Ikhasi lokuqala

28. Ubunjalo bomuntu omuhle Ngempela

Ibandla,Ukuthanda uNkulunkulu,Uthando


UMoran eLinyi City, eShandong Province

Kusukela ngisewumntwana, bengihlale ngibeka ukubaluleka kokuthi abanye abantu bangibona kanjani nangendlela abangibheka ngayo. Ukuze ngithole udumo kwabanye ngakho konke engikwenzayo, angikaze ngiphikisane namuntu noma ngabe kukhona okuvelayo, ukuze ngivikele ukubhubhisa isithombe esihle abanye abantu abanaso ngami.
Emveni kokuba sengamukele umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, ngaqhubeka ngalendlela, ngibambelele ngayo yonke indlela endleleni abafowethu nodadewethu abangibheka ngayo. Ngokwedlule, lapho kuyimina owayephethe umsebenzi, umholi wami wayehlezi ethi umsebenzi wami ufana nalowo wokuba “uvumazonke”, hhayi ukwenza komuntu olenzayo iqiniso. Angizange ngakufaka enhliziyweni, kepha ukuphikisana nalokho uma abanye becabanga ngami njengomuntu omuhle, ngabe sengizizwela ukweneliseka. 

Ngelinye ilanga, ngafunda lesisigaba: “Uma ekukholweni kwakho uNkulunkulu ungalifuni iqiniso, noma ngabe awuveli njengongalaleli, awukakabi vele umuntu omuhle ngempela. Labo abangalifuni iqiniso abanawo umqondo wokulunga, futhi abathand lokho okuthandwa uNkulunkulu noma bazonde lokho okuzondwa uNkulunkulu. Ngeke baze bakwazi ukuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu, bangefaniswe nanoNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuthi labo abangenawo umqondo wokulunga babizwe ngokuthi abantu abahle? Akukhona ukuthi labo ababizwa ngokuthi abantu abejwayelekile bathi ‘bangovuma zonke’ abanawo umqondo wokulunga, futhi abanamigomo empilweni. Bamane bangabantu abangafuni kukhubekisa muntu, ngakho lithini inani labo? Umuntu omuhle ngempela uveza umuntu othanda izinto ezinhle, umuntu ofuna iqiniso olangezelela ukukhanya, umuntu okwazi ukwehlukanisa okuhle kokubi nonemigomo ekahle empilweni; iloluhlobo lomuntu kuphela uNkulunkulu aluthandayo” (“Ukukhonza uNkulunkulu Umuntu Kumelwe Afunde ukuthi Uhlukanisa Kanjani Abantu” Emlandweni Wokuhlanganyela Nokuhlelwa Komsebenzi weBandla I). Emveni kokufunda la magama, ngokushesha ngabona ukukhanya. Ngabe sengibona ukuthi umuntu omuhle kwakungesiye umuntu unokuxhumana kobungani nabantu abejwayelekile noma ongaphikisani noma alwe nabo, noma umuntu okwazi ukunikeza abafowabo nodadewabo isithombe esihle abese ethola ukubonakala ngendlela ekahle. Umuntu omuhle ngempela umuntu othanda izinto ezinhle nofuna iqiniso nokulunga, umuntu onemigomo yangempela empilweni, onomqondo wokulunga, okwazi ukwahlukanisa okuhle nokubi, othanda lokhu okuthandwa uNkulunkulu ozonda lokho okuzondwa uNkulunkulu; umuntu ozimisele ukuzinikela ngakho konke ekwenzeni imisebenzi yabo futhi abanogqozi nesibindi sokunikela ngempilo yabo ngeqiniso nangokulunga. Mayelana nezenzo zami kwakukuphi ukulunga? Njalo uma umfowethu noma udadewethu bebuya koshumayela ivangeli bekhuluma ngokuthi kunzima kangakanani, ngangingakwazi ukuzibamba ukuba ngiqale ngilwe nokukhononda, ngizwa ukuthi ukusabalalisa ivangeli akulula, ukuthi ngempela kwakuyinto enzima, ngokungazi ngithatha uhlangothi lwenyama yomuntu ngingasafuni ukuhlanganyela. Lapho ngibona iziphazamiso ebandleni ezimbandakanya izinto ezifana nokudluliselwa kwemibono ngoNkulunkulu, uma babezimisele, ngangizohlanganyela ngisebenzisa amagama angamaqhinga ukuxazulula udaba; uma babengabalulekile, ngangizokwedlula kuloludaba ngokuthi ngiluzibe, ngesaba ukuthi omunye umuntu uzoba nombono ngami uma ngabe nganginga khulumanga kahle. Lapho ngibona uphathina wami enza izinto ezazingaphathelene neqiniso noma engabheki indawo ayekuyo, ngangifuna ukuvusa udaba naye, kepha bese ngicabanga, “Wayezokwazi ukukumela uma bengingaveza loludaba? Akufanele ukulimaza ubudlelwane ngenxa yendaba encane kangaka. Ngizolinda kuze kube isikhathi esizayo bese ngikuveza.” Ngaleyondlela ngazitholela izaba ukuze ngingadideki ngedlule kukho.

Ngabe sengibona ke ukuthi manje ngase ngisebenzisana nemigomo kaSathane yomuntu omuhle, okwakuyinto nje “yomuntu onguvuma zonke” emehlweni omuntu ojwayelekile: umuntu ongafuni kukhubekisa muntu futhi akukho ngaphandle komuntu omuhle wenjabulo kaNkulunkulu othanda izinto ezinhle, efuna iqiniso futhi enokulunga. Ngabona ukucabanga kwabanye abantu ngami kubalulekile kunokuthola iqiniso futhi ngangenelisiwe ukuthola abanye ukuba bangidumise; kwakungenzeka kanjani ukuba ngibe umuntu onemigomo emihle empilweni? Kungenzeka ukuba indumiso yabanye imele ukwamukela kwami iqiniso? Kungenzeka yini ukuthi ukubheka kwabanye kumele ukuthi benginempilo? Uma ngangikholwa uNkulunkulu kepha ngingafuni iqiniso noma ukulunga, ngingafuni ushintsho empilweni yami kepha kunalokho ngangiqikelela ukwaziwa futhi ngivikela ubuso bami, lokhu kwakunenani elingakanani uma ulandela uNkulunkulu? Yini engizoyizuza uma ngilandela lendlela kuze kube sekugcineni? Bengiyisidalwa esonakele, njalo njalo. Uma bengithole ukwaziswa okuphezulu kukho konke futhi nginesikhundla emqondweni wabo, ngakho angisiyona yini lengelosi enkulu ebilwela isikhundla sikaNkulunkulu? Ingabe angisisona yini isitha seqiniso sikaNkulunkulu? Ingabe loluhlobo lomuntu akusilona yini olwenze isono senyama emehlweni kaNkulunkulu? Labo uNkulunkulu abasindisayo nabaphelelisayo yilabo abantu abahle ngokweqiniso abafuna iqiniso nokulunga. Abasibo labobantu abangacabangi abangenakuhlukanisa okuhle kokubi, abangacacelwa uthando nenzondo futhi abangenawo nomqondo wokulunga, bancane kakhulu abantu abanaka igama labo nalabo abanenzondo ngoNkulunkulu. Uma ngaqhubeka ukuthatha lokho okucatshangwa umuntu owejwayelekile njengokukala izinga lokuziphatha, ngangiyobe ngilahlelwe ukuba ngibe yinto yokwaliwa ngijeziswe uNkulunkulu.

O Nkulunkulu! Ngikubonga ukuba ungihole ungikhanyisele lokho okwenze kwazeka ukuthi kuyini ukuba umuntu omuhle ngempela, lokho futhi kuqhubeke kwangenza ngabona amaphutha ami nemicabango ebengivele nginayo nokungazi, nokubona ukudlebeleka nokuzindela. O Nkulunkulu! Ukusuka namuhla, ngifisa ukuthatha lombhalo “funa iqiniso ube nomqondo wokulunga” njengomgomo wokuziphatha kwami, ukufuna ukungena ekujuleni kweqiniso, ukufuna inguquko ekuphileni kwami nokuzama ukuba ngibe masinyane umuntu omuhle oqondayo ngothando nenzondo onomqondo wokulunga.

Umthombo : IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana