilwane ezihlukahlukene eziphilayo. Noma yiliphi igama u-Adamu azibiza ngalo, uNkulunkulu wayethi “Kulungile” bese ebhalisa lelo gama njengoba linjalo. Ingabe kunemibono uNkulunkulu ayiveza? Cha, akakaze nangengozi. Ngakho yini eniyibonayo lapha? UNkulunkulu wanika umuntu ukuhlakanipha futhi umuntu wasebenzisa ukuhlakanipha kwakhe akunikwe uNkulunkulu ukuze enze izinto. Uma okwenziwa umuntu kukuhle emehlweni kaNkulunkulu, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu uyakuqinisa, uyakuqaphela futhi uyakwamukela lokho ngaphandle kokukuhlola nokukugxeka. Lokhu yinto okungekho muntu noma umoya ongcolile, noma uSathane angalwenza. Ingabe niyasibona isambulo sesimo sikaNkulunkulu lapha? Ingabe umuntu, umuntu owonakalisiwe, noma uSathane angakuvumela ukumelelwa abanye ukuze babenzele izinto? Yiqiniso akunjalo! Ingabe bayobanga isikhundla nalowo muntu noma ezinye izidalwa ezingafani nabo? Nakanjani kuyoba njalo! Kusenjalo, ukube kwakungumuntu owonakalisiwe noma uSathane owayeno-Adamu, babeyokuchithwa okwakwenziwa u-Adamu. Ukufakazela ukuthi banekhono lokucabanga kokuzimela futhi banokuqonda kwabo okuhlukile, bebeyokwenqaba ngokuphelele konke okwenziwe u-Adamu: “Ufuna ukusiqamba kanje? Mina ngizosibiza ngalokhu, mina ngizosibiza ngokuthi; usibiza ngoTom kodwa mina ngizosibiza ngoHarry. Kumele ngiveze ukuhlakanipha kwami.” Hlobo luni lwemvelo lolu? Akulona oluzicabangela lona lodwa kakhulu? Kodwa ingabe uNkulunkulu unaso isimo esinjalo? Ingabe uNkulunkulu waba nakho ukungavumelani ngandlela thile nokwenziwa u-Adamu? Impendulo ngu-cha omkhulu! Esimweni esembulwa uNkulunkulu, akukho ngisho inhlansi yokuphikisana, yobugovu, noma ukuzibona elungile. Lokho kukhanya bhá lapha. Lena kumane kuyinto encane, kodwa uma ungasiqondi isiqu sikaNkulunkulu, uma inhliziyo yakho ingazami ukubona indlela uNkulunkulu enza ngayo nabheka ngayo izinto, kusho ukuthi ngeke usazi isimo sikaNkulunkulu, noma amazwi noma isambulo sesimo sikaNkulunkulu. Ingabe lelo akulona iqiniso? Ingabe uyavumelana nalokhu engiqeda kukuchazela khona? Esabela ezenzweni zika-Adamu, uNkulunkulu akazange amemeze, “Wenze kahle! Wenze okufanele! Ngivumelana nawe.” Nokho, enhliziyweni Yakhe, uNkulunkulu wakwamukela, wakwazisa futhi wajabula ngalokho u-Adamu ayekwenzile. Lokho kwakuyinto yokuqala umuntu ayenza eqondiswa uNkulunkulu ngemva kokuba uNkulunkulu emdalile. Kwakuyinto umuntu ayenza emelela uNkulunkulu futhi eyenzela yena. Emehlweni kaNkulunkulu, kwabonakala ukuhlakanipha ayekunike umuntu. UNkulunkulu wakubona njengento enhle, into efanele. Okwenziwa u-Adamu ngaleso sikhathi kwakuwukuvezwa kokuqala kokuhlakanipha kukaNkulunkulu kumuntu. Kwakuwukubonakaliswa okuhle kombono kaNkulunkulu. Engifuna ukunitshela khona lana ukuthi injongo kaNkulunkulu ngokwenezela ingxenye yalokho anakho nalokho ayikho nokuhlakanipha Kwakhe kumuntu kwakungenxa yokuthi isintu sibe izidalwa eziphilayo ezimkhonzayo. Ukuthi izidalwa ezinjalo zenze izinto ngenxa Yakhe kwakuyiyona kanye into uNkulunkulu ayelangazelela ukuyibona.


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana