Ikhasi lokuqala

Amazwi Avelele Ngezigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Wokusindisa Isintu

umsebenzi kaNkulunkulu, ukuhlakanipha,insindiso


1. Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu—noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe. Kuwukukhombisa ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwami ngibe ngembula ububi bukaSathane obungabekezeleki. Ngaphezu kwalokho, kuwukufundisa izidalwa Zami ukuthi zikwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ukubona ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto, ukubona kahle ukuthi uSathane uyisitha sesintu, ophansi kunakho konke, omubi, nokwehlukanisa ngokunesiqiniseko phakathi kokuhle nokubi, iqiniso namanga, ubungcwele nokungcola, ubukhulu nobuphansi. Ngale ndlela, isintu esingenalwazi sizokwazi ukungifakazela ukuthi akuyimina owonakalisa isintu, futhi Yimi kuphela—iNkosi yendalo—ongasindisa isintu, engingabeka phezu komuntu izinto zokubathokozisa; futhi bazi ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto nokuthi uSathane ungomunye nje wezidalwa engazidala, wabuye wangiphendukela. Uhlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukene izigaba ezintathu ukuze kutholakale umphumela olandelayo: ukuvumela izidalwa Zami zibe ofakazi Bami, zazi intando Yami, zibone ukuthi ngiyiqiniso.

Kucashunwe “Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2. Izigaba ezintathu zomsebenzi zisekujuleni kwenhliziyo yokuphatha kukaNkulunkulu kukonke, futhi kuzo kuvezwa isimo sikaNkulunkulu nalokho ayikho. Labo abangazi ngezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu abakwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu usiveza kanjani isimo Sakhe, futhi ababazi ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, futhi baqhubeka nokungabi nalwazi ngezindlela eziningi asindisa ngazo isintu, kanye nentando Yakhe ngesintu sisonke. Izigaba ezintathu zomsebenzi zingukuvezwa okuphelele komsebenzi wokusindisa isintu. Labo abangazazi izigaba ezintathu zomsebenzi bazohlala bengenalwazi ngezindlela nemiyalelo ehlukene yomsebenzi woMoya oNgcwele; labo ababambelela kakhulu kuphela emfundisweniemfundisweni esalayo esigabeni esisodwa somsebenzi ngabantu abakhawulisa uNkulunkulu emfundisweni, kanti ukholo lwabo kuNkulunkulu aluqondakali futhi alunasiqiniseko. Abantu abanjalo abasoze bathola insindiso kaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kuphela ezingaveza ngokuphelele isimo sikaNkulunkulu sisonke, futhi ziveze ngokuphelele inhloso kaNkulunkulu yokusindisa isintu sisonke, kanye nenqubo yonke yokusindiswa kwesintu. Lokhu ubufakazi bokuthi usemhlulile uSathane waphinde wazuza isintu, kuwubufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu, futhi kungukuvezwa kwesimo sikaNkulunkulu sisonke.

Kucashunwe “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. Uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukaniswe lwaba yizigaba ezintathu zomsebenzi. Asikho isigaba esisodwa esingamelela zontathu izinkathi kodwa kunalokho singamelela ingxenye eyodwa yakho konke. Igama likaJehova ngeke lisimelele sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi wenze umsebenzi eNkathini Yomthetho akusho ukuthi angaba nguNkunkulu kuphela ngaphansi komthetho. UJehova wahlela imithetho yomuntu futhi waloba phansi imiyalo, ecela abantu ukuba bakhe ithempeli nama-altare; umsebenzi awenza umelele iNkathi Yomthetho kuphela. Umsebenzi awenza awusho ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu oyala abantu ukuba bagcine umthetho, uNkulunkulu osethempelini noma uNkulunkulu ophambi kwe-altare. Lokhu akunakushiwo. Umsebenzi ngaphansi komthetho umelela kuphela inkathi eyodwa. Ngakho, uma uNkulunkulu enze umsebenzi eNkathini Yomthetho kuphela, umuntu ubengachaza uNkulunkulu athi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu osethempelini. Ukuze sikhonze uNkulunkulu, kumele sigqoke izingubo zabapristi bese singena ethempelini.” Ukube umsebenzi oseNkathini Yomusa awuzange wenziwe futhi ukube iNkathi Yomthetho iqhubekile kwaze kwaba namuhla, umuntu ubengeke akwazi ukuthi uNkulunkulu unesihe nothando. Ukube umsebenzi weNkathi Yomthetho awuzange wenziwe, kodwa kwenziwe kuphela umsebenzi weNkathi Yomusa, umuntu ubeyokwazi kuphela ukuthi uNkulunkulu angamkhulula umuntu futhi amthethelele izono. Abantu bebeyokwazi kuphela ukuthi ungcwele futhi akanacala, angazidela futhi abulawe ngenxa yomuntu. Umuntu ubeyokwazi lokhu kuphela futhi angakuqondi okunye. Ngakho inkathi ngayinye imelele isimo sikaNkulunkulu. INkathi Yomthetho imelele izingxenye ezithile, iNkathi Yomusa imelele izingxenye ezithile futhi lena imelele okunye. Isimo sikaNkulunkulu singambulwa ngokuphelele ngokuhlanganisa lezi zinkathi ezintathu. Umuntu angakuqonda kahle kuphela lapho eziqaphela zonke lezi zigaba. Kungeqiwe nesisodwa isigaba. Isimo sikaNkulunkulu semvelo niyokwazi ukusiqonda ngokuphelele lapho senazi lezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ukuqeda kukaNkulunkulu umsebenzi Wakhe ngeNkathi Yomthetho akusho ukuthi unguNkulunkulu ongaphansi komthetho nokuthi ukupheleliswa komsebenzi Wakhe wokukhulula isintu akubonisi ukuthi uNkulunkulu uyohlezi ekhulula abantu. Le yimiphumela yokucabanga kwabantu. INkathi Yomusa isifike ekugcineni, kodwa angeke uthi uNkulunkulu ungowesiphambano kuphela nokuthi isiphambano sisho ukusindisa kukaNkulunkulu. Uma nenza kanjalo, nichaza uNkulunkulu. Kulesi sigaba, uNkulunkulu umane enza umsebenzi wezwi kodwa ngeke nithi uNkulunkulu akasoze aba nesihe kubantu nokuthi konke akulethile ukusola nokwahlulela. Umsebenzi wezinsuku zokugcina ubeka obala umsebenzi kaJehova nokaJesu nazo zonke izimfihlakalo umuntu angaziqondi. Lokhu kwenziwe ukuze kwambulwe isiphetho sohambo nokuphela komuntu bese kuphetha wonke umsebenzi wensindiso esintwini. Lesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina siphetha zonke izinto. Zonke izimfihlakalo ezingaqondwa ngumuntu kumele zicaciswe ukuze umuntu athole ukwazi ngazo futhi azazi enhliziyweni. Kungaleyo nkathi lapho abantu beyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo zabo. Kusekupheleni kohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha kuphela lapho abantu beyoqonda isimo siNkulunkulu ngokuphelele, ngoba ukuphatha Kwakhe kuyobe sekufike ekugcineni.

Kucashunwe “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Asikho isigaba ezigabeni ezintathu esingaphakanyiswa njengombono okuyiwona kuphela ofanele waziwe isintu sonke, ngoba umsebenzi wensindiso sewu wonke uyizigaba ezintathu zomsebenzi, hhayi isigaba esisodwa phakathi kwazo. Inqobo uma umsebenzi wensindiso ungakafezeki, ukuphatha kukaNkulunkulu ngeke kukwazi ukufika ekupheleni okuphelele. Ubuyena, isimo, kanye nokuhlakanipha kukaNkulunkulu buvezwa emsebenzini wensindiso sewu wonke, abuvezwanga kumuntu ekuqaleni kakhulu, kodwa kuvezwe kancane kancane emsebenzi wensindiso. Isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso siveza ingxenye yesimo sikaNkulunkulu, kanye nengxenye yobuyena; Akuzona zonke izigaba zomsebenzi ezingaveza ngqo futhi ezingaveza ngokuphelele Ubuyena sebubonke bukaNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi wensindiso ungaphethwa uma izigaba ezintathu zomsebenzi seziphothuliwe, ngakho ulwazi lo muntu ngakho konke ngoNkulunkulu, lungehlukaniswe nezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu. Lokho umuntu akuzuzayo esigabeni somsebenzi esisodwa kumane kuyisimo sikaNkulunkulu esivelayo engxenyeni eyodwa yomsebenzi Wakhe. Akukwazi ukumela isimo nobuyena okuvela ezigabeni ezingaphambili noma ezingemuva. Lokhu yingoba umsebenzi wokusindisa umuntu ngeke uqedwe khona manjalo esikhathini esisodwa, noma endaweni eyodwa, kodwa kancane kancane uya ujula ngangezinga lokuthuthuka komuntu ezikhathini nasezindaweni ezihlukene. Kuwumsebenzi owenziwa ngezigaba, futhi awupheli ngesigaba esisodwa. Ngakho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu sekukonke kucaciswa ezigabeni ezintathu kunasesigabeni esisodwa. Ubuyena bubonke nobuhlakani Bakhe bubonke bendlalwe kulezi zigaba ezintathu, futhi isigaba ngasinye siphethe ubuyena Bakhe, futhi siwumbhalo wokuhlakanipha komsebenzi Wakhe. Umuntu kufanele azi isimo sisonke sikaNkulunkulu esivezwa kule zigaba ezintathu. Konke lokhu ngobuyena bukaNkulunkulu kubaluleke kakhulu impela esintwini sonke, futhi uma abantu bengenalo lolu lwazi uma bekhonza uNkulunkulu, abahlukile kulabo abakhonza uBuddha. Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu awufihliwe kumuntu, futhi kufanele waziwe yibo bonke labo abakhonza uNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu esezenzile lezi zigaba ezintathu zomsebenzi wensindiso phakathi kwabantu, umuntu kufanele azi ukuvezwa kwalokho anakho nayikho ngezikhathi zalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ilokhu okufanele kwenziwe umuntu.

Kucashunwe “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumlando ngomsebenzi wonke kaNkulunkulu, ziwumlando wokusindiswa kwesintu futhi aziqanjiwe nje. Uma nifisa ngempela ukuthola ulwazi ngesimo sikaNkulunkulu sisonke, kufanele nizazi izigaba ezintathu zomsebenzi owenziwa nguNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, akufanele neqe inoma isiphi isigaba. Lesi yisiqalo nje okufanele babe naso labo abafuna ukwazi uNkulunkulu. Umuntu uqobo akakwazi ukuzakhela ngokwakhe ulwazi lweqiniso lukaNkulunkulu. Akuyona into umuntu uqobo angayicabanga nje, futhi akuwona umphumela womusa okhethiwe uMoya oNgcwele awunike umuntu oyedwa. Kunalokho, kuwulwazi olufika emuva kokuthi umuntu esezizwele umsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngulwazi lukaNkulunkulu olufika kuphela emuva kokuzizwela amaqiniso omsebenzi kaNkulunkulu. Ulwazi olunje ngeke lutholakale ngomcabango ozifikelayo nje, futhi aluyona into engafundiswa. Luphathelene ngokupheleleyo nodlule kukhona mathupha. Ukusindisa isintu kukaNkulunkulu kuwumnyombo walezi zigaba ezintathu zomsebenzi, kepha emsebenzini wensindiso kutholakala izindlela eziningi zokusebenza namasu isimo sikaNkulunkulu esivezwa ngawo. Yilokhu okunzima kakhulu kumuntu ukuthi akukhombe, futhi kunzima kumuntu ukuthi akuqonde. Ukuhlukaniswa kwezinkathi, izinguquko emsebenzini kaNkulunkulu, izinguquko esizindeni somsebenzi, izinguquko kubemukeli balo msebenzi, njalo njalo—konke lokhu kutholakala ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Ikakhulukazi, umehluko endleleni uMoya oNgcwele asebenza ngayo, kanye ngezinguquko esimweni sikaNkulunkulu, isiqu, igama, ubunjalo, noma ezinye izinguquko, konke kuyingxenye yezigaba ezintathu zomsebenzi. Isigaba esisodwa somsebenzi singamela ingxenye eyodwa kuphela, futhi sigcina esilinganisweni esithile. Asifaki ukwehlukana kwezinkathi, noma izinguquko emsebenzini kaNkulunkulu, kungasaphathwa okwezinye izingxenye. Leli iqiniso elisobala. Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu sewuwonke. Umuntu kufanele awazi umsebenzi kaNkulunkulu kanye nesimo sikaNkulunkulu emsebenzini wensindiso, futhi ngaphandle kwaleli qiniso, ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lungamazwi ayize, aluyilutho ngaphandle kokubeka imibono engasho lutho.

Kucashunwe “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Kusukela emsebenzini kaJehova kuya kokaJesu, futhi kusukela emsebenzini kaJesu kuya kulowo wesigaba samanje, lezi zigaba ezintathu zihlanganisa ngentambo enganqamuki bonke ububanzi bokuphatha kukaNkulunkulu futhi yonke iyimisebenzi eyenziwa nguMoya owodwa. Kusukela ekudalweni komhlaba, uNkulunkulu yilokhu esebenza ephatha isintu. UyiSiqalo neSiphetho, futhi uyiLowo oqala inkathi naLowo ophetha inkathi. Izigaba ezintathu zomsebenzi, ezinkathini ezehlukene nasezindaweni ezehlukene, ngaphandle kwephutha zingumsebenzi woMoya owodwa. Bonke labo abahlukanisa lezi zigaba baphikisa uNkulunkulu. Manje, kumele uqonde ukuthi wonke umsebenzi kusukela esigabeni sokuqala kuze kube namuhla uwumsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, umsebenzi woMoya owodwa. Ngalokhu akukho kungabaza.

Kucashunwe “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

7. Umsebenzi walo lonke uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, wenziwa nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Isigaba sokuqala—ukudalwa komhlaba—kwenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi ukuba kwakungenziwanga, kwakungekho omunye owayengakwazi ukudala isintu; isigaba sesibili kwaba ukuhlengwa kwesintu sonke, nakho kwenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe; isigaba sesithathu sisobala: Kunesidingo esikhulu nakakhulu sokuba isiphetho sawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu senziwe nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe mathupha. Umsebenzi wokuhlenga, wokunqoba, wokuzuza kanye nokuphelelisa isintu sisonkana wonke wenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Uma ubengawenzanga lo msebenzi mathupha, ubunjalo Bakhe bebungeke bumelwe ngumuntu, noma umsebenzi wakhe wenziwe ngumuntu. Ukuze ehlule uSathane, ukuze azuze isintu, futhi ukuze anike umuntu impilo ejwayelekile emhlabeni, uhola umuntu mathupha futhi asebenze phakathi kwabantu mathupha; ngenxa yohlelo lwakhe lokuphatha lulonke, futhi ngenxa yomsebenzi wakhe wonke, kufanele awenze yena mathupha lomsebenzi.

Kucashunwe “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. Izigaba ezintathu zomsebenzi zenziwa uNkulunkulu oyedwa; lokhu umbono omkhulu kunayo yonke, futhi iyona kuphela indlela yokwazi uNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi bezingenziwa uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi akekho umuntu ongamenzela lo msebenzi—okusho ukuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela obengenza umsebenzi Wakhe siqu kusukela ekuqaleni kuze kube manje. Nakuba izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwe ezinkathini nasezindaweni ezehlukene, futhi nakuba umsebenzi wazo ngasinye uhlukile, wonke umsebenzi wenziwe nguNkulunkulu oyedwa. Emibonweni iyonke, lona umbono omkhulu kunayo yonke umuntu okufanele ayazi, futhi uma uqondwa ngokuphelele umuntu, ngakho uyokwazi ukuma aqine.

Kucashunwe “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

9. Umsebenzi osuwenziwa manje usuqhubele phambili umsebenzi weNkathi Yomusa; okusho ukuthi, umsebenzi wohlelo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha uqhubekele phambili. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi wanamuhla ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi Yomusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi Yomthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi ikhongco ngalinye eketangweni lixhumene ngokuqinile kwelinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulowo owenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, bekuyofuneka kube khona okunye ukubethelwa kulesi sigaba, futhi umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini bekuzodingeka ukuba uphindwe. Lokhu bekungeke kube namqondo. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili futhi nezinga lomsebenzi seliphakanyiselwe phezudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi Yomthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba asikhona ukuqala kabusha. Ngukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha.

Kucashunwe “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

10. Ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kwahlukaniseke izigaba ezintathu, futhi esigabeni ngasinye, kudingeka okufanele leso sigaba kumuntu. Phezu kwalokho, njengoba kuhamba iminyaka futhi iqhubekela phambili, okudingwa uNkulunkulu kumuntu kuyaphakama kakhulu. Ngakho, esigabeni nesigaba, umsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ufinyelela esicongweni, umuntu aze abone iqiniso “ngokubonakala Kwezwi enyameni,” futhi ngale ndlela okudingeka kumuntu kuphakama kakhulu, futhi okudingeka kumuntu ekufakazeni kuphakama ngaphezu kwalokho. Uma umuntu ekhula emandleni okusebenzisana noNkulunkulu ngokweqiniso, iyakhula indlela adumisa ngayo uNkulunkulu. Ukusebenzisana Naye komuntu kuwubufakazi okudingeka ukuthi abe nabo, futhi ubufakazi anabo buwukwenza komuntu. Ngakho, ukuthi ngabe umsebenzi kaNkulunkulu unomthelela ofunekayo, nokuthi ngabe bukhona ubufakazi bangempela, kuxhunyaniswe kakhulu nokusebenzisana kanye nobufakazi bomuntu. Uma sewuqediwe umsebenzi, okusho ukuthi, uma konke ukuphatha kukaNkulunkulu kufinyelela esiphethweni, umuntu kuzodingeka ukuthi abe nobufakazi obuphakeme kakhulu, futhi uma umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela esiphethweni, ukungena komuntu kufinyelela esicongweni. Phambilini, kwakudingeka ukuthi umuntu ahambisane nomthetho kanye nemiyalelo, futhi kwakudingeka ukuthi abakezele futhi athobeke. Namuhla, kudingeka ukuthi umuntu alalele zonke izinhlelo zikaNkulunkulu futhi abe nothando oluphakeme lukaNkulunkulu, futhi ekugcineni kudingeka ukuthi aqhubeke nokuthanda uNkulunkulu phakathi kokuhlushwa. Lezi zigaba ezintathu zidingwa uNkulunkulu kumuntu, isinyathelo nenesinyathelo, ekuphatheni Kwakhe kukonke. Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sijula ngaphezu kwesokugcina, futhi esigabeni ngasinye okudingeka kumuntu kukhulu kakhulu kunokokugcina, futhi ngale ndlela, ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kuya ngokuya kuhlangana. Isizathu salokhu ukuthi okudingeka kumuntu kuphakeme kakhulu kunesimo somuntu futhi kusondelene nezilinganiso zikaNkulunkulu, futhi yilapho lapho isintu sonke siya ngokuya sisuka ethonyeni likaSathane kuze kube wukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela ekupheleni nya, isintu sisonke sizobe sisindile ethonyeni likaSathane. Uma sekufika leso sikhathi, umsebenzi kaNkulunkulu uyobe usufinyelele ekupheleni, futhi ukusebenzisana komuntu noNkulunkulu ukuze afinyelele ekuguqukeni kwesimo sakhe kuyobe kungasekho, futhi isintu sonke siyophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu, futhi kusukela lapho, ngeke kusaba khona ukuhlubuka kuNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke esafuna lutho kumuntu, futhi kuzoba nokusebenzisana okuhle phakathi komuntu noNkulunkulu, okunye kwakho kuzoba impilo yomuntu noNkulunkulu ngokuzwana, impilo evela emuva kokuba ukuphatha kukaNkulunkulu sekuqedwe nya, futhi nomuntu esesindiswe uNkulunkulu ngokugcwele ekuxhakathisweni nguSathane.

Kucashunwe “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

11. Emsebenzini wensindiso yomuntu, izigaba ezintathu zenziwe, okungukuthi impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu ngaphambi kokuhlulwa okuphelele kukaSathane. Kepha iqiniso elingaphakathi lomsebenzi wonkana wempi noSathane imiphumela yawo itholakala ngokuthela umusa phezu komuntu, kanye nokuba umhlabelo wesono womuntu, ukuthethelela izono zomuntu, ukunqoba umuntu, nokuphelelisa umuntu. Empeleni, impi noSathane akukhona ukuhloma izikhali ubhekane noSathane, kodwa insindiso yomuntu, ukusebenza impilo yomuntu, kanye nokushintsha isimo somuntu ukuze afakazele uNkulunkulu. USathane unqotshwa kanje. USathane unqotshwa ngokushintsha isimo esikhohlakele somuntu. Uma uSathane esehluliwe, okungukuthi, uma umuntu esesindisiwe ngokuphelele, uSathane ojabhile uyoboshwa ngokuphelele, futhi ngaleyo ndlela, umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, ingqikithi yensindiso yomuntu impi noSathane, kanti impi noSathane ibonakaliswa esikakhulukazi ensindisweni yomuntu.

Kucashunwe “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

12. UNkulunkulu wadala abantu futhi wababeka emhlabeni, laba aye wabahola kwaze kwaba manje. Wabe esesindisa abantu waba njengomnikelo wesono kubantu. Ekugcineni, kusafanele anqobe isintu, asindise sonke isintu futhi asibuyisele esimweni saso sasekuqaleni. Lona umsebenzi uNkulunkulu abelokhu ewenza kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni—wokumbuyisela esimweni sakhe ayeyiso ekuqaleni. Uyomisa umbuso Wakhe futhi abuyise izinto ezifana nesimo sasekuqaleni somuntu, okusho ukuthi uyovuselela igunya emhlabeni nakuyo yonke indalo. Umuntu walahlekelwa inhliziyo eyesaba uNkulunkulu ngemva kokonakaliswa uSathane, futhi walahlekelwa umsebenzi izidalwa zikaNkulunkulu okufanele zibe nawo, waba isitha esingamlaleli uNkulunkulu. Umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi walandela imiyalo kaSathane; ngakho uNkulunkulu wayengenayo indlela yokusebenza phakathi kwezidalwa Zakhe, futhi akakwazanga ukwenza ukuba izidalwa Zakhe zimesabe. Umuntu wadalwa uNkulunkulu, wakhonza uNkulunkulu, kodwa umuntu waqala ukumjikela uNkulunkulu wakhonza uSathane. USathane waba isithixo senhliziyo yomuntu. Ngakho uNkulunkulu walahlekelwa indawo Yakhe enhliziyweni yomuntu, okuwukuthi walahlekelwa incazelo yendalo kaNkulunkulu yabantu, manje ukuze abuyise ayekuhlosile ngendalo Yakhe kumele umuntu ambuyisele esimweni ayeyiso ekuqaleni bese exosha umuntu onesimo esikhohlakele. Ukuze abuyise umuntu kuSathane, kumele asindise umuntu esonweni. Kungale ndlela kuphela angabuyisa ngayo kancane kancane isimo sasekuqaleni somuntu futhi abuyise umsebenzi wasekuqaleni womuntu, futhi ekugcineni uNkulunkulu abuyise umbuso Wakhe. Ukubhujiswa kwabantwana bokungalaleli nakho kuzokwenziwa ukuze umuntu amkhonze kangcono uNkulunkulu futhi aphile kangcono emhlabeni. Njengoba uNkulunkulu adala umuntu, kufanele enze umuntu amkhonze; njengoba uNkulunkulu efisa ukubuyisa umsebenzi wasekuqaleni womuntu, lokho uzokwenza ngokuphelele, ngaphandle kwenkohlakalo. Ukubuyisa igunya Lakhe kusho ukwenza ukuthi umuntu amkhonze futhi amlalele; kusho ukuthi kufanele enze umuntu aphile ngenxa Yakhe futhi ashabalalise izitha Zakhe ngenxa yegunya Lakhe; kusho ukuthi uzokwenza ukuthi yonke ingxenye yakhe yokugcina iqhubeke phakathi kwabantu futhi ngaphandle kokuphikiswa umuntu. Umbuso afisa ukuwumisa embusweni Wakhe. Isintu asifisayo yilesi esimkhonzayo, esimlalela ngokuphelele futhi esinenkazimulo Yakhe. Uma engasisindisi isintu esonakalisiwe, okushiwo indalo Yakhe kuyophenduka ize; ngeke esaba nalo igunya kubantu, futhi umbuso Wakhe ngeke ukwazi ukuba khona emhlabeni. Uma engazibhubhisi lezo zitha ezingamlaleli, ngeke akwazi ukuthola inkazimulo Yakhe egcwele, futhi ngeke akwazi ukumisa umbuso phezu komhlaba. Lezi izimpawu zokuqedwa komsebenzi Wakhe nezimpawu zokufezwa kwezinto Zakhe ezinkulu: ukubhubhisa ngokuphelele labo phakathi kwesintu abangamlaleli, nokuletha ekuphumuleni labo abenziwe baphelela. Lapho isintu sesibuyiselwe esimweni saso sakuqala, lapho abantu bengaqeda imisebenzi yabo, bagcine indawo yabo futhi balalele wonke amalungiselelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyobe eseqoqe iqembu labantu abamkhonzayo emhlabeni, futhi uyomisa nombuso emhlabeni, umbuso ozokhonza Yena. Uyoba nokunqoba kwaphakade emhlabeni, futhi labo abamelene naye bayoshabalala kuze kube phakade. Lokhu kuyobuyisa injongo Yakhe yasekuqaleni ngokudala zonke izinto; futhi kuyobuyisa negunya Lakhe phezu komhlaba, igunya Lakhe phakathi kwazo zonke izinto negunya lakhe phakathi kwezitha Zakhe. Lolu uphawu lokunqoba Kwakhe okuphelele. Kusuka lapho isintu siyongena ekuphumuleni nasekuphileni okulandela umgudu ofanele. UNkulunkulu uyophinde angene ekuphumuleni kwaphakade kanye nabantu, angene ekuphileni okuphakade okungokukaNkulunkulu nomuntu. Ukungcola nokungalaleli kwabantu emhlabeni kuzonyamalala, njengoba kuzoba njalo nangokukhala emhlabeni. Bonke abasemhlabeni abamelana noNkulunkulu ngeke babe khona. UNkulunkulu nabantu abasindisile kuphela okufanele basale; indalo Yakhe kuphela okufanele isale.

Kucashunwe “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

13. Kunjalo ukuphatha kukaNkulunkulu: ukunikezela isintu phezu kukaSathane—isintu esingazi ukuthi uyini uNkulunkulu, ukuthi uyini uMdali, ukhonzwa kanjani uNkulunkulu, nokuthi kungani kunesidingo sokuthobela uNkulunkulu—futhi ukunika inkululeko enkohlakalweni kaSathane. Isinyathelo ngesinyathelo, uNkulunkulu uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, aze umuntu akhonze uNkulunkulu ngokuphelele futhi ashiye uSathane. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Konke lokhu kuzwakala sengathi indaba eyinganekwane, futhi lokho yingoba abazi nhlobo ukuthi zingakanani izinto ezehlele umuntu kule minyaka eyizinkulungwane eziningi eyedlule, kungasaphathwa izindaba ezenzekile emhlabeni jikelele. Futhi, ngaphezu kwalokho, yingoba abakwazi ukuqondisisa izwe elishaqisayo, elifaka ukwesaba kakhulu elikhona ngaleya kwalo mhlaba esiwubonayo, kodwa amehlo abo enyama ayabavimba ukuthi bawubone Kuzwakala kungaqondakali kumuntu, futhi lokho yingoba umuntu akakuqondi ukubaluleka kokusindisa kukaNkulunkulu isintu kanye nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha, futhi akaqondi ukuthi uNkulunkulu ufisa isintu sibe njani ekugcineni. Isintu esifana no-Adamu no-Eva, abangakonakaliswa nguSathane? Cha! Ukuphatha kukaNkulunkulu kwenziwa ukuzuza iqembu labantu abakhonza uNkulunkulu nabamthobelayo Yena. Lesi sintu sonakalisiwe nguSathane, kodwa asisamboni uSathane njengobaba waso; siyabubona ubuso obubi bukaSathane, futhi siyabukhahlela, futhi sifike phambi kwaNkulunkulu ukwemukela isahlulelo nokusola Kwakhe. Uyazi uthi yini embi, nokuthi injani uma uyiqhathanisa nalokho okuyingcwele, futhi uyabona ubukhulu bukaNkulunkulu nobubi bukaSathane. Isintu esinjalo ngeke sisamsebenzela uSathane, noma simkhonze uSathane, noma simenze isithixo uSathane. Yingoba bayiqembu labantu abazuzwe ngempela wuNkulunkulu. Lokhu ukubaluleka kokuphatha isintu kukaNkulunkulu. Ngesikhathi somsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu lesi sikhathi, isintu siwumenziwa wenkohlakalo kaSathane, futhi ngaso leso sikhathi siwumenziwa wensindiso kaNkulunkulu, kanye nento uNkulunkulu noSathane abayilwelayo. Ngesikhathi enza umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu kancane kancane uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, ngakho umuntu uba seduzane kakhulu noNkulunkulu …

Kucashunwe “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

14. Uma izigaba ezintathu zomsebenzi zifika ekupheleni, kuyokwenziwa iqembu lalabo abafakazela uNkulunkulu, iqembu lalabo abamaziyo uNkulunkulu. Bonke laba bantu bayomazi uNkulunkulu futhi bayokwazi ukwenza iqiniso. Bayoba nobuntu nomqondo, futhi bonke bayozazi izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso. Lona umsebenzi oyogcwaliseka ekugcineni, futhi la bantu bangukucaciswa komsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, futhi bangubufakazi obunamandla bokuhlulwa kukaSathane ekugcineni. Labo abangafakazela uNkulunkulu bayokwazi ukuthola isithembiso nesibusiso sikaNkulunkulu, futhi bayoba iqembu eliyosala ekugcineni ngci, elinegunya likaNkulunkulu futhi lifakazela uNkulunkulu.

Kucashunwe “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

15. Emva kokwenza umsebenzi Wakhe weminyaka eyizi-6,000 kuze kube yimanje, uNkulunkulu ubesenze izenzo eziningi, okukhulu kuwukunqoba uSathane nokusindisa sonke isintu. Usebenzisa leli thuba ukuvumela konke okusezulwini, konke okusemhlabeni, konke okusolwandle nakho konke okudalwe uNkulunkulu emhlabeni ukuthi kubone ukuba ngusomandla Kwakhe babone nezenzo zikaNkulunkulu. Uthatha ithuba lokunqoba uSathane ukuze aveze izenzo Zakhe esintwini ukuze abantu bezomdumisa baphakamise ukuhlakanipha Kwakhe kokunqoba uSathane. Konke okusemhlabeni, ezulwini nangaphansi kolwandle kudumisa Yena, kubabaza ubukhulu Bakhe, kubonga izenzo Zakhe zonke kumemeza igama Lakhe elingcwele. Lobu ubufakazi bokunqoba Kwakhe uSathane; okubaluleke kakhulu, kungubufakazi bokusindisa Kwakhe isintu. Yonke indalo kaNkulunkulu iyamkhazimulisa, idumise ukunqoba Kwakhe isitha nokuphumelela Kwakhe imbonge njengeNkosi enkulu enqobile. Inhloso Yakhe akusikho ukunqoba uSathane kuphela, ngakho-ke, umsebenzi Wakhe uqhubeke iminyaka eyizi-6,000. Usebenzisa ukunqoba Kwakhe uSathane ukusindisa isintu; usebenzisa ukunqoba uSathane ukuveza izenzo Zakhe nokwembula udumo Lwakhe. Uzoluthola udumo, nezingelosi zonke zizobona udumo Lwakhe. Izithunywa ezulwini, abantu emhlabeni nayo yonke indalo emhlabeni izobona udumo loMdali. Lona ngumsebenzi awenzayo. Zonke izidalwa Zakhe ezulwini nasemhlabeni zizobona udumo Lwakhe, uzobuya enqobile emva kokuhlula uSathane bese isintu siyamdumisa. Uzobe esephumelele ekufezeni kokubili. Ekugcineni sonke isintu sizonqotshwa Nguye, uzobe esebhubhisa bonke abamenqabayo noma abahlubukayo, okungukuthi, uzobhubhisa bonke abangabaSathane.

Kucashunwe “Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Awekho amazwana:

Thumela amazwana