Ikhasi lokuqala

45. Imigomo Yempilo Ymai Yangishiya Ngilimele

UChangkai eDolobheni laseBenxi, esiFundazweni saseLiaoning
Amazwi ajwayelekile athi “Abalungile baba ngabokugcina” amazwi engiwajwayele kakhulu. Mina nomyeni wami sasingabantu abangenabuqili: Uma kukhulunywa ngezinto ezibandakanya ukuhlomula noma ukulahlekelwa kwethu, sasingelona uhlobo lwabantu oluhilizisana luphinde ludidiziselisane nabanye. Lapho kufuneka sinyamezele sasinyamezela, lapho kudingeka sisize khona sasenza konke okusemandleni ukuba sisize. Ngenxa yalokho, sasihlala sizithola sikhohliswa futhi sihlukunyezwa ngabanye abantu. Ngempela kwakubukeka sengathi empilweni, “Abalungile baba ngabokugcina”—uma unomusa omningi enhliziyweni yakho, uma usiza njalo futhi uzithobile kokwenzayo, maningi amathuba okuthi uqinelwe. Nginale micabango engqondweni, ngagcina ngokuthi ngingazifaki kukho konke lokhu kuhlukunyezwa nokuphila ngokukhungatheka: esikhathini esizayo kanye nasekuphileni nabanye abantu, ngafunga ukuthi ngeke ngisasiza kakhulu. Ngisho nanoma sengamukele umsebenzi kaNkulunkulu, ngangilokhu ngisebenzisa lo mgomo ekuziphatheni kwami nasekuphilisaneni nabanye abantu.
Kwesinye isikhathi, ngangisebenza nodade ukugcwalisa izibopho zethu. Lo dade wayehlale ephawula ukusilela kanye nokwahluleka kwami; nganginomuzwa wokuthi uyangicindezela ngayo yonke indlela. Ekuqaleni ngacabanga ngathi: Akulula ukuba wedwa ukude nekhaya, zama ukunyamezela. Kamuva, kodwa, emva kokuba lo dade ekhombisa ukungaphezi lokhu kungigxeka kwakhe, ekugcineni ngabuyelwa yilo mcabango wokuthi “Abalungile baba ngabokugcina.” Kwangifikela ukuthi lo dade mhlawumbe wayebonile ukuthi nganginomusa kakhulu ngakho-ke kulula ukufinyelela kimina manje wazitshela ukuthi uzokwenza impilo yami ibe lukhuni ngokugxeka nokuphawula nangezinto ezincane engingazenzi kahle. Nganquma ukuthi ngangingeke ngisabekezelela noma ngivumele lo mkhuba wakhe, ngakho ngakhipha lonke ulaka lwami ebengilugcine ngaphakathi ngahlanza ulaka olwesabekayo, ngayeka kuphela lapho lo dade engasakwazi kukhipha nelilodwa izwi. Kamuva, udade lo wacela ukukhuluma nami wavuma ukuthi wayebonile ukuthi indlela akhulume futhi aziphathe ngayo kimina yayiwubulwane futhi wayethemba ukuthi ngingamxolela. Waphinde wathi uNkulunkulu owayehlele ukuba kwenzeke lesi simo wangisebenzisa ukuba ngimbuyisele endleleni. Ngithe uma ngizwa lokhu, ngajabula kakhulu wawungafunga ukuthi ngangingujenene owayehlonyuliswe ngezindondo ezine ebuya enqobile empini. Okunye futhi, ngezwa nginokuqiniseka ngokuthi yiqiniso ngempela la mazwi athi “Abalungile baba ngabokugcina.”
Yikamuva nje, ngenkathi ngifunda “Izinkohliso Eziyi-100 ZikaSathane Abantu Abangalungile Abancike Kuzona Ukuze Baphile” ezishicilelwe yibandla, lapho engabona khona ibinzana elithi: “‘Abalungile baba ngabokugcina.’ … Isintu singcoliswe uSathane isikhathi esiyizinkulungwane zeminyaka futhi kunamaphutha angabaleki uSathane awasebenzisayo ukudunga izingqondo zabantu. Lapha siqoqe safingqa izinkohliso eziyi-100 abantu abazithatha njengeziyigugu ezibaholayo empilweni. Lezi zinkohliso vele sezakhele zazinza ezinhliziyweni zabantu; uma bengahlonyiswa ngamaqiniso, abantu kunzima kakhulu ukuba bakwazi ukumbula ubuqiniso balezi zinkohliso. Uma abantu bengaqhubeka nokubambelela kulezi zinkohliso zikaSathane bazenze izaga nemigomo yokuphila, abantu abakhohlakele ngeke baphinde bathole insindiso.” Emva kokufunda leli binzana lamazwi ngaba nokukhanyiseleka okungalindelekile, kwangathi ngiphaphama ephusheni elide: Amazwi athi “Abalungile baba ngabokugcina” kwakungamanga noma inkohliso esungulwe nguSathane ukuzama ukufunza abantu ngemfundisoze nokubenza abantu abakhohlakele. UNkulunkulu usicela ukuba lapho sihlangana nabanye sibe ngabakwazi ukubemukela, sibabekezelele, sibanyamezelele, futhi sibaxolele. Kufanele sibacabangele, sibahloniphe futhi sibathande abanye abantu. Kolunye uhlangothi, umgomo kaSathane wempilo othi, “Abalungile baba ngabokugcina,” uzama ukusiholela kude nokulunga usiqondise ebubini, usifundisa ukuba singabi ngabanomusa noma abanokubuyisana ezintweni esizenzayo nabanye abantu. Ukuze sizivikele, kufanele “sithi iso ngeso, izinyo ngezinyo,” kufanele sifunde ukuba yiziqhwaga, sibe nobulwane futhi sibe nonya. Ngiyabona ukuthi isisho esithi “Abalungile baba ngabokugcina” simele inkohliso, ephikisana ngqo neqiniso—indlela yokucabanga kaSathane, ingeyakubo kwamanga kaSathane, ubuthi bukadrako omkhulu obomvu. USathane usebenza ngalawa “mathiyori” angamanga ukudunga abantu baze basongozelane bebodwa, babulalane ngesihluku, bazibandakanye ekuncintisaneni okuphikelelayo nokungenasiphelo, bangalaleli muntu baze baphelelwe ubuntu ngaphakathi kubona. Ngale ndlela abantu baba ngabakhohlakele njengaye uSathane uqobo, iminikelo yokungcwatshwa kanye naye, bese uSathane efeza injongo yakhe yokungcolisa nokujuqa bonke abantu. Ngangingakwazi ukubona ngale kwale nkohliso ngase ngamukela amazwi athi “Abalungile baba ngabokugcina” njengeqiniso okufanele lamukelwe futhi lihlonishwe. Ngangicabanga ukuthi ngangingeke ngikwazi ukuba nomusa ngisize kakhulu, kanye nokuthi ukuba nesineke noma ukubekezela lapho uphila nabantu kwakuyindlela yobuwula nokungazi futhi kuzongishiya ngisengcupheni yokukhohliswa kanye nokuhlukunyezwa. Ngenxa yokuthi ngangihlezi ngithatha le nkohliso njengesaga nesiqubulo sokuphila, uma udade lo ephawula amaphutha nezinsilela zami ukuze angisize ngizibone bese ngiyashintsha ngiba ngcono, angizange nje ngingamukeli amazwi akhe, empeleni ngangicabanga ukuthi uyangiqinela futhi ugqamisa izinto ezingabalulekile. Ngenxa yalokho, ngambhokela ngomlilo, ngaziphathisa okwedimoni. Ngisho noma udade lo esezehlisa exolisa kimina, nalapho angizange ngizihlolisise ngaphakathi noma ngibe namahloni, kodwa kunalokho ngahlala lapho ngaba nokweneliseka ngengikwenzile, ngicabanga ukuthi udade lo ekugcineni “wayeseyivumile induku” ngoba ngangiphikelele ngabambelela esishweni esithi “Abalungile baba ngabokugcina.” “Sengiyinqobile le mpi,” ngazizwa ngikhuthazeka ukuphikelela nokutusa lesi sisho sikaSathane. Ubuwula nobuthutha obungaka enganginabo! Ngangihlanekezele izinto, ngicabanga ukuthi okubi kungokuhle; ngangingaboniseki! Umsebenzi wokugcina kaNkulunkulu ukuhlanza isintu akhiphe ubuthi bukaSathane, bese esebenzisa iqiniso ukushintsha isimo sabo esingcolile. Kulolu olwami udaba, nokho, ngangingakalithungathi iqiniso, noma ngizame ukubona ubuthi bukaSathane ngaphakathi kimina, futhi angizange ngisebenzise iqiniso ukuze ngiziguqule mina. Kunalokho, ngabambelela ezinkohlisweni zikaSathane ngalikhahlela iqiniso. Ukube ngangiqhubeke kanjalo, ngangingeke nhlobo ngiqale ukuziqonda. Ngangingeke ngizuze iqiniso ngithole inguquko esimweni sami. Ekugcineni, ngangiyobhujiswa nguNkulunkulu, njengalokho sinjalo isiphetho sikaSathane.
Ngiyabonga Nkulunkulu ngokungikhanyisela nokungicacisela Kwakho, okungivumele ngikwazi ukubona ukuthi isisho sikaSathane esithi “ Abalungile baba ngabokugcina” asilutho ngaphandle kwenkohliso uSathane ayisebenzisayo ukudunga nokukhohlakalisa abantu. La mazwi asetshenziswa njengezaba nje nethuluzi labantu abakhohlakele ukuze baqhubeke nokuphikisana. La mazwi ayaphikisana neqiniso, futhi akwenzayo ukungcolisa nokonakalisa isintu. Uma umuntu ethola amandla akhe ebuthini bukaSathane, uma enza njengokusho kwezisho zikaSathane, uyogcina ngokuba ngongcole nomubi kakhulu. Uyoya ngokuya ephelelwa ubuntu futhi aye ngokuya eba ngomelene noNkulunkulu, esukile kuNkulunkulu. Akasoze athola insindiso kaNkulunkulu. Nkulunkulu Somandla, ngiyafunga ukuthi ngizofaka wonke amandla ami emazwini Akho kanye nasekulandeleleni iqiniso, ukuze ngikwazi ukubona izinhlobo eziningi zobuthi bukaSathane ngaphakathi kimina, ngilahle ngokuphelele izinkohliso zikaSathane, ngingabe ngisenza njengokusho kwezisho zikaSathane. Ngiyafunga ukuba ngicinge intando Yakho kuzo zonke izinto, futhi ngilandele izwi Lakho, ukuze izwi Lakho lakhele lizinze kimina liphenduke iziqubulo engenza ngazo izinto, amazinga engizikala ngawo. Angiphile ngokuhambisana ngokuphelele nezwi Lakho

Awekho amazwana:

Thumela amazwana