Ikhasi lokuqala

Amazwi Avelele Ngomsebenzi KaNkulunkulu Wokwahlulela Nokusola Ezinsukwini Zokugcina

1. Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile. UNkulunkulu uletha bonke asebengene embusweni Wakhe, okusho ukuthi, bonke labo abethembeke Kuye kwaze kwaba sekugcineni, enkathini kaNkulunkulu uqobo. Nokho, ngaphambi kokufika kwenkathi kaNkulunkulu uqobo, umsebenzi uNkulunkulu ayowenza akusikho ukubheka izenzo zomuntu noma ukuphenya ngempilo yomuntu, kodwa ukwehlulela ukuhlubuka kwakhe, ngoba uNkulunkulu uyohlanza labo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi. Bonke labo abalandele ezinyathelweni zikaNkulunkulu kuze kube yilolu suku yibo abeze phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, futhi njengoba kunjalo, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina bayilabo abazocwengisiswa uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina uyokwahlulelwa uNkulunkulu.

“Ukwahlulela” emazwini akhulunywe ngaphambilini - ukwahlulela kuyoqala endlini kaNkulunkulu - kusho ukwahlulela okwenziwa uNkulunkulu namuhla kulabo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi ngezinsuku zokugcina.


kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2. Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu.


kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu.


kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela.


kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu? Ingabe asifani sonke isiqu sikaNkulunkulu? Okwahlulelwayo isiqu sesintu esikhohlakele, isiqu somuntu esonakaliswe uSathane, nazo zonke izono zomuntu. UNkulunkulu akehluleli amaphutha amancane nangabalulekile omuntu. Umsebenzi wokwahlulela kukhona okumelayo, awenziwa ngenxa yomuntu othile kuphela. Kunalokho, uwumsebenzi okwahlulelwa kuwo iqembu labantu ukuze kwahlulelwe sonke isintu. … Nomsebenzi wokwahlulela unjalo. UNkulunkulu akahluleli uhlobo oluthile lomuntu noma iqembu elithile labantu, kodwa wahlulela abangalungile kuso sonke isintu—ukumelana noNkulunkulu kwabantu, ngokwesibonelo, noma ukungamhloniphi, noma ukuphazamiseka komsebenzi kaNkulunkulu, njalo njalo. Okwahlulelwayo yingqikithi yokumelana kwesintu noNkulunkulu futhi lo msebenzi ungumsebenzi wokunqoba ngezinsuku zokugcina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu okubonwa umuntu kuwumsebenzi wakwahlulela ongaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi phakathi nezinsuku zokugcina, izinto ezacatshangwa umuntu esikhathini esedlule. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uwukwahlulela ngqo okungaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi.


kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.


kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

7. Siyonqotshwa kanjani ngempela isintu? Siyonqotshwa kusetshenziswa umsebenzi wamazwi ukuze umuntu aqinisekiswe ngokugcwele; ngokusebenzisa isambulo, isahlulelo, isijeziso, nesiqalekiso esinonya ukuze anqotshwe ngokugcwele; nangokuveza ukuhlubuka komuntu nokwahlulela ukuphikisa kwakhe ukuze azi ngokungalungi kwesintu nokungcola, okuzosetshenziswa ukuze kuvezwe isimo sikaNkulunkulu sokulunga. Ngokuyinhloko, ukusetshenziswa kwala mazwi okuyonqoba umuntu futhi kumqinisekise ngokugcwele.


kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. Ngakho-ke, iyini indlela yokunqoba esemqoka? Ukujezisa, ukwahlulela, ukuqalekisa, nokwembula—ukusebenzisa isimo esilungile ukunqoba abantu ukuze bakholiseke ngokuphelele, begcwele ukuzishaya ezinhliziyweni zabo nasemilonyeni ngenxa yesimo esilungile sikaNkulunkulu. Ukusebenzisa iqiniso lezwi kanye nokusebenzisa igunya lezwi, ukunqoba abantu nokubenza bakholwe ngokuphelele—lokhu kusho ukunqotshwa.


kwesithi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

9. Incazelo yasekuqaleni yomnqobi ukunqoba, ukudumaza. Ngendlela abantu bakwa-Israyeli abayibeka ngayo, ukunqoba ngokuphelele, ukushabalalisa, nokwenza umuntu angakwazi ukungivimbela futhi. Kodwa namuhla njengoba isetshenziswa yinina bantu, incazelo yako ukunqoba. Nifanele ukwazi inhloso Yami ukuqeda nya nokuchitha omubi kubantu, ukuze angaphinde angihlubuke, angabi ngisho nanomoya wokuthikazisa noma wokuphazamisa umsebenzi Wami. Kanjalo, ngokuya ngabantu, kusho ukunqoba.


kwesithi “Kushoni Ukuba Umuntu Woqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

10. Umphumela ongatholakala emsebenzini wokunqoba, ngokuyinhloko ukuthi inyama yomuntu iyeke ukuhlubuka, okusho ukuthi, ingqondo yomuntu imqonde kabusha uNkulunkulu, inhliziyo yakhe imlalele ngokugcwele uNkulunkulu, nokuthi yena abe ngokaNkulunkulu. Indlela isimo noma inyama yomuntu okushintsha ngayo akunqumi ukuthi unqotshiwe yini. Kunalokho, kusuke kuyilapho kushintsha indlela ocabanga ngayo, ukuba nonembeza, nomqondo—okusho ukuthi lapho sonke isimo somqondo wakho sishintsha—lapho niyobe ninqotshwe khona uNkulunkulu. Lapho ninqume ukulalela futhi nabheka izinto ngendlela entsha, lapho ningasafaki imibono noma izinhloso zenu ezwini nasemsebenzini kaNkulunkulu, lapho izingqondo zenu zikwazi ukucabanga ngendlela evamile, okusho ukuthi lapho nikwazi ukuzinikela kuNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yenu—lolu hlobo lomuntu lunqotshwe ngokuphelele.


kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

11. umsebenzi wokunqoba uphumelela ngokuthatha umphumela wawo kanye namathemba okuhle omuntu futhi ahlulele aphinde asole isimo sokudlubulunda somuntu. Akwenzeki ngokukhuluma nizwane nomuntu, okusho ukuthi, ngokunika umuntu izibusiso nomusa, kodwa ngokuveza ukwethembeka komuntu ngokumephuca inkululeko yakhe nokushabalalisa amathemba akhe. Lokhu ingqikithi yomsebenzi wokunqoba.


kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

12. Inkinga enkulu ngomuntu ukuthi akukho okunye akucabangayo ngaphandle komphumela sakhe namathemba akhe, nokuthi ayizithixo kuye. Umuntu uphokophelela uNkulunkulu ngenxa yomphumela namathemba akhe; akadumisi uNkulunkulu ngenxa yothando lwakhe Ngaye. Ngakho, ekunqotshweni komuntu, ukugombela kwesakhe, ukuhala kanye nezinto ezivimbela kakhulu ukukhonza kwakhe uNkulunkulu kufanele ziqedwe nya. Ngokwenze njalo, imiphumela yokunqotshwa komuntu izofezeka. Ngenxa yalokho, ekuqaleni kokunqotshwa komuntu kunesidingo sokukhipha izifiso zakhe ezidlondlobele, kanye nobuthakathaka bomuntu obudala usizi olukhulu, futhi, ngokwenze njalo ukuveza uthando lomuntu ngoNkulunkulu, nokushintsha ulwazi lwakhe ngempilo yomuntu, ukubuka kwakhe uNkulunkulu, kanye nencazelo mayelana nesizathu sokuba khona kwakhe. Ngale ndlela uthando lomuntu ngoNkulunkulu luyahlanzwa, okusho ukuthi, inhliziyo yomuntu iyanqotshwa.


kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

13. Empeleni, ukupheleliswa kwenzeka ngesikhathi esifanayo nokunqotshwa: Ngesikhathi unqotshwa, imithelela yokuqala yokupheleliswa iyabonakala. Lapho kukhona umahluko phakathi kokunqotshwa nokupheleliswa, kuba sezingeni lo shintsho kubantu. Ukunqotshwa isinyathelo sokuqala sokupheleliswa, futhi akusho ukuthi sebepheleliswe ngokuphelele, futhi akukhombisi ukuthi sebezuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Emuva kokuba abantu benqotshiwe, kunezinguquko esimweni sabo, kodwa lezo zinguquko azifiki nakancane kulezo ezikubantu asebezuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu.


kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

14. Isigaba sokugcina sokunqoba sihloselwe ukusindisa abantu nokwambula isiphetho sabantu. Siwukuveza ukonakala ngokwedlulele kwabantu ngokubahlulela nokubenza baphenduke, bavuke, bazabalazele impilo nendlela efanele yokuphila komuntu. Siwukuvusa izinhliziyo zabandikindiki nabanezinhliziyo ezilukhuni nokuveza ukuhlubuka kwabo kwangaphakathi ngokwahlulela. Nokho, uma abantu bengakakwazi ukuphenduka, bengakakwazi ukuhamba endleleni efanele empilweni yomuntu futhi bengakakwazi ukushiya inkohlakalo, khona-ke ngeke batakulwe, uSathane uyobagwinya. Lokhu ukubaluleka kokunqoba—ukusindisa abantu nokwembula iziphetho zabo. Iziphetho ezinhle, iziphetho ezimbi—zonke zembulwe emsebenzini wokunqoba. Ukuthi abantu bayosindiswa noma bayoqalekiswa kwembulwa phakathi nomsebenzi wokunqoba.


kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

15. Umsebenzi wokunqoba owenziwa kini ubaluleke kakhulu. Ngakolunye uhlangothi, inhloso yalo msebenzi ukuphelelisa iqembu labantu, okusho ukuthi, ukubaphelelisa eqenjini labanqobi, njengeqembu lokuqala labantu abaphelelisiwe, okusho ukuthi bayizithelo zokuqala. Ngakolunye uhlangothi, kuwukwenza izinto ezidaliwe zijabulele uthando lukaNkulunkulu, zamukele insindiso enkulu kaNkulunkulu, nensindiso Yakhe egcwele, futhi umuntu abe nomusa, ububele, kodwa okukhulu nakakhulu ukusolwa nokwahlulelwa. Kusukela ekudalweni kwezwe kuze kube manje, konke uNkulunkulu akwenze emsebenzini Wakhe kuwuthando, ngaphandle kokuzonda umuntu. Ngisho nokusola kanye nokwahlulela enikubonile kuwuthando, uthando lweqiniso futhi lwangempela, uthando oluholela umuntu endleleni efanele yokuphila. Okwesithathu, kuwubufakazi phambi kukaSathane. Okwesine, kwakha isisekelo sokusakaza ivangeli esikhathini esizayo.


kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

16. Kufezwa ngani ukupheleliswa komuntu kuNkulunkulu? Ngesimo saKhe sokulunga. Isimo sikaNkulunkulu ekuqaleni senziwe ukulunga, ulaka, ubukhosi, ukwahlulela, kanye nokuqalekisa, kanti nokuphelelisa kwaKhe umuntu kwenzeka ngokwahlulelwa. Abanye abantu abaqondi, babuza ukuthi kungani uNkulunkulu ekwazi ukwenza umuntu apheleliswe ngokwahlulela nokuqalekisa. Bathi uma uNkulunkulu engaqalekisa umuntu, ngeke umuntu afe? Uma uNkulunkulu engahlulela umuntu, ngeke alahlwe? Pho angenziwa kanjani apheleliswe? Amazwi anjengalawa ashiwo ngabantu abangawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Into eqalekiswa uNkulunkulu ukungalaleli komuntu, futhi into ayahlulelayo Yena yizono zomuntu. Yize noma ekhuluma amagama ahlabayo, futhi ngaphandle kozwelo noluncane, uveza konke lokho okungaphakathi kumuntu, futhi ngenxa yalawa mazwi ahlabayo Wambula okusemqoka okungaphakathi kumuntu, kodwa ngokwahlulela okunjenga lokhu, unikeza umuntu ulwazi olujulile lomongo wenyama, futhi ngaleyo ndlela umuntu uzinikela ekuzithobeni phambi kukaNkulunkulu. Inyama yomuntu yenziwe ngesono, kanti ekaSathane, ayilaleli, nokuyilokho uNkulunkulu akusolayo—ngakho-ke, ukuvumela umuntu azazi, amazwi okwahlulela kukaNkulunkulu kufanele amfikele futhi kumele kusetshenziswe lonke uhlobo lokucwenga; yilapho kuphela lapho umsebenzi kaNkulunkulu uzosebenza ngempumelelo.


kwesithi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

17. UNkulunkulu usebenzisa ukwahlulela kwaKhe ukwenza umuntu apheleliswe, ube nothando kumuntu, futhi wamsindisa umuntu—kodwa kungakanani okuqukethwe uthando lwaKhe? Kunokwahlulela, ubukhosi, ulaka, nokuqalekisa. Yize noma uNkulunkulu aqalekisa umuntu ngaphambilini, akazange aphonse umuntu ngaphandle emgodini omnyama ongenasiphelo, kodwa wasebenzisa lokho ukucwenga ukholo lomuntu; akazange ambulale umuntu, kodwa wenza ngendlela yokuba aphelelise umuntu. Umongo wenyama yilowo ongokaSathane—uNkulunkulu wakusho kahle impela—kodwa amaphuzu enziwa nguNkulunkulu akahambisani ngokuphelele namazwi aKhe. Uyakuqalekisa ukuze mhlawumbe umthande, futhi ukuze wazi umongo wenyama; uyakusola ukuze uphaphame, ukuvumela ukuba uwazi ubuthaka bakho obungaphakathi kuwena, kanye nokwazi ukungafaneleki komuntu ngokupheleleyo. Yingakho, iziqalekiso zikaNkulunkulu, ukwahlulela kwakhe, kanye nobukhosi nolaka—konke kunenhloso yokwenza umuntu apheleliswe. Konke lokho uNkulunkulu akwenzayo namuhla, kanye nesimo sokulunga Yena asenza sinikucacele bha—konke kungokokuba umuntu apheleliswe, futhi lunjalo-ke uthando lukaNkulunkulu.


kwesithi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

18. Namhlanje umuntu ukubona lokhu ngomusa, uthando nesihawu sikaNkulunkulu, akakwazi ukwazi ngokweqiniso ngokwakhe, angisaphathi ukwazi umongo womuntu. Kungokubhekana nakho kokubili ukucwengwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu, kuphela ngesikhathi sokucwengwa lapho ungazi ubuthaka bakho, futhi uzazi ukuthi awazi lutho. Ngenxa yalokho-ke uthando lukaNkulunkulu ngomuntu lwakhelwe esisekelweni sokucwengwa nokwahlulelwa nguNkulunkulu. Uma uthokozela umusa kaNkulunkulu kuphela, unempilo yomndeni enokuthula noma ukubusiseka ngezinto eziphathwayo, lapho-ke awukamtholi uNkulunkulu, futhi inkolo yakho kuNkulunkulu ifadabele. UNkulunkulu usevele uwenzile umsebenzi wesiqephu esisodwa womusa enyameni, futhi usevele wathululela izibusiso zezinto eziphathekayo phezu komuntu—kodwa umuntu akakwazi ukupheleliswa ngomusa, uthando, nesihawu kuphela. Lokho umuntu ahlangabezana nakho kunengxenye ethile yothando lukaNkulunkulu, kumenza abone uthando nomusa kaNkulunkulu, kodwa ukuthola lokhu isikhathi esithile, uyabona ukuthi umusa kaNkulunkulu nothando lwaKhe kanjalo nomusa akukwazi ukwenza umuntu apheleliswe, futhi akukwazi ukuveza lokho okuyinkohlakalo phakathi kumuntu, futhi akukwazi ukuqeda isimo somuntu esikhohlakele, noma ukwenza uthando nokholo lwakhe lupheleliswe. Umsebenzi kaNkulunkulu womusa kwaba umsebenzi wesikhathi esisodwa, futhi umuntu akakwazi ukuncika ekuthokozeleni umusa kaNkulunkulu ukuze azi uNkulunkulu.


kwesithi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

19. Engikushoyo namuhla ukwahlulela izono zabantu kanye nokungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabantu. Ukukhohlisa nokugwegwa kwabo, kanye namazwi nezenzo zabo, zonke lezi zinto ezingahambisani nentando Yakhe kuzobhekana nokwahlulelwa, futhi ukuhlubuka kwabantu kuyalahlwa njengokuyisono. Ukhuluma ngokuvumelana nezimiso zokwahlulela, futhi uveza isimo Sakhe sokulunga ngokwahlulela ukungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabo, futhi adalule bonke ubuso babo obubi.


kwesithi “Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

20. UNkulunkulu unezindlela eziningi zokuphelelisa umuntu. Usebenzisa zonke izindlela zezimo ukuze abhekane nesimo sokukhohlakala somuntu, asebenzise izinto ezehlukene ukuze abeke umuntu obala; ngakolunye uhlangothi ubhekana nomuntu, ngakolunye ubeka umuntu obala, kolunye uveza umuntu, agubhe aveze “izimfihlakalo” zisekujuleni kwenhliziyo yomuntu, akhombise umuntu ubunjalo bakhe ngokuveza izimo zakhe eziningi. UNkulunkulu uphelelisa umuntu ngezindlela eziningi—ngezambulo, ngokubhekana naye, ngokumcwengisisa, nokumsola—ukuze umuntu akwazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu owenzayo.


kwesithi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

21. Ukucwengwa akuchazi ukususa abantu phambi kukaNkulunkulu, futhi akuchazi ukubashabalalisa esihogweni. Kuchaza ukushintsha isimo somuntu ngesikhathi sokucwengwa, ukushintsha izintshisekelo zakhe, imibono yakhe yakudala, ukushintsha uthando lwakhe ngoNkulunkulu, kanye nokushintsha impilo yakhe yonke. Ukucwengwa ukuvivinywa kwangempela komuntu, kanye nendlela yangokoqobo yokuqeqeshwa, futhi kungesikhathi sokucwengwa kuphela lapho uthando lwakhe lungenza umsebenzi walo ophelele.


kwesithi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Athande UNkulunkulu Ngokweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

22. Kudingeka wazi ukuthi ukuphelelisa umuntu, ukuqedela umuntu, kanye nokuzuza umuntu akulethanga lutho ngaphandle kwenkemba nokushaywa enyameni yabo, kwaletha futhi ukuhlupheka okungenamkhawulo, ukuvutha komlilo, ukwahlulelwa okungenamusa, ukujeziswa, nesiqalekiso, kanjalo nezilingo ezingapheli. Injalo ke indaba neqiniso lomsebenzi wokulawula umuntu. Noma kunjalo, zonke lezi zinto zibhekiswe enyameni yomuntu, futhi konke ukuhlasela kwemikhonto kubhekiswe enyameni yomuntu (ngoba ekuqaleni umuntu wayemsulwa). Konke lokho kungenxa kodumo lwaKhe nobufakazi, kanye nokulawula kwaKhe. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi waKhe inhloso yawo akuyona nje eyomuntu, kodwa eyecebo lonke kanye nokugcwaliseka kwentando yaKhe yokuqala ngenkathi edala umuntu. Ngakho-ke, mhlawumbe ingxenye engamaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye abantu ababhekana nayo ukuhlupheka nezilingo, futhi zimbalwa kakhulu noma azikho izinsuku ezimnandi nezenjabulo umuntu alokhu ekade ezilangazelela, futhi ziningi nakakhulu izikhathi ezimnandi ezingathokozeleki enyameni kuchithwa ubusuku obuhle noNkulunkulu. Inyama ingcolile, ngakho lokho inyama yomuntu ekubonayo noma ekuthokozelayo akukho ngaphandle kokujeziswa nokuyinto umuntu angayithandi, futhi kube sengathi akunakucabanga okuphusile. Lokhu kungenxa yokuthi uzoveza isimo saKhe sokulunga esingathandwa umuntu, akabekezeleli iziphosiso zomuntu, futhi uyenyanya izitha. UNkulunkulu usiveze ngokusobala sonke isimo saKhe nganoma yiziphi izindlela ezifanele, ngaleyo ndlela wawuphetha umsebenzi waKhe wempi yaKhe noSathane yeminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—umsebenzi wosindiso lwawo wonke umuntu kanye nokubhujiswa kukaSathane wasemandulo!


kwesithi “Inhloso Yokwengamela Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

23. Eqinisweni, umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo zezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo. Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu. Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane. Ngokwanda kwalolu hlobo lwesijeziso nesahlulelo, yilapho inhliziyo yomuntu ingalimala kakhulu futhi yilapho umoya wakhe ungaphaphanyiswa. Ukuphaphamisa imimoya yalaba bantu abakhohlakele ngokweqile futhi abakhohliswe ngokujulile, yinhloso yalolu hlobo lokwahlulela. Umuntu akanamoya, okusho ukuthi, umoya wakhe wafa kudala kanti akazi ukuthi kukhona izulu, akazi ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi akazi nangempela ukuthi uyazabalaza egodini lokufa; kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uphila kulesi sihogo esibi emhlabeni? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi lesi sidumbu sakhe esibolayo sinani, ngenxa yokukhohlakala kukaSathane, sesiwele eHayidesi yokufa? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi yonke into emhlabeni yoniwe yisintu nokuthi ngeke iphinde ilungiseke? Futhi kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uMdali uze emhlabeni namhlanje ukuzofuna idlanzana labantu abakhohlakele angabasindisa? Nangemva kokuba umuntu esezwe yonke inhlobo yokucwengwa nokwahlulelwa, isazela sakhe esifiphele, asithinteki nakancane, futhi sicishe singakwazi nhlobo ukuphendula. Isintu sikhohlakele ngokweqile! Lolu hlobo lokwahlulelwa lufana nesichotho esinesihluku esisuka esibhakabhakeni, luwusizo olukhulu kakhulu kumuntu. Ngaphandle kokwahlulela abantu kanje, ngabe akukho mphumela futhi bekuyoba nzima kakhulu ukusindisa abantu kuleliwa losizi. Ngaphandle kwalo msebenzi, bekuzoba nzima kakhulu ukuthi abantu baphume eHayidesi ngoba izinhliziyo zabo kade zafa kudala kanye nemimoya yabo kudala yaxovwa ngezinyawo nguSathane. Ukusindisa wena osubishe ekujuleni kokonakala kudinga ukuthi umenyezwe kanzima, wahlulelwe ngomfutho, yilapho-ke kuphela leyo nhliziyo yakho ebanda qa iyophaphama.


kwesithi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

24. UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini.


kwesithi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

25. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso.


kwesithi “Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

26. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu. Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela embusweni Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo.


kwesithi “Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

27. Nonke niphila endaweni yesono futhi aninasimilo; nonke nixegelwa yisimilo futhi niyizoni. Namuhla anigcini nje ngokubona uNkulunkulu, kodwa okubaluleke nakakhulu, namukele ukusolwa nesahlulelo, namukele insindiso enkulu, okusho ukuthi, namukele uthando olukhulu lukaNkulunkulu. Kodwa akwenzayo kuwuthando lweqiniso kini; akanazo izinhloso ezimbi. Unahlulela ngenxa yezono zenu, ukuze nizihlole bese namukela insindiso enkulu. Konke lokhu kwenziwa kumuntu osebenzayo. Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, uNkulunkulu ubelokhu enza lokhu ukuze asindise umuntu, futhi akazimisele nhlobo ukubhubhisa abantu abadale ngezandla Zakhe. Manje uzele ukuzosebenza phakathi kwenu; akuyona yini enye insindiso lena? Uma enizondile, ingabe ubezowenza umsebenzi omkhulu kangako wokunihola ngokuqondile? Kungani kufanele ahlupheke kanjalo? UNkulunkulu akakuzondi noma abe nezinhloso ezimbi ngawe. Kufanele nazi ukuthi uthando lukaNkulunkulu lulwedlula lonke uthando lweqiniso. Ukungalaleli kwabantu okwenza uNkulunkulu abasindise ngokubahlulela; kungenjalo bebengeke basindiswe. Njengoba ningazi ukuthi nikuqondise kanjani ukuphila noma ukuthi niphile kanjani futhi nixegelwa yisimilo, niphila nasendaweni yesono futhi ningodeveli abenyanyekayo, uNkulunkulu akanayo inhliziyo yokunivumela nikhohlakale nakakhulu; futhi akanayo nenhliziyo yokunivumela niphile endaweni engcole kanje, nidlale uSathane, futhi akanayo inhliziyo yokunivumela niwele eHayidesi. Uma nje ufuna ukuzuza leli qembu lenu anisindise ngokuphelele. Lena inhloso eyinhloko yokwenza umsebenzi wokunqoba kini—kungokwensindiso kuphela.


kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

28. Nakuba sengiwakhulumile amazwi amaningi okusola nesahlulelo, akenzelwanga nina. Ngize ukuzokwenza umsebenzi Wami, nokukhuluma amazwi Ami, nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunywa ukuze ahlulele inkohlakalo yenu nokuhlubuka kwenu. Inhloso Yami yokwenza lokhu kusangukusindisa abantu, inhloso Yami akusiko ukulimaza abantu ngamazwi Ami. Amazwi Ami aqinile ukuze kube khona imiphumela efezwa umsebenzi Wami. Kungokusebenza ngale ndlela kuphela lapho abantu bengakwazi khona ukuzazi futhi bengahlukana nesimo sabo sokuhlubuka.


kwesithi “Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

29. Umsebenzi wokwahlulela Kwami ukwenza umuntu angilalele kangcono, nomsebenzi wokusola Kwami ukuvumela umuntu ukuba aguquke ngokunomthelela ongcono. Nakuba engikwenzayo kungenxa yokuphatha Kwami, angikaze ngenze noma yini engeyona inzuzo kumuntu. Lokhu kungoba ngifuna ukwenza zonke izizwe ngaphandle kuka-Israyeli zilalele njengama-Israyeli futhi ngizenze abantu bangempela, ukuze ngibe nendawo emazweni angaphandle kuka-Israyeli. Lokhu ukuphatha Kwami; kungumsebenzi engiwufezayo emazweni abeZizwe.


kwesithi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

30. Nakuba ukusola nokwahlulela kuwukucwengwa futhi kuyizinto ezingenamusa kumuntu, kuhloselwe ukujezisa izono nenyama yakhe, awukho umsebenzi kulona ohloselwe ukuyala nokubhubhisa inyama yakhe. Iziphetho ezinkulu zezwi zonke zihloselwe ukukuholela endleleni efanele. Senibhekane nokuningi kakhulu kulo msebenzi, ngokusobala akuniholelanga endleleni yokukhohlakala! Konke kuhloselwe ukunenza niphile ngendlela ejwayelekile; konke kungafezwa ubuntu benu obujwayelekile. Zonke izigaba zomsebenzi ezenziwayo zisekelwe ezidingweni zenu, ebuthakathakeni benu, nasesimweni senu sangempela, futhi awukho umthwalo ongathwaleki obekwe emahlombe enu. Nakuba ningakwazi ukukubona ngokucacile lokhu futhi nicabanga ukuthi nginokhahlo kini, nakuba nicabanga ukuthi into eyenza nginijezise futhi nginisole nsuku zonke ukuthi ngiyanizonda, futhi nakuba nisolwa futhi nahlulelwa, empeleni konke kuwukunibonisa uthando, nesivikelo esikhulu kini.


kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

31. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlanza kuphela oyohlanza isintu ekungalungini kwaso, futhi umsebenzi Wakhe wokusola nokwahlulela kuphela oyoletha ukukhanya ezintweni ezingalaleli eziphakathi kwesintu, ngalokho wehlukanise labo abangasindiswa kulabo abangeke basindiswe, nalabo abayosala kulabo abangeke basale. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu uphela, abantu abayosala bayohlanzwa futhi bajabulele okunye ukuphila kwabantu okumangalisayo emhlabeni njengoba bengena endaweni ephakeme yabantu; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile.


kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

32. Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile.


kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

33. Ekugcineni, uzoshisa konke okungcolile nokungalungile kubantu emhlabeni wonke jikelele, ukubakhombisa ukuthi akayena uNkulunkulu womusa nothando kuphela, uNkulunkulu wobuhlakani nezimangaliso kuphela, uNkulunkulu ongcwele kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho, unguNkulunkulu owahlulela abantu. Kulabo ababi phakathi kwabantu, ungukushisa, ukwahlulela kanye nokusola; kulabo okufanele bapheleliswe, uwukuhlupheka, ukucwengwa, ukulingwa kanye nokunethezeka, ukuhlinzekwa, ukunikezwa amazwi, ukubheka, nokuthena. Kanti kulabo abakhishiwe, uwukujezisa kanye nokushaywa.


kwesithi “Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

34. Ufanele ukubona ukuthi intando nomsebenzi kaNkulunkulu akulula njengokudalwa kwezulu nomhlaba nazo zonke izinto. Umsebenzi wanamuhla ukuguqula labo abonakalisiwe, abangenamizwa, nokuhlanza labo abadaliwe bahlukunyezwa nguSathane, hhayi ukudala u-Adamu noma u-Eva, hhayi nokwenza ukukhanya noma ukudala zonke izinhlobo zezithombo nezilwane. Umsebenzi Wakhe manje ukuhlanza bonke labo abonakalisiwe nguSathane ukuze bazuzwe kabusha babe ngabantu Bakhe babe inkazimulo Yakhe. Umsebenzi onjalo awulula njengoba umuntu ecabanga ngokudalwa kwezulu nomhlaba nezinto zonke ezikhona, futhi akufani nomsebenzi wokuqalekisela uSathane emgodini ongenamkhawulo njengoba umuntu ecabanga. Kodwa, ukuguqula umuntu, ukuguqula lokho okungekuhle kube okuhle nokuthatha lokho okungekona okwakhe kube okwakhe. Le indaba yangaphakathi yaleli banga lomsebenzi kaNkulunkulu. Ufanele uyazi, futhi ungenzi lula kakhulu izinto. Umsebenzi kaNkulunkulu awufani nanoma yiwuphi umsebenzi ojwayelekile. Ubukhulu bawo abuqondakali emqondweni womuntu, kanti ubuhlakani bawo angeke baziwe wumuntu. UNkulunkulu akadali zonke izinto kanti futhi akazibhidlizi. Kodwa, uguqula yonke indalo Yakhe ahlanze zonke izinto ezoniwe uSathane. Ngakho-ke uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omkhulu kanti lokhu kuwukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu.


kwesithi “Ngabe Umsebenzi kaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana