Ikhasi lokuqala

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Dumisani. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Dumisani. Bonisa konke okuthunyelwe

Isahluko 11


Wonke umuntu kubantu kufanele amukele ukuhlola koMoya Wami, kufanele babhekisise konke ukukhuluma nokwenza kwabo, futhi, ngaphezu kwalokho, kufanele babheke izenzo Zami ezimangalisayo.

Mayelana Nokuphila KukaPetru

UPetru umuntu oyisibonelo uNkulunkulu amethula esintwini, futhi ungumuntu owaziwayo. Kungani umuntu ophansi kanjalo uNkulunkulu ambeka njengesibonelo, futhi wadunyiswa yizizukulwane ezizayo? Empeleni, akudingeki nokuthi kuze kushiwo ukuthi lokhu akunakuhlukaniswa nombono wakhe nesinqumo sakhe sokuthanda uNkulunkulu.

Isiqu Kanye Nobuntu Bomuntu


Eqinisweni, abaphoxekile, sebewubonile umsebenzi owenziwa iminyaka eyizi-6 000 kuze kube manje, ngoba angikaze ngibashiye. Kunalokho, ngenxa yokuthi okhokho babo badla isithelo emthini wolwazi lokuhle nokubi esasilethwe omubi, bangishiya ngenxa yesono.

Ukuthulisa Inhliziyo Yakho Phambi KukaNkulunkulu

Ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu kungesinye sezinyathelo esibalulekile kakhulu zokungena emazwini kaNkulunkulu, futhi kuyisifundo lapho abantu bonke benesidingo esiphuthumayo sokungena kuso manje.

Zulu Gospel Song | "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena"



 South African Gospel Song | "UNkulunkulu Uyabazisa Labo Abamzwayo Nabalalela Yena" 
I
UNkulunkulu akanandaba nokuthi umuntu uthobekile noma mkhulu.
Uma nje ezwa uNkulunkulu,
elalela lokho uNkulunkulu akuyalayo nakunikezayo,
ekwazi ukubambisana nomsebenzi Wakhe, nohlelo Lwakhe nentando Yakhe,
ukuze intando nohlelo Lwakhe kungaqhubeka ngaphandle kokuphazanyiswa,
lokhu kwenza kukufanele, kukufanele ukukhunjulwa nguNkulunkulu,
futhi kufanele ukuthola, ukuthola isibusiso Sakhe.

62. Isizathu Sangempela Sokuba Buthuntu Emsebenzini

  UXinyi    edolobheni laseXi’an, esiFundazweni saseShaanxi

  Ekuvakasheleni kwami amabandla kwakamuva, ngizwe kaningi abaholi nabasebenzi bethi abanye abantu, emva kokuhlanganyela nami, baba ngabalandulayo, ababuthakathaka nabaphelelwe ugqozi lokuqhubeka nokufuna.

South African Gospel Song “Zonke Izinto Ziphila Ngemigomo Nemithetho Ebekwe NguNkulunkulu”



South African Gospel Song “Zonke Izinto Ziphila Ngemigomo Nemithetho Ebekwe NguNkulunkulu”

I

Iminyaka eyizinkulungwane eziningi idlulile,

futhi isintu sisathokozela ukukhanya nomoya onikwe nguNkulunkulu,

sisaphefumula umphefumulo okhishwe nguNkulunkulu uqobo Lwakhe,

sisathokozela izimbali, izinyoni, izinhlanzi kanye nezinambuzane ezidalwe nguNkulunkulu,

futhi sithokozela zonke izinto ezinikezwe nguNkulunkulu;

imini nobusuku kusaqhubeka nokudedelana;

izinkathi zonyaka ezine ziyadedelana ngokujwayelekile;

amahansi andiza esibhakabhakeni ayahamba kulobu busika, futhi asabuya entwasahlobo elandelayo;

izinhlanzi emanzini aziyishiyi neze imifula namachibi—ikhaya lazo.

Best South African Gospel Music "Ukubonga Nokudumisa KuNkulunkulu USomandla"



Best South African Gospel Music "Ukubonga Nokudumisa KuNkulunkulu USomandla"
Silethwe phambi kukaNkulunkulu. Amazwi Akhe siyawadla futhi siyawaphuza.
Umoya oNgcwele uyakhanyisela, siqonda iqiniso uNkulunkulu alikhulumayo.

23. Ukuqonda Ngokusindiswa

                 ULin Qing Edolobheni LaseQingzhou, Esifundazweni iShandong

        Kule minyaka eminingi yokulandela uNkulunkulu, ngibuyekile ubumnandi bokuba nomndeni wami kanye nokwenyama yami, bengilokhu ngibhizi usuku lonke ngenza imisebenzi yami ebandleni.

22. Amazwi kaNkulunkulu Angiphaphamisile

   UMiao Xiao edolobheni laseJinan, esiFundazweni saseShandong



  Ngaphambilini, ngangihlezi ngicabanga ukuthi uma uNkulunkulu wayethi “unopopi futhi uyimbuka elibalekela isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe” wayeqondise kulabo abasamukelayo lesi sigaba somsebenzi kodwa bagcine behlehla ngenxa yokuthi bengazimisele ukubhekana nokuhlupheka kokusola Kwakhe nokwahlulela.

19. Ukuzithukulula Emaketangeni Omoya

UWu Wen Edolobheni laseZhengzhou, EsiFundazweni saseHenan

Ngangiwumuntu obuthakathaka nozwelayo. Ngenkathi ngingakakholelwa kuNkulunkulu, ngangivame ukuzizwa ngiphansi futhi ngicindezeleka ngenxa yezinto ezazingifikela empilweni.

Ukububula KukaMninimandla Onke

      Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenakho ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kuthathwe ngomubi. Amehlo akho agutshuzelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivimbekile ngamazwi akhohlisayo futhi awulizwa iphimbo likaJehova elindindizelayo, noma umsindo wamanzi ageleza evela esihlalweni sobukhosi.

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

UNkulunkulu USomandla uthi:“ Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho . Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi.

Kushoni Ukuba Umuntu Woqobo

       
IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga

       Ukuphatha umuntu umsebenzi Wami, nokumenza ukuba anqontshwe Yimi kwakumiswe endulo ngenkathi ngidala umhlaba. Abantu abazi ukuthi ngizobanqoba ngokuphelele ezinsukwini zokugcina, futhi abakaqapheli ukuthi ubufakazi Bami bokunqoba uSathane ukunqoba labo bantu abangalaleli.

Ukwazi UNkulunkulu Kuyindlela Eya Ekumesabeni UNkulunkulu Nokudeda Kokub




      Ngamunye wenu kumele nihlole kabusha ukuphila kwenu kokukholelwa kuNkulunkulu ukuze nibone ukuthi, ekulandeleni uNkulunkulu, nikuqondisisile ngempela yini, nokuthi nifinyelele yini ekumazini ngeqiniso uNkulunkulu, nokuthi ingabe nisazi ngempela yini isimo somqondo sikaNkulunkulu ngezinhlobo ezahlukene zabantu, kanye nokuthi ingabe nikuqonda ngempela yini lokho uNkulunkulu akwenzayo kini nanokuthi ingabe uNkulunkulu uzibheka kanjani zonke izenzo zenu. Lo Nkulunkulu, oseduze nawe, ekuqondisa endleleni yokuqhubeka kwakho, elungiselela isiphetho sakho, futhi egcwalisa izidingo zakho—kungakanani wena, uma sekuhlaziywa ekugcineni, okuqondayo futhi okwaziyo ngempela Ngaye?