Ikhasi lokuqala

Isenzo (7)

  Nintula ubuntu, indlela eniphila ngayo iphansi kakhulu futhi inehlisa isithunzi, aninabo ubuntu, futhi aninakho ukuqonda. Yingakho kumele nizihlomise ngezinto zobuntu. Ukuba nonembeza, ingqondo, nokuqonda, ukwazi ukuthi kumele nikhulume kanjani nokuthi nizibone kanjani izinto, ukunaka inhlanzeko, ukuziphatha njengabantu abajwayelekile—zonke lezi yizinto zobuntu obujwayelekile okumele nizazi. Uma nikwenza kahle lokhu, ubuntu benu buzoba sezingeni elifanele. Okunye ukuthi nizihlomisele impilo kamoya. Kumele niwazi wonke umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni, futhi kumele niwabone wonke amazwi Akhe. Kumele nazi indlela yokuthobela izinhlelo zakhe, futhi nazi ukuthi ufezwa kanjani umsebenzi womuntu odaliwe. Lezi yizinto ezimbili okumele ungene kuzo namuhla. Okokuqala ukuzihlomisela impilo yobuntu, okunye ukwenza okuqondene nempilo kamoya—kanti zombili lezi zinto zibalulekile. Abanye abantu bayaxaka, bazi kuphela ukuzihlomisa ngobuntu. Bagqoka izingubo zikanokusho nezinwele zabo zihlala zihlanzekile; abanasici uma ubabuka ngaphandle. Izinto abazishoyo nendlela abakhuluma ngayo ingefanele, nezingubo zabo zinesithunzi. Kodwa abanalutho ngaphakathi; ubuntu babo obujwayelekile obangaphandle kuphela. Banaka ukuthi bazodlani, bazogqokani, nokuthi bazothini. Kukhona ngisho nalabo abagxila kuphela ekushaneleni phansi, bendlule imibhede, bahlanze nezindlu. Bayakwazi ukwenza zonke lezi zinto, kodwa uma uthi abakhulume ngolwazi abanalo ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, nowokusola, ukucwenga, izilingo, nokwahlulelwa, abanalo noluncane ulwazi lwalokho. Uyababuza: “Ngabe uyawuqonda umsebenzi omkhulu owenziwa uNkulunkulu emhlabeni? Imuphi umsebenzi owenziwa uNkulunkulu esenyameni? Uhluke kanjani emsebenzini kaJesu? Futhi uhluke kanjani emsebenzini kaJehova? Ngabe bonke banguNkulunkulu oyedwa? Ngabe uzele ukuzoqeda inkathi, noma ukuzosindisa isintu? Wenza muphi umsebenzi?” Ngeke bazi ukuthi bathini kulokhu. Ngaphandle, bahle bahlobe kakhulu: Odadewethu bazenze baba bahle njengezimbali, abafowethu bona ungathi abantwana basebukhosini, noma izinkinsela ezithile. Kuphela kwento abakhathazeke ngayo ukuthi bazodlani nokuthi bazogqokani ngaphandle; ngaphakathi, bampofu, futhi abanalo noluncane ulwazi ngoNkulunkulu. Kusizaphi-ke? Abanye bagqoka budlabha, njengezinxibi, futhi babukeka njengezigqila zasempumalanga! Ngabe niyakuqonda engikudinga kini? Ake nizibuze: Ngabe nizuzeni? Kade niphisheka yonke le minyaka, yikho lokhu enikuvunile—anizizwa nihlazekile? Aninamahloni? Kade niphishekela indlela eyiqiniso yonke le minyaka, namuhla isiqu senu sincane ngisho kunesomzwilili. Bukani izintokazi phakathi kwenu, bazicwalile baba bahle njengezimbali, niziqhathanisa nabanye. Nisebenzisani ukuziqhathanisa? Ngabe akukona ukuzijabulisa? Nezimfuneko enizibekayo? Nicabanga ukuthi ngizofuna onobuhle? Aninamahloni! Kuphi ukuphila kwenu? Aniphishekeli izinto ezinkulu? Ucabanga ukuthi unguphuma langa sikothe. Ungaba muhle, kodwa awusona yini isibungu esazalelwa endleni? Namuhla, njengoba usunenhlanhla yokuthokozela zonke izibusiso zasezulwini yingoba uNkulunkulu ukhethe ukukuphakamisa, hhayi ngenxa yobuhle bakho; namanje awukacacelwa ukuthi uphuma kuphi? Uma kukhulunywa ngokuphila inkukhu inqunywa umlomo, ufane nenkukhu yokhuni, kodwa usenesibindi sokuziphophotha? Usacabanga ngokuziphophotha? Bhekani amasoka phakathi kwenu—awalawuleki, achitha usuku lonke ezula zula, awakhathazeke ngalutho. Awaziphathi kahle yonke indawo ahamba kuyo, ingabe ikhona into engubuntu ngawo? Kini nonke, abesilisa nabesifazane, yini le eniyenzayo usuku lonke? Niyazi ukuthi nithembele kubani ukuze nidle? Bheka izingubo zakho, bheka lokhu okuvunile ezandleni zakho, hlikihla isisu sakho—mvuzo muni owukhokhile wenani legazi nelezithukuthuku? Usacabanga ngokuhamba ubuke izwe, usacabanga ngokujabulisa inyama yakho enukayo—kuyigugu ngani lokhu! Kuthiwa kumele ube umuntu ojwayelekile kodwa namuhla akukhona ukuthi ungumuntu ongajwayelekile kuphela, kodwa uphambene nokufunekayo. Usithathaphi isibindi sokuza phambi Kwamiumuntu onjalo? Unobuntu obunjengalobu, uyazulazula futhi uhamba ze, ngaso sonke isikhathi uphila ngenkanuko yenyama, awuyona yini inzalo yamadimoni angcolile nemimoya emibi? Ngeke ngivumele idimoni elinjalo lihlale isikhathi eside! Futhi ungacabangi ukuthi angazi ukuthi ucabangani enhliziyweni yakho. Ungazama ukulawula inkanuko yakho nenyama yakho, kodwa ngeke yini Mina ngiyazi imicabango esenhliziyweni yakho nakho konke okufiswa amehlo akho? Ingabe nina zintokazi anizenzi nibe bahle njengezimbali ngoba nifuna ukubukisa ngenyama yenu? Nizozuzani emadodeni? Ingabe bazonihlenga ngempela olwandle lokuhlupheka? Futhi nina masoka nonke nigqoke nizenza sengathi ningamadoda alungile futhi nihlukile—akungoba nifuna ukubukisa ngendlela enibukeka ngayo? Futhi nikwenzela bani lokhu? Nizozuzani kwabesifazane? Ingabe abayona imbangela yesono senu? Nina madoda nabafazi, sengikhulume kakhulu nani, kodwa nithobele amazwi ambalwa kuphela. Izindlebe zenu zinzima, amehlo enu aluvindi, izinhliziyo zenu zilukhuni, ngendlela yokuthi akukho lutho emizimbeni yenu ngaphandle kwenkanuko; nibambekile kuyo, anikwazi ukuphuma. Ubani ofuna ukusondela kini zibungu, enihleli ekungcoleni nasezintulini? Ningakhohlwa ukuthi anihlukile kunalabo engibaphakamise odakeni, ukuthi ekuqaleni, naningenabo ubuntu obujwayelekile. Engikufuna kini ubuntu obujwayelekile enaningenabo ekuqaleni; angifuni ukuthi nibukise ngenkanuko yenu, noma nikhululeke ngenyama yenu, eqeqeshwe uSathane iminyaka eminingi. Uma nizigqokisa kanje, anisabi ukuthi nizobambeka kakhulu? Anazi yini ukuthi nasekuqaleni beningabesono? Anazi yini ukuthi imizimba yenu igcwele inkanuko? Inkanuko yenu ize ibonakale nasezingutsheni zenu, iveze isimo senu njengesibi ngendlela engabekezeleleki, idemoni elingcolile. Ingabe akunicaceli nonke lokhu? Izinhliziyo, amehlo, izindebe zenu—ingabe konke akonakaliswanga amademoni angcolile? Awangcolile? Ucabanga ukuthi inqobo nje uma ungenzi izinto zokonakala,[a] ungcwele kakhulu; ucabanga ukuthi ukugqoka ube muhle kuzokwemboza umoya wakho owonakele—ngeke kwenzeke lokho! Ngineluleka ukuthi nibe neqiniso: Ningakhohlisi futhi nibe yizinto eningezona, futhi ningabukisi ngani. Niveza inkanuko yenu komunye nomunye, kodwa enizokuthola inhlupheko engunaphakade nokusolwa okungenazwelo! Yini eyenza nidinge ukuyengana nibe sothandweni? Ingabe ikona ukuthembeka kwenu lokhu? Ingabe lokhu kunenza nibe bahle? Ngiyabazonda kini abathakathayo nabenza imilingo, ngiyazizonda izinsizwa nezintokazi ezithanda inyama yazo. Kungcono nizibambe, ngoba namuhla ngicela ukuthi nibe nobuntu obujwayelekile, hhayi ukuthi nibukise ngenkanuko yenu. Nihlala ngokuba osomathuba, ngoba inyama yenu iningi kakhulu, kanti nenkanuko yenu inkulu kakhulu!

  Ngaphandle, ukuphila kwenu kobuntu nikuhlele kahle kakhulu, kodwa uma kuthiwa khulumani ngolwazi lwempilo, inkukhu inqunywa umlomo—futhi kulokhu niyahlupheka. Kumele uzihlomise ngeqiniso! Ukuphila kwakho kobuntu kushintshile kwaba ngcono, kanti nokuphila okungaphakathi kwakhonakhokuzoshintsha—ukushintha imicabango yakho nokuguqula imibono yakho ngokukholelwa kuNkulunkulu, ukushintsha ulwazi nemicabango ekuwe, kanye nokushintsha ulwazi ngoNkulunkulu ngokumqonda kwakho. Ngokubhekana nakho, nokwembuleleka nokuhlinzekwa, kancane kancane ulwazi ngawe luyashintsha, ukuphila kwakho, nokukholelwa kuNkulunkulu, kwenze ulwazi lwakho lwaba msulwa. Ngale ndlela, imicabango ekumuntu izoshintsha, indlela ababona ngayo izinto izoshintsha, nesimo sabo sengqondo sizoshintsha. Kungaleso sikhathi lapho isimo sabo sempilo sizoshintsha. Akushiwo ukuthi chitha usuku lonke ufunda izincwadi, noma ulungisa ikamelo lakho noma uhlanza izingubo nendlu. Ngokujwayelekile, akumele kube nenkinga nobuntu bakho obujwayelekile—lesi isidingo esincane. Uma uphuma, kumele ukwazi ukuqonda nokucabanga, kodwa okubalulekile kakhulu ukuthi uzihlomise ngeqiniso lokuphila. Uma izinto eziphathelene nomoya sekukhulunyiwe ngazo, kumele uzishiye izinto zobuntu; akulona iqiniso lelo. Uma uzihlomisa ngokuphila, kumele ukwazi ukukhuluma ngolwazi lukaNkulunkulu, ngemibono yakho ngokuphila, futhi, ikakhulukazi, ulwazi onalo ngomsebenzi owenziwe uNkulunkulu ngezinsuku zokugcina. Njengoba uphishekela ukuphila, kumele uzihlomise ngalezi zinto. Uma udla uphuza amazwi kaNkulunkulu, kumele ukulinganise nesimo sakho sangempela. Okuwukuthi, uma usubonile amphutha akho kulokho odlule kukho, kumele ukwazi ukuthola indlela okumele wenze ngayo, ukwazi ukufulathela lokhu okukugqugquzelayo nemibono onayo engalungile. Uma ngaso sonke isikhathi uzama kulokhu, futhi inhliziyo yakho ihlala igxile kulezi zinto, izoba khona indlela ozoyilandela, ngeke uzizwe ungenalutho, kanjalo-ke uzokwazi ukugcina isimo esijwayelekile. Kungaleso sikhathi kuphela lapho uzoba umuntu okhathazwa yimpilo yakhe, futhi kulapho kuphela ozoba khona umuntu onokholo. Kungani, ngemva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, abantu bengakwazi ukuwenza? Akukhona ukuthi abaqondi ukuthi yikuphi okubalulekile? Akukhona ukuthi badlala ngempilo? Ukuthi abakuqondi okubalulekile, futhi akunandlela abayilandelayo, ukuthi nje abakwazi ukuwalinganisa nesimo sabo siqu, futhi abasazi isimo sabo siqu. Abanye abantu bathi: ngiwalinganisile ngesimo sami, ngiyazi ukuthi ngikhohlakele futhi angilungile, kodwa angikwazi ukwanelisa intando kaNkulunkulu. Kulokhu, usabone nje ngaphezulu; ukuthi uzibeka kanjani eceleni izinto ezithokozisa inyama, ukubeka kanjani eceleni ukuzithwala, ukuzishintsha, uzingenisa kanjani lezi zinto, ukuthi usithuthukisa kanjani isimo sakho, ukuthi uqala kuphi—lezi yizona zinto eziyizo. Uqonda izinto ezimbalwa zangaphandle, wazi ukuthi ukhohlakele kakhulu. Uma uhlangana nodadewenu nabafowenu ukhuluma ngokuthi ukhohlakele kangakanani, futhi kubonakala sengathi uyakwazi lokhu, nokuthi impilo yakho ingumthwalo kuwe. Eqiniweni, awukashintshi, okufakazela ukuthi awukayitholi indlela okumele uhambe ngayo. Uma uhola ibandla, uma ukhuluma ngalezi zinto kubazalwane ebandleni, ungathi: “Ayikho indawo eyisidala ukudlula le; nina anilaleli!” Ukuthi yikuphi lapho beyisidala futhi bengalaleli khona, kumele ukhulume ngokwenzeka kwakho—isimo sabo sokungalaleli nendlela abangalaleli ngayo—ubenze bakholiseke. Kumele ukhulume ngamaqiniso usho nezibonelo ukuze uchaze udaba, futhi kumele ukhulume ngokuthi uzihlukanisa kanjani nendlela yokuziphatha ebonisa ukuhlubuka, futhi kumele usho indlela okumele bahambe ngayo. Iyona ndlela kuphela engenza bahambisane nawe! Uma uthi nje kuphela, “Angifisi ukuvakashela le ndawo; abekho abantu abayisidala njengani, nihlubuka kakhulu,” kanti, uma ukhuluma ngale ndlela, ngemva kokulalela akekho ozokwazi ukuthi ahambe ngayiphi indlela—uzobahola kanjani-ke abantu? Kumele ukhulume ngesimo sabo nezinto ezenzekayo; kulapho uzoba nendlela abangayilandela, futhi kulapho kuphela uzoba neqiniso.

  Kuze kube namuhla, maningi amaqiniso akhululiwe. Kodwa kumele uzihlanganisele wena: kumele ukwazi ukuzitholela ukuthi mangaki amaqiniso akhona. Yiziphi izinto zobuntu obujwayelekile umuntu okumele abe nazo, izinto ezibalulekile okumele zishintshe esimweni sempilo yomuntu, ukujula kwembono, iziphi izindlela zokwazi ezingalungile nokubonile kubantu kule minyaka—uzobe usungene emgqeni oyiwo uma usukwazi ukuhlukanisa nokwazi lezi zinto. Abantu benkolo bakhonza iBhayibheli njengokungathi linguNkulunkulu. Ikakhulukazi, bathatha lawa maVangeli Amane eTestamente Elisha njengobuso obune bukaJesu. Ngakho, nalapho, kuyakhulunywa ngokuba uziqu zintathu kukaBaba, iNdodana, noMoya oNgcwele. Yinto engenangqondo nje le. Nonke kumele nibone ngale kwakho, ngaphezu kwalokho, kumele nazi ubuqu bukaNkulunkulu enyameni nazi nomsebenzi wezinsuku zokugcina. Kukhona nezindlela zakudala zokwenza: ukuphila kumoya, ukugcwaliswa uMoya oNgcwele, ukususwa ebusweni bokuhlupheka, ukuthobela igunya—kumele niwazi la manga nokuphuma endleleni okuqondene nokwenziwayo; kumele nazi[b] ukuthi abantu babenza kanjani kuqala, nokuthi abantu kumele benze kanjani manje. Ukuthi abasebenzi kumele basebenzisane kanjani emabandleni, ukuthi ukubeka kanjani eceleni ukuzithwala nokunganciki ezingeni lakho, ukuthi abafowethu nodadewethu kumele bazwane kanjani, ukuthi ubakha kanjani ubudlelwane obujwayelekile nabanye abantu noNkulunkulu, ukuthi ufika kanjani kubuntu obujwayelekile empilweni, ukuthi yini abantu okumele babe nayo ekuphileni kwabo okungokomoya, ukuthi kumele badle baphuze kanjani amazwi kaNkulunkulu, ikuphi okuhambisana nolwazi, nokuthi yikuphi okuphathelene nemibono, iyiphi indlela okumele kuhanjwe ngayo—ingabe akuzange kukhulunywe ngazo zonke lezi zinto? Lawa mazwi avulelekile kulabo abawalandelayo, futhi akekho ophathwa kangcono kunabanye. Namuhla, kumele uhlakulele ikhono lokuphila ngokuzimela. Uma uhlala njalo unomqondo wokuthembela kwabanye, kusasa, uma sekungasekho muntu ozokubonisa indlela, uzowakhumbula la mazwi Ami. Uma ubhekene nosizi, akulula ukuphila impilo yebandla: Abafowethu nodadewethu abakwazi ukuhlangana nabanye, abaningi babo bangabodwa futhi baxhumana nabantu bendawo eyodwa, ngakho-ke isimo okuso manje asanele. Phakathi kosizi, abaningi bazokuthola kunzima ukuthi bame baqine. Yilabo kuphela abazi indlela yokuphila nabahlonyiswe ngeqiniso abakwazi ukuqhubeka futhi bafinyelele ubungcwele. Akulula ukuthi uhlangabezane nosizi; uma ucabanga ukuthi kuthatha izinsuku ezimbalwa kuphela ukudlula osizini, kusho ukuthi ucabanga kancane! Ucabanga ukuthi ngokudla futhi uphuze ngokunganaki amazwi kaNkulunkulu, uma isikhathi sifika uzokwazi ukuma uqine—akunjalo! Uma ungazazi lezi zinto, ungakwazi ukuqonda okubalulekile, ingekho indlela oyilandelayo, ngakho uma isikhathi sifika bese kuba khona into eyenzekayo kuwe, uzodideka, ngeke ukwazi ukudlula ekulingweni uSathane, noma ukuqala kokucwengwa. Uma ungenalo iqiniso futhi ungenayo nemibono, uma isikhathi sifika ngeke ukwazi ukuzibamba ungawi; ngaleso sikhathi uzolahlekelwa ithemba bese uthi, “Kuyafana, ngizofa vele, angivele ngisolwe kuze kube sekugcineni! Akusho lutho kimi, noma ngabe ukusolwa noma ukuphoswa echibini lomlilo, ngiyakwemukela kokubili—ngizokwamukela lokhu okwenzekayo!” Kufana nangesikhathi sezisebenzi: Abantu babecabanga ukuthi[c] njengoba babeyizisebenzi, sasingekho isidingo sokuthi baphishekele ukuphila, nokuthi KWAKULUNGILE ukuthi babheme futhi baphuze. Ukubuka amathelevishini, babuke amafilimu—bakwenza konke. Uma indawo ingavumi, uma ungakwazi ukumelana nakho, uzolahla lonke ithemba onalo uziyekelele kancane kancane. Ngale ndlela, uzothi unganakile, uzobe usuyisigqila sikaSathane. Uma ungakwazi ukumelana nethonya likaSathane, uzobe usuthunjwe uSathane, uzophinde ugaxele ebubini futhi. Ngakho-ke, namuhla kumele uzihlomise, kumele ukwazi ukuphila ngokuzimela, futhi uma ufunda amazwi kaNkulunkulu kumele ukwazi ukubona indlela okumele uhambe ngayo. Uma kungekho muntu oza ebandleni ezosebenza, nalapho kumele kube khona indlela ozoyilandela, kuzomele ukwazi ukuthola amaphutha akho, nokuthi uthole amaqiniso okumele uwenze nokumele uzihlomise ngawo. Uma esebuyile emhlabeni, ingabe uNkulunkulu uzolokhu ephelezela abantu? Selokhu baba khona, abanye abantu bakholelwa ukuthi: uma Wena ungasisebenzi kuze kube sendaweni ethile, ngeke uthi umsebenzi uwuqedile Wakho, ngoba uSathane uyakusola. Ngiyakutshela, uma sengiqedile ukukhuluma amazwi Ami kulapho sengiwuqede ngempumelelo khona umsebenzi Wami. Inqobo nje uma amazwi Ami esephelile, umsebenzi Wami uzobe usufeziwe. Ukuphela komsebenzi Wami kuwubufakazi bokunqotshwa kukaSathane, kanti ngingathi nje lokhu sekwenzeke ngempumelelo, ngaphandle kwanoma yikuphi ukusolwa uSathane. Kodwa uma umsebenzi Wami usuphelile, uma lungakabi khona ushintsho kini, kusho ukuthi abantu abafana nani sebehlule insindiso futhi bazosuswa; angenzi umsebenzi ongaphezu kwalo odingekayo. Akukhona ukuthi ngizoqeda umsebenzi Wami uma seninqotshiwe kwaze kwaba sesikhathini esithile—uma nonke seninolwazi olucacile, isimo senu sesithuthukile, futhi seninobufakazi ngaphakathi nangaphandle. Lokho ngeke kwenzeke! Namuhla, umsebenzi engiwenza kini ukuthi nginiholele ekuphileni okujwayelekile, futhi ukuze ngingenise inkathi entsha nokuba ngihole umsebenzi omusha. Lo msebenzi, owenziwa isinyathelo ngesinyathelo, wenziwa kini ngqo: Nifundiwa ubuso nobuso, ninikwa esandleni; nginitshela noma yini eningayiqondi, ngibuyisela konke lokhu enikuntulayo. Kungashiwo ukuthi, kini, wonke lo msebenzi ukuhlinzeka nina ngokuphila, futhi nginibonise indlela eya empilweni yobuntu obujwayelekile; kuwukuhlinzeka ngokuphila eqenjini labantu ngezinsuku zokugcina. Kimi, wonke lo msebenzi owokuqeda inkathi nokungenisa inkathi entsha; uma sikhuluma ngoSathane, uNkulunkulu waba yinyama ukuze amnqobe. Umsebenzi engiwenza kini manje owokunilungiselela okwanamuhla nensindiso efike ngesikhathi, kodwa kule minyaka embalwa emifushane, ngizonitshela wonke amaqiniso, indlela yokuphila, ngisho nomsebenzi wesikhathi esizayo, futhi uzobe wenele ukuthi nibone kahle esikhathini esizayo. Wonke amazwi engiwakhuluma kini awokunikhuthaza kuphela. Angenzi okunye ukunikhuthaza: namuhla, onke amazwi Ami engiwakhuluma kini awokunikhuthaza, ngoba, namuhla, anikawaboni amazwi amaningi engikhuluma ngawo, futhi aniqondi ukuthi asho ukuthini kahle hle lawa mazwi. Ngelinye ilanga, nizokubona njengoba ngisho nje namuhla. Lawa mazwi ayimibono yenu namuhla, kanti ayilokhu enizothembela kukho esikhathini esizayo, anika ukuphila namuhla, nesikhuthazo sesikhathi esizayo, futhi ayikho enye indlela engcono yokunikhuthaza. Lokhu kungenxa yokuthi isikhathi engizosisebenza emhlabeni asiside njengesikhathi okuzomele nibone ngaso amazwi Ami; umsebenzi Wami ngimane ngiyawuqeda, nina nibe niphishekela ukuphila, okubandakanya uhambo olude lwempilo. Kungemva kokuba senibone izinto eziningi kuphela lapho nizokwazi khona ukuzuza ngokuphelele indlela yokuphila, kulapho enizokwazi khona ukubona incazelo yamazwi engiwakhuluma namuhla. Ezandleni zenu kukhona amazwi Ami, nithole wonke umsebenzi Wami, nitsheliwe konke okumele nikutshelwe. Noma ngabe ungakanani umphumela, uma umsebenzi kaNkulunkulu usuphelile, iyobe seyenzekile intando kaNkulunkulu. Akunjengoba ucabanga ukuthi kumele ushintshwe ufike ezingeni elithile; uNkulunkulu akasebenzi ngokuthi wena ucabanga kanjani.

  Izimpilo zabantu azikhuli nje ngezinsuku ezimbalwa. Bangathola okwanele kokudla nokuphuza zonke izinsuku, kodwa lokho akwenele—kumele bakhule ezimpilweni zabo, lena yinqubo edingekayo. Ngendlela abantu abayiyo namuhla, izimpilo zabo zingakhula kangakanani? UNkulunkulu usebenza ngokwezidingo zabantu, afune okuyizidingo ngokohlobo abayilo. Ake sithi lo msebenzi bewenziwa phakathi kweqembu labantu abaphezulu: Amazwi Akhe kade ezophakama kunawenu, imibono ibizoba mikhulu, kanjalo namaqiniso aphakame kakhulu. Amazwi kaNkulunkulu bekuzodingeka ukuthi athi ukuba qatha, futhi akwazi ukunakekela abantu nokuba aveze izimfihlakalo. Uma bekhuluma phakathi kwabo, uNkulunkulu uzobanakekela ngokwezidingo zabo. Namuhla, izimfuneko ezifunwa kini ziyizimfuneko eziphakeme kakhulu; uma ngabe lo msebenzi bewenziwe kulabo bezinga eliphezulu, kanjalo nezimfuneko bezizoba zinkulu. Wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa ngokwamazinga abantu. Namuhla, ayikho into ephakeme kunendlela uNkulunkulu ashintshe futhi wanqoba ngayo abantu. Ningasebenzisi lokhu okucatshangwa yini ukulinganisa umphumela walesi sigaba somsebenzi. Kumele nazi ukuthi yini eninayo, futhi ningazibheki njengabantu abaphakeme kakhulu; ekuqaleni, akekho kini owayephishekela ukuphila, naniyizinxibi ezehla zenyuka ezitaladini. Ukuze uNkulunkulu akwakhe akwenze umfanekiso ube yilokhu okucabangayo phansi lapho enizibona nikhona, nikholisekile ngokuphelele, kungathi nibone umbono omkhulu—lokho ngeke kwenzeke! Lokhu kungenxa yokuthi akekho umuntu ongakaze abone izibonakaliso ongakholwa amazwi engiwashoyo. Ningawahlolisisa, kodwa ngeke niwakholwe ngokuphelele; umuntu unjalo nje! Kulabo abalandelayo, luzoba khona ushintsho, kanti ukholo lwalabo abangaphishekeli lutho luzoncipha, futhi lungase lunyamalale. Inkinga yenu enkulu kakhulu ukuthi ngeke nikwazi ukukholwa ngokugcwele ngaphandle kokuthi nibone ukugcwaliseka kwamazwi kaNkulunkulu, futhi anamukeli uma ningakaziboni izibonakaliso. Ngaphambi kokuthi kwenzeke izinto ezinjena, ubani ongathembeka kuNkulunkulu angakhathali? Ngalokho-ke ngithi anikholelwa kuNkulunkulu kodwa nikholelwa ezibonakalisweni. Namuhla, ngikhulume ngokucacile ngezinto eziningi ezinhlobonhlobo, ngilungiselela zonke izinto zeqiniso, futhi lawa maqiniso ayakwazi ukusebenzelana. Ngalokho, sekumele niwenze: Namuhla nginibonisa indlela, kanti esikhathini esizayo, kumele nizenzele nina uqobo lwenu. Namuhla, amazwi engiwakhulumayo anezimfuno ngokwezimo zabantu abakuzo ngaleso sikhathi, kanti Nami ngisebenza ngokwezidingo zabo nezinto ezingaphakathi kubo. UNkulunkulu ongokoqobo uze emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi obonakalayo, ukusebenza ngokwezimo nezidingo zabantu; akukhona ukuthi akacabangelani. Futhi uma uNkulunkulu enza okuthile, akanxenxi abantu. Ngokwesibonelo, ukuthi uyashada noma cha kuzoya ngokwesimo okuso; iqiniso lona selikhulunyiwe kuwe, kanti anginivimbi. Eminye imindeni icindezela abantu ngendlela yokuthi bagcina bengakwazi ukukholelwa kuNkulunkulu ngaphandle uma sebeshadile—ngakho-ke ngokusho kwabo, umshado iwona ozobasiza. Kwabanye abantu, umshado akukhona kuphela ukuthi awubasizi ngalutho, kodwa ugcina ubaphuca nalokhu abebenakho ekuqaleni. Lokhu kuncike esimweni sakho nalokhu wena onquma ukukwenza. Angizi nemithetho engizofuna ngayo izimfuneko kini. Abantu abaningi bathi, “UNkulunkulu ungokoqobo, umsebenzi Wakhe usekelwe eqinisweni futhi wenziwa ngokwezimo ezikhona”— kodwa ingabe uyazi ukuthi yini okuwenza ube oweqiniso? Ungakhulumi into ongayazi usuku lonke! Umsebenzi kaNkulunkulu ingokoqobo, futhi usekelwe eqinisweni, awufaki zimfundiso zenkolo, ukhishwa uphelele, futhi wonke usobala awufihliwe. Yini ehlanganisiwe kulezi zimiso? Ungakwazi ukusho ukuthi imuphi lo msebenzi kaNkulunkulu okukhulunywa ngawo? Kumele ukhulume uqonde, futhi kube ukuthi uwubonile futhi ube nobufakazi ezintweni ezimbalwa. Kuphela uma lokhu sekucacile kulapho uzobe usukulungele ukukhuluma lawa mazwi. Uma kukhona okubuzayo: Imuphi umsebenzi owenziwe uNkulunkulu esenyameni emhlabeni? Kungani nimbiza ngokuthi uNkulunkulu owenzayo? Kuhlanganisani “ukwenza”? Ungakhuluma ngomsebenzi Wakhe awenzayo, ukuthi uhlanganisani ngempela? UJesu wayenguNkulunkulu owaba yinyama, kanti uNkulunkulu ongokoqobo unguNkulunkulu owaba yinyama—ukuphi umehluko phakathi Kwabo? Futhi yini efanayo kubo? Imuphi umsebenzi abawenzile? Ungakwazi ukusho? Konke lokhu ukuba nobufakazi! Zinganididi lezi zinto. Kukhona nabanye abathi: “Umsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo uyiqiniso, akavezi izibonakaliso nezimangaliso.” Ingabe akazivezi ngempela izibonakaliso nezimangaliso? Ingabe uyakwazi ngempela lokhu? Ingabe uyazi ukuthi uyini umsebenzi Wami? Kwathiwa izibonakaliso nezimangaliso akumele zivezwe, kodwa lokho kuncike ekutheni lawa mazwi ayekhulunywa kobani. Ngaphandle kokuya enkonzweni, wabeka obala izimo zabantu, futhi ngaphandle kokwenza omunye umsebenzi, ngokukhuluma kuphela, ukhuthaze abantu ukuthi baye phambili—ingabe lokhu akuzona izibonakaliso? Ngokukhuluma amazwi kuphela, unqobe abantu, futhi ngaphandle kokulindela okuthile noma ukuba nethemba elithile, abantu basamlandela—ingabe lezi akuzona izibonakaliso? Uma ekhuluma, amazwi Akhe abeka abantu kwesinye isimo semizwa, isimo abangase bazizwe bethokozile noma bekhathazekile kuso, noma becwengekile noma besolwa kuso. Ngamazwi nje ambalwa ahlabayo, usola abantu—ingabe lokhu akukho ngaphezu kwendalo ejwayelekile? Umuntu angakwazi ukwenza into enjena? Yonke le minyaka ufunde iBhayibheli, kodwa awuzange uqonde lutho, awubonanga lutho, futhi awuzange ukwazi ukuzihlukanisa nezindlela zakudala zokukholwa esezidlulelwe yisikhathi, futhi awuzange ukwazi ukuliqonda iBhayibheli. Kodwa Yena uyakwazi ukubona ngale kweBhayibheli—ingabe lokhu akuyona into engaphezu kwendalo ejwayelekile? Uma yayingekho into engaphezu kwendalo ejwayelekile ngoNkulunkulu ngenkathi eza emhlabeni, ingabe wayengakwazi ukuninqoba? Ngaphandle komsebenzi Wakhe omkhulu wobuNkulunkulu, ubani phakathi kwenu obengakholiseka? Emehlweni enu kubonakala sengathi umuntu ojwayelekile usebenza futhi uhlala nani—ubonakala enengaphandle lomuntu ovamile kanye nojwayelekile. Lokhu okubonayo ingaphandle elijwayelekile lobuntu, kodwa eqinisweni, lowo osebenzayo unobuNkulunkulu. Lowo osebenzayo akanabo ubuntu obujwayelekile, kodwa obunobuNkulunkulu; lona nguNkulunkulu uqobo Lwakhe, ukuthi nje ngoba usebenzisa ubuntu obujwayelekile ukuze enze umsebenzi—ngenxa yalokho umsebenzi Wakhe ungojwayelekile nongaphezu kwendalo ejwayelekile. Umsebenzi awenzayo ngeke wenziwa umuntu. Umsebenzi ongeke wenzeke kubantu abajwayelekile wenziwa ngumuntu ongaphezu kwendalo ejwayelekile. Yize lokhu kuba phezu kwendalo ejwayelekile kunobuNkulunkulu; akukhona ukuthi ubuntu bungaphezu kwalokhu okujwayelekile, kodwa ukuthi ubuNkulunkulu buhlukile ebuntwini. Lowo osetshenziswa uMoya oNgcwele naye ungovamile, unobuntu obujwayelekile, kodwa akakwazi ukwenza lo msebenzi. Nawu umehluko. Ungase uthi: “uNkulunkulu akayena uNkulunkulu ongaphezu kwendalo ejwayelekile, akukho akwenzayo okungaphezu kwendalo ejwayelekile. UNkulunkulu wethu ukhuluma amazwi enzekayo nayiqiniso, uyile ngempela ebandleni wayosebenza, usuku nosuku ukhuluma nathi ubuso nobuso, futhi, ubuso nobuso, uveza izimo zethu—uNkulunkulu wethu ungokoqobo ngempela! Uphila nathi, konke kujwayelekile, empeleni, akukho, okukhombisa ukuthi Yena unguNkulunkulu. Kukhona izikhathi acasuka ngazo, futhi sibone ubukhulu bolaka Lwakhe, kanti futhi uma emamatheka, siyakubona ukumamatheka Kwakhe. UnguNkulunkulu uqobo Lwakhe onesimo esiphathekayo, owenziwe ngenyama negazi, ongokoqobo nowangempela.” Uma uba nobufakazi ngale ndlela, ubufakazi bakho abuphelele. Buzobasiza ngani abanye? Uma ungakwazi ubufakazi ngokwangaphakathi nomsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kusho ukuthi awunabufakazi! Ngaphezu kwakho konke, ukuba nobufakazi kudinga ukuthi ukhulume ngolwazi lwakho lomsebenzi kaNkulunkulu, ukuthi uNkulunkulu ubanqoba kanjani abantu, ukuthi ubasindisa kanjani abantu, ukuthi ubashintsha kanjani abantu, nokuthi ubaqondisa kanjani abantu ukuze bangene, abavumele ukuba banqotshwe, abenze baphelele, futhi basindiswe. Ukuba nobufakazi kusho ukukhuluma ngomsebenzi Wakhe nakho konke okubonile. Umsebenzi Wakhe kuphela omelela Yena, kanti futhi umsebenzi Wakhe kuphela ongaveza ubuYena ngokuphelele; umsebenzi Wakhe ungubufakazi Ngaye. Umsebenzi namazwi Akhe kumelela uMoya ngokuqondile, umsebenzi Yena awenzayo wenziwa uMoya, namazwi Yena awakhulumayo akhulunywa uMoya. Lezi zinto zivezwa ngoba uNkulunkulu esenyameni; eqinisweni, ziveza uMoya. Umsebenzi awenzayo namazwi awakhulumayo kumelela ubuqu Bakhe. Uma, ngemva kokuzembathisa ngenyama phakathi kwabantu, uNkulunkulu akazange akhulume noma asebenze, bese ethi ufuna nazi ubuqiniso Bakhe, ukujwayeleka Kwakhe, kanye nobukhulu Bakhe, benizokwazi ukukwenza lokho? Ingabe uzokwazi ukuthi iyini ingqikithi yoMoya? Ungakwazi yini ukuthi iyini imfanelo Yakhe? Into eyenza afune nibe nobufakazi ukuthi nibone isinyathelo ngasinye somsebenzi Wakhe, futhi uma ningakaze nihlangabezane nalokhu, khona-ke ngeke afune lokho kini. Ngakho, uma unobufakazi ngoNkulunkulu, akubona obokufakaza ngengaphandle lobuntu Bakhe obujwayelekile, kodwa obomsebenzi Yena awenzayo, nendlela ahola ngayo, kungukufakaza ngokuthi ukunqobe kanjani, nokuthi upheleliswe kanjani. Lolu uhlobo lobufakazi okumele ube nabo. Uma, noma kuphi lapho uhamba khona, ukhala: UNkulunkulu wethu uyasebenza, wenza okuthile ngempela! Usizuzile ngaphandle kwezinto eziphezu kwendalo ejwayelekile noma izibonakaliso nezimangaliso! Abanye bazobuza: Usho ukuthini uma uthi akakhombisi izibonakaliso nezimangaliso? Angakunqoba ngaphandle kokukhombisa izibonakaliso nezimangaliso? Bese uthi: Akwenzayo ukukhuluma. Usinqobile ngaphandle kokukhombisa noma yiziphi izibonakaliso nezimangaliso—umsebenzi Wakhe usinqobile. Kanjalo, uma ungakwazi ukusho into ephathekayo, futhi ungakwazi ukukhuluma ngezinto eziqondile, ingabe unganikeza ubufakazi? Uma uNkulunkulu ongokoqobo enqoba abantu, kungamazwi Akhe obuNkulunkulu anqoba abantu. Ubuntu ngeke bukwenze lokhu, lena akuyona into engenziwa yinoma yimuphi umuntu, futhi ngisho nalabo abakhulu abangabantu abajwayelekile abakwazi ukukwenza lokhu, ngoba ubuNkulunkulu Bakhe bungaphezulu kwawo wonke umuntu odaliwe. Kubantu, lokhu kungaphezulu kokujwayelekile; uMdali, vele, ungaphezu kwawo wonke umuntu odaliwe. Kuthiwa abafundi abakwazi ukuba bakhulu kunothisha babo. Abantu abadaliwe ngeke babe ngaphezulu koMdali; uma kungathiwa ubumkhulu kuNaye, ubengeke akwazi ukukunqoba—Angakunqoba ngoba ungaphezulu kwakho. Lowo onganqoba bonke abantu nguMdali, futhi ngaphandle Kwakhe, akekho omunye ongenza lo msebenzi. Lobu ubufakazi; lolu uhlobo lobufakazi okumele ube nabo. Usuzibone zonke izinyathelo zokusolwa, ukwahlulelwa, ukucwengwa, izilingo, ukubambezeleka, nezinsizi, futhi uthole ukunqotshwa, futhi wabeka eceleni inyama, ukugqugquzeleka kwakho, nokuthanda inyama—ngamanye amazwi, zonke izinhliziyo zabantu zinqotshwe ngamazwi kaNkulunkulu. Yize impilo yakho ingakhulanga ngendlela Yena afuna ngayo, uyazazi lezi zinto, futhi ukholisekile ngalokhu akwenzayo—uma kunjalo lobu ubufakazi, kanti lobu bufakazi buyiqiniso! Umsebenzi azowenza uNkulunkulu—ukwahlulela nokusola—kwenzelwa ukuthi kunqotshwe umuntu, kodwa uphinde aqede umsebenzi Wakhe, aqede inkathi, enze isahluko sokugcina somsebenzi Wakhe. Uqeda yonke inkathi, asindise bonke abantu, akhiphe abantu ngokuphelele esonweni, bese ezuza ngokuphelele abantu, labo Yena abadala. Lokhu yikho konke okumele ube nobufakazi ngakho.

  Usubone umsebenzi omningi kaNkulunkulu, uzibonele wona ngamehlo akho futhi kwenzeka kuwe uqobo, kungaba kubi kanjani uma, ekugcineni, ungawenzi umsebenzi okumele uwenze. Esikhathini esizayo, uma ivangeli lishunyayelwa, kumele ukwazi ukukhuluma ngolwazi lwakho, ufakaze ngakho konke okuzuzile enhliziyweni yakho, futhi ungashiyi lutho. Lokhu yikho okumele umuntu odaliwe akufinyelele. Sibaluleke ngani lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu? Sinamthelela muni? Futhi ungakanani kuwo owenzelwa umuntu? Kumele benzeni abantu? Uma ningakhuluma ngokucacile ngomsebenzi owenziwa uNkulunkulu osenyameni ngemva kokuthi eze emhlabeni, ngokho ubufakazi bakho buzophelela. Uma ungakhuluma ngokucacile ngalezi zinto ezinhlanu—ukubaluleka, umongo, ingqikithi yomsebenzi Wakhe, isimo Sakhe esimelelwe yiwo, kanye nezimiso zomsebenzi Wakhe—ngakho lokhu kuzofakazela ukuthi ungaba nabo ubufakazi, nokuthi ngempela unalo ulwazi. Lokhu engikufuna kini akukuningi neze, futhi wonke umuntu okuphishekela ngeqiniso angakuthola. Uma ukhetha ukuba ngomunye wofakazi baNkulunkulu, kumele ukuqonde lokhu uNkulunkulu akuzondayo, nalokhu uNkulunkulu akuthandayo. Usubone umsebenzi omkhulu Wakhe, kanti ngalo msebenzi, kumele wazi isimo Sakhe, nalokhu akuzondayo nakuthandayo, uqonde nentando Yakhe kanye nezimfuneko Zakhe kubantu, bese ukusebenzisa lokhu ukufakaza Ngaye nokwenza umsebenzi wakho. Ungase usho lokhu kuphela: “Siyamazi uNkulunkulu, ukwahlulela nokusola Kwakhe kunzima kakhulu, amazwi Akhe anzima kakhulu ukuwaqonda, alungile futhi makhulu, futhi angephulwe muntu.” Kodwa, ekugcineni, ingabe ayamhlinzeka ngokuthile umuntu? Anamthelela muni kubantu? Ingabe uyazi ngempela ukuthi lo msebenzi muhle? Ingabe ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu kuyakwazi ukuveza isimo sakho? Ingabe ayakwazi ukuveza ukungalaleli kwakho? Ingabe ayakwazi ukukhipha lezo zinto kuwe? Ungaba yini ngaphandle kokwahlulelwa nokusolwa nguNkulunkulu? Ingabe uyazi ngempela ukuthi uSathane usekukhohlakalise kangakanani? Yikho konke lokhu okumele nizihlomise ngakho futhi okumele nikwazi namuhla.

  Manje akusona isikhathi sokukholelwa kuNkulunkulu okusenqondweni yenu: Akukhona ukuthi kumele nifunde amazwi kaNkulunkulu kuphela, nithandaze, nicule, nidanse, nenze umsebenzi wenu, niphile impilo yobuntu obujwayelekile… izinto zingaba lula kanjalo? Okubalulekile umphumela—hhayi ukuthi wenze izinto ezingaki, kodwa ukuthi ungawuthola kanjani umphumela omuhle? Ungakwazi ukukhuluma ngolwazi oluncane ube ubambe incwadi, kodwa uma uyibeka phansi, akukho okwaziyo; ukwazi kuphela ukukhuluma amazwi nezimfundiso, akukho okwaziyo ngoba uke wahlangabezana nakho. Namuhla, kumele ubambe lokhu okusemqoka—lokhu iyona ngxenye ebalulekile yokungena eqinisweni! Ngaphambi kwanoma yini enye, ziqeqeshe ngale ndlela elandelayo: Qala ngokufunda izwi likaNkulunkulu—yazi imigomo kamoya kuwona, thola imibono ebalulekile kuwo, hlonza izindlela ongazilandela, bese uyakuhlanganisa konke ndawonye. Kubheke ngakunye ngakunye kwako, futhi ungene kukho ngesikhathi uhlangabezana nezinto. Lezi yizinto ezisemqoka okumele uziqonde. Into ebaluleke kakhulu uma udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu ukuthi uma uqeda ukufunda elinye lamazwi kaNkulunkulu, ukwazi ukuthola izingxenye ezibalulekile ezimayelana nemibono, kanye nokwazi ukuthola izingxenye ezibalulekile mayelana nendlela yokwenza, ukusebenzisa imibono njengesisekelo nendlela ozoyilandela eyisiqondiso empilweni yakho. Lokhu yikho konke enikuntula kakhulu, futhi inkinga yenu enkulu kakhulu—ezinhliziyweni zenu anikunaki. Nonke ninalesi simo esilandelayo: ubuvila, anigqugquzelekile, anizimisele ukudela okuthile, noma nilinde ningenzi lutho. Abanye abantu baze bakhalaze; abaziqondi izinhloso nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu, futhi kunzima kubo ukuphishekela iqiniso. Abantu abanjena bayalizonda iqiniso, kanti ekugcineni bazosuswa. Akekho noyedwa phakathi kwabo ozopheleliswa, akekho futhi ozoxolelwa. Uma abantu bengenakho ukuzimisela okuncane kokumelana nethonya likaSathane, akukho abangenzelwa kona!

  Noma ngabe umzamo wenu ubusebenza ulingaliswa nomzamo wenu namuhla, nalokhu oninakho ngalesi sikhathi. Nakhu okusetshenziselwa ukuthola ukuthi nizogcina kuphi, okungukuthi, nizogcina kuphi kuzobonakala ngalokho enikudelile nezinto enizenzile. Isiphetho senu sizovezwa umzamo wenu, ukholo lwenu, nalokho enikwenzile. Phakathi kwenu, kukhona abangeke basasindiswa—ngoba namuhla isikhathi sokuveza ukuthi abantu bazogcina kuphi, futhi angeke ngenze umsebenzi ngobulima, ngiholele labo abangeke basindiswe enkathini elandelayo. Kukhona isikhathi umsebenzi Wami ozophela ngaso. Angeke ngisebenze ezidunjini ezinukayo, ezingenamoya ezingeke zisindiswe; namuhla isikhathi sezinsuku zokugcina zokusindiswa komuntu, futhi ngeke ngiwenze umsebenzi ongenasidingo. Ungagxeki iZulu nomhlaba—ukuphela komhlaba kuyeza, futhi ngeke kugwemeke; izinto sezifike kulesi sikhathi, futhi ayikho into ongayenza wena njengomuntu ukuzivimba, angeke uzishintshe noma uthanda. Izolo, azange nizidele ukuze nezame, futhi azange nithembeke. Namuhla, isikhathi sifikile, ngeke nisindiswe, futhi kusasa nizosuswa. Alikho ithuba lokuthi usindiswe. Yize inhliziyo Yami ithambile ngizama ngayo yonke indlela ukunisindisa, uma ungazami noma uzicabangele, ngingena kuphi Mina lapho? Labo abacabangela inyama yabo kuphela nabathanda ukuthokomala, labo abanokholo olombaxambili, labo abathakathayo nabemilingo, labo abaphingayo, abahluphekile, labo abantshontsha imihlatshelo eyenzelwe uJehova nezinto Zakhe, labo abathanda ukufumbathiswa, labo abaphupha ngokuya ezulwini, labo abazithwele, abafuna ukuduma nengcebo, labo abasabalalisa amagama angabalulekile, labo abahlambalaza uNkulunkulu uqobo Lwakhe, labo abangenzi lutho kodwa abehlulelayo futhi basakaze amanga ngoNkulunkulu uqobo Lwakhe, labo abahlanganyela nabanye futhi befuna ukuzimela, labo abaziphakamisa ukudlula uNkulunkulu, lezo zinsizwa nezintokazi ezifisayo, nabesilisa nabesifazane abangebadala kakhulu kanye nasebekhulile abagxilile ekwenzeni okubi, labo abesilisa nabesifazane abathokozela udumo nengcebo nabaphishekela izinto zabo phakathi kokunye, labo bantu abangaphendukile ababambeke esonweni—ingabe bonke bangafanelwa ukuthola insindiso? Amagama athi ubufebe, isono, ukuthakatha, imilingo, ukuhlambalaza, nakweyisa kugcwele kini, amazwi eqiniso nokuphila niyawanyathela, kanti nolimi olungcwele alwamukelekile. Nina beZizwe, enigcwele ukungcola nokungalaleli! Nizogcina kuphi? Laba abathanda inyama, abenza okubi enyameni nababambeke ebufebeni niqhubeka kanjani nokuphila? Anazi ukuthi abantu abafana nani bayizibungu ezingenakusindiswa? Yini eyenza ukuthi nifune lokhu nalokhuya? Kuze kube namuhla alukho noluncane ushintsho kulabo abangalithandi iqiniso abathanda inyama kuphela—ngakho-ke bangasindiswa kanjani abantu abafana nalaba? Ngisho nanamuhla labo abangayithandi indlela yokuphila, abangamphakamisi uNkulunkulu bebe nobufakazi Ngaye, abenza izinto ngoba benzela isimo sabo, abaziphakamisa bona—ingabe abafani? Sikuphi isidingo sokubasindisa? Ukuthi umuntu angasindiswa akuncikile ekutheni ufunde kangakanani, noma usesebenze iminyaka emingaki, nokuthi waziwa kangakanani. Kuncike ekutheni ukhona yini umphumela emzameni wakho. Kumele wazi ukuthi labo abasindisiwe bayizihlahla ezithela izithelo. Hhayi izihlahla ezinamaqabunga nezimbali eziningi kodwa ezingatheli izithelo. Noma ngabe uchithe iminyaka eminingi uzula ezitaladini, kunani? Buphi ubufakazi bakho? Ukuhlonipha kwakho uNkulunkulu kuncane kakhulu kunothando ozithanda ngalo kanye nolwenkanuko yakho—umuntu ofana nalo wezinga eliphansi? Ungaba kanjani isibonelo kanye nomfanekiso wensindiso? Indalo yakho ayishintsheki, uhluka kakhulu, angeke usindiswe! Abantu abanjalo ngeke basuswe? Isikhathi okuzophela ngaso umsebenzi Wamiakusona isikhathi okuzofika ngaso inkathi yokugcina? Ngenze umsebenzi omningi kakhulu futhi ngikhulume kakhulu phakathi kwenu—kungakanani enikuzwile? Kungakanani enike nakulalela? Uma umsebenzi Wami uphela kulapho okumele uyeke khona ukungiphikisa nokumelana Nami. Ngesikhathi somsebenzi Wami, njalo niyangiphikisa, anilaleliamazwi Ami? Ngenza umsebenzi Wami, nawe wenza owakho, wenza owakho umbuso omncane—niyizimpungushe nezinja, konke enikwenzayo kuphikisana Nami! Njalo nizama ukusondeza labo enibathandayo kuphela—iphi inhlonipho yenu? Konke enikwenzayo kuyakhohlisa! Anilaleli noma anihloniphi, konke enikwenzayo kuyakhohlisa futhi kuyahlambalaza! Bangasindiswa abantu abanjena? Abangaziphethe kahle kwezocansi, amadoda akhanukayo ahlale efuna ukuheha izifebe nafuna ukuzijabulisa. Angeke ngiwasindise amadimoni anjalo angaziphethe kahle, ngiyanizonda nina madimoni angcolile, ukukhanuka nobufebe benu kunifake esihogweni—nizithethelela ngokuthini? Nina madimoni angcolile nemimoya emibi nibabi! Niyanyanyisa! Ungasindiswa kanjani udoti onjena? Ngabe laba ababambeke esonweni basengasindiswa? Lawa maqiniso, le ndlela, nalokhu kuphila anikufuni; nifuna isono, imali, ukuma, udumo nenzuzo, ukuthokozisa inyama, ubuhle bezinsizwa nobuhle kwabesifazane. Yini eyenza nifaneleke ukungena embusweni Wami? Nizibona nibakhulu ngisho kunoNkulunkulu, isimo senu siphezulu ngisho kunesikaNkulunkulu, ngingasayiphathi eyophakama phakathi kwabantu—seniphenduke isithixo esikhonzwa abantu. Aniphendukanga yini naba ingelosi enkulu? Uma ukuphela kwabantu kuvezwa, nokuyilapho umsebenzi wensindiso ozobe usuya ngasekupheleni khona, abaningi benu bazoba izidumbu ezingenakusindiswanokumele basuswe. Ngesikhathi somsebenzi wensindiso, nginomusha futhi ngilungile kwabanye abantu. Uma umsebenzi uphela, ukuphela kwezinhlobo zabantu zizovezwa, kanti ngaleso sikhathi ngeke ngibe nazwelo futhi ngeke ngibe muhle, ngoba ukuphela kwabantu kuzobe sekuveziwe, ngabanye bazobekwa ngokohlobo, kanti siyobe sesingasekho isidingo sokwenza omunye umsebenzi wensindiso. Kungenxa yokuthi inkathi yensindiso izobe isidlulile; njengoba izobe isidlulile, ngeke isabuya futhi.

  Imibhalo yaphansi:

  a. Umbhalo wokuqala awulifaki igama elithi “ukuziphatha kabi.”

  b. Umbhalo wokuqala awulifaki igama elithi “kumele wazi.”

  c. Umbhalo wokuqala awulifaki igama elithi “Abantu bacabanga ukuthi.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana