Ikhasi lokuqala

47. Izimfihlo Ezifihlwe Ekuphishekeleni

ULi Li     Edolobheni laseDezhou, esiFundazweni saseShandong 

  Esikhathini esingeside esedlule, ngaphakanyiswa ngakhushulelwa ekubeni isisebenzi sesifunda. Ngolunye usuku, ngenkathi sihlangene nalabo engisebenzisana nabo angiyekanga ukucabanga: Kumele ngenze kahle. Uma ngingenzi kahle, bazongibheka kanjani abaholi bami nalabo engisebenzisana nabo? Ngenxa yalokho, lapho sixoxa ngesihloko ndawonye, inqobo nje uma ngiyiqonda kancane indaba okuxoxwa ngayo, ngangizama ukuba owokuqala ukusho okuthile, nokho uma ngingayiqondi indaba okuxoxwa ngayo futhi ngingakwazi ukuphawula, ngangizithola ngikhathazekile. Ngalezo zinsuku ezimbalwa zemihlangano, ngangizizwa ngikhathele futhi ngikhathazeke kakhulu sengathi ngisenkundleni yokulwa. Kamuva, ngazindla ngalokho engangikwembulile futhi ngabona ukuthi lolu hlobo lwesimo lwaluvele ngenxa yokuzigqaja kwami futhi yayingekho inkinga ngempela.

  Kwathi ngolunye usuku, abaholi bangazisa ngomhlangano, ngazizwa ngeneme kakhulu ngenkathi ngizwa ukuthi umphathi wayezobiza umhlangano, ngase ngicabanga: Kubonakala sengathi ngizoqeqeshwa, uma ngingenza kahle ngibanike isithombe esihle ngami mhlawumbe ngingakhushulwa, futhi uma umsebenzi wami wandiswa, akubona engisebenzisana nabo kuphela abazongincoma kodwa nabafowethu nodadewethu. Ngakho emhlanganweni, ngakhuluma ngokungabaza, ngesaba ukuthi amazwi angafanele azoshiya ukungabaza ngami kubaholi bami. Kuthe umhlangano usuphelile, ngazizwa ngeneme kakhulu yize ngangikhathazekile futhi ngikhathele ezinsukwini ezingaphambi komhlangano, ngezwa sengathi ikusasa liphethe izithembiso eziningi. Kusukela ngaleso sikhathi kuya phambili, “ukuphishekela” kwami kwakhula ngamandla.

  Kamuva, abangenhla bakhipha intshumayelo ethu “Ukuqonda Inkohlakalo Esemvelweni Yethu Ngaphambi Kokuba Sikwazi Ukungena Endleleni Elungile Yokukholelwa KuNkulunkulu,” futhi kuyo ngibone ukuthi nakhu okungashiwo: “Esikhathi esidlule abantu bebehlala begxile kuphela ezonweni zabo zakuqala, noma ezinkohlakalweni abazembula, ngenkathi bedebeselela ukuhlukanisa izwi labo ngalinye nezenzo zabo: okungezikaSathane, ezobuthi bukadrako omkhulu obomvu, okungukuthi ngezendawo yemicabango nemiqondo yabantu, nezingezamaphutha noma amanga. Futhi umuntu kufanele ahlukanise isimo sakhe senqgondo nobuyena, abambe izinto ezifihlwe ekujuleni kwenhliziyo, eze phambi kukaNkulunkulu futhi asebenzise iqiniso ukuzihlola, ukuze ayazi inkohlakalo yakhe, ukuze ayibone inkinga yangempela yenkohlakalo. Ukuthi akukho simo sezono ezinkulu akusho ukuthi inkinga ayikho phakathi emoyeni. Yinzondo, yisimo nemvelo okufihlekile, okungukuthi kunzima kakhulu ukuxazululeka. Abantu ababulawa ukuhogela, izifo ezinzima ezithatha impilo yabantu.” Ngemva kokufunda lokhu, ngavele ngacabanga ngengqondo yami ngemihlangano emibili edlule, ngase ngithi: Iyiphi imvelo eyayikulawula? Ngaleso sikhathi, ngaqala ukufuna amaqiniso ahambelana nesimo sami ukuze ngisihlole futhi ngisihlaziye.

  Ngaphansi kokuqondiswa nguNkulunkulu, ngabona izwi likaNkulunkulu: “abanye abantu bamkhonze ngempela uPawulu: Bathanda ukwenza izinkulumo nokusebenza ngaphandle. Bathanda ukuhlangana ndawonye bakhulume; bayathanda lapho abantu bebalalela, bebakhonza, bebazungeza. Bathanda ukuba nesithunzi emiqondweni yabanye futhi bayathokoza uma abanye bazisa isithunzi sabo. Sitholani ngemvelo yomuntu kulolu hlobo lokuziphatha? Ake sihlaziye imvelo yakhe: Lunohlobo olunjani lwemvelo lolu hlobo lomuntu oluziphatha ngale ndlela? Yimaphi amagama olungasongwa ngawo? Abantu abajwayelekile abakwazi ukukubona lokhu kodwa bangabuka ukuziphatha kuphela. Buyini ubudlelwane phakathi kokuziphatha nemvelo yomuntu? Iyini imvelo yakhe? Ngeke ukwazi ukuyikhomba, ungakwazi? Uma ngempela eziphatha ngale ndlela, lokho kwanele ukukhombisa ukuthi uyazidla futhi unobuqha. Akamkhonzi nhlobo uNkulunkulu; ufuna isikhundla esiphezulu futhi ufuna ukuba nethonya phezu kwabanye, ukubenza abakhe, ukuba nesiqu emiqondweni yabo. Lokhu kungumfanekiso omuhle kaSathane. Okugqamayo ngemvelo yakhe ukuzidla nobuqha, ukungazimiseli ukukhonza uNkulunkulu, nesifiso sokukhonza abanye. Akusiyo imvelo yakhe lokhu? Uyayibona ngokusobala imvelo yakhe kulokhu kuziphatha.” (“Indlela Yokwazi Imvelo Yomuntu” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe). Ngazama ngokuphindaphindiwe ukuthola konke ngezwi likaNkulunkulu, futhi ngaliqhathanisa nemicabango, amazwi nezenzo zami, kulapho- ke ngabona khona iqiniso. Isizathu sokuthi ngibe novalo kakhulu futhi ngibe ngolawulayo emhlanganweni kwakungekhona ukwenza ukuthi abanye banginake noma bangenze igugu? Kwakungekhona yini ukufuna ukuthola isikhundla esiphezulu nokuba nabantu abaningi ababukela kimi? Ngenkathi ngibona abaholi bengithathela phezulu, ngacabanga ukuthi ikusasa lami laligcwele isithembiso, ngazizwa nganelisekile futhi nginamandla kakhulu. Ukusukela lapho ngabona uhlobo lokuzidla kwami, ngangilokhu ngifuna ukuphakama, ukubusa abantu, ukuba nendawo ezinhliziyweni zabantu, ngangifuna okufana nokwakufunwa uPawulu. Empeleni, lokho engangikuphishekela kwakungekhona ukudumisa noma ukwanelisa uNkulunkulu, kodwa ukusebenzisa isikhundla engisinikezwe nguNkulunkulu ukwanelisa izifiso nokulangazelela kwami. Kwakungeyona yini ngempela indlela leyo ingelosi enkulu eyakhombisa ngayo ukuzidla kwayo? Ingabe angithathanga indlela yomphik’uKristu?

  Ngaphambili lapho ngiya emihlanganweni ngangicindezeleka, kodwa ngangicabanga nje ukuthi ngangingasizi ngalutho, nokuthi ngangingazihlaziyi izintokuqala. Manje ngemva kokuhlaziya ngabona ukuthi lokhu kwakuqhutshwa imvelo yomuntu oziqhenyayo nozidlayo, owayenamaqhinga akhe nokulangazela okunokuziqhenya phakathi. Ngangikhungethwe ukuzidla, ngenza okuningi okuphikisana noNkulunkulu: Ngangikhwishiza lapho ngenza umsebenzi wami futhi ngangifisa ukuzwakalisa ilaka lami ukuze ngithole isikhundla esiphakeme futhi nginconywe ngabafowethu nodadewethu; ngenkathi ngizibeka phambi kwabafowethu nodadewethu, angizange ngizihlaziye ngempela izinto ezifihlwe ekujuleni ngaphakathi, kunalokho ngangikhuluma ngezenzo zami zangaphandle, ukuze ngiziphakamise futhi ngizifakazele; lapho ngidla futhi ngiphuza izwi likaNkulunkulu, kwakungekhona ukukhuphula ukuqonda kwami ​​noma ukuthola iqiniso, kodwa kwakungukukhombisa abafowethu nodadewethu. … Ngesikhathi ngicabanga ngalokhu ngathinteka: ngangingasakhonzi uNkulunkulu, ngase ngizigaxe ngokuphelele ezindabeni zami futhi ngimelene noNkulunkulu. Manje, ukube uNkulunkulu ubengangivumelanga ukuba ngibone ukuzidla kwami, futhi ngizibone nginjengomfanekiso kaSathane, khona-ke ngangizoqhubeka nezindlela zami zokuzikhukhumeza, futhi ngangingenza nezinto ezimbi ezimelana futhi zikhaphele uNkulunkulu futhi ngaleyo ndlela ngangizofanelwa isijeziso sikaNkulunkulu.

  Ngiyambonga uNkulunkulu ngokukhanya Kwakhe okuze ngesikhathi esifanele nokuqondiswa okwangiholela ekuqapheleni imvelo yenyama yami yokuzidla, futhi wangivumela ukuba ngibone ukuthi ngangithatha indlela yomphik'uKristu; ngokukhethekile lolu lwazi lwangenza, ngabona ukuthi ​​akufanele nje ngigxile ekuboneni izambulo nezono zami kuphela kodwa ngiziqhathanise neqiniso futhi ngihlaziye izinto ezifihlwe ekujuleni ngaphakathi ukuze ngithole ukuqonda kangcono isimo sami semvelo nokwenza izinguquko esimilweni sami. Esikhathini esizayo, ngingathanda ukuhlukanisa ngokucophelela isimo sami sengqondo nesimo sangaphakathi, futhi ngiqonde isiqu sami esonakele, ngifune futhi ngifinyelele endleleni elungile eya ensindisweni kaNkulunkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana