Ikhasi lokuqala

UNkulunkulu Uhlose Ukubhubhisa Izwe NgoZamcolo, Uyala UNowa Ukuba Akhe Umkhumbi

(UGenesise 6:9-14) Lezi izizukulwane zikaNowa: UNowa wayengumuntu olungile nongasoleki esizukulwaneni sakhe, futhi uNowa wayehamba noNkulunkulu. Futhi uNowa wazala amadodana amathathu, uShemi, uHamu noJafete. Umhlaba wase wonakele phambi kukaNkulunkulu, umhlaba wawugcwele ububi. UNkulunkulu wawubuka umhlaba, wawubona futhi, ukuthi wonakele; ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni. UNkulunkulu wayesethi kuNowa, Ukuphela kwenyama yonke kufikile ngaphambi kwami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubabhubhisa kanye nomhlaba. Zakhele umkhumbi ngemithi yegofere; wenze amakamelo emkhunjini, futhi uwuhuqe ngaphakathi kanye nangaphandle.

(UGenesise 6:18-22) Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe; futhi uzongena emkhunjini, wena, namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe. Futhi kukho konke okuphilayo kwenyama, uzongenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo, ukuba uzigcine ziphile nawe; kube ngeyeduna neyensikazi. Kuzo izinyoni nezinhlobo zazo, nakuzo izinkomo nezinhlobo zazo, nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, kuzofika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ukuba uzigcine ziphila. Futhi uzothatha konke ukudla okudliwayo, ukubuthele kuwe; kuyakuba ngukudla kwakho, kanye nokwazo. Ngakho uNowa wenze njalo; njengakho konke uNkulunkulu amyale ngakho, ngakho wenza kanjalo.

…………

Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayehlose ukubiza uNowa ukuze enze into ebaluleke kakhulu. Kungani kwadingeka ukuba enze lokhu? Kungenxa yokuthi ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wayenecebo enhliziyweni Yakhe. Icebo Lakhe kwakuwukubhubhisa umhlaba ngozamcolo? Kuthiwa lapha: “Umhlaba wase wonakele phambi kukaNkulunkulu, umhlaba wawugcwele ububi.” Ubonani emazwini athi “umhlaba wawugcwele ububi”? Kwakuyisimo esasisemhlabeni lapho umhlaba nabantu bawo kwakukhohlakele ngokwedlulele, okuwukuthi: “umhlaba wawugcwele ububi.” Olimini lwanamuhla, “ukugcwala ububi” kusho ukuthi yonke into ixovekile. Kumuntu, kusho ukuthi kuzo zonke izingxenye zokuphila akukho ukuhleleka, futhi kunesixakaxaka okunzima ukusiqondisa. Emehlweni kaNkulunkulu, kusho ukuthi abantu bezwe bakhohlakele kakhulu. Bakhohlakele ngezinga elingakanani? Bakhohlakele ngezinga lokuthi uNkulunkulu ngeke esakwazi ukububheka noma ukububekezelela ububi babo. Bakhohlakele ngezinga lokuthi uNkulunkulu unqume ukubabhubhisa. Lapho uNkulunkulu ezimisela khona ukubhubhisa izwe, wahlela ukuthola othile owayezokwakha umkhumbi. UNkulunkulu wakhetha uNowa ukuba enze lokhu, okuwukuvumela uNowa ukuba akhe umkhumbi. …

uNkulunkulu,  Izwi likaNkulunkulu,UNowa

Ukuthi uNowa wabizwa uNkulunkulu iqiniso elilula, kodwa iphuzu eliyinhloko lalokho esikhuluma ngakho—isimo sikaNkulunkulu, intando Yakhe, nesiqu Sakhe kule ndaba—akulula. Ukuze siqonde lezi zinto ezehlukahlukene zikaNkulunkulu, kumele siqale siqonde uhlobo lomuntu uNkulunkulu afisa ukulubiza, futhi ngalokhu, siqonde isimo, intando nesiqu sikaNkulunkulu. Lena indaba ebucayi. Ngakho emehlweni kaNkulunkulu, usuke eluhlobo olunjani lomuntu, umuntu ambizayo? Lona kumele kube umuntu ongalalela amazwi Akhe, ongalandela iziyalezo Zakhe. Ngesikhathi esifanayo, lona kumele kuphinde kube umuntu onokwethenjelwa, umuntu oyokwazi ukuphatha kahle izwi likaNkulunkulu ngokuliphatha njengesibopho noma umsebenzi azibophezele ukuwufeza. Ingabe kuyadingeka ukuthi lo muntu kube othile owazi uNkulunkulu? Cha. Endulo, uNowa wayengazange ezwe okuningi ngezimfundiso zikaNkulunkulu, noma abone umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho, lwaluluncane kakhulu ulwazi lukaNowa ngoNkulunkulu. Nakuba kulotshiwe ukuthi uNowa wahamba noNkulunkulu, ingabe walubona uqobo lukaNkulunkulu? Impendulo ngu-cha ongangatshazwa! Ngoba ngalezo nsuku, kwakuyizithunywa zikaNkulunkulu kuphela ezaziza kubantu. Nakuba zazimelela uNkulunkulu ekukhulumeni nasekwenzeni izinto, zazimane zedlulisa intando nezinhloso zikaNkulunkulu. Uqobo lukaNkulunkulu abembulwanga kumuntu ubuso nobuso. Kule ngxenye yemibhalo, okuwukuphela kwento esiyibonayo yilokho uNowa okwakufanele akwenze neziyalezo uNkulunkulu ayemnike zona. Ngakho uNkulunkulu wembula siphi isiqu lapha? Yonke into uNkulunkulu ayenza isuke ihlelwe ngokusezingeni eliphezulu. Lapho ebona isimo noma okuthile kwenzeka, kuzoba nesilinganiso esithile emehlweni akhe, futhi lesi silinganiso siyonquma ukuthi uyaqala yini ukusungula isu lokusingatha leyo nto noma ukuthi uzobhekana kanjani naleso simo naleyo nto. Akayena umuntu ongenandaba noma ongenamizwa ngayo yonke into. Empeleni ungokuphambene kakhulu nalokho. Kunevesi lapho uNkulunkulu athi khona kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile ngaphambi kwami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubabhubhisa kanye nomhlaba.” Ezwini likaNkulunkulu kulokhu, ingabe wathi uzobhubhisa abantu kuphela? Cha! UNkulunkulu wathi uzobhubhisa zonke izinto eziphilayo zenyama. Kungani uNkulunkulu afuna ukubhubhisa? Kunesinye isambulo sesimo sikaNkulunkulu lapha: Emehlweni kaNkulunkulu, ukubekezelela Kwakhe inkohlakalo yomuntu, ukungcola, ubudlova, nokungalaleli kwayo yonke inyama kunemingcele. Ikuphi imingcele Yakhe? UNkulunkulu wathi: “UNkulunkulu wawubuka umhlaba, wawubona futhi, ukuthi wonakele; ngokuba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.” Asho ukuthini la mazwi athi “ngoba yonke inyama yayonakalisile indlela yayo emhlabeni”? Asho ukuthi noma yini ephilayo, kuhlanganisa nalabo abalandela uNkulunkulu, labo ababiza igama likaNkulunkulu, labo abake banikela iminikelo eshiswayo kuNkulunkulu, labo abamqaphelayo ngezwi futhi baze bamdumise uNkulunkulu—uma ukuziphatha kwabo kwase kugcwele inkohlakalo kwabonwa uNkulunkulu, kwakuzodingeka ukuthi ababhubhise. Leyo imingcele kaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu wababekezelela ngezinga elingakanani abantu nayo yonke inyama eyonakele? Ngezinga lokuthi bonke abantu, kungaba abalandeli bakaNkulunkulu noma abangakholwa, babengahambi endleleni efanele. Ngezinga lokuthi kwakungasekhona nje ukuthi umuntu unesimilo esikhohlakele futhi esigcwele ububi, kodwa wayengasekho okholelwa ekutheni uNkulunkulu ukhona, ingasaphathwa-ke eyokuthi kube khona ngisho oyedwa okholelwa ukuthi umhlaba ubuswa uNkulunkulu futhi uNkulunkulu angabaqondisa endleleni efanele abantu. Ngezinga umuntu angakuthandi ngalo ukuba khona kukaNkulunkulu futhi akamvumelanga uNkulunkulu ukuba abe khona. Uma inkohlakalo yomuntu isifinyelele kuleli zinga, kwakumphelela ukubekezela uNkulunkulu. Yini eyayingena esikhundleni sakho? Ukuza kwentukuthelo nesijeziso sikaNkulunkulu. Ingabe leso akusona isambulo sesimo sikaNkulunkulu? Kule nkathi, ingabe usekhona umuntu olungile emehlweni kaNkulunkulu? Ingabe usekhona umuntu ophelele emehlweni kaNkulunkulu? Ingabe kule nkathi, ukuziphatha kwayo yonke inyama emhlabeni kukhohlakele emehlweni kaNkulunkulu? Kulolu suku nenkathi, ngaphandle kwalabo uNkulunkulu afuna ukubaphelelisa, labo abangalandela uNkulunkulu futhi bamukele insindiso Yakhe, akukhona yini ukuthi yonke inyama ikubekela inselele ukubekezela kukaNkulunkulu? Akulona yini iqiniso ukuthi yonke into eyenzeka eceleni kwenu, eniyibona ngamehlo enu futhi eniyizwa ngezindlebe zenu, nezinto enizibona imihla namalanga kuleli zwe, akugcwele yini ubudlova? Emehlweni kaNkulunkulu, akufanele yini izwe elinjalo, inkathi enjena, kuqedwe ngayo? Nakuba imvelaphi yenkathi esikuyo yehluke kakhulu kwekaNowa, imizwa nenzondo uNkulunkulu anayo ngokukhohlakala komuntu kusafana ncamashi nokwangaleso sikhathi. UNkulunkulu ukwazi ukubekezela ngenxa yomsebenzi Wakhe, kodwa ngenxa yazo zonke izinhlobo zezimo, leli zwe kufanele ngabe kudala labhujiswa emehlweni kaNkulunkulu. Isimo sesihluke kakhulu kulokhu esasiyikho endulo ngesikhathi izwe libhujiswa ngozamcolo.

…………

Ngaphansi kwalezi zimo, yini uNkulunkulu anendaba nayo kakhulu? Akuyona indlela labo abangamlandeli noma abamelene Naye abamphatha ngayo noma abamphika ngayo, noma indlela isintu esimqambela amanga ngayo. Unendaba kuphela nalabo abamlandelayo, abantu afuna ukubasindisa ecebweni Lakhe lokuqondisa, abaphelelisile, nokuthi bakwazile yini ukumanelisa. Ngokwabanye abantu ngaphandle kwalabo abamlandelayo, uyobonakalisa inzondo Yakhe ngokubajezisa. Ngokwesibonelo: ama-tsunami, ukuzamazama komhlaba, ukuqhuma kwentaba-mlilo, njalo njalo. Ngesikhathi esifanayo, ubavikela ngokuphelele labo abamlandelayo, futhi uzobasindisa. Isimo sikaNkulunkulu yilesi: Ngakolunye uhlangothi, abantu afuna ukubaphelelisa angababekezelela kakhulu futhi abe nesineke ngabo, abalinde ngokwezinga angakwazi ngalo; ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu ubazonda kakhulu labo bantu abafana noSathane abangamlandeli futhi abamelana Naye. Nakuba engenandaba nokuthi lezi zinhlobo ezifana noSathane ziyamlandela yini noma ziyamkhonza yini, usabazonda nakuba esababekezelele enhliziyweni Yakhe, futhi njengoba ezoqeda ngalezi zinhlobo ezifana noSathane, usalinde ukuqala kwezinyathelo zomsebenzi wecebo Lakhe lokuqondisa.


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana