Ikhasi lokuqala

Umsebenzi Ngenkathi Yomthetho


  "Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, oludonsela eminyakeni eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: owokuqala, Inkathi yoMthetho; owesibili, Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); bese kuthi eyokugcina kube, iNkathi yoMbuso. Umsebenzi Wami kulezi zinkathi wehluka ngokohlobo lwesikhathi ngasinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu — noma angithi nje, kuya ngokuthi yimaphi amaqhinga asetshenziswa uSathane empini elwisana Nami. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nobuninimandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane bese ngisindisa bonke abantu, abaphila ngaphansi kwekamu lakhe. Kuwukukhombisa ukuhlakanipha nobuninimandla onke Bami ngibe ngembula ububi bukaSathane. Ngaphezu kwalokho, kuwukufundisa izidalwa Zami ukuthi zikwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ukubona ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto, ukubona kahle ukuthi uSathane uyisitha somuntu, uphansi kunakho konke, omubi, aphinde akwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi, iqiniso namanga, ubungcwele nokungcola, ubukhulu nokuba sezansi, kubakhanyele njengasemini. Ngalendlela, abantu abangenalwazi bazongifakazela ukuthi akumina owonakalise abantu, futhi Yimi kuphela – uMdali – ongasindisa abantu, engingabeka phezu kwabo izinto ezizobathokozisa; futhi bazi ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto nokuthi uSathane ungomunye wezidalwa Zami, owangijikela emva kwesikhathi. Uhlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukene izigaba ezintathu ukuze ngikwazi ukwenza lokhu okulandelayo: ukuvumela izidalwa Zami zibe ofakazi Bami, bazi intando Yami, babone ukuthi ngiyiqiniso. Yingakho, ngenkathi ngenza umsebenzi Wami wokuqala wohlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ngenza umsebenzi womthetho, okwakuwumsebenzi kaJehova ehola abantu. Isigaba sesibili kwakuwukuqala umsebenzi weNkathi yoMusa ezigodini zaseJudiya. UJesu umele wonke umsebenzi weNkathi yoMusa; waba ngumuntu wabethelwa, wangenisa iNkathi yoMusa. Wabethelwa ukuze azogcwalisa umsebenzi wokuhlenga, ukuzoqeda iNkathi yoMthetho bese eqalisa iNkathi yoMusa, ngalokho-ke wabe esebizwa “ngeNkosi Ephakeme,” “uMnikelo wesono,” “uMhlengi.” Yingakho umsebenzi kaJesu wehlukile kwabekwenza kunalokhu obekwenziwa uJehova, yize noma ngokomthetho bebefana. UJehova waqala iNkathi yoMthetho, wasungula isizinda sekhaya, indawo yokuzalwa, yomsebenzi Wakhe emhlabeni, wabe esekhipha nemithetho; lokhu yikho kokubili akwenza ngempumelelo, okumele iNkathi yoMthetho. Umsebenzi kaJesu kwakungekhona ukukhipha imithetho, kodwa ukugcwalisa imithetho, ngalokho ememezela iNkathi yoMusa aqede iNkathi yoMthetho eyaba khona iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Waba ngumqambi, engenisa iNkathi yoMusa, kodwa ukuhlenga bekulokhu kungumongo womsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke izinto okwakumele azifeze zaziyizigaba ezimbili: ukuqala iNkathi entsha, ukugcwalisa umsebenzi wokuhlenga ngokubethelwa Kwakhe. Wase eyahamba. Ngaleso sikhathi, iNkathi yoMthetho yaqedwa abantu base bengena eNkathini yoMusa.
   Umsebenzi kaJesu wenziwa ngokuhambisana nezidingo zabantu ngaleso sikhathi. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuhlenga abantu, ukubaxolela izono zabo, ngakho-ke sonke isimo Sakhe kwakungesokuthobeka, ukubekezela, uthando, ukuzinikela, ukuqinisela, umusa, kanye nomusa wothando. Wabusisa abantu wabalethela umusa omningi, nazo zonke izinto ukuze bazithokozele: ukuthula nenjabulo, ukubekezela nothando lukaJesu, umusa Wakhe kanye nomusa wothando. Kulezo zinsuku, konke lokhu umuntu ayehlangabezana nakho kwakuyinala yezinto okumele azithokozele: Inhliziyo Yakhe yayinoxolo futhi iqinisekile, umoya wakhe wawududuzekile, futhi wayeqiniswe uMsindisi uJesu. Ukuthi wayengazuza lezi zinto kwakungumphumela weminyaka ayephila kuyo. Eminyakeni yoMusa abantu bonakaliswe uSathane, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga bonke abantu wawudinga inala yomusa, ukuqinisela okungapheli nokubekezela, phezu kwalokho, umnikelo owanele wokuhlawula izono zabantu. Lokhu okwabonwa abantu eNkathini yoMusa kwakungumnikelo Wami wesono sabantu, uJesu. Futhi babazi ukuthi uNkulunkulu kuphela ongaba nomusa nokuqinisela, babone umusa kaJesu kuphela kanye nomusa wothando. Lokhu kwakungenxa yokuthi babephila eNkathini yoMusa. Ngakho-ke ngaphambi kokuthi bahlengwe, kwakumele bathokozele umusa omkhulu uJesu abanike wona; yilokhu kuphela abakuzuza bona. Ngale ndlela, babezoxolelwa izono zabo ngokuthokozela kwabo umusa, futhi bebezothola ithuba lokuhlengwa ngokuthokozela ukuqinisela nokubekezela kukaJesu. Kungenxa yokuqinisela nokubekezela kukaJesu okwenza ukuthi bakwazi ukuthola intethelelo nokuthokozela inala yomusa ebekwe phezu kwabo – njengoba uJesu asho, “Angizanga ukuzohlenga abalungile kodwa izoni, ukuze izono zabo zixolelwe”.Uma uJesu waba nesimo senyama ngesimo sokwahlulela, ukuqalekisa, nokungabekezeleli amacala abantu, abantu bebengeke balithole ithuba lokuhlengwa, babezohlala bona njalo nje; ngalokho-ke uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwaluzoqhubeka lube lude kuneNkathi yoMthetho. Inkathi yoMthetho ngabe yaba iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, izono zabantu ngabe zakhula zaba nkulu zaba zimbi kakhulu, nokudalwa kwabantu bekuzoba yize. Abantu bebezokwazi ukukhonza uNkulunkulu ngaphansi komthetho kuphela, kodwa izono zabo ngabe zingaphezulu kwalezo zabantu abadalwa kuqala. UJesu ngokuthanda kwakhe abantu, ebaxolela izono zabo ebanika umusa owanele nomusa nothando, ilapho abantu bakwazi khona ukusindiswa, babizwa ngezimvu ebezilahlekile ezabuyiswa uJesu ngenani eliphakeme. USathane ubengekwazi ukugxambukela kulo msebenzi, ngoba uJesu waphatha abalandeli Bakhe njengomama onothando ephethe usana ezingalweni zakhe. Azange abacasukele noma abanyanye, kodwa ubegcwele induduzo; azange abe nodlame kubo, kodwa wabayeka nezono zabo wakushaya indiva ubulima nokungazi kwabo, waze wathi, “Xolela izihlandla ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kayisikhombisa.” Ngakho-ke inhliziyo Yakhe yaguqula izinhliziyo zabanye, yile ndlela abantu abathola ngayo intethelelo ngokuqinisela nokubekezela Kwakhe.
   Yize uJesu, enguNkulunkulu onesimo senyama, wayengenawo umuzwa, wayehlala eduduza abafundi Bakhe, ebahlinzekela, ebasiza futhi ebaqinisa. Noma ngabe wenza umsebenzi ongakanani noma wahlupheka kangakanani, azange afune ukuthi abantu benze okukhulu, kodwa wayehlale ebekezela futhi eqiniselele izono zabo, ngangokuthi eNkathini yoMusa wayebizwa ngokuthi “uJesu onguMsindisi Othandekayo.” Kubantu bangaleso sikhathi – kubo bonke abantu – lokhu uJesu ayenakho nayeyikho, kwakungumusa nothando. Akazange akhumbule ukona kwabantu noma avumele ukona kwabo kube nomthelela endleleni abaphatha ngayo. Ngenxa yokuthi leyo kwakuyinkathi eyehlukile, wayevamise ukunika abantu ukudla nokokuphuza okwanele ukuze badle basuthe. Bonke abalandeli Bakhe wayebaphatha ngomusa, elapha abagulayo, ekhipha amadimoni, evusa abafile. Ukuze abantu bezokholelwa Kuye babone nokuthi konke lokhu abekwenza wakwenza ngeqiniso nangobuqotho, waze wavusa isidumbu esasesibolile, ebakhombisa ukuthi ezandleni Zakhe ngisho nabafile bangabuya baphile. Ngale ndlela wabekezela buthule phakathi kwabo wenza umsebenzi Wakhe wokuhlenga. Ngisho ngaphambi kokuthi abethelwe esiphambanweni, uJesu wayesevele ethwele izono zabantu waba umnikelo wezono zabantu. Wayesevele eseyivulile indlela eya esiphambanweni ukuze ahlenge abantu ngaphambi kokuba abethelwe. Ekugcineni wabethelwa esiphambanweni, wazidela ngenxa yesiphambano, wabeka bonke ububele Bakhe, nomusa nothando, nobungcwele phezu kwabantu. Waqhubeka nokubekezelela abantu, engafuni ukuziphindiselela, kodwa ebaxolele izono zabo, ebayala ukuthi baphenduke, ebafundisa ukubekezela, ukuqinisela, nothando, ukuthi balandele emkhondweni Wakhe nokuthi bazidele ngenxa yesiphambano. Uthando Lwakhe lwabazalwane ludlula uthando Lwakhe ngoMariya. Umgomo womsebenzi Wakhe kwakuwukuphilisa abantu nokukhipha amadimoni, konke ngenxa yokubahlangula Kwakhe. Noma ngabe wayeya kuphi, bonke ababemlandela wabaphatha ngomusa. Wenza abampofu baba yizicebi, wahambisa izishosha, izimpumputhe zabona, izithulu zezwa; waze wamema nabaphansi abahlwempu, izoni, ukuthi zizodla Naye, engabaxwayi kodwa ebekezele, waze wathi, “Uma umelusi elahlekelwa yimvu eyodwa kweziyikhulu, uzozishiya ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ayofuna eyodwa elahlekile, uma eyithola uyothokoza kakhulu.” Abalandeli Bakhe ubebathanda njengemvu ithanda izinyane layo. Yize bebeyizilima bengenalwazi, futhi beyizoni emehlweni Akhe, phezu kwalokho beyinhlese yomphakathi, wazibona lezi zoni – abanye abebezinyanya – njengenhlamvu yeso Lakhe. Njengoba wayezithanda, wanikela ngempilo Yakhe ngenxa yazo, njengemvana inikelwa elathini. Wahamba phakathi kwabo njengesisebenzi sabo, wabayeka bamsebenzisa bamhlaba, wabahlonipha ngaphandle kwemibandela. Kubalandeli Bakhe wayenguMsindisi uJesu Othandekayo, kodwa kubaFarisi ababefundisa abantu ezindaweni eziphakeme azange abonise umusa nothando lomusa, kodwa ubebazonda ebenyanya. Azange enze umsebenzi omkhulu kubaFarisi, wayebafundisa nje ngezinye izikhathi ebakhuza; azange abahlenge bona, noma enze izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwabo. Wawugcina umusa nothando lwakhe elugcinela abalandeli Bakhe, ebekezela ngenxa yalezi zoni kwaze kwaba sekugcineni aze ebethelwe esiphambanweni, ethwele lonke ihlazo waze wabahlenga bonke abantu. Lokhu kwakuwumsebenzi Wakhe ophelele.
 Ngaphandle kokuthi uJesu abahlenge, abantu bangaphila esonweni ingunaphakade, babe ngabantwana besono, isizukulwane samadimoni. Uma lokhu kuqhubeka, uSathane ubezothatha indawo emhlabeni, bese umhlaba wonke ube yindawo yakhe yokuhlala. Kodwa umsebenzi wokuhlenga ubudinga umusa nothando kubantu; kungalokho kuphela abantu babethola ngakho intethelelo bese belungela ukupheleliswa bazuzwe ngokuphelele. Ngaphandle kwalesi sigaba somsebenzi, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ngabe azange luqhubeke. Ukube uJesu akazange abethelwe, ukuba walapha abantu nje kuphela wakhipha namadimoni, ngabe abantu abazange bathethelelwe izono zabo ngokuphelele. Kule minyaka emithathu nesigamu uJesu enza ngayo umsebenzi Wakhe emhlabeni waphelelisa ingxenye kuphela emsebenzini Wakhe wokuhlenga; kwase kuthi ngokubethelwa esiphambanweni nokuba umfanekiso wenyama enesono, ngokunikelwa esandleni somubi, wawuphelelisa umsebenzi wokubethelwa waphumelela ekubekeni abantu lapho kufanele babe khona. Abantu bahlengwa kuphela emva kokuthi esenikelwe ezandleni zikaSathane. Iminyaka engamashumi amathathu nesigamu wahlushwa emhlabeni, wenziwa inhlekisa, wathukwa, walahlwa, waze washiywa engenandawo yokufihla ikhanda Lakhe, engenandawo yokuphumula; wabe eseyabethelwa, ubuyena bonke – umzimba ongenasono nomsulwa – wabethelwa esiphambanweni, wezwa konke ukuhlushwa. Labo ababesezikhundleni babembhinqa bemshaya, amasosha aze amkhafulela ebusweni Bakhe; kodwa wavele wathula wabekezela kwaze kwaba sekugcineni, ezinikela ngokungenamibandela ekufeni, lapho ahlenga khona bonke abantu wase eyavunyelwa aphumule. Umsebenzi kaJesu umele kuphela iNkathi yoMusa; awumele iNkathi yoMthetho futhi awungeni endaweni yomsebenzi wezinsuku zokugcina. Lona ngumongo womsebenzi kaJesu eNkathini yoMusa, iminyaka yesibili yabantu – iNkathi yokuHlengwa."

   Umthombo:IBandla LikaNkulunkulu USomandla
   Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana