Ikhasi lokuqala

19. Ukuzithukulula Emaketangeni Omoya

UWu Wen Edolobheni laseZhengzhou, EsiFundazweni saseHenan

Ngangiwumuntu obuthakathaka nozwelayo. Ngenkathi ngingakakholelwa kuNkulunkulu, ngangivame ukuzizwa ngiphansi futhi ngicindezeleka ngenxa yezinto ezazingifikela empilweni. Zaziziningi zalezi zikhathi, futhi ngangihlezi ngizwa sengathi impilo yami yayinzima; kwakungekho njabulo, kungekho ntokozo enhliziyweni yami engangingaxoxa ngayo. Lobu buhlungu babufana nje namaketanga ayehlala engibophe aqinisa, engenza ngibe lusizi ngokuphelele. Kwaze kwaba ngemuva kokukholwa kuNkulunkulu uSomandla lapho ngathola khona umnyombo wenkinga ngaphakathi kwamazwi kaNkulunkulu futhi ngaya ngokuya ngithola inkululeko kulokhu.

Ngafunda lokhu emazwini kaNkulunkulu: “Ngoba abantu bazithanda bona ngokwedlulele, izimpilo zabo zonke zingukuhlupheka futhi kazinalutho” (“Isahluko 46” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngaleso sikhathi, kwabonakala sengathi ngangisazi isizathu sokudangala kwami—nganginokuziqhayisa. Ngangivame ukuba nokucindezeleka kanye nobuhlungu ngenxa yamazwi ambalwa angemahle noma ukukluluzwa umuntu ngehlo. Lapho ngiqondiswa futhi ngithenwa, ngazizwa ngilimele futhi ngilusizi, ngoba isithunzi sami sasilimele futhi ngizizwa ngiphoxekile. Ngangikhathazekile ngendlela yami yekusasa empilweni. … Ingabe konke lokhu kwakungeve kungenxa yokuthi ngangikhathala kakhulu ngegama lami emphakathini, izinga emphakathini, ukuzazisa, izinkanuko, kanye nekusasa lami? Mayelana nezambulo, ngaphambilini, ngangicabanga kuphela ukuthi lokhu kwakungenxa yokuthi zaziningi kakhulu izinto enhliziyweni yami nasengqondweni, nokuthi imicabango yami yayisinda, ukuthi ukubonakala ngimuhle yikho okwakubalulekile kimina, nokuthi ngangingenakujula

Kodwa ngangingakayisombululi inkinga yendlela yokungena. Kambe kungenzeka ukuthi kwakungenxa yokuzidla kwami kakhulu, ngaphila phakathi ekuphileni kukaSathane, ngiboshiwe yikho? Buthule ngafuna enhliziyweni yami. Kamuva, ngenkathi ngiphenyaphenya amazwi kaNkulunkulu lapha “Phunyuka Emandleni Obumnyama Uzozuzwa UNkulunkulu,” ngabona la mazwi avela kuNkulunkulu: “Abantu abangakakhululwa, kuhlale kunezinto ezithize ezibalawulayo, abakwazi ukunikela ngezinhliziyo zabo kuNkulunkulu, laba abantu ababoshwe uSathane, futhi baphila ngaphansi kwethunzi lokufa.” Ngacabanga: Ingabe lesi akusona isimo sami ncamashi? Ngaba nokuqiniseka okukhulu. Okulandelayo, ngabona amanye amazwi kaNkulunkulu: “Ukuze uphunyuke emandleni obumnyama, kumele uqale ngokuba qotho kuNkulunkulu futhi ube nogqozi lokufuna iqiniso, uyokwazi ngaleyo ndlela kuphela ukuba sesimweni esifanele. Ukuphila esimweni esifanele kuyisidingo ukuze uphunyuke emandleni obumnyama. Ukungabi nesimo esifanele kusho ukuthi awukho qotho kuNkulunkulu nokuthi awunalo ugqozi lokufuna iqiniso, ngenxa yalokho ayinakukhulunywa indaba yokuphunyula emandleni obumnyama. Ukuphunyuka komuntu emandleni obumnyama kusekelwe emazwini Ami, futhi uma umuntu engenzi ngokuvumelana namazwi Ami, angeke aphunyuke ekuboshweni amandla obumnyama. Ukuphila esimweni esifanele kusho ukuphila ngaphansi kwesiqondiso samazwi kaNkulunkulu, ukuphila esimweni sokuba qotho kuNkulunkulu, ukuphila esimweni sokufuna iqiniso, ukuphila ngokuzidela ngobuqotho ngenxa kaNkulunkulu, ukuphila esimweni sokumthanda ngokusuka enhliziyweni uNkulunkulu. Labo abaphila ngaphansi kwalezi zimo nakuleli qiniso bayoguquka kancane kancane, njengoba bengena bejula eqinisweni, futhi bayoguqulwa ukujula komsebenzi kaNkulunkulu, kuze kufike lapho bezuzwa khona uNkulunkulu, bamthande ngobuqotho uNkulunkulu” (“Phunyuka Emandleni Obumnyama Uzozuzwa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngifunda lokhu, ngezwa inhliziyo yami iqhakaza. Uma abantu bezithanda, abakwazi ukuba nobudlelwane obuyibo noNkulunkulu, futhi ukuzimisela kwabo ukuthungatha iqiniso akukwazi ukuba kukhulu. Ekugcineni, ngenxa yokuzazi kwabo, bazozilimaza ngokuhlala ngaphansi kwesizinda sikaSathane. Ngenxa yokukhanyiseleka okuvela emazwini kaNkulunkulu angenza ngakwazi ukubona isimo sami esiyingozi nokuthi kunendlela yokutshinga kude le ithonya lobumnyama—ukuba enhliziyo yokufuna iqiniso, ukuncika nokubheka kuNkulunkulu lapho uhlangana nezinkinga, ukufunda amazwi kaNkulunkulu ngokuthe xaxa, ukufuna izimiso zokwenza emazwini kaNkulunkulu, nokuhlala wethembekile kuNkulunkulu. Lapho uthola umsebenzi kaMoya oNgcwele, inkohlakalo phakathi esintwini ingashintsha kanye nokungena kwaso eqinisweni. Le yindlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele. Kodwa ngangilizibile leli phuzu, ngazama kuphela ukubhekana nenkohlakalo ngokwami, ngingancikile emsebenzini kaMoya oNgcwele ukuze ngizishintshe. Akumangazi ukuthi ngakwazi ukushintsha okwesikhashana; ngangingasombululanga lesi simo kusuka ezimpandeni zaso. Njengoba kusho emazwini kaNkulunkulu: “Lapho abantu belokhu bephambi kukaNkulunkulu kuba lula ukuthi bapheleliswe uNkulunkulu. Lena indlela uMoya Ongcwele owenza ngayo umsebenzi Wakhe. Uma ungakuqondi lokhu, kuyoba nzima ngawe ukungena emgudwini ofanele, ingasaphathwa eyokupheleliswa uNkulunkulu. … Unomsebenzi onzima kuphela ungekho umsebenzi kaNkulunkulu. Ngeke yini lokhu kube into engalungile esehlakalweni sakho?” (“Izehlakalo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Emva kokuqonda lokhu, ngazibeka kule ndlela nakakhulu, ngalahla umina, nganganaki imizwa nemicabango yami; kunalokho, ngabeka inhliziyo yami ekubeni ifune iqiniso, ngokuzinikela ngagcwalisa umsebenzi wami, ukuphila ngokucabanga kakhulu ngamazwi kaNkulunkulu, ukuthembela emazwini kaNkulunkulu ezenzweni zami, ukuzivumela ukuba ngiphile esimweni esilungile. Yize noma kuke kwaba nezikhathi ekwenzeni kwami lapho ngingazange ngenze ngokulungile ngokuphelele, ngikuzwile ukudedeleka nenkululeko yokuphila ekukhanyeni futhi ngiwuthokozele umsebenzi kaMoya oNgcwele. Angigcinanga nje ngokubona eyami inkohlakalo namaphutha ami, kodwa ngibe nokuzimisela ukulangazelela ushintsho masisha kanye nokukhuthazeka ukuphila ngokwenza iqiniso. Indlela engibuka ngayo nayo seyishintshile; angisaphili nokudangala, ingcindezi, kanye nokungabi nampilo, kodwa nginokushabasheka nogqozi enhliziyweni yami. Futhi senginokwenama kakhulu, futhi ngizizwa nginenjabulo enkulu ngokuhlala ebandleni!

Ngempela, lolu hlobo lwenkohlakalo ngaphakathi kimina lujulile futhi akukwazi ukuba ngihlukane ngokuphelele nethonya likaSathane ekwenzeni lezi zinto izikhathi ezimbalwa. Noma kunjalo, uNkulunkulu uvumele ukuba ngizwe ubumtoti bokuba “ngilahlele le kude ithonya lobumnyama, ngiphile ekukhanyeni,” nokunginikeze ukugqugquzeleka nethemba ngenkathi ngisafuna. Ngikholwa ukuthi inqobo uma ngiqhubeka nokubekezela ekusebenzisaneni noNkulunkulu futhi ngihamba indlela ekhonjwe nguNkulunkulu, ngifuna iqiniso kukhona konke, futhi ngiphila ngamazwi kaNkulunkulu, ngizolahla amaketango omoya, ngilahle ithonya lobumnyama, futhi ngizuzwe nguNkulunkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Awekho amazwana:

Thumela amazwana