Ikhasi lokuqala

5. Abantu bavame ukuthi, “Ubuhle bunomvuzo wakho, ububi ukujeziswa kwakho,” khona-ke kungani uNkulunkulu engasusi bonke abantu ababi?

  Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

  Namuhla, noma bengenzani, futhi kuncike ekutheni bangaphazamisi ukuphatha kukaNkulunkulu futhi abangahlangene nhlobo nomsebenzi kaNkulunkulu, abantu abanjalo ngeke babhekane nembuyiselo ehambisanayo, ngoba usuku lolaka alukafiki.Kuningi abantu abakholwa ukuthu uNkulunkulu ukube usebhekene nakho, futhi bacabanga ukuthi abenzi bobubi kumele babhekane nempindiselo ebafanele ngokushesha.
Kodwa njengoba umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ungakafiki ekugcineni, futhi nosuku lolaka alukafiki, abangalungile bayaqhubeka nokwenza ukwenza kokungalungi. … Manje akusona isikhathi sokujeziswa komuntu, kodwa isikhathi sokwenziwa komsebenzi wokunqoba, ngaphandle uma kukhona labo abakhubaza ukuphatha kukaNkulunkulu, lapho beyojeziswa ngokobubi bezenzo zabo.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  Uma beke bahlukaniswa ngenxa yokulungile nokubi, abantu abajeziswa noma bathole umvuzo ngokushesha; kunalokho uNkulunkulu umsebenzi Wakhe wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo uyowenza kuphela ngemva kokufeza umsebenzi Wakhe nokunqoba ezinsukwini zokugcina. Empeleni, ubelokhu esebenzisa okulungile nokubi ukuze ahlukanise abantu, kusukela ngesikhathi enza ngaso umsebenzi Wakhe phakathi kwesintu. Uyomane abusise olungile futhi ajezise omubi lapho eqeda umsebenzi Wakhe, esikhundleni sokuhlukanisa ababi nabalungile lapho eseqeda umsebenzi Wakhe ekugcineni, uyobe eselandela ngokushesha nesu lokujezisa ababi anike abalungile umvuzo. Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila ngayo ekuphumuleni ngokuthula.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Awekho amazwana:

Thumela amazwana