Ikhasi lokuqala

Amazwi Avelele NgoNkulunkulu Embula Umsebenzi Wenkathi Yomthetho

22. NgeNkathi Yomthetho, uJehova wabeka imiyalelo eminingi uMose okwakufanele ayidlulisele kwabakwa-Israyeli, abamlandela bephuma eGibhithe. UJehova wayinika le miyalelo abakwa-Israyeli, futhi yayingahlobene nabaseGibhithe; yayenzelwe ukungqanda abakwa-Israyeli. UNkulunkulu wasebenzisa imiyalelo ukuze afune izinto kubo. Noma abantu babeligcina iSabatha, noma babehlonipha abazali babo, noma babekhonza izithixo, nokunye nokunye: lezi kwakuyizimiso abantu ababehlulelwa ngazo ukuthi banesono noma balungile. Phakathi kwabo, bakhona ababeshaywa ngumlilo kaJehova, abanye ababekhandwa ngamatshe, nabanye ababethola isibusio sikaJehova, futhi lokhu kwakunqunywa ngokuthi umuntu uyayilalela yini imiyalelo noma cha. Labo ababengaligcini iSabatha babekhandwa ngamatshe. Labo bapristi ababengaligcini iSabatha babeshaywa umlilo kaJehova. Labo ababengabalaleli abazali babo nabo babekhandwa ngamatshe. Konke lokhu kwakuvunywe nguJehova. UJehova wamisa imiyalelo Yakhe kanye nemithetho Yakhe ukuze kuthi lapho ebahola ezimpilweni zabo, abantu balizwe futhi balilalele izwi Lakhe futhi bangamhlubuki. Wasebenzisa le mithetho ukulawula uhlanga lwesintu olwalusanda kuzalwa, ukwakha isisekelo somsebenzi Wakhe owawuseza. Ngakho-ke, ngenxa yomsebenzi owenziwa uJehova, inkathi yokuqala yabizwa ngokuthi iNkathi Yomthetho.

kwesithi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

23. Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi osemthethweni wecebo Lakhe lokuqondisa, wabeka imithetho eminingi eyayilandelwa umuntu. Le mithetho yayenzelwa ukuthi umuntu aphile ngendlela ejwayelekile emhlabeni, ukuphila komuntu okungenakuhlukaniswa noNkulunkulu kanye nesiqondiso Sakhe. UNkulunkulu waqale watshela umuntu indlela yokwakha ama-altare, nokuwamisa. Ngemva kwalokho, watshela umuntu ngendlela yokunikela, washo indlela okwakufanele umuntu aphile ngayo—nokwakufanele akunake ekuphileni, okwakufanele anamathele kukho, okwakufanele nokwakungafanele agxile kukho. Konke uNkulunkulu akuhlelela umuntu kwakumangalisa, futhi ngala masiko, imithetho amisa ngayo izinga lokuziphatha kwabantu, waqonda ukuphila nezisusa zabo emithethweni kaNkulunkulu, wabaqondisa ukuthi beze phambi kwe-altare likaNkulunkulu, nokuthi baphile phakathi kwazo zonke izinto zikaNkulunkulu ayezidalele umuntu ngokuhleleka, ukuvama, nangokusesilinganisweni. UNkulunkulu waqala ukusebenzisa le miyalo elula ukuze abekele umuntu imingcele, ukuze umuntu emhlabeni abe nokuphila okujwayelekile akhonze uNkulunkulu, abe nokuphila okujwayelekile komuntu; leyo indlela ekhethekile yesiqalo seminyaka Yakhe eziyizinkulungwane eziyisithupha yecebo lokuqondisa.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

24. Abantu basendulo babengazi lutho, ngakho kwadingeka ukuthi uNkulunkulu aqale ngokubafundisa izinto eziyisisekelo ukuze baphile, nemithetho eyisidingo ukuze umuntu aphile, wagcwala lezi zinto enhliziyweni kancane kancane, futhi wanika umuntu ukuqonda ngoNkulunkulu kancane kancane nokwazisa kanye nokuqonda ubuholi bukaNkulunkulu, futhi umbono oyisisekelo wobudlelwane obuphakathi komuntu noNkulunkulu, kule miyalelo, nakule mithetho, kwakungamazwi. Ngemva kokufinyelela lokhu, uNkulunkulu wakwazi ukwenza umsebenzi ayezowenza kamuva, ngakho le mithetho nomsebenzi eyenziwa uNkulunkulu phakathi neNkathi Yomthetho kuyidwala lomsebenzi wokusindisa umuntu, kuyisigaba sokuqala secebo likaNkulunkulu lokuqondisa.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

25. Ekuqaleni, ukuqondisa umuntu ngeNkathi Yomthetho yeTestamente elidala kwakufana nokuqondisa ingane. Isintu sokuqala sasingabantwana abazelwe bakaJehova; sasingama-Israyeli. Sasingenakho ukuqonda ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu noma indlela yokuphila emhlabeni. Okusho ukuthi, uJehova wadala isintu, okungukuthi, wadala u-Adamu no-Eva, kodwa akazange abanike imiqondo yokuqonda ukuthi bamhloniphe kanjani uNkulunkulu noma ukulandela imithetho kaJehova emhlabeni. Ngaphandle kokuqondisa mathupha kukaJehova, akekho ongakwazi ngokuqondile lokhu, ngoba ekuqaleni umuntu akazange abe nawo lo mqondo. Umuntu wazi kuphela ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, kodwa okokuthi ahlonishwe kanjani, iyiphi inhlobo yokuziphatha okwakubizwa ngokumhlonipha, umuntu wayengamhlonipha ngaluphi uhlobo lomqondo, noma, yikuphi okwakufanele akunikele ekumhlonipheni: umuntu wayengenamqondo nhlobo. … Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kulapho kuphela umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa lapho kuphela umsebenzi kaNkulunkulu wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

26. Ukuba uJehova wayedale umuntu futhi wambeka emhlabeni ngesizathu sokuzithokozisa Yena, wabe nje esesula izandla Zakhe wamshiya kunokuthi ahlale phakathi kwabantu ukuze abahole isikhathi esithile, sonke isintu sasiyophetha ngokushabalala. Ngisho izulu nomhlaba nazo zonke izinto eziningi azidala, kanye nesintu sonke, konke kwakuyophetha ngokushabalala kugxotshwe ngezinyawo nguSathane. Ngakho isifiso sikaJehova sokuba, “Emhlabeni, okusho ukuthi, phakathi kwendalo Yakhe, kufanele abe nendawo yokuma, indawo engcwele” sasiyodicileleka phansi. Ngakho-ke, emuva kokudala isintu, ukuthi wakwazi ukuhlala phakathi kwaso, ukuze asiqondise ezimpilweni zaso, futhi akhulume naso ephakathi kwaso, konke lokhu kwakungokokufeza isifiso sakhe, nokufeza uhlelo Lwakhe.

kwesithi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

27. Abantu kwa-Israyeli bonke babiza uJehova ngeNkosi yabo. Ngaleso sikhathi, babembona njengenhloko yomndeni wabo, futhi wonke u-Israyeli waba ngumndeni omkhulu lapho wonke umuntu wayekhonza khona iNkosi uJehova. UMoya kaJehova wawuhlala ubonakala kubo, futhi wakhuluma futhi waphimisa iphimbo Lakhe kubona, futhi wasebenzisa insika yefu nomsindo ukuqondisa izimpilo zabo. Ngaleso sikhathi, umoya wahlinzeka ukuqondisa Kwakhe kwa-Israyeli ngokuqondileyo, ukhuluma futhi uphimisa izwi Lakhe kubantu, futhi babona amafu baphinde bezwa ukuduma kwezulu, futhi ngale ndlela waqondisa izimpilo zabo iminyaka eyizinkulungwane eziningi. Ngalokho, ngabantu bakwa-Israyeli kuphela abebehlala bekhonza uJehova.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

28. Ayikho into eyake yaba uphawu eyedlula isigaba sokuqala esenziwa ku-Israyeli: Ama-Israyeli ayengcwele futhi engakhohlakele kunabo bonke abantu, ngakho ukuqala kwenkathi entsha kuleli zwe kwakubaluleke kakhulu. Kungashiwo ukuthi okhokho baso sonke isintu bavela ku-Israyeli nokuthi u-Israyeli waba yindawo okwaqalwa kuyo umsebenzi kaNkulunkulu. Ekuqaleni, laba bantu babengcwele ngezinga eliphezulu futhi bonke babekhonza uJehova nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu kubo wawukwazi ukuthela izithelo ezinhle.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

29. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe kwa-Israyeli kwanika ukuqondiseka kubo bonke abantu ezweni lonke lakwa-Israyeli, futhi ngale ndlela kwakhombisa isintu ukuthi uJehova akakwazi nje kuphela ukuphefumulela umphefumulo kumuntu, ukuze abenempilo evela Kuye, futhi aphakame othulini abe yisidalwa sikaNkulunkulu, kodwa nokuthi wayengangqongqisa isintu ngomlilo, futhi aqalekise isintu, aphinde asebenzise induku Yakhe ukuphatha isintu. Nabo-ke, babona ukuthi uJehova angayihola impilo yomuntu emhlabeni, futhi akhulume aphinde asebenze phakathi kwesintu ngokwamahora emini nawobusuku. Wenza umsebenzi ukuze izidalwa Zakhe zazi ukuthi umuntu wavela othulini olwalucoshwe Nguye, nokuthi ngaphezulu kwalokho, umuntu wayenziwe Nguye. Hhayi lokhu kuphela, kodwa umsebenzi awuqala ku-Israyeli wenziwa ukuze abanye abantu nezizwe (ababengahlukene empeleni no-Israyeli, kodwa ababexhante besuka kubantu bakwa-Israyeli, kodwa beseyinzalo ka-Adamu no-Eva) bathole ivangeli likaJehova ku-Israyeli, ukuze zonke izidalwa ezweni lonke zimhloniphe futhi zimbone emkhulu.

kwesithi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

30. Ngalesi sikhathi, ukubaluleka, inhloso, kanye nezigaba zomsebenzi kaJehova kwa-Israyeli kwakungukuqala umsebenzi Wakhe emhlabeni wonke, okwathi, uthatha u-Israyeli njengesizinda sawo, waya ngokuya wandela kwabeZizwe. Lesi yisimiso asebenza ngaso emhlabeni wonke jikelele—ukwakha isibonelo bese esandisa baze bonke abantu emhlabeni jikelele balemukele ivangeli Lakhe.

kwesithi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

31. Nakuba uJehova wakhuluma amazwi amaningi futhi wenza umsebenzi omningi, wahola abantu ngendlela eyakhayo kuphela, efundisa laba bantu abengenalwazi ukuba babe kanjani ngabantu, baphile kanjani, bayiqonde kanjani indlela kaJehova. Ikakhulukazi, umsebenzi awenza kwakungowokwenza abantu baphile ngendlela Yakhe futhi balandele umthetho Wakhe. Umsebenzi wenziwa kubantu ababengakhohlakele ngokujulile; awuzange wenabele ekuguqulweni kwesimo noma ekukhuleni empilweni. Wayekhathalele kuphela ukusebenzisa imithetho ukunqanda nokulawula abantu. Kuma-Israyeli ngaleso sikhathi, uJehova wayenguNkulunkulu ethempelini nje, uNkulunkulu osemazulwini. Wayeyinsika yefu, eyinsika yomlilo. Konke uNkulunkulu ayefuna bakwenze kwakuwukuthi balalele lokhu abantu banamhlanje abakwazi njengemithetho Yakhe nemiyalelo—umuntu angaze athi nje imigomo—ngoba umsebenzi kaJehova wawungahlosile ukubaguqula kodwa ukubanika ezinye izinto umuntu okufanele abe nazo, ukubatshela ngomlomo wakhe uqobo, ngoba emuva kokudalwa, umuntu wayengazi lutho ngokuthi kufanele abe nani. Ngakho-ke uJehova wanika abantu izinto okufanele babe nazo ezimpilweni zabo emhlabeni, wenza abantu abaholayo ukuthi babedlule okhokho babo, u-Adamu no-Eva, ngoba lokho uJehova abanika khona kwakudlula lokho ayekade ekunike u-Adamu no-Eva ekuqaleni. Nakuba kunjalo, umsebenzi uJehova awenza kwa-Israyeli kwakungowokuqondisa isintu kuphela nokwenza isintu simazise uMdali waso. Akazange abanqobe noma abaguqule, wamane wabaqondisa. Lokhu yisamba somsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho. Yisendlalelo, indaba eyiqiniso, ingqikithi yomsebenzi Wakhe ezweni lonke lakwa-Israyeli nesiqalo somsebenzi Wakhe weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—ukulawula isintu ngesandla sikaJehova. Kulokhu kwazaleka umsebenzi omningi ohlelweni Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha.

kwesithi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana