Ikhasi lokuqala

2. Kungani izwe limnyama futhi lilibi kangaka? Ngokuba kwesintu sezingeni eliphezulu lokukhohlakala, ingabe kufanele libhujiswe?

  Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

  Umuntu walahlekelwa inhliziyo eyesaba uNkulunkulu ngemva kokonakaliswa uSathane, futhi walahlekelwa umsebenzi izidalwa zikaNkulunkulu okufanele zibe nawo, waba isitha esingamlaleli uNkulunkulu.
Umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi walandela imiyalo kaSathane; ngakho uNkulunkulu wayengenayo indlela yokusebenza phakathi kwezidalwa Zakhe, futhi akakwazanga ukwenza ukuba izidalwa Zakhe zimesabe. Umuntu wadalwa uNkulunkulu, wakhonza uNkulunkulu, kodwa umuntu waqala ukumjikela uNkulunkulu wakhonza uSathane. USathane waba isithixo senhliziyo yomuntu. Ngakho uNkulunkulu walahlekelwa indawo Yakhe enhliziyweni yomuntu, okuwukuthi walahlekelwa incazelo yendalo kaNkulunkulu yabantu. …


kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe – ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi. Ngisho nanamuhla, umuntu usamkhaphela uNkulunkulu: Lapho umuntu ebona uNkulunkulu uyamkhaphela, futhi noma engamboni uNkulunkulu nalapho futhi uyamkhaphela. Kukhona nalabo abathe sebebone iziqalekiso nolaka lukaNkulunkulu kodwa balokhu bemkhaphela. Ngakho ngithi umqondo womuntu ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni nonembenza wakhe ulahlekelwe ukusebenza kwawo kwasekuqaleni. … Uzalelwe ezweni elingcole kangaka, umuntu yilokhu ehangulwe umphakathi, uthonywe yinkambiso endala, futhi ufundiswe “ezikhungweni zemfundo ephakeme”. Ukucabangela emuva, ukuziphatha okubi, ukubuka kabi impilo, indlela yokuphila enyanyekayo, ukuphila okungenamsebenzi, indlela yokuphila namasiko onakele – zonke lezi zinto zibe nemingenela enzima enhliziyweni yomuntu zabukela phasi futhi zahlasela unembenza wakhe. Ngalokho – ke umuntu uselokhu eqhele kakhulu kuNkulunkulu, futhi ulokhu ephikisana Naye. Isimo somuntu siba sibi kakhulu usuku nosuku kanti akekho namunye umuntu onganikela ngokuzithandela noma yini kuNkulunkulu, namunye ongalalela uNkulunkulu ngokuthanda, nangaphezu kwalokho akekho namunye ongafuna ngokuzimisela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kunalokho, ngaphansi kwendawo ebuswa nguSathane, umuntu akenzi lutho kodwa ulwela injabulo, ezinikela enkohlakalweni yenyama ezweni lodaka.



kwesithi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  Akekho ofuna ngenkuthalo ukulandela izinyathelo noma ukubonakala kukaNkulunkulu, futhi akekho ofisa ukuphila ekubakekelweni nokugcinwa uNkulunkulu. Kunalokho, abantu bavumela ukuwohlozwa uSathane, nomubi ukuze bamukeleke kuleli zwe nasemithethweni yokuphila elandelwa yisintu esikhohlakele. Kuleli qophelo, inhliziyo nomoya womuntu kunikelwe kuSathane futhi kwaneliswa nguye. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yomuntu nomoya wakhe kuba indawo uSathane angahlala kuyo futhi kuba indawo enhle angadlalela kuyo. Ngale ndlela, umuntu engazi, akabe esayiqonda imigomo yokuba umuntu, nokufaneleka kanye nezinjongo zokuba khona komuntu. Imithetho kaNkulunkulu nesivumelwano esiphakathi kukaNkulunkulu nomuntu kushabalala kancane kancane enhliziyweni yomuntu aze umuntu angamfuni noma angamnaki uNkulunkulu. ngokuhamba kwesikhathi, umuntu akabe esaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu adala umuntu, futhi akabe esawaqonda amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu noma aqaphele konke okuvela kuNkulunkulu. Umuntu uqala ukuphikisa imithetho nezinqumo zikaNkulunkulu; inhliziyo nomoya womuntu kuyafa. …



kwesithi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  Kusukela lapho umuntu waqala ukuba namasayensi okuhlalisana kwabantu, umqondo womuntu wagcwala isayensi nolwazi. Isayensi nolwazi lwase luba amathuluzi okubusa isintu, futhi yayingasekho indawo eyanele yokuba umuntu akhonze uNkulunkulu, kanye nezimo ezikahle zokukhonzwa kukaNkulunkulu. Isikhundla sikaNkulunkulu sashona phansi kakhulu enhliziyweni yomuntu. Izwe enhliziyweni yomuntu elingenandawo kaNkulunkulu limnyama, alinalutho alinathemba. Ngakho kwavela ososayensi bezokuhlalisana kwabantu abaningi, ababhali bezemilando, kanye nosopolitiki ukuveza izichasiso ezicatshangiwe zesayensi yokuhlalisana kwabantu, umcabango ngenguquko yabantu, kanye nezinye izichasiso ezicatshangiwe eziphikisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala umuntu, ukugcwalisa inhliziyo nomqondo womuntu. Futhi ngale ndlela, labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into baba mbalwa kakhulu, futhi labo abakholelwa emcabangweni ngenguquko baba baningi kakhulu. Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo. … Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu. Futhi ngale ndlela, impucuko yabantu ngokungazi igcina ingakwazi kakhulu ukufeza izifiso zabantu, futhi baningi abantu abezwa ukuthi njengoba bephila emhlabeni onjalo, ukujabula kwabo kuncane kunalokho kwabantu bangaphambilini. Nabantu bamazwe ayephucuke kakhulu imbala baveza izikhalo ezinjalo. Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zixoshe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. Kulo mhlaba, akukhathaleki ukuthi uphila ezweni elikhululekile noma ezweni elingenawo amalungelo esintu, awukwazi nhlobo ukuphunyuka isiphetho sesintu. Noma ngabe ungumbusi noma ungobuswayo, awukwazi nhlobo ukuphunyuka esifisweni sokuthi ucwaninge isimiso, izimfihlakalo kanye nesiphetho sesintu. Akusaphathwa ukuthi awukwazi ukuphunyuka emuzweni odidayo wobuze. Izenzakalo ezinje, ezijwayelekile esintwini sonke, zibizwa ngokuthi imisebenzi ephathelene nokuhlalisana kwabantu yizazi zesayensi yokuhlalisana kwabantu, kepha ayikho indoda eqotho engavela ukuxazulula lezi zinkinga. Umuntu, vele, ungumuntu. Indawo nempilo kaNkulunkulu ayinakuthathwa yinoma ngumuphi umuntu. Isintu asidingi nje kuphela umphakathi onobuqiniso lapho bonke abantu bondlekile futhi belingana futhi bekhululekile, kodwa insindiso kaNkulunkulu kanye nokuhlinzeka Kwakhe impilo kubo. Kulapho umuntu ethola insindiso kaNkulunkulu nokuhlinzeka Kwakhe ngempilo kubo lapho izidingo, ukulangazelela ukucwaninga, kanye nobuze bomoya womuntu kuyoxazululwa. Uma abantu bezwe noma besizwe bengakwazi ukwemukela insindiso kanye nokunakekela kukaNkulunkulu, lelo lizwe noma leso sizwe esinjalo siyohamba indlela eya encithakalweni, eya ebumnyameni, futhi siyobhujiswa nguNkulunkulu.



kwesithi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  Ngesikhathi sikaNowa, abantu babekade bedla futhi bephuza, beshada futhi beshadisa kwaze kwafika ezingeni lokuthi kungabe kusabekezeleka kuNkulunkulu ukuba akubone, ngakho wathumela uzamcolo omkhulu ukubhubhisa isintu futhi washiya kuphela umndeni kaNowa wabayisishagalombili nazo zonke izinhlobo zezinyoni nezilwane. Ezinsukwini zokugcina, kepha, labo abayogcinwa nguNkulunkulu yilabo abebethembekile Kuye kuze kube sekugcineni. Nakuba zombili kwakuyizikhathi zenkohlakalo enkulu engabekezeleki ukuba ayibone uNkulunkulu, futhi isintu ezinkathini zombili sasikhohlakele ngendlela yokuthi saphika uNkulunkulu njengeNkosi, bonke abantu esikhathini sikaNowa babhujiswa nguNkulunkulu. Isintu ezinkathini zombili samdabukisa kakhulu uNkulunkulu, kepha uNkulunkulu uselokhu enesineke nabantu ezinsukwini zokugcina kuze kube manje. Kungani kunjalo? Awukaze ukucabange lokhu? Uma ungazi ngempela, ake ngikutshele. Isizathu uNkulunkulu ekwazi ukubaphatha ngomusa abantu ezinsukwini zokugcina akukona ukuthi bakhohlakele kancane kunabantu bangesikhathi sikaNowa noma ukuthi bakhombise ukuphenduka kuNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi uNkulunkulu ngeke akubekezelele ukubhubhisa abantu ezinsukwini zokugcina lapho ubuchwepheshe sebuthuthuke kakhulu. Kunalokho, ukuthi uNkulunkulu unomsebenzi adinga ukuwenza eqoqweni labantu ezinsukwini zokugcina futhi lokhu kuzokwenziwa nguNkulunkulu osenyameni uqobo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uzokhetha ingxenye yaleli qembu njengalabo abakhethelwa insindiso, isithelo sohlelo Lwakhe lokuphatha, futhi alethe labo bantu enkathini elandelayo.



kwesithi “Ingabe Uyazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

  UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa usizi ngokunyathela kwesintu kancane sibheke ekushabalaleni nasendleleni engenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Akekho owake wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi sizoshona ngaphi. Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma ozama ukusondela kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu ubukaNkulunkulu. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, egwema umusa nokunakekela kukaNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi angancamela ukuzithengisa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani kumuntu ongaphenduki ozehlukanise Naye? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi ezandleni Zakhe uphethe inhlekelele engakaze ibonwe aseyilungisile, engeyukumelwa yinyama nomphefumulo womuntu. Le nhlekelele ayisona isijesiso senyama nje, kodwa nesomphefumulo futhi. Kumele ukwazi lokhu: Lapho uhlelo lukaNkulunkulu lungafezwa lwenziwa ize nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, lokho kuyomthukuthelisa kangakanani? Lokhu ngeke kufane nalutho oseluke lwenzeka, noma lwezwiwa noma iyiphi indalo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso ohlelweni lukaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala futhi nesokugcina.



kwesithi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana