Ikhasi lokuqala

South African Gospel Music "Labo Abathanda UNkulunkulu Ngobuqotho Bangabantu Abethembekile Bonke"




South African Gospel Music "Labo Abathanda UNkulunkulu Ngobuqotho Bangabantu Abethembekile Bonke"

Behlanzekile futhi bethembeke njengengane, bemsulwa futhi benempilo, begcwele impilo yobusha,
banjengezingelosi eziza emhlabeni.
Kungenamanga, kungenankohliso noma ukukhohlisa, ngenhliziyo evulekile, ethembekile baphila ngokunesithunzi.
Banikeza izinhliziyo zabo kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyabethemba, futhi babangabantu  abethembekile uNkulunkulu abathandayo.
Labo abathanda iqiniso bonke banezinhliziyo ezethembekile.
Abantu abathembekile bathokozela ukwenza iqiniso, futhi ngokulalela uNkulunkulu izinhliziyo zabo zinokuthula.
Besaba uNkulunkulu, bagwema okubi futhi baphila ngamazwi kaNkulunkulu. Baphila emazwini kaNkulunkulu futhi bakhululiwe futhi bakhululekile.
Bamukela ukubhekisiswa nguNkulunkulu futhi baphila phambi Kwakhe. Ukuthanda uNkulunkulu kungukujabula nokuthokoza.

Ngithanda uNkulunkulu, inhliziyo yami ikhululekile futhi inokuthokoza, futhi ngiphila kalula lapho ngenza ngokwamazwi kaNkulunkulu.
Enhliziyweni yami kunoNkulunkulu kuphela, iqiniso kuphela, amazwi kaNkulunkulu abe yimpilo yami.
Ngiphila ngaphansi kokuqondisa kwamazwi kaNkulunkulu nsuku zonke, ngibusiswa nguNkulunkulu futhi uMoya oNgcwele uyangihola.
Ngamukela ukubhekisiswa nguNkulunkulu futhi ngiphila phambi Kwakhe. Ukuthanda uNkulunkulu ngobuqotho kungukujabula nokuthokoza.
Ngiphila ngaphansi kokuqondisa kwamazwi kaNkulunkulu nsuku zonke, ngibusiswa nguNkulunkulu futhi uMoya oNgcwele uyangihola.
Umbuso kaNkulunkulu uyizulu kubantu abethembekile,
futhi uyikhaya labo elihle.

kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana