Ukusebenzisa kwaNkulunkulu umlilo ukubhubhisa umuzi waseSodoma indlela Yakhe eshesha kakhulu yokushabalalisa umuntu noma into. Ukushisa abantu baseSodoma kwabhubhisa okuningi kunemizimba yabo; kwabhubhisa imimoya yabo isiyonke, imiphefumulo kanye nemizimba, ukuqinisekisa ukuthi abantu abakulo muzi babengeke besaba khona ezweni elibonakalayo nasezweni elingabonakali kumuntu. Lena ngenye yezindlela uNkulunkulu aveza futhi akhombisa ngayo ulaka Lwakhe. Le ndlela yokuveza nokukhombisa ngenye yezingxenye zobukhona bolaka lukaNkulunkulu, njengoba ngokwemvelo futhi kuyisambulo sobukhona besimo esilungile sikaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ethumela ulaka Lwakhe, uyayeka ukuveza isihe noma uthando olunomusa futhi akabe esakhombisa ukubekezelelana noma isineke Sakhe; akukho muntu, into noma isizathu esingamenza ukuthi aqhubeke ukubekezela, ukupha umusa nokuphinda aphe ukubekezelelana Kwakhe futhi. Esikhundleni salezi zinto, ngaphandle kokungabaza, uNkulunkulu uzothumela ulaka nobukhosi Bakhe, enze lokho akufisayo, futhi uzozenza lezi zinto ngendlela esheshayo futhi ehlelekile ngokuhambisana nezifiso Zakhe. Lena yindlela uNkulunkulu athumela ngayo ulaka nobukhosi Bakhe, okungafanele umuntu ayinenge, futhi iyisibonakaliso sengxenye eyodwa yesimo esilungile Sakhe. Uma abantu bebona uNkulunkulu ekhathazekile futhi ekhombisa uthando kumuntu, abakwazi ukubona ulaka Lwakhe, babone ubukhosi Bakhe noma ukungabekezeleli Kwakhe isinengiso. Lezi zinto bezilokhu ziholela ukuthi abantu bakholwe ukuthi isimo esilungile sikaNkulunkulu esomusa, nokubekezelelana kanye nothando nje kuphela. Kepha, lapho umuntu ebona uNkulunkulu ebhubhisa umuzi noma enyanya isintu, ulaka Lwakhe lapho ebhubhisa umuntu kanye nobukhosi Bakhe, kuvumela abantu ukuthi babone lena enye ingxenye yesimo Sakhe esilungile. Lokhu ukungabekezelelani nesinengiso. Isimo sikaNkulunkulu esingabekezelelani nesinengiso sidlula ukucabanga ngamehlo engqondo anoma isiphi isidalwa esidaliwe, futhi phakathi kwezidalwa ezingadalwanga, asikho esikwazi ukusiphazamisa noma ukusithinta; ngaphezu kwalokho, akukho okungazenza sona noma kusilinganise. Ngakho, le ngxenye yesimo sikaNkulunkulu yileyo okufanele isintu siyazi kakhulu. UNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela onesimo esinje, futhi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela onalo lolu hlobo lwesimo. UNkulunkulu unalolu hlobo lwesimo sokulunga ngoba uzonda inkohlakalo, ubumnyama, ubumbuka kanye nezenzo ezimbi zikaSathane—ukonisa nokushwabadela isintu—ngoba uzonda zonke izenzo zesono ezimelene Naye futhi ngenxa yobukhona Bakhe obungcwele nobumsulwa. Kungenxa yalokhu, ukuthi angavumeli noma isiphi isidalwa esidaliwe noma esingadalwanga ukuthi simelane Naye ngembaba noma sibange Naye. Ngisho umuntu ake akhombisa umusa kuye, noma wamkhetha, udinga nje ukuthi achukuluze isimo Sakhe futhi aphambuke esimisweni Sakhe sesineke nokubekezelelana, futhi uzodedela futhi aveze isimo Sakhe esilungile ngaphandle kwesihe noma ukungabaza—isimo esingabekezelelani nesinengiso.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Okutuswayo: Ulaka LukaNkulunkulu Lungokokulonda Wonke Amandla Okulunga Kanye Nezinto Ezinhle Zonke
Awekho amazwana:
Thumela amazwana