Ikhasi lokuqala

Umsebenzi KaNkulunkulu Uhlakaniphe Kakhulu!

  UShiji    Edolobheni LaseMa’anshan Esifundazweni saseAnhui

  Ngesikhathi ngisebenza njengomholi ebandleni, umholi wami wayevame ukwabelana nathi ngezibonelo zokuhluleka kwabanye ukuze afundise thina isifundo. Isibonelo: Abanye abaholi babekhuluma kuphela ngezincwadi nezimfundiso kodwa behluleka ukubala okwabo ukonakala noma ukuxoxa mayelana nokuqonda kwabo ukuthi iqiniso lisebenza kanjani empilweni yangokoqobo. Ngenxa yalokho, abaholi abafana nalabo imvama babengasebenzi ngokuyimpumelelo eminyakeni yabo yokusebenza futhi babe yilabo abenza ububi futhi bemelana noNkulunkulu. Abanye abaholi babeye babukise, bazibeke phezulu futhi bazifakazele bona ukuze bavikele izikhundla zabo. Ekugcineni, abaholi abafana nalabo babephenduka omphikukristu, balethe izinkinga zabo ziqophisane noNkulunkulu. Abanye abaholi, ekuhambeni komsebenzi wabo, babeye bakhombise ukukhathazeka kakhulu ngenyama yabo, bekhanukela injabulo bengawenzi nhlobo umsebenzi wabo woqobo. Abaholi abanjengalabo bebefana nezimbungulu eziphila ngemihlomulo yezikhundla zebandla. Ekugcineni, babephenyeka bese bekhishwa. … Uma sesizizwile lezi zindaba zokwahluleka, umbuzo wafika engqondweni yami: Ingabe uNkulunkulu akayena na onamandla onke? Njengoba laba baholi babebhebhethekisa ububi, bemelana noNkulunkulu futhi befaka ithonya elibi emsebenzini webandla, kungani uNkulunkulu engangenelelanga masinya abaveze futhi abakhiphe laba baholi bamanga? Ngale ndlela, bekungeke impilo yabafowethu nodadewethu kanjalo nomsebenzi wonke webandla ungabe usalimala? Lo mbuzo wahlala emicabangweni yami ngaphandle kwesisombululo.

  Kwaze kwathi ngelinye ilanga, ngafunda indima evela lapha encwadini ethi “Izintshumayelo Nokuhlanganyela Kwabazalwane Ngokungena Empilweni”: “Abanye abantu bahlezi bephonsa ukugxeka kubaholi banoma yimaphi amazinga futhi bekhuluma amazwi angenakuqikelela. Ingabe lokhu kuziphatha kuvezani kubantu? Kuveza ukuthi labo abaziphakamise kakhulu futhi abangacabangisisi kanjalo nalabo abangenakuqonda umsebenzi kaNkulunkulu ngeke bathole izinto ngendlela elungile. Uma ubona ukuthi lo muntu akanawo umsebenzi kaMoya oNgcwele futhi akalethi abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe eqinisweni ngomsebenzi wakhe, ingabe lokhu akufakazeli ukuthi ungene eqinisweni? Uma umuntu ebona lolu hlobo lwento lwenzeka—uma abasebenzi bamanga noma amaphostoli bamanga bevela—yini umsebenzi wabakhethiwe bakaNkulunkulu? Kufanele abakhethiwe bakaNkulunkulu basisombulule kanjani lesi simo? Kufanele babhekane kanjani nalolu hlobo lwento? Ningabika udaba kubaphathi benu nidalule lowo muntu. Thathani izinyathelo ezifanele ukuvumela abanye abaningi bakaNkulunkulu abakhethiwe ukuba bayibone inkinga. Ngokuthatha izinyathelo ezifanele zokubika, ukudalula, kanye nokuphakamisa imibono ingabe inkinga ayisonjululiwe ngale ndlela? Yingakho, abakhethiwe bakaNkulunkulu nabo kufanele babe nomthwalo futhi kufanele bazi ukuthi zingasonjululwa kangcono kanjani izinto ezifana nalezi. Uma abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu bengenalo iqiniso, nakanjani ngeke benze ngokufanele ekusombululeni lezi zinkinga. Abanye abantu baba nomuzwa onamandla wokwenza izinto ngobulungiswa—abavumeli neze abaphazamisi nababhidlizi bomsebenzi kaNkulunkulu ngaphakathi ebandleni. Uma nje bethola umuntu onjengalowo, bambika ngokushesha futhi bamdalule. Abanye abantu bayamelana nabaphazamisi nababhidlizi ngenkathi abanye belalela okwezimpumputhe. Abanye abantu bakhonza ngaphandle ngobumpumputhe futhi balandele umholi noma ngabe engubani, abanye benza ngaphandle kokwehlukanisa, bamukele noma yini eshiwoyo. Ngakho uyabona, ngale ndlela zonke izinhlobo zabantu ezihlukene ziyadalulwa. Uma izinto ezifana nalezi zenzeka, kudalula abantu ngempela: Lena yinhloso enhle kaNkulunkulu. Uma abantu abakhethiwe bakaNkulunkulu belibambe baliqinisa iqiniso, bayabona, bamelane futhi bahlukane nabaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga ngenkathi bebonakala. Kuchazani lokhu? Lokhu kuchaza ukuthi abakhethiwe bakaNkulunkulu sebekhulile futhi bazinza empilweni yabo bathola ngokuphelele insindiso kaNkulunkulu. Kukhombisa ukuthi sebengabakaNkulunkulu futhi benziwe baphelela Nguyena. Ngenxa yalokho, izinhloso ezinhle zikaNkulunkulu zikhona kukhona konke okwenzekayo” (“Ukwazi Imicabango KaNkulunkulu Nezahlulelo” kwethi Izintshumayelo Nokuhlanganyela Ngokungena Empilweni (III)). Lokhu kwaxazulula ngokuphelele ukudideka kwami. Kwavela ukuthi, uNkulunkulu uyabavumela abaphostoli bamanga nabasebenzi bamanga ukuba baqhamuke ebandleni lethu, ngoba lokhu kunikeza uNkulunkulu ithuba lokudalula zonke izinhlobo zabantu. Kumvumela ukuba atshale iqiniso phakathi kwabantu futhi kunikeza abantu ukubona nolwazi, ukuze balibone iqiniso bese bengena ekwazini izwi likaNkulunkulu. Bonke labo abafuna iqiniso futhi abanomuzwa wobulungiswa bazoma babike, badalule, benqabe futhi balahle izenzo zabaphostoli bamanga nabasebenzi bamanga uma benza izenzo zobubi futhi bephazamisa umsebenzi webandla, ukuze bavikele okwebandla futhi bame bafakaze ngoNkulunkulu. Ngenxa yokuthi abanakho ukubona, bakwazi ukuhambisana nezixuku kuphela, belandela njengezimpumputhe futhi bevuma konke okushiwo ngabanye, labo abangafuni iqiniso, kodwa balandele abanye bagcina sebeceba amacebo nabenzi bokubi. Ngenxa yokuthi abalithandi iqiniso, kodwa bakhonza kuphela futhi belandela abanye, laba ovumazonke nabazenzisi abaphansi balabo abanethonya bayokhohliswa ngabaphostoli bamanga nabasebenzi bamanga. Ngoba abakwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu, abaziphakamisayo nabagagamelayo baphakamisa kuphela futhi bathuthukisa imicabango mayelana nomsebenzi webandla futhi badale ukusolisa noma bahlulele umsebenzi kaNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, bayadalulwa. Njengoba kucacile, umsebenzi kaNkulunkulu unobuhlakani kakhulu! UNkulunkulu usebenza ngalezi zinto ezingekho semicabangweni yabantu ukuze adalule, aqeqeshe futhi aphelelise umuntu. Labo abakholwa ngempela kuNkulunkulu futhi abalangazelele iqiniso bayakwazi ukuthungatha iqiniso, baqonde intando kaNkulunkulu, nobufakazi obumile bokwenelisa uNkulunkulu nokuthola ikhambi likaNkulunkulu nokupheleliswa. Labo abangathungathi iqiniso balandela nje amazwi abanye, bakhonza njengezimpumputhe, noma bahlulele uNkulunkulu ngokwemicabango nemibono yabo. Ngenxa yalokhu, bayadalulwa futhi bakhishwe. Ngicabange ngale ndima elandelayo yamazwi kaNkulunkulu, “UNkulunkulu ukuphelelisa ngezinto eziningi ezingezinhle, nezinsizi eziningi. UNkulunkulu ukuvumela ukuba uthole ulwazi futhi akuphelelise ngezenzo eziningi zikaSathane, izinsolo, nezinkulumo zabantu abaningi” (“Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngempela, lokhu kuyiqiniso. Abantu bangabuka isehlakalo njengesilukhuni noma njengesibi, kodwa uNkulunkulu usebenza ngaleso sehlakalo ukuvumela abantu bathole ukubona nolwazi. Usebenza ngalesi simo ukwenza abantu balibone iqiniso, babubone ubuhlakani, ukuba namandla onke nezenzo ezimangalisayo zikaNkulunkulu futhi bakwazi ukuwabona kahle amatulo kaSathane ukuze bamshiye uSathane babuyele kuNkulunkulu. Le yincazelo yokusebenza kukaNkulunkulu ngalokho okungahambisani nemicabango yabantu ukuze aphelelise umuntu. Uma uNkulunkulu ayedalule futhi wakhipha abaholi bamanga nabasebenzi bamanga ngenkathi nje bevela, abantu bebezobe, ngenxa yokungakwazi ukuqonda iqiniso kanye nangenxa yokungakwazi ukubona imvelo yeqiniso yabanye, bekhohliseka yiminikelo-mbumbulu kanye nokunikela kwalabo baholi nabasebenzi. Bebezobe, ngenxa yalokho, bethuthukisa imicabango nokwahlulela komsebenzi kaNkulunkulu, bazwakalise ukukhalaza baze bakhulumele lobo bulungiswa-mbumbulu obenziwa yilabo baholi bamanga nabasebenzi bamanga. Ngale ndlela, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukufeza injongo Yakhe yokuphelelisa umuntu. UNkulunkulu akazange ayekelele ukudalula laba baholi bamanga nabasebenzi bamanga ngoba engenamandla onke noma ngoba engakubonanga ukukhohlisa kwabo. Kunalokho, ubefuna ukukhipha lezi zenzo ezimbi njengendlela yokuqeqesha abantu ukuba babone umehluko phakathi kwalabo abanomsebenzi kaMoya oNgcwele kanye nalabo abangenawo, phakathi kwabaholi beqiniso nabasebenzi, kanye naphakathi kwalabo abakhuluma izimfundiso kanye nalabo abaneqiniso loqobo. Wayefuna ukuqeqesha thina ukuba sibone ezinhliziyweni zalabo abafuna iqiniso futhi sibe nomuzwa wobulungiswa kanye nalabo abangafuni iqiniso nabangakwazi ukubona, kanye nalabo bantu abaziphakamisile njalo abanemicabango yabo mayelana nomsebenzi kaNkulunkulu. Uma bonke abantu sebeliqonda iqiniso, sebengenile eqinisweni lezwi likaNkulunkulu, futhi sebengabakaNkulunkulu, labo baphostoli bamanga, abaholi bamanga nabasebenzi bamanga bazobe sebeyifezile injongo yabo. Ngale ndlela, uma uNkulunkulu esesusa unomphelo laba bantu, ngeke nje abantu bangamqondisisi uNkulunkulu kuphela, bazokhonza ukulunga Kwakhe nokuba namandla onke Kwakhe. Njengoba kucaca, uNkulunkulu usebenza ngazo lezi zehlakalo ezimbi ukuze avumele abantu ukuba babone iqiniso, babone izinhlobo ezahlukene zabantu futhi babe nokuqonda kwangempela komsebenzi kaNkulunkulu weqiniso.

  Ngiyabonga Nkulunkulu ngokungikhanyisela nokuhola Kwakho, okungenze ngaqonda ukuthi izinhloso ezilungile zikaNkulunkulu nobuhlakani kukhona ngisho nakulezo zehlakalo ezingahambisani nemicabango yabantu. Njengoba izwi likaNkulunkulu lisho, “Ukuhlakanipha Kwami kusebenza ngamacebo kaSathane” futhi “uNkulunkulu unyakazisa zonke izinto ukuze zimsebenzele” ukubonakalisa nokuphelelisa umuntu ngendlela ecacile. Esikhathini esizayo, ngiyafunga ukungasebenzisi indlela yami yomuntu yokubuka izimo ezinhle noma ezimbi. Kuzona zonke izinto engizibandakanya kuzona, ngiyafunga ukufuna iqiniso, ukufuna ukubona ubuhlakani namandla kaNkulunkulu, kanye nesimo sikaNkulunkulu nalokho anakho kanye nokuqondisisa iqiniso kanjalo nokuthola nokuliphatha iqiniso kuphela.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana