Ikhasi lokuqala

Susa Ukuzenzisa, Bese Uqala Impilo Kabusha

  UChen Dan Esifundazweni SaseHunan

  Ekupheleni konyaka odlule, ngenxa yokuthi ngangingakwazi ukuphakamisa umsebenzi wevangeli endaweni yami, umndeni kaNkulunkulu waletha omunye umfowethu osuka kwenye indawo ukuzothatha umsebenzi wami. Ngaphambi kwalokhu ngangingaziswanga, kodwa kunalokho ngezwa ngokungaqondile ngodade engangisebenza naye. Ngathukuthela kakhulu. Ngasola ukuthi umuntu ophethe akangazisanga ngenxa yokwesaba ukuthi ngizokwala ukusuka esikhundleni sami futhi ngilwe. Ngenxa yalokho, ngaba nombono ophambene ngodade owayephethe. Kamuva, udade wahlangana nami futhi wangibuza ukuthi ngangizizwa kanjani ngokwehliswa esikhundleni—ngaqale ngafuna ukukhuluma okusengqondweni yami, kodwa ngakhathazeka ngokuthi kungenzeka abe nombono ongemuhle ngami futhi acabange ukuthi ngilwela isikhundla. Esikhundleni salokho, ngezwi elikhululeke ngokunokwenzeka ngathi, “Akunankinga, angikwazanga ukwenza umsebenzi owakhayo ngakho kunengqondo ukuthi ngisuswe esikhundleni. Anginayo noma yimiphi imicabango ethile ngodaba, noma yimuphi umsebenzi umndeni kaNkulunkulu onginika wona ukuthi ngiwufeze ngizolalela.’’ Ngale ndlela ngazifihla ubumina bangempela ngesikhathi ngiveza isimo sami esikhohlisayo kudade. Ngemuva kwalokho, umndeni kaNkulunkulu wangithumela ukuba ngiyoba yisisebenzi. Emhlanganweni wethu wokuqala nengangisebenza nabo, umphathi wethu owayesanda kuthunyelwa waziveza obala ngokwesimo sakhe. Enye inkulumo ethile ayisebenzisa, “ukulahlekelwa yikho konke ukuma nedumela” yangishaya njengethani lezitina: Kwaba sengathi wayekhuluma ngami. Ngangihlezi lapho ngizizwa ngithukuthele futhi ngidabuke ngempela—ngezwa ngifikelwa yizinyembezi, kodwa ngazibamba ngesaba ukuthi abanye bazobona. Ngafuna ukuzivula, kodwa futhi ngangikhathazekile ngokuthi izisebenzi engangikanye nazo zazizongibukela phansi. Ukuze ngivikele isithunzi sami, ngaphinde ngafihla isimo sami esingokoqobo, ngingafuni abanye babone izinga engase ngicwengeke ngalo. Ngaze ngaphoqa ukumamatheka ukuze ngikhombise wonke umuntu ukuthi isimo engangikuso sasisihle kanjani. Kanjalo nje, ngaphinde ngaletha umbono wami ophambene emsebenzini, futhi naphezu kokuba ngingazange ngilokothe ngiyekethise futhi ngisebenza nsuku zonke kusukela ekuseni kuze kuhlwe, kwabonakala ukuthi lapho ngisebenza kanzima ngokwengeziwe ngangingaphumeleli kakhulu futhi kwavela zonke izinhlobo zezinkinga. Umsebenzi wevangeli wawuzofika kwangqingetshe futhi umqondisi wokuqala kanye namanye amalunga akhe babeboshwe ngamaphoyisa e-CCP. Ngibhekene nakho konke lokhu, ngazizwa ngisonqenqemeni lokuwa futhi ngacabanga kuphela ngokwehliswa kwami esikhundleni okwakusondela. Noma kunjalo, ngenqaba ukuzivula, ngaphambi kwabafowethu nodadewethu ngazenza kwangathi ngiqinile futhi anginyakaziswa yilutho.

  Ngolunye usuku phakathi nokutshala okungokomoya ngezwa isigaba esilandelayo esivela ekuhlanganyeleni kukaKristu, “Lapho bekhuluma nabafowabo nodadewabo, abanye abantu besaba ngokujulile ukuthola ubunzima obungaphakathi ezinhliziyweni zabo. Besaba ukuthi abafowabo nodadewabo bazoba nokuthile abazokusho ngabo noma bababukele phansi. Lapho bekhuluma, abantu bangahlala bezwa intshisekelo yabo, ukuthi ngempela bafuna uNkulunkulu, futhi bazimisele ngempela ukwenza iqiniso kodwa empeleni, ezinhliziyweni zabo babuthakathaka ngempela, futhi abenzi lutho ngokwedlulele. Benza sengathi baqinile, futhi akekho ongabona ngaleya kwakho. Lokhu futhi kuyinkohliso. Sekukonke, kungakhathaleki ukuthi wenzani—noma kusempilweni, ekusebenzeleni uNkulunkulu, noma ekwenzeni umsebenzi wakho—uma uveza isimo esingamanga kubantu futhi ubusebenzise ukubedukisa, ukubenza bacabange kahle ngawe noma ukuba bangakubukeli phansi, khona-ke uyakhohlisa” (“Ukuze Wethembeke, Kufanele Uzivule Kwabanye” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe). Ngemva kokuzwa lesi siqephu ngamangala ngokuphelele. Ukwahlulela kukaKristu kwangishaya emongweni wobuntu bami. Lapho ngilinganisa izenzo zami nalawa mazwi, kwabonakala ukuthi ngangiwumuntu nje okhohlisayo lowo uNkulunkulu akhuluma ngaye, umzenzisi wangempela. Ukunika umholi nengangisebenza nabo umuzwa wokuthi ngangiwumuntu owayezimisele ukudela isikhundla futhi alandele amalungiselelo umndeni kaNkulunkulu owawungenzele wona, njalo ngangizifihla ngokukhuthala futhi ngemboze iqiniso, ngidela umsebenzi womndeni kaNkulunkulu nokuphila kwabafowethu nodadewethu ngaphandle kokucabangisisa. Ngangimane nje ngingafuni ukuveza ukuthi isimo nokuziphatha kwami kwakukubi kangakanani ngemva kokuba ngehliswe esikhundleni, ngakho kusukela ngephucwa isikhundla sami sobuholi ngase ngabelwa ukuba ngibe yisisebenzi, ngazenzisa sengathi ngiqinile futhi nginokuzimisela ngisho nakuba ngangizwa ukuthi nginombono ophambene futhi ngibuthakathaka ngaphakathi. Ngangiphila ekukhohlisweni uSathane. Ngangiphila ekungaqondini nasekukhapheleni uNkulunkulu. Noma kunjalo, ngangilokhu ngingafuni ukuzivula bese ngifuna iqiniso lokuxazulula isimo sami esikhohlakele. Yeka ukuthi ngangikhohlisa, ngiyiqili kangakanani! Nokho, kungakhathaleki ukuthi ngangiyifihla futhi ngiyicashise kahle kangakanani imizwa yami engokoqobo, ngangingeke ngikubalekele ukubhekisisa kukaNkulunkulu. UMoya oNgcwele wasebenzisa ukungaphumeleli kwami emsebenzini ukuveza yonke into. Ngangingazimisele neze ukushiya isikhundla sami, kodwa kunalokho ngahamba ibanga elide ukuze ngivikele isithunzi sami nokuba ngilondoloze ukuma kwami ngokuveza isithombe esingamanga ngami ukuze ngikhohlise futhi ngiyenge abafowethu nabodadewethu. Ngangingeke ngazi kanjani ukuthi, ngokwenza kanjalo, ngangingeke ngizivalele mina kuphela, kodwa futhi ngangizobanga umonakalo omkhulu emsebenzini womndeni kaNkulunkulu? Yeka ukuthi kwakuyingozi kangakanani ukudlala ngomsebenzi womndeni kaNkulunkulu kanye nangempilo yami!

  Ngaleso sikhathi, ngazithola sengizibuza: Kungani njalo ngiveza isithombe okungesona esami kwabanye? Ingabe akukhona ukuthi imvelo yami ekhohlisayo ingenza ukuba ngivikele njalo isithunzi nesikhundla sami? Ngokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, ngabona indlela ubuthi bukaSathane obabubhibha ngayo ngaphakathi kwami. Amazwi athi, “Isihlahla siphila ngamagxolo aso; umuntu uphila ngesithunzi sakhe’’ nathi “Ihansi lasendle lishiya ngemuva izwi; umuntu ushiya ngemuva idumela’’ ayegxile kakhulu emphefumulweni wami kangangokuthi zonke izenzo zami sazithonywe futhi ziqondiswa yiwo. Ngacabanga ngendlela lokhu okwakuzibonakalise ngayo esikhathini esedlule: Ngangenze kangaki ngokuphambene nesimiso seqiniso ekufezeni imisebenzi yami, ngifihla isimo esingokoqobo ukuze ngivikele isithunzi futhi ngokwesaba ukuthi, uma ngingatshela abanye, bazongigxeka? Kukangaki ngibanga umonakalo omkhulu empilweni yami ngoba, ngaphandle kokuzwa ngobuhlungu ukuthi isimo sami sasingesihle nangokwazi ukuthi kwakufanele ngizivule ekukhulumeni nabanye, ngakhetha kunalokho ukuzwa ubuhlungu buthule kunokuba ngivuleleke futhi ngifune indlela yokukhanya ngokwesaba ukuthi ngizobukelwa phansi? Empeleni, noma nini lapho kuthinteka isithunzi nesikhundla sami, ngobuqili ngangizenzisa futhi nginikeze isithombe esingesiso ukuze ngikhohlise uNkulunkulu futhi ngidide abanye. Ngisho noma uNkulunkulu wayefuna ukungisindisa ngezambulo eziningi, imvelo yami enokukhohlisa yayilokhu ingenza ukuba ngakhe isithombe esingesona, ngikhohlise uNkulunkulu futhi ngidide abanye. Kwakungenzeka kanjani, ukuthi ngale ndlela, uNkulunkulu wayengasebenza ngami? Uma ngangiqhubeka ngale ndlela, ngangingayithola kanjani insindiso? Kwakuyokwenzeka kanjani ukuthi konke lokhu kungavusi ulaka lukaNkulunkulu? Ngibanjwe ukwesaba, ngakhothama phambi kukaNkulunkulu: Nkulunkulu uSomandla, angifanele ukuma phambi Kwakho! Imvelo yami ekhohlisayo yenze umonakalo omkhulu emsebenzini womndeni kaNkulunkulu, kodwa awuzange ubhekane nami ngokwezenzo zami ezimbi futhi uze wanginika ngisho ithuba lokuguquka. Angikuceli, manje, ukuthi ungibekezelele noma ukuthi abanye bangihloniphe, ngicela kuphela ukuthi ukusola nokwahlulela Kwakho kuhlale nami ngaso sonke isikhathi. Ngokusola nokwahlulela Kwakho ngivumele ukuba ngibone isimo Sakho sokulunga nokuba ngibe nokuqonda okugcwele imvelo yami ekhohlisayo, ukuze ngilahle ukukhohlisa kwami bese ngiphila ngokwethembeka.

  Kamuva, ngafunda isiqephu esilandelayo samazwi kaNkulunkulu: “Ukwethembeka kusho ukunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu; ungamenzi isiwula kunoma yini; uvuleleke Kuye kukho konke, ungalifihli iqiniso; ungakwenzi lokho okuzokhohlisa labo abaphezulu futhi kudukise labo abangaphansi; nokungakwenzi lokho okwenzela ukuzincengela kuNkulunkulu. Ngamafuphi nje, ukwethembeka ukuzehlukanisa nokungcola ezenzweni zakho kanye nasemazwini, kanye nokungakhohlisi uNkulunkulu noma umuntu. … Uma unezimfihlo eziningi ongabazayo ukuziveza, futhi uma ungafuni ukudalula izimfihlo zakho — okusho ukuthi, izinkinga zakho—kwabanye ukuze ufune indlela yokukhanya, ngizothi uyilowo ongeke ayithole kalula insindiso futhi ongeke aphunyuke kalula ebumnyameni. Uma ukufuna iqiniso kukujabulisa kahle, ungomunye ohlala ekukhanyeni isikhathi esiningi” (“Izexwayiso Ezintathu” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Emazwini kaNkulunkulu, ngabona ukuthi labo abangafuni ukwabelana nabanye ngezindaba zabo eziyisifuba nokuba baveze obala ubunzima babo ukuze bafune iqiniso bayakhohlisa. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyabazonda futhi uyabenyanya abakhohlisi, abantu abakhohlisayo abanakho ukusebenza koMoya oNgcwele ngaphakathi kwabo futhi kungakhathaleki ukuthi bakholwe iminyaka emingaki kuNkulunkulu, ngeke bathole insindiso Yakhe futhi ekugcineni bazobhujiswa. Ngiyabonga ngokukhanyiselwa yizwi likaNkulunkulu, okwangenza ngakwazi ukubona isizathu esenza ngehluleka ukusebenzela uNkulunkulu ngenxa yemvelo yami ekhohlisayo. Angizange ngizimisele ukunika uNkulunkulu inhliziyo yami, ngizivule phambi kukaNkulunkulu noma kwabafowethu nodadawethu bese ngamukele ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu ukuze ngizihlanze. Ngenxa yalokho, ngangiphila phakathi kwesimo esingafanele, ngangilahlekelwe ukusebenza koMoya oNgcwele futhi ngawela ebumnyameni. Ukube ngangikhulumile ngesimo sami esingokoqobo ngesikhathi sokuhlanganyela nodade owayephethe, ngokuqinisekile wayeyokhuluma iqiniso nami futhi isimo sami ngabe sathuthuka ngokushesha. Ukube njalo ngangimane ngizivule, ubuhlobo bami noNkulunkulu babuzoba ngobejwayelekile futhi ngangingeke ngifukamele imicabango emibi ngaye noma ngenze umonakalo omkhulu kangako emsebenzini womndeni kaNkulunkulu. Ngiyambonga uNkulunkulu ngokungambulela isimo Sakhe esilungile. Ngezwi likaNkulunkulu ngambulwa futhi ngahlulelwa futhi ngenxa yalokho ngakwazi ukubona imvelo yami ekhohlisayo kanye nembangela yokwehluleka kwami. Isambulo nesahlulelo sikaNkulunkulu futhi sangibonisa indlela yokwenza: Kungakhathaleki ukuthi buningi kangakanani ubunzima engihlangabezane nabo, noma ukuthi isimo sami sibi kangakanani, kungokuzivula kuphela nangokusebenzisa iqiniso ekutholeni isixazululo nangokuhamba ngezwi likaNkulunkulu engingathola ngakho ukusebenza koMoya oNgcwele. Kuphela ngokulahla ukuzenzisa kwami bese ngiziphatha ngokwethembeka ngizokwazi ukuthola insindiso kaNkulunkulu.

  Emazwini kaNkulunkulu ngathola ithemba futhi inhliziyo yami yanyakaziseka kakhulu. Nakuba izenzo zami zazilimaza kakhulu kuNkulunkulu, akazange angilahle, kodwa wayelokhu ekhona esebenzisa insindiso Yakhe buthule. Ngemuva kwalokhu kusolwa nokwahlulelwa okwakubonakala kunzima, ukucabangela okuqotho kukaNkulunkulu kwavela obala. Ngakubona ngempela lokho okushiwo ukuba, “nothando olujulile njengalolo olubonakala ekuqondisweni kukababa indodana yakhe.’’ Ingqikithi kaNkulunkulu ayikhona nje ukwethembeka, kodwa futhi ubuhle nokulunga. Konke lokho akumemezelayo yiqiniso futhi kufanele laziswe yibo bonke abantu, ngoba akukho lungu lesintu esikhohlakele elinale ngqikithi kaNkulunkulu. Nakuba imvelo yami yangempela inokukhohlisa futhi yenyanyeka futhi yonke into engiyenzile iphambene neqiniso, ngethembisa ukubuyela kuNkulunkulu bese ngenza konke okusemandleni ami ukufuna iqiniso, ngifune ukuguquka esimweni sami futhi ngingaphinde ngizifihle egameni lokuvikela isikhundla nesithunzi sami esiyize. Esikhathini esizayo, kungakhathaleki ukuthi yiluphi uhlobo lobunzima noma izimo ezimbi engibhekaana nazo, ngethembisa ukuzivula kwabanye ekufuneni iqiniso futhi ngiphile ngokwethembeka ukuze ngiduduze inhliziyo kaNkulunkulu!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana