Ikhasi lokuqala

Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade

 Ingqikithi yenkolelo yabantu abaningi kuNkunkulu iwukuqiniseka ngenkolo: Abanawo amandla okuthanda uNkulunkulu, bakwazi kuphela ukumlandela njengerobhothi, abakwazi ukulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso noma ukumdumis
Bamlandela nje buthule. Abantu abaningi bayakholwa kuNkulunkulu, kodwa bayingcosana kakhulu abathanda uNkulunkulu; bamhlonipha kuphela uNkulunkulu ngenxa yokwesaba inhlekelele, noma bababaza uNkulunkulu ngoba uphakeme futhi unamandla—kodwa ekumdumiseni nasekumbabazeni kwabo alukho uthando noma ukulangazelela kwangempela. Kulokho abadlula kukhona bafuna imininingwane engabalulekile yeqiniso, noma izimfihlalalo ezingabalulekile. Abantu abaningi bayalandela nje, badoba emanzini amnyama ukuze bathole izibusiso kuphela; abalicingi iqiniso, futhi abamlaleli uNkulunkulu ngokweqiniso ukuze bathole izibusiso. Impilo yenkolelo yabantu bonke kuNkulunkulu iyize, ayinaso isigqi, futhi kuyona kunokuzibhekelela nokuzifunela okwabo; abakholwa kuNkulunkulu ukuze bathande uNkulunkulu, kodwa ukuze babusiseke. Abantu abaningi benza ngendlela abathanda ngayo, benza noma yini abayifunayo, abanandaba nokuthakaselwa uNkulunkulu, noma ngabe lokhu abakwenzayo kuyahambisana yini nentando kaNkulunkulu. Abantu abanjalo abakwazi nokuzuza inkolelo yeqiniso, kungasaphathwa ukuthanda uNkulunkulu. Ingqikithi kaNkulunkulu akusiyo nje eyokuthi umuntu akholwe kuyo; nangaphezu kwalokho, eyokuthi umuntu athande. Kodwa abaningi kulabo abakholwa kuNkulunkulu abakwazi ukuthola le “mfihlo,” futhi abalokothi bamthande uNkulunkulu, noma bazame ukumthanda. Abantu abakaze bathole ukuthi kuningi kakhulu okuthandekayo ngoNkulunkulu, abakaze bathole ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu othanda umuntu, futhi unguNkulunkulu okumele athandwe umuntu. Ukuthandeka kukaNkulunkulu kuvezwa emsebenzini Wakhe: Kuphela ngesikhathi bezizwela umsebenzi Wakhe, kulapho bethola khona ukuthandeka Kwakhe, kuphela ezintweni abadlula kuzo empilweni, yilapho bengathakasela ukuthandeka kukaNkulunkulu. Kuningi kakhulu ongakuthandela uNkulunkulu, futhi ngaphandle kokukubona empilweni qobo, akekho ongakwazi ukuthandeka kukaNkulunkulu. Kuningi kakhulu ongakuthanda ngoNkulunkulu, kodwa ngaphandle kokuhlanganyela Naye, abantu abanayo indlela yokukwazi. Okungukuthi, uma uNkulunkulu ubengathathanga isimo sesintu, abantu bebengeke bakwazi ukuhlanganyela Naye ngokoqobo, futhi uma bebengakwazi ukuhlanganyela Naye, bebengeke futhi bakwazi ukuzizwela umsebenzi Wakhe—ngakho uthando lwabo lukaNkulunkulu beluzokonakaliswa amanga kanye nomcabango. Uthando lukaNkulunkulu ezulwini alubonakali kahle njengothando lukaNkulunkulu emhlabeni, ngokuba ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu ezulwini lwakhiwa imicabango, kunokuba lwakhiwe yilokho abakubone ngamehlo abo, kanye nalokho abadlule kukho. Uma uNkulunkulu efika emhlabeni, abantu bayakwazi ukubona imisebenzi Yakhe kanye nokuthandeka Kwakhe, futhi bayakwazi ukubona konke ngesimo Sakhe soqobo nesijwayelekile. Konke, okusobala ngokuphindwe kazinkulungwane ngaphezu kolwazi ngoNkulunkulu osezulwini. Akukhathaleki ukuthi abantu bamthanda kangakanani uNkulunkulu osezulwini, akukho okuphathekayo ngalolu thando, futhi lugcwele imibono yobuntu. Noma ngabe luncane kangakanani uthando lukaNkulunkulu emhlabeni, lolu thando luyabonakala; noma ngabe oluncane lwalo, futhi lusabonakala. UNkulunkulu wenza ukuba abantu bamazi ngomsebenzi obonakalayo, nangalolu lwazi uzuza uthando lwabo. KunjengoPetru: Uma wayengahlalanga noJesu, wayengeke akwazi ukudumisa uJesu. Ngakho, naye, ukuthembeka kakhulu kwakhe kuJesu kwakwakhelwe ekuhlanganyeleni kwakhe noJesu. Ukuze abantu bamthande, uNkulunkulu uzile phakathi kwabantu futhi Wahlala nabantu, futhi konke ekwenzela ukuba umuntu akubone futhi adlule kukho, kuwuqobo lukaNkulunkulu.
   UNkulunkulu usebenzisa uqobo lwento kanye namaqiniso abhekiwe ukuze abantu bapheleliswe; amazwi kaNkulunkulu agcwalisa ingxenye yokuphelelisa Kwakhe abantu, futhi lona umsebenzi wokuqondisa nowokuvula indlela. Okusho ukuthi, emazwini kaNkulunkulu kumele uthole indlela yokwenza, futhi uthole nolwazi lwemibono. Ngokuqonda lezi zinto, uyoba nendlela nemibono lapho wenza. Uyokhanyiseleka ngamazwi kaNkulunkulu, uyokwazi ukuqonda ukuthi lezi zinto zivela kuNkulnkulu, futhi bese uyakwazi nokuqonda okuningi. Emva kokuqonda, kumele usheshe ungenea kuleli qiniso, futhi kumele usebenzise amazwi kaNkulunkulu ngempilo yakho oqobo. UNkulunkulu uyobe esekuqondisa ezintweni zonke, futhi akunike indlela yokwenza futhi akwenze uzwe ukuthi uNkulunkulu muhle, futhi akuvumele ukuba ubone ukuthi lonke igxathu lomsebenzi kaNkulunkulu kuwe, elokukwenza upheleliswe. Uma ufisa ukubona uthando lukaNkulunkulu, uma ufisa ukuzizwela ngeqiniso uthando lukaNkulunkulu, ngakho kuzomele ujule eqinisweni, kumele ujule empilweni uqobo, futhi ubone ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuwuthando, kanye nensindiso, ukuze abantu bashiye ngasemuva lokho okungcolile, ukuze futhi acwenge izinto phakathi kubo ezingakwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu. UNkulunkulu usebenzisa amazwi ukuhlinzeka umuntu, ngesikhathi empilweni uqobo enza izimo ezivumela abantu ukuba babone, futhi uma abantu bedla futhi bephuza amazwi amaningi kaNkulunkulu, uma futhi sebewenza, bangaxazulula bonke ubunzima ezimpilweni zabo besebenzisa amazwi kaNkulunkulu amaningi. Okusho ukuthi, kumele ube namazwi kaNkulunkulu ukuze ujule eqinisweni; uma ungadli futhi ungaphuzi amazwi kaNkulunkulu, futhi ungenawo umsebenzi kaNkulunkulu, ngakho angeke ube nendlela empilweni uqobo. Uma ungakaze udle futhi uphuze amazwi kaNkulunkulu, ngalokho uyojabha uma kukhona okwenzakalayo kuwe. Wazi kuphela ukuthanda uNkulunkulu, kodwa awukho umehluko owaziyo, futhi awunayo indlela yokwenza; uphithene futhi udidekile. Ngesinye isikhathi ukholwa ukuthi uma wanelisa inyama, wanelisa uNkulunkulu konke okuwumphumela wokungadli nokungaphuzi amazwi kaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma ungenalo usizo lwamazwi kaNkulunkulu, uyolokhu uphumputha ngaphakathi kweqiniso, ngakho awukwazi ukuthola indlela yokwenza. Abantu abafana nalaba abaqondi ukuthi kusho ukuthini ukukholwa kuNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuqonda ukuthi kusho ukuthini ukuthanda uNkulunkulu. Uma, usebenzisa ukukhanyiseleka kanye nokuqondiswa amazwi kaNkulunkulu, uvamile ukuthandaza, uhlole, ufune, ngalokho okutholile okumele ukwenze, ukuthola amathuba omsebenzi kaMoya Ongcwele, usebenzisana noNkulunkulu ngeqiniso, ungaphithizeli futhi ungadidekanga, ngalokho uyakuba nendlela yempilo uqobo. Uyokwanelisa uNkulunkulu, futhi uyobusiswa uNkulunkulu ngokukhethekile, okuyokunika umuzwa wentokozo: Uyozizwa uhloniphekile ngokuthi wanelise uNkulunkulu, uyozizwa ikakhulukazi ukhanya ngaphakathi, futhi enhliziyweni yakho kuyocaca futhi kube nokuthula, unembeza wakho uyoduduzwa futhi ukhululeke ezinsolweni, uyozizwa uthokozile ngaphakathi uma ubona abafowenu nodadewenu. Kusho lokhu ukuthokozela uthando lukaNkulunkulu, futhi yilokhu kuphela okuwukuthokozela uNkulunkulu. Ukuthokozela kwabantu uthando lukaNkulunkulu kutholakala ngokubhekana nezinto: Ubunzima abadlule kubo, ukwenza iqiniso abadlule kukho, bazuza izibusiso zikaNkulunkulu. Uma uthi uNkulunkulu uyakuthanda ngempela, ukuthi uNkulunkulu ukhokhe inani elinzima kubantu, ukuthi usekhulume ngokubekezela nangomusa amazwi amaningi, futhi usindisa abantu njalo, ukusho kwakho la mazwi kuyingxenye eyodwa yokuthokozela uNkulunkulu. Ukuthoka okukhulu kweqiniso ukuba wenze iqiniso empilweni yakho ngqo, emva kwalokho uyoba nokuthula nokucaca enhliziyweni yakho. Uyozizwa unyakazisekile ngaphakathi, kanye nokuthi uNkulunkulu muhle, futhi uyozizwela ukuthi inani olikhokhile lifanele. Emva kokuba usukhokhe inani elikhulu ngemizamo yakho, uyozizwa ukhanya ikakhulukazi ngaphakathi: Uyozwa ukuthi ngempela ukuthokozela uthando lukaNkulunkulu, futhi uqonde ukuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi wensindiso kubantu, ukuthi ukucolisisa Kwakhe abantu okubahlanza, nokuthi uNkulunkulu ulinga abantu ukuze abahlole ukuthi Bamthanda ngokweqiniso yini. Uma uhlala wenza iqiniso ngale ndlela, ngakho uyoqala ukuba nolwazi olucacile kancane kancane ngomsebenzi omningi kaNkulunkulu. Ngaso sonke isikhathi uyohlala uzwa ukuthi amazwi kaNkulunkulu phambi kwakho acacile kakhulu. Uma ungaqonda kahle amaqiniso amaningi, uyozwa ukuthi konke kulula ukukwenza, nokuthi ungalunqoba lolu daba. Ungasinqoba leso silingo, futhi uyobona ukuthi akukho okuyinkinga kuwe, kuyokwenza uzizwe udedelekile futhi ukhululekile. Ngalesi sikhathi uyothokozela uthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu lweqiniso luyobe selufikile kuwe. UNkulunkulu ubusisa labo abanemibono, abaneqiniso, abanolwazi, futhi abamthanda ngeqiniso. Uma abantu befisa ukubona uthando lukaNkulunkulu, kumele benze iqiniso empilweni yabo uqobo. Kumele bazimisele ukubekezelela ubuhlungu futhi bayeke lokhu abakuthandayo, ukuze banelise uNkulunkulu. Benganaki izinyembezi emehlweni abo, kodwa bekwazi ukwanelisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Ngale ndlela, uNkulunkulu uyokubusisa nakanjani. Uma ubekezelela ubunzima obufana nalobu, kuyolandelwa umsebenzi kaMoya Ongcwele. Ngempilo yoqobo, nanokudlula emazwini kaNkulunkulu, abantu bayakwazi ukubona ukuthandeka kukaNkulunkulu, futhi kuphela uma sebezwile uthando lukaNkulunkulu kulapho bezokwazi ukumthanda ngeqiniso.
    Ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba neqiniso kakhulu; ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kulapho uzoba nothando lukaNkulunkulu kakhulu; futhi ngesikhathi wenza kakhulu iqiniso, kungesikhathi ubusiswa kakhulu uNkulunkulu. Uma uhlala wenza ngale ndlela, uyolubona uthando lukaNkulunkulu kuwe kancane kancane, futhi uyomazi uNkulunkulu njengoba kwenzeka nakuPetru: UPetru wathi uNkulunkulu akanakho ukuhlakanipha kokwenza amazulu nomhlaba kanye nakho konke okukuwo kuphela, kodwa, ngaphezu kwalokho, unokuhlakanipha kokwenza umsebenzi wangempela kubantu. UPetru wathi akafanelwe uthando lwabantu kuphela ngenxa yokudala Kwakhe amazulu nomhlaba kanye nakho konke okukuwo, kodwa, naphezu kwalokho, ngenxa yekhono Lakhe lokudala umuntu, ukusindisa umuntu, ukwenza umuntu apheleliswe, kanye nokushiyela umuntu uthando Lwakhe. Ngakho, naye, uPetru washo ukuthi kuningi okuKuye okufanelwe uthando lomuntu. UPetru wathi kuJesu: “Awufanelwe yini uthando lwabantu kakhulu kunokudala amazulu nomhlaba kanye nakho konke okukukwo? Kuningi okuKuwe okuthandekayo. Uyenza futhi unyakaze empilweni yangempela, uMoya Wakho ungithinta ngaphakathi, uyangiyala, uyangihlanza—lezi zinto zilufanele kakhulu uthando lwabantu.” Uma ufuna ukubona nokudlula othandweni lukaNkulunkulu, ngakho kumele uhlole futhi ufune impilo yangempela, futhi kumele ukulangazelele ukubeka eceleni inyama yakho. Kumele wenze lesi sixazululo: ukuba umuntu unesinqumo, okwazi ukwanelisa uNkulunkulu ezintweni zonke, ngaphandle kokuvilapha, noma ukuhalela ukuthokozisa inyama, hhayi ukuphilela inyama kodwa ukuphilela uNkulunkulu. Kungenzeka kube nezikhathi lapho ungamenelisi uNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi awuyiqondi intando kaNkulunkulu; ngesikhathi esilandelayo, nakuba kuzodinga umzamo omkhulu, kumele umanelise, unganelisi inyama. Uma udlule kokunje, uyobe usufikile ekwazini uNkulunkulu. Uyobona ukuthi uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba kanye nakho konke okukuwo. Yena owathabatha isimo senyama ukuze abantu bambone ngempela, futhi behlanganyele Naye, nokuthi uyakwazi ukuhamba phakathi kwabo, nokuthi uMoya Wakhe wenza abantu ukuba bapheleliswe empilweni uqobo, ukubavumela ukuba babone ubuhle Bakhe, futhi bazizwele nokuyalwa Nguye, ukuqondiswa Nguye, kanye nezibusiso Zakhe. Uma uhlala wenza ngale ndlela, empilweni yakho uqobo angeke wahlukaniseke noNkulunkulu, futhi uma ngolunye usuku ubudlelwano bakho noNkulunkulu buqina ukuba ngobujwayelekile, uyokwazi ukumela ihlazo, nokwazi umuzwa wokuzisola. Uma unobudlelwano obujwayelekile noNkulunkulu, angeke ufise ukushiya uNkulunkulu, futhi uma uNkulunkulu ngelinye ilanga ethi Uyakushiya, uyoba nokwesaba, futhi uyothi ungamane ufe kunokuba ushiywe uNkulunkulu. Uma usunale mizwa, uyozizwela ukuthi awukwazi ukushiya uNkulunkulu, futhi ngale ndlela, uyoba nesisekekelo, futhi uyolujabulela uthando lukaNkulunkulu.
   Abantu bajwayele ukuthi benze uNkulunkulu ukuphila kwabo, kodwa kufanele bedlule kulelo zinga. Bayasho nje ukuthi uNkulunkulu ungukuphila kwabo, uyabahola zonke izinsuku, bathi badla futhi baphuze amazwi Akhe zonke izinsuku, bayakhuleka Kuye zonke izinsuku, ngakho usephenduke ukuphila kwabo. Ulwazi lwalabo abathi lokhu ukuzenzisa. Kubantu abaningi asikho isisekelo; amazwi kaNkulunkulu atshaliwe kubo, kodwa kusamele ahlume, ingasaphathwa eyokuthi bathele isithelo. Namuhla, ingabe usuke wabhekana nale mpilo kangakanani? Manje kuphela, emva kokuba uNkulunkulu ekuphoqile ukuba ufinyelele lapha, uyazizwela yini ukuthi angeke umshiye uNkulunkulu? Ngelinye ilanga, uma usudlule kule mpilo ngokwebanga elithile, uma uNkulunkulu engakwenza ukuba umshiye, ubungeke ukwazi. Uyohlala wazi ukuthi angeke ukwazi ukungabi noNkulunkulu ngaphakathi kwakho; kungenzeka ungabi nomyeni, unkosikazi noma abantwana, ngaphandle komndeni, ngaphandle kukamama noma ubaba, ngaphandle kokuthokozela inyama, kodwa angeke ukwazi ukuba ngaphandle kukaNkulunkulu. Ukungabi noNkulunkulu kuyafana nokulahlekelwa ukuphila, angeke ukwazi ukuphila naphandle kukaNkulunkulu. Uma usudlulile kule mpilo ngokwezinga elithile, kuyomele ufinyelele ezingeni elithile lokukholwa kuNkulunkulu, futhi ngale ndlela uNkulunkulu uyoba ukuphila kwakho, uyophenduka isisekelo sokuphila kwakho, angeke uphinde ukwazi ukushiya uNkulunkulu. Uma usubhekane nempilo ngokwaleli zinga, uyokwazi ukuthokozela uthando lukaNkulunkulu ngeqiniso, ubudlelwano bakho noNkulunkulu buyakusondela, uNkulunkulu uyoba ukuphila kwakho, uthando lwakho, ngaleso sikhathi uyokhuleka kuNkulunkulu uthi: O Nkulunkulu! Angeke ngikwazi ukukushiya, ungukuphila kwami, ngingaphila ngaphandle kwazo zonke izinto—kodwa ngaphandle Kwakho angeke ngikwazi ukuphila. Lokhu kuyisiqu sangempela sabantu; ukuphilwa kwangempela. Abantu abaningi baphoqiwe ukuba bafinyelele lapha abakhona namuhla: Kumele baqhubeke bethanda noma bengathandi, futhi bahlala bezwa sengathi baphakathi kwedwala nendawo eqinile. Kumele udlule empilweni yokuzizwela ngale ndlela yokuthi uNkulunkulu ungukuphila kwakho, ngale ndlela yokuthi uma uNkulunkulu engasuswa kuwe kuyoba ukulahlekelwa ukuphila; uNkulunkulu kumele abe ukuphila kwakho, kumele ungakwazi ukumshiya. Ngale ndlela, uyobe usukwazile ukwazana noNkulunkulu, futhi ngalesi sikhathi, uma uthanda uNkulunkulu futhi, uyomthanda ngeqiniso uNkulunkulu, futhi kuyoba uthando olulodwa, olumsulwa. Ngolunye usuku uma usudlule kukho sekufana nokuthi usufinyelele ezingeni elithile, uyothandaza kuNkulunkulu, udle futhi uphuze amazwi kaNkulunkulu, futhi angeke ukwazi ukushiya uNkulunkulu ngaphakathi, noma ngabe uyafuna, angeke ukwazi ukumkhohlwa. UNkulunkulu uyobe esephenduke ukuphila kwakho; ungalikhohlwa izwe, ungamkhohlwa unkosikazi nabantwana, kodwa uyoba nenkinga yokukhohlwa uNkulunkulu—lokho angeke kwenzeke, lokhu ukuphila kwakho kwangempela, kanye nothando lwakho lweqiniso lukaNkulunkulu. Uma uthando lwabantu lukaNkulunkulu selufinyelele ezingeni elithile, akukho abakuthandayo okulingana nothando lwabo lukaNkulunkulu, Ungunombolo yokuqala yothando lwabo, futhi ngale ndlela bayakwazi ukukudela konke, futhi bazimisele ukwamukela konke ukusebenza nokuhlunga okuvela kuNkulunkulu. Uma usuzuze uthando lukaNkulunkulu oludlula konke okunye, uyophila eqinisweni, nasothandweni lukaNkulunkulu.
   Uma uNkulunkulu esephenduke ukuphila phakathi kwabantu, ababuye besakwazi ukushiya uNkulunkulu. Ingabe lokhu akusona yini isenzo sikaNkulunkulu? Abukho ubufakazi obukhulu kunalokhu! UNkulunkulu usesebenze wafinyelela ezingeni elithile; Uthe ukuze abantu benze inkonzo, futhi basolwe, noma bafe, abantu abakabuyeli emuva, okubonisa ukuthi laba bantu sebenqotshwe uNkulunkulu. Abantu abaneqiniso yilabo asebhekane nezimo ngeqiniso, abangama beqinile ebufakazini babo, futhi bame baqinile endaweni yabo, bame ngakuNkulunkulu, ngaphandle kokuhlehla, futhi abangaba nobudlelwano obujwayelekile nabantu abathanda uNkulunkulu, abathi uma izinto zenzeka kubo, bekwazi ukulalela uNkulunkulu ngokupheleleyo, futhi bamlalele uNkulunkulu kuze kube sekufeni. Ukwenza kwakho nezambulo zokuphila kwangempela kuwubufakazi kukaNkulunkulu, futhi lokhu kuwukuthokozela uthando lukaNkulunkulu ngeqiniso, uma usufinyelele kuleli zinga, odlule kulo kuyoba nomphumela. Abantu ababone uthando lukaNkulunkulu ngeqiniso yilabo asebengenwe ukuluphila ngempela, abazenzo zabo zibhekwe ngabanye ngokuncoma, ukuvela kwabo akunakekile kodwa abaphila impilo yokukholeka, abakhuluma amazwi kaNkulunkulu, futhi abaqondiswa uNkulunkulu, futhi abakhanyiselwa uNkulunkulu, abakwazi ukukhuluma intando kaNkulunkulu emazwini abo, bakhulume iqiniso, abaqonda ukukhonza ngomoya, futhi bakhulume ngokusobala, abahloniphekile futhi abaqotho, abangalwisani futhi abangaphoxi, abakwazi ukulalela ukuhlela kukaNkulunkulu futhi bame baqine ebufakazini babo uma izinto zenzeka kubo, abazothile futhi abanokuzibamba noma ngabe babhekene nani. Abanye abantu basebancane, kodwa benzisa okomuntu ophakathi nendawo ngokukhula, bakhulile, bangenwe iqiniso, futhi banconywa abanye—futhi yilaba bantu abanobufakazi, futhi bawukubonakaliswa kukaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma sebefundile ukufika ezingeni elithile, ngaphakathi bayokuba nokucacelwa ngoNkulunkulu, nesimo sabo sangaphandle siyakuzinza. Abantu abaningi abalenzi iqiniso, futhi abami beqine ebufakazini babo. Kubantu abanje alukho uthando lukaNkulunkulu, noma ubufakazi kuNkulunkulu, futhi laba bantu banyanywa uNkulunkulu. Badla futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu, kodwa abakuvezayo uSathane, futhi bavumela ukuba amazwi kaNkulunkulu enyundelwe uSathane. Kubantu abanje alukho uphawu lothando lukaNkulunkulu; konke abakuvezayo uSathane. Uma inhliziyo yakho ihlala inokuthula phambi kukaNkulunkulu; futhi uhlala unaka abantu nezinto ezikuzungezile, nalokho okwenzekayo eduze nawe, futhi uwunakile umthwalo kaNkulunkulu, ngakho uNkulunkulu uyovama ukukukhanyisela ngaphakathi kwakho. Enkonzweni kunabantu “abangabaqondisi,” babheka ukwahluleka kwabanye, futhi bese beyakopisha futhi bebalingise. Abakwazi ukwahlukanisa, abasizondi isono, futhi abazinyanyi noma banengeke ngezinto zikaSathane. Abantu abanje bagcwele izinto zikaSathane, futhi bayolahlwa uNkulunkulu ekugcineni. Labo abanemibono njengesisekelo sabo, abafuna ukuqhubekela phambili, labo abanhliziyo zabo zihlala zihlonipha uNkulunkulu, abangakhulumi kakhulu futhi abangenalo ihaba ngezenzo zabo, abangasoze bafisa ukuphikisana noNkulunkulu, ukumthukuthelisa uNkulunkulu, noma ukuba umsebenzi kaNkulunkulu ungabi ize kubo, noma bamoshe bonke ubunzima ababuhluphekile, noma konke asebekwenzile. Bangabantu abafisa ukunikela amandla abo amaningi kanye nothando lukaNkulunkulu oluningi olusendleleni ephambilini.
  Uma abantu bekholwa kuNkulunkulu, futhi bazana namazwi kaNkulunkulu, ngenhliziyo Emhloniphayo uNkulunkulu, ngakho kulaba bantu kungabonakala insindiso kaNkulunkulu, kanye nothando lukaNkulunkulu. Labo abantu abangafakaza kuNkulunkulu, baphila iqiniso, futhi lokhu abafakaza ngakho kuyiqiniso. Lokhu uNkulunkulu ayikho, isimo sikaNkulunkulu, futhi baphila phakathi kothando lukaNkulunkulu. Uma abantu befisa ukuthanda uNkulunkulu, kumele bezwe umzwangedwa kaNkulunkulu, futhi bawubone umzwangedwa kaNkulunkulu, kungaleso sikhathi kuphela lapho kungavuka kubo inhliziyo ethanda uNkulunkulu, inhliziyo efisa ukusebenzela uNkulunkulu. UNkulunkulu akenzi ukuba abantu bathande ngamazwi nangokukhuluma, noma imicabango yabo, futhi akabaphoqi abantu ukuba bamthande. Kunalokho, Ubenza ukuba bamthande ngokukhetha kwabo, ubenza babone umzwangedwa Wakhe emsebenzini Wakhe kanye nakulokho akushoyo, emva kwalokho kukhona kubo ukuthela kothando lukaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho abantu bengaveza ubufakazi kuNkulunkulu. Abantu abathandi uNkulunkulu ngoba baceliwe ukuba benze njalo nakwabanye, noma umuzwa wokubhuduzela kwesikhashana. Bathanda uNkulunkulu ngenxa yokuba bebonile umzwangedwa Wakhe, babonile ukuthi kuningi Kuye okufanelwe uthando lwabantu, ngokuba bayibonile insindiso, ukuhlakanipha kanye nemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu— futhi ngenxa yalokho, bamdumisa ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi balangazelela Yena ngeqiniso, futhi kuvuka kubo intshisekelo yokuthi angeke bekwazi ukuphila ngaphandle kokuzuza uNkulunkulu. Isizathu esenza ukuba labo abafakaza ngeqiniso banikeze ubufakazi obunenhlokomo Kuye, kungenxa yokuthi ubufakazi babo buphezu kwesisekelo solwazi lweqiniso kanye nokulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso. Akusiwo nje umuzwa wokubhuduzela, kodwa kungokolwazi lukaNkulunkulu kanye nesimo Sakhe. Ngokuba sebefinyelele ekumazini uNkulunkulu, futhi bayazi ngomzwangedwa kaNkulunkulu, noqobo Lwakhe. Njengothando lwabantu kuNkulunkulu, ubufakazi babo buyazenzekela, buyiqiniso, bubalulekile futhi bufanele. Luthulile, noma luyize futhi alusho lutho. Isizathu sokuba kube yilabo kuphela abathanda uNkulunkulu ngeqiniso abanenani elikhulu kanye nomqondo ezimpilweni zabo, futhi yibona kuphela abakholwa kuNkulunkulu ngeqiniso, kungenxa yokuthi laba bantu baphila ekukhanyeni kukaNkulunkulu, bayakwazi ukuphilela umsebenzi kanye nokuphatha kukaNkulunkulu; abaphili ebumnyameni, kodwa baphila ekukhanyeni; abaphili izimpilo ezingasho lutho, kodwa izimpilo ezibusiswe uNkulunkulu. Yilabo kuphela abathanda uNkulunkulu abakwazi ukufakaza kuNkulunkulu, yibona kuphela abangofakazi bakaNkulunkulu, yibona kuphela ababusiswe uNkulunkulu, futhi yibona kuphela abakwazi ukwamukela izethembiso zikaNkulunkulu. Labo abathanda uNkulunkulu bangabangani bakaNkulunkulu, bangabantu abathandwa uNkulunkulu, bangathokozela izibusiso kanye noNkulunkulu. Abantu abafana nalaba kuphela abazophila phakade, futhi bona kuphela bazophila phansi kokunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu. UNkulunkulu ungowabantu ukuba bamthande, futhi ufanelwe uthando lwabantu lonke, kodwa akusibo bonke abantu abakwazi ukuthanda uNkulunkulu, futhi akusibo bonke abantu abangafakaza kuNkulunkulu futhi babambe amandla noNkulunkulu. Ngokuba bayakwazi ukufakaza kuNkulunkulu, futhi banikele onke amandla abo emsebenzini kaNkulunkulu, labo abathanda uNkulunkulu ngeqiniso bangahamba noma kuphi ngaphansi kwamazulu kungekho muntu ongabaphikisa, bengaphakamisa amandla futhi babuse abantu bakaNkulunkulu. Laba bantu bahlangane ndawonye bevela emhlabeni wonke, bakhuluma izilimi ezahlukene futhi banesikhumba esinemibala engafani, kodwa ubukhona babo bunencazelo efanayo, bonke banenhliziyo ethanda uNkulunkulu, bonke banobufakazi obufanayo futhi banesinqumo esifanayo, kanye nesifiso esifanayo. Labo abathanda uNkulunkulu bangahamba bakhululekile emhlabeni wonke, labo abafakaza kuNkulunkulu bangahamba umkhathi wonke. Laba bantu bathandwa uNkulunkulu, babusiswe uNkulunkulu, futhi bayophila ekukhanyeni Kwakhe kuze kube phakade.


Awekho amazwana:

Thumela amazwana