Ikhasi lokuqala

Zulu Gospel Song "Ukufakazela UNkulunkulu Kuwumsebenzi Womuntu" Ihubo Lamazwi KaNkulunkulu



Zulu Gospel Song "Ukufakazela UNkulunkulu Kuwumsebenzi Womuntu" Ihubo Lamazwi KaNkulunkulu

UNkulunkulu ukunika ukuphila; yisipho osithola Kuye.
Ngakho kuwumsebenzi wakho ukufakaza Ngaye.
UNkulunkulu ukunika inkazimulo Yakhe, impilo Yakhe ama-Israyeli angabanga nayo.
Ngakho futhi kufanele unikele impilo nobusha bakho Kuye.
Unenkazimulo kaNkulunkulu, ngakho kufanele ufakazele uNkulunkulu. Kumisiwe.
Kuyinhlanhla yakho ukunikwa inkazimulo kaNkulunkulu.
Ngakho kuwumsebenzi wakho ukufakaza ngenkazimulo Yakhe.
Uma ukholwa kuNkulunkulu ukuze uthole izibusiso kuphela,
umsebenzi Wakhe ngeke ube nomqondo, futhi ngeke ugcwalise isibopho sakho.
Unenkazimulo kaNkulunkulu, ngakho kufanele ufakazele uNkulunkulu. Kumisiwe


kwethi Izwi Livela Lisenyameni 

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangenisi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo konoma iyiphi inhlangano yesithathu futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana