Ikhasi lokuqala

Ubambiswano Lweqiniso

  UFang Li    edolobheni lase-Anyang, esiFundazweni saseHenan

  Kamuva nje ngangicabanga ukuthi ngangingene ebudlelwaneni obunokubambisana. Mina nomlingani engangisebenza naye sasikwazi ukukhuluma nganoma yini, kwesinye isikhathi ngangiye ngimcele ukuba angitshele izinto engangisasilele kuzona, futhi sasingakaze sixabane, ngakho ngangicabanga ukuthi sasifinyelele ebudlelwaneni obunokuzwana. Kodwa njengoba amaqiniso ayevezile, ubudlelwane obunobambiswano kwakungeyona le nto engangiyicabanga.

  Ngelinye ilanga emhlanganweni, umlingani wami engisebenza naye waphawula ngezinsilela zami phambi komphathi wethu, ethi nganginokuzikhukhumeza, ngingalamukeli iqiniso, ngithanda ukulawula, ukunqoba njalo…. Ukumuzwa esho lokho kwangithukuthelisa kakhulu, ngase ngicabanga ngithi: “Zolo lokhu ngikubuze ukuthi unayo na imibono ngami, wathi cha, kodwa manje, phambi komphathi wethu, usho okuningi kangaka! Akukhona neze ukuba neqiniso lokho!” Ngangicabanga ukuthi mina nomlingani wami wasemsebenzini sasinobudlelwane obunokuthula, kodwa wayenemicabango eminingi kangaka ngami, okwakufakazela ukuthi kwakusenokungaqondani phakathi kwethu futhi ubudlelwane bethu babungenakho neze ukuthula. Ngibhekene namaqiniso, umqondo wami wabuyela emuva ucabanga indlela ebengiziphatha ngayo kulobu budlelwane bethu: Lapho kunemihlangano, yize noma umfowethu wayehlanganyela, kodwa wayengavamile ukukhuluma, ngenxa yokuthi ngangikhuluma cishe umhlangano wonke futhi ngingamniki ithuba lokukhuluma; emsebenzini impela sasixoxa nganoma yiziphi izinkinga eziqhamukile, ngaso sonke isikhathi ngangima kweyami imibono futhi ngiyenqabe eyakhe, bese izinkinga zisombululeke lapho umfowethu eyeka ukuveza owakhe umbono; uma ungaphandle kwakubukeka kungekho zingxabano noma ukushayisana phakathi kwethu, kodwa ngaphakathi kwakuzwakala njalo sengathi kunomgoqo owawukhona phakathi kwethu, okuthile okwakusinqanda ukuba sivulelane isifuba ngokuphelele. Yingaleso sikhathi lapho ngabona khona ukuthi thina sobabili sasibukeka singabalingani abasebenza ndawonye, yimina kodwa engangishaya imithetho yonke, futhi wayengakaze athole ithuba lokugcwalisa eyakhe imisebenzi. Ngangicabanga ukuthi ubudlelwane bethu kwakuyilobo obusebenzelanayo futhi singabalingani abalinganayo, kodwa empeleni kwakuyilobo bomholi kanye nalowo oholwayo. Amaqiniso angivezela ukuthi lokho engangicabanga ukuthi ubambiswano olunokuthula empeleni nje kwakuyiqoqo nje lezi zinqubo zokwenza ezingeze zaphumelela. Pho-ke, yini ubudlelwane obunobambiswano? Ngafuna izimpendulo zombuzo wami ezwini likaNkulunkulu, ngase ngihlangana nala mazwi, “Nisezindaweni eziphakeme futhi nizwa okuningi ngeqiniso, kuningi enikuqondayo ngenkonzo. Uma nina bantu enengamele ukusebenza emabandleni ningafundi komunye nomunye, futhi nixoxisane, nisekelane eziphambekweni zomunye nomunye, ningazifunda kuphi izifundo? Lapho nihlangabezana nanoma yini, kufanele nixoxisane, ukuze ukuphila kwenu kuzuze. Futhi kufanele nixoxe ngokucophelela nganoma iziphi izinto ngaphambi kokwenza izinqumo. Ukwenza kanjalo kuphela okuwukuzibophezela ebandleni hhayi ukungabi nandaba. Ngemva kokuvakashela wonke amabandla, kufanele nihlangane nixoxe ngazo zonke izinkinga enizithole emsebenzini, nixoxe ngokukhanyiselwa nokukhanya enikutholile—lona umkhuba odingekayo wenkonzo. Kumele nifinyelele ukubambisana okunobunye ngenxa yomsebenzi kaNkulunkulu, ngenxa yokuzuza kwebandla, nokugqugquzela abafowethu nodadewethu ukuba baye phambili. Ubambisana naye, naye abambisane nawe, omunye ulungisa omunye, nifinyelele kumphumela ongcono womsebenzi, ukuze nenze intando kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela ukubambisana kwangempela, futhi yilabo bantu kuphela abanokungena kwangempela” (“Khonza Njengoba Kwenza Ama-Israyeli” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Emva kokucabangisisa ngamazwi kaNkulunkulu, inhliziyo yami yashesha yakuqonda lokhu. Ubambiswano lwangempela luchaza ukuthi abalingani abasebenzisanayo babeka umsebenzi webandla phambili; izintshisekelo zebandla kanye nempilo yodade nabafowethu, bangahlanganyela ndawonye basizane lapho kunokusilela khona, ukuze imiphumela engcono ifezekiswe emsebenzini wabo; bangasebenzisani ngokungaqondani noma babe nemicabango yokwahlulelana futhi bangabi nokungazwani ngokubuka izinto. Uma ngiqhathanisa ukuziphatha kami nalokhu, ngezwa nginamahloni nokuzisola okungachazeki. Uma ngibuka emuva indlela engangiziphathe ngayo, ngabona ukuthi angikaze ngiqhakambise izintshisekelo zebandla, ngangihlezi ngizibeka mina phambili, ngangihola ngokuncike esikhundleni sami futhi ngaqikelela ukunakekela isithunzi nesikhundla sami, kwaba ukuphela kwento engangiyesaba ukuba abantu bangibukele phansi noma bangithathe kancane, futhi ukuhlanganyela kwami nodadewethu nabafowethu kwakungahambisani noma kungenziwa ngokubuka ukuthi siyalingana, ngenxa yalokho akukaze kufeze inhloso yokubambisana, ukwesekana lapho singena ezwini likaNkulunkulu.

  Yize noma ngaphandle umlingani wami nami kwakubonakala sengathi sixoxisana ngomsebenzi wethu, enhliziyweni yami angiyemukelanga imibono yakhe, futhi ekugcineni ngangihamba neyami imibono kunokubuka ukuthi yikuphi okungaba ngcono emsebenzini webandla; yize noma kwesinye isikhathi ngangimcela angitshele ukusilela kwami, esikhundleni sokuzamukela, ngangihlezi ngiqophisane naye, ngibeke izaba, futhi ngizikhulumele, okwenza angakwazi ukukhuluma ngokukhululeka futhi esabe ukuphinda aveze izindawo engisilela kuzona futhi, nokwaholela ekungazwanini phakathi kwethu futhi kwaholela ekubeni singakwazi ukuphothula umsebenzi webandla ngokuzwana. Phakathi kwabafowethu nodadewethu ngaziphatha ngokuqholosha okukhulu nokuziphakamisa, ngaso sonke isikhathi ngenza sengathi yimina umholi wabo ngenxa yokuqonda kwami kangcono iqiniso nganginegunya lokubahola. Kubona, angikhombisanga kuzithoba noma ukufuna kweqiniso, kunalokho ngazibona njengenduna yeqiniso ngiphikelela ukuba wonke umuntu alalele mina. … Yilapho ngabona khona ukuthi ubambiswano lwami emsebenzini lwalungenazo izakhi zobudlelwane bokusebenzisana, noma ngamazwi ajule kakhulu, ngangizibandakanya ekubuseni ngobudlwangudlwangu kanye nokuphoqa. Ukuziphatha kanjalo ungumholi nomlingani akuhlukile endleleni udrako obomvu omkhulu abamba ngayo amandla! Udrako obomvu omkhulu usebenza ngobudlwangudlwangu, egcizelela ukubeka izwi lokugcina ngaso sonke isikhathi futhi esaba ukulalela izwi labantu noma ukubuza ngemigomo yezombusazwe ehlukile kweyakhe. Futhi mina, nesikhundla esincane enginaso namuhla, ngifuna ukuphatha leyo ndawana encane engiyilawulayo. Uma ngelinye ilanga ngithola ukuba sesikhundleni, ngiyohluka kanjani kudrako omkhulu obomvu? Uma ngicabanga ngakho konke lokhu, ngazizwa ngithuthumela. Ukuqhubeka kanje kungaba yingozi kakhulu, futhi uma ngingaguquki, isiphetho sami siyofana nesikadrako omkhulu obomvu—ukujeziswa nguNkulunkulu.

  Emva kokubona konke lokhu angibange ngisambambela le mibono umfowethu. Kunalokho, ngambonga uNkulunkulu ngokungisiza ngizazi ngaphansi kwezimo ezinjengalezi kanye nokungibonisa ubungozi obungaphakathi kimina. Emva kwalokho, uma sengihlanganiswe nabalingani babafowethu nodadewethu, ngafunda ukuzehlisa, ngibe nenhliziyo yokunakekela intando kaNkulunkulu, nganaka umsebenzi wami, futhi ngilalele kakhulu imibono yabanye, futhi emva kwesikhathi esithile, ngabona ukuthi lolu hlobo lokwenza izinto alugcinanga nje ngokunginikeza ukuqonda okuphelele nokunzulu ngeqiniso, kwaphinde kwangisondeza kubafowethu nodadewethu futhi kwasivumela ukuba sabelane ngokuningi ngokuvuleleka. Futhi ngalezi zinhlobo zezithelo ezivelayo, ekugcineni ngaqonda ukuthi kungaba kuhle kanjani ukusebenzisana emsebenzini ngokwezimfuno zikaNkulunkulu!

  Ngibonga kakhulu ngokukhanyiseleka okuvela kuNkulunkulu, okungagcinanga nje ngokungisiza ngiqonde kahle ukusebenzisana ngokuzwana, kodwa kwaphinde kwangisiza ngabona ubungozi obucashile kowami umsebenzi nomlingani wami, futhi kwangikhombisa ukuthi uma isintu esikhohlakele sesithatha amandla, umphumela uyafana nokadrako omkhulu obomvu. Ngethemba ngingakwazi ukukhipha ubuthi bukadrako obomvu kimina, ngingene emsebenzini wobambiswano beqiniso, bese ekugcineni ngibe yilowo osebenzela uNkulunkulu futhi ohambisanayo nenhliziyo kaNkulunkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana