Ikhasi lokuqala

Yazini Intando KaNkulunkulu Nizuze Ukuphelela

Lapho nazi intando kaNkulunkulu, umthwalo wenu usinda ngisho nakakhulu; lapho umthwalo wenu usinda, nesipiliyoni senu sizoba siningi. Lapho niyazi intando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyonithwalisa lo mthwalo, futhi niyokhanyiselwa uNkulunkulu ezintweni aniphathise zona. Ngemva kokuba uNkulunkulu enithwalise lo mthwalo, nizoqala ukuwanaka amaqiniso ahlobene nomthwalo wenu lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu. Uma lo mthwalo uhlobana nezimo zokuphila zabafowethu nodadewethu—lona umthwalo eniwuphathiswe uNkulunkulu, kusho ukuthi lo mthwalo uzothwalwa nayimithandazo yenu yamihla yonke. Lokho uNkulunkulu akwenzayo manje sekunikwe nina, nizimisele ukwenza lokho uNkulunkulu akudingayo, futhi yilokho okushiwo ukwenza umthwalo kaNkulunkulu ube ngowenu. Kuleli qophelo, ukudla nokuphuza kwenu amazwi kaNkulunkulu kuzogxila ezintweni eziphathelene nalokhu, niyoze nizibuze: Ngizozixazulula kanjani lezi nkinga? Ngizobavumela kanjani abafowethu nodadewethu bakhululwe, bajabule emoyeni wabo? Ezingxoxweni zenu nizogxila ekuxazululeni lezi nkinga, nizogxila ekudleni nasekuphuzeni amazwi amayelana nalezi zinto lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, ngesikhathi nisathwele lo mthwalo nizobe nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, kufanele niziqonde izimfuno zikaNkulunkulu. Kuleli qophela, indlela ephambi kwenu iyohambeka kalula. Umthwalo wenu ulethe ukukhanya okuvela kuMoya Ongcwele, futhi nguNkulunkulu oniqondisayo. Kungani ngisho lokhu? Uma ningenawo umthwalo, kusho ukuthi niyobe ninganakile lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu; lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu nisathwele umthwalo, ningasibamba isiqu samazwi kaNkulunkulu, ningayithola indlela yenu, futhi ningayazi intando kaNkulunkulu. Ngakho lapho nithandaza, kufanele nicele uNkulunkulu anithwalise eminye imithwalo ukuze Yena aniphathise izinto ezinkulu, indlela ephambi kwenu kufanele ihambeke, kufanele niphumelele lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, niyokwazi ukubamba isiqu samazwi kaNkulunkulu, futhi uMoya Ongcwele uyonikhuthaza kakhulu.

Ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuthandaza nokwenza, ukwamukela umthwalo kaNkulunkulu, ukuphathiswa uNkulunkulu, konke lokhu kukhona ngenxa yezindlela ezibekwe phambi kwenu. Ukusinda komthwalo owuthwalele ukuthunywa nguNkulunkulu, kusho ukuthi kuzoba lula ukupheleliswa uNkulunkulu. Abanye abazimisele ukubambisana ekukhonzeni uNkulunkulu ngisho noma bebizwa; lawa ngamavila anendaba kuphela nokuthokomala nenjabulo. Lapho nibambisana ekukhonzeni uNkulunkulu, kuningi eniyokuthola. Ngoba nithwala imithwalo esindayo, ngoba nibona okuningi, ngakho kufanele nibe namathuba amaningi okupheleliswa. Ngakho uma ningakhonza uNkulunkulu ngobuqotho, kufanele niwazi umthwalo kaNkulunkulu, kufanele nibe namathuba amaningi okupheleliswa uNkulunkulu. Iqembu elinjalo labantu, liphelelisiwe ngalesi sikhathi. Lapho uMoya Ongcwele unikhuthaza, yilapho niyozinikela khona ekwazini umthwalo kaNkulunkulu, yilapho niyopheleliswa khona uNkulunkulu, yilapho niyozuzwa khona uNkulunkulu, futhi ekugcineni, niyoba ngabasetshenziswa uNkulunkulu. Njengamanje, kunabathile abangathwele lutho lwebandla. Labo bantu bayimimfece futhi bayavilapha, okuwukuphela kwento abayaziyo inyama yabo. Bangabantu abanomhobholo futhi bayizimpumputhe. Awukho umthwalo eniyokwazi ukuwuthwala uma nehluleka ukubona le ndaba ngokucacile. Lapho uyazi intando kaNkulunkulu, usinda nakakhulu umthwalo uNkulunkulu azokuphathisa wona. Abantu abanomhobholo abazimisele ukubekezelela lezo zinto, abazimisele ukuzidela, ekugcineni bazolahlekelwa ithuba lokupheleliswa uNkulunkulu. Abazilimazi yini? Uma uyazi intando kaNkulunkulu, kufanele uthwale imithwalo yangempela yebandla. Eqinisweni, esikhundleni sokuwubiza ngomthwalo webandla, kungcono kube umthwalo wokuphila kwakho, ngoba umthwalo owuthwalele ibandla ukuvulela amathuba okupheleliswa uNkulunkulu. Ngakho noma ubani othwalele ibandla umthwalo osindayo, othwala nomthwalo wokungena ekuphileni, kufanele kube yilabo abayogcina bepheleliswe uNkulunkulu. Manje Usungabona ngokucacile? Uma ibandla okulo linhlakanhlaka kodwa ungakhathazekile, uma abafowethu nodadewethu bengawadli futhi bawaphuze ngendlela efanele amazwi kaNkulunkulu, baze bangawanaki, kusho ukuthi awukho umthwalo owuthwele. UNkulunkulu akabathandi abantu abanjalo. Abantu abathandwa uNkulunkulu yilabo abakulambele futhi abakomele ukulunga, bayayazi intando kaNkulunkulu. Ngakho kufanele niwazi umthwalo kaNkulunkulu. Akufanele nilinde ukuba isimo sokulunga sikaNkulunkulu sembulwe kubo bonke abantu ngaphambi kokuba nazi umthwalo kaNkulunkulu. Kuyobe kungephuzile yini kakhulu lapho? Leli ithuba elihle lokupheleliswa uNkulunkulu. Uma nizovuma ukuthi leli thuba liphunyuke senilibambile, kufanele nizisole ukuphila kwenu konke, njengoba nje uMose engakwazanga ukungena ezweni elihle laseKhanani, wazisola ukuphila kwakhe konke, wabulawa usizi. Lapho bonke abantu sebaziswe isimo sikaNkulunkulu sokulunga, nizozisola. Ngisho noma uNkulunkulu enganisoli, niyozisola ngenxa yokuzisola kwenu. Abanye abaqiniseki ngalokhu. Uma ningangikholwa, lindani nibone. Abanye bayogcwalisa la mazwi. Ingabe nizimisele ngokuthi kunikelwe ngani ngenxa yala mazwi?

Uma ningawafuni amathuba okupheleliswa uNkulunkulu, uma ningalilweli ithuba lokupheleliswa uNkulunkulu, ekugcineni niyogcwala usizi. Manje ithuba elihle lokupheleliswa, isikhathi esikahle. Uma ningakufuni ngobuqotho ukupheleliswa uNkulunkulu, ngemva kokuphothulwa komsebenzi Wakhe, kuyobe sekwephuze kakhulu ngoba liyobe selinilahlekele leli thuba. Akunandaba ukuthi izifiso zenu zinkulu kangakanani, uma kungasafanele uNkulunkulu enze umsebenzi, ngaphandle kokunaka imizamo eniyenzayo, ngeke nisakwazi ukukuzuza. Kumele nilibambisise leli thuba nibambisane, lapho uMoya Ongcwele wenza umsebenzi onamandla; uma nizophuthwa yileli thuba, ngeke ninikwe elinye, akunandaba ukuthi nizikhandla kangakanani. Abanye bayakhala: “Nkulunkulu, ngizimisele ngokwazi umthwalo Wakho, ngizimisele ngokufeza intando Yakho.” Kodwa ayikho indlela abahamba kuyo, ngakho imithwalo yabo ngeke iye ndawo. Uma kunendlela phambi kwakho, isinyathelo nesinyathelo sezinto ozibonile siyohlelembeka kahle futhi sihleleke. Ngemva kokufezwa komthwalo owodwa, uzonikwa omunye. Ngokujula kwesipiliyoni sokuphila kwenu, nemithwalo yenu nayo izojula. Abanye umthwalo bawuthwala lapho bekhuthazwa uMoya Ongcwele, ngemva kwesikhathi esithile, awukho umthwalo abawuthwalayo uma ingekho indlela abangahamba kuyo. Anikwazi ukuba nemithwalo ngokumane nje nidle futhi niphuze amazwi kaNkulunkulu. Ngokwazi amaqiniso amaningi, niyofunda ukuqonda, niyokwazi ukuxazulula izinkinga nisebenzisa amaqiniso, niyoliqonda ngempela izwi likaNkulunkulu nentando Yakhe. Ngalezi zinto, nizothwala imithwalo, futhi kufanele nikwazi ukwenza umsebenzi omuhle uma nje seniqalile ukuthwala umthwalo. Uma nithwele umthwalo kuphela, kodwa ningawaqondi kahle amaqiniso, ngeke kusebenze. Kumele kube ukuthi nidlule emazwini kaNkulunkulu, niyazi ukuthi enziwa kanjani amazwi kaNkulunkulu, futhi kumele niqale nibe sesimweni esingokoqobo ngaphambi kokunakekela abanye, ukuhola abanye, nokupheleliswa uNkulunkulu.

Nakhu okushiwoyo kwesithi Indlela … (4) nonke ningabantu bombuso ababekwe uNkulunkulu, ngaphambi kwezinkathi, futhi akekho oyothatha lokhu kini. Siphinde sithi uNkulunkulu ufisa ukuthi wonke umuntu asetshenziswe uNkulunkulu futhi apheleliswe uNkulunkulu, futhi udinga ukuba bame njengabantu Bakhe, futhi ukuba ngabantu bombuso kuphela okungafeza intando Yakhe. Ngaleso sikhathi benihlangene ngayo le ndaba, nidingida indlela yokungena esekelwe ezingeni labantu bakaNkulunkulu, ngakho umsebenzi owenziwa uMoya Ongcwele ngaleso sikhathi kwakuwukususa abantu ezimweni ezingezinhle ubase kwezinhle. Ngaleso sikhathi, indlela yokusebenza yoMoya Ongcwele kwakuwukuthi wonke umuntu ajabulele amazwi kaNkulunkulu, njengabantu bakaNkulunkulu, ngezinga lokuthi umuntu nomuntu kini aqonde ngokucacile ukuthi ningabantu bakaNkulunkulu ababekwe uNkulunkulu, ngaphambi kwezinkathi, futhi uSathane ngeke akususe kini lokhu. Yingakho nonke nathandaza: “Nkulunkulu! Sizimisele ukuba ngabantu Bakho, ngoba sibekwe Nguwe, ngaphambi kwezinkathi, ngoba ubeke lokhu kithi. Sizimisele ukuthatha lesi sikhundla sikujabulise.” Lapho nithandaza ngaleyo ndlela, uMoya Ongcwele uyonikhuthaza, futhi leyo kwakuyindlela uMoya Ongcwele owawusebenza ngayo. Le nkathi inikelwe emthandazweni nasekuzameni ukwehlisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu, ngezinga lokuthi ukwazi ukulwela ukuphila, ulwele ukungena ekuqeqeshweni kombuso. Lesi isinyathelo sokuqala. Ngesikhathi esifanayo, umsebenzi kaNkulunkulu ukuhambisa wonke umuntu emgudwini ofanele, ngezinga lokuthi wonke umuntu angaba nokuphila komoya okujwayelekile, ngezinga lokuthi bonke abantu bangaba nesipiliyoni sangempela, wonke umuntu akhuthazwe uMoya Ongcwele, futhi ngenxa yalesi sisekelo, bamukele abakuphathiswe uNkulunkulu. Ukungena ekuqeqeshweni kombuso kusho ukuthi kufanele nivumele wonke amazwi, izenzo, nayo yonke imicabango nemiqondo ingene emazwini kaNkulunkulu, ivumele ukuthi uNkulunkulu akukhuthaze ngezinga elithe xaxa, kuzale nothando lukaNkulunkulu kanye nomthwalo osindayo wentando kaNkulunkulu, ngezinga lokuthi wonke umuntu angaba sendleleni yokupheleliswa uNkulunkulu, wonke umuntu abe semgudwini ofanele. Uma ususendleleni yokupheleliswa uNkulunkulu, usuke ususemgudwini ofanele.

Uma nje ingqondo yakho, imibono kanye nezinhloso zakho eziyiphutha, kungalungiswa; uma nje usukwazi ukushintsha ekunakeni inyama yakho unake intando kaNkulunkulu, ngezinga lokuthi lapho izinhloso eziyiphutha zivela, izinhloso ezinjalo zingakuphazamisi, ukwazi ukufeza umsebenzi ohloswe intando kaNkulunkulu; uma ukwazi ukufinyelela ushintsho olunjalo, kusho ukuthi usemgudwini ofanele esipiliyonini sokuphila. Uma imithandazo yakho isemgudwini ofanele, yilapho kufanele uMoya Ongcwele ukukhuthaze khona emithandazweni yakho. Njalo lapho uthandaza, kufanele ukhuthazwe uMoya Ongcwele; njalo lapho uthandaza, kufanele ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu. Njalo lapho udla futhi uphuza ingxenye yezwi likaNkulunkulu, uyokwazi ukubamba umsebenzi uNkulunkulu awenzayo njengamanje, uyoyazi indlela yokuthandaza, yokubambisana, yokungena, futhi lezi zinto zibonisa ukuthi usuyifinyelele imiphumela yokuzuzwa ekudleni nasekuphuzeni amazwi kaNkulunkulu. Kufanele nikwazi ukuthola indlela yokungena emazwini kaNkulunkulu, kufanele nikwazi ukubamba umnyakazo womsebenzi kaNkulunkulu njengamanje nendlela yomsebenzi woMoya Ongcwele, futhi lokhu kuyobonisa ukuthi nisemgudwini ofanele. Uma ningawabambanga amaphuzu awumgogodla lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, uma ningakwazi ukuthola indlela eningahamba kuyo ngemva kokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, lokho kuveza ukuthi anikayazi indlela yokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, kusho ukuthi anikayitholi indlela nomyalo wokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu. Uma ningakawubambi umsebenzi owenziwa uNkulunkulu manje, ngeke nikwazi ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu njengamanje yilokho umuntu okufanele angene kukho, futhi uyilokho umuntu okufanele akwazi manje. Ingabe manje senizibambile lezo zinto?

Uma seniyitholile imiphumela ekudleni nasekuphuzeni amazwi kaNkulunkulu, uma ukuphila kwenu komoya sekujwayelekile, futhi uma senikwazi ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu njengokujwayelekile, nithandaza ngokujwayelekile, ukuphila kwenu kwasebandleni ngokujwayelekile, ngale kokuthi ninqwamana naziphi izilingo, izimo eningabhekana nazo, noma ukugula kwenyama okudingeka nikubekezelele, noma ukuboshwa kwabafowethu nodadewethu, noma ubunzima emindenini yenu, uma ningafinyelela kuleli zinga, kusho ukuthi nisemgudwini ofanele. Abanye abantu babuthaka kakhulu, abakwazi ukubekezela. Bayethuka lapho behlangabezana nezingqinamba ezingatheni, baba buthaka. Indlela yeqiniso idinga ukubekezela nokuzimisela. Uma ungakwazi ukufeza intando kaNkulunkulu ngalesi sikhathi, kumele ukulungele ukuzizonda, uzimisele ngampela enhliziyweni yakho ukuthi ngokuzayo uzoyifeza intando kaNkulunkulu. Nakuba wehluleka ukwazi umthwalo kaNkulunkulu njengamanje, kufanele uzimisele ukuhlubuka enyameni lapho ubhekane nezingqinamba ezifanayo ngokuzayo, kufanele unqume ukufeza intando kaNkulunkulu. Yile ndlela odunyiswa ngayo. Abanye abazi nokwazi ukuthi imicabango nemibono yabo ilungile, abantu abanjalo badidekile. Uma ungathanda ukunqoba inhliziyo yakho umelane nenyama yakho, kumele uqale wazi ukuthi unezinhloso ezinhle yini, okuyikhona okuyokwenza ukwazi ukunqoba inhliziyo yakho. Uma ungazi ngisho nokuthi izinhloso zakho zilungile yini, ungakwazi yini ukunqoba inhliziyo yakho, ungakwazi yini ukumelana nenyama? Ngisho noma ukwazi ukumelana nayo, lokho ukwenza budlabha. Kufanele wazi ukuthi ukumelana nezinhloso zakho eziyiphutha kuwukumelana nenyama. Lapho wazi ukuthi izinhloso zakho, imicabango nemibono yakho kuyiphutha, kufanele uphenduke ngokushesha, uhambe emgudwini ofanele. Kumele uqale unqobe le ndawo bese uzilungiselela ukungena kule ngxenye, ngoba uwena owazi kangcono ukuthi izinhloso zakho ziyiphutha noma cha. Lapho izinhloso eziyiphutha zingalungiseka, uma singenxa kaNkulunkulu, kusho ukuthi uwuzuzile umgomo wokunqoba inhliziyo yakho.

Into ewumgogodla kini manje ukwazi uNkulunkulu, ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele nazi indlela uMoya Ongcwele owenza ngayo umsebenzi Wakhe kumuntu, lona umgogodla wokungena emgudwini ofanele. Kufanele kube lula ngani ukungena emgudwini ofanele uma seninalento ewumgogodla. Niyakholelwa kuNkulunkulu futhi niyamazi, okusho ukuthi nikholelwa ngobuqotho kuNkulunkulu. Uma niqhubeka niqhubeka kuze kube sekupheleni kodwa ningakamazi uNkulunkulu, kusho ukuthi nakanjani ningabamelana noNkulunkulu. Labo abakholelwa kuJesu Kristu kuphela, abangakholelwa kuNkulunkulu osamuntu wanamuhla kufanele babekwe icala, bonke bangabaFarisi banamuhla, ngoba abamboni uNkulunkulu wanamuhla, bonke bayamphika uNkulunkulu. Akunandaba ukuthi bazinikele kangakanani ekukholelweni kuJesu, konke kuyize; uNkulunkulu ngeke abadumise. Bonke labo abathi bakholelwa kuNkulunkulu, kodwa bengamazi ngempela uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, bangabazenzisi.

Umuntu ofuna ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele aqale aqonde ukuthi kusho ukuthini ukupheleliswa uNkulunkulu, kumele abe kuziphi izimo ukuze apheleliswe uNkulunkulu, bese efuna umgudu azohamba kuwo uma esezazi lezo zinto. Umuntu kumele abe nobuntu obuthile ukuze apheleliswe uNkulunkulu. Abaningi abanabo ubuntu obudingekayo, okudinga ukuthi umuntu asebenze kanzima futhi okudinga ukuthi umuntu azikhandle. Labo abanobuntu obungatheni, kufanele bazabalaze kakhudlwana. Lapho kwanda ukuqonda kwenu amazwi kaNkulunkulu yilapho niwenza nakakhulu khona, yilapho nishesha khona ukungena endleleni yokupheleliswa uNkulunkulu. Lapho nithandaza, ningapheleliswa ngaleso sikhathi; ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukubamba isiqu samazwi kaNkulunkulu, nokuphila ngamazwi kaNkulunkulu, ningapheleliswa; ngokubona amazwi kaNkulunkulu usuku nosuku, ukwazi ukubona okungekho kuwe, ngaphezu kwalokho, ukwazi ukubona izindawo ongenamandla kuzo nobuthaka kuzo, futhi uthandaza kuNkulunkulu—okuyindlela oyopheleliswa ngayo kancane kancane. Izindlela zokupheleliswa: umthandazo, ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukuqonda ingqikithi yamazwi kaNkulunkulu, ukungena ekwazini amazwi kaNkulunkulu, ukwazi izinto enintula kuzo, ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu, ukwazi umthwalo kaNkulunkulu nokushiya inyama ngothando lwakho lukaNkulunkulu, nokuhlangana njalo nabafowenu nodadewenu, okucebisa isipiliyoni senu. Kungaba ukuphila okuhlanganyelwayo noma ukuphila kwakho, kungaba imihlangano emikhulu noma emincane, konke kungakwenza uqongelele isipiliyoni nokuqeqeshwa, ukuze izinhliziyo zenu zibe nokuthula phambi kukaNkulunkulu futhi zibuyele kuNkulunkulu. Yonke lena inqubo yokupheleliswa. Ukwazi amazwi kaNkulunkulu engikhulume ngawo kusho ukuwanambitha ngempela amazwi kaNkulunkulu futhi uvumele amazwi kaNkulunkulu aphile kuwe ukuze ube nokholo oluthe xaxa futhi uthande uNkulunkulu. Ngale ndlela, uyosixosha kancane kancane isimo esikhohlakele sobusathane, uyoziphambukela kancane kancane ezinhlosweni ezingafanele, uphile njengomuntu ojwayelekile. Ukukhula kothando lukaNkulunkulu ngaphakathi kini—okusho ukuthi, ukupheleliswa kweningi lenu uNkulunkulu, ayancipha namathuba okonakaliswa kwenu uSathane. Siyazibonga izinto ezingokoqobo, nizongena kancane kancane endleleni yokupheleliswa. Ngakho, uma nifisa ukupheleliswa, ukwazi ngentando kaNkulunkulu, nokwazi amazwi kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Awekho amazwana:

Thumela amazwana