Ikhasi lokuqala

Umuntu Othola Insindiso Yilowo Ozimisele Ukwenza Ngokweqiniso

Ekuqaleni, isidingo sokuba nempilo efanele yasebandleni kwakukhulunywa ngayo kwizintshumayelo. Pho kungani impilo yasebandleni ingakathuthuki, futhi isafana nendala? Kungani kungekho indlela entsha futhi ehlukile yempilo? Ingabe kulungile ukuthi umuntu wezikhathi zangawo-1990 aphile njengombusi wesikhathi sakudala? Noma ukudla nophuzo kungaba izibiliboco ezingajwayelekile zesikhathi sakudala, akukho shintsho olukhulu ngezimo zase bandleni. Bekufana nokufaka iwayini elidala ebhodleleni elisha. Isiphi-ke isidingo sokuthi uNkulunkulu akhulume okuningi na? Amabandla ezindaweni eziningi akashintshanga nhlobo. Sengikubonile ngamehlo Ami futhi kucacile enhliziyweni Yami; noma ngingakaze ngiyizwe impilo yebandla ngoKwami, imibandela yebandla yokuhlangana ngiyayazi njengoba ngizazi. Awukabi nenqubekela phambili engakanani. Kubuyela ekutheni kufana nokufaka iwayini elidala ebhodleleni elisha. Akukashintshi lutho, nakancane! Uma umuntu ebalusa bayasha njengomlilo, kodwa uma kungekho muntu obasekayo, bafana neqhwa. Ababaningi abakhuluma ngezinto ezenzekayo, futhi kuyaqabukela bethathe izintambo. Yize izintshumayelo ziphakame, kuyaqabukela ukuthi umuntu abe nokungena. Bambalwa abantu abalazisayo izwi likaNkulunkulu. Baba nezinyembezi uma bethabatha izwi likaNkulunkulu futhi bajabule uma belibuyisela eceleni; baguquka badangale futhi banyukubale uma besuka kulo. Ngokuthe ngqo, anilazisi izwi likaNkulunkulu, futhi aniwaboni amazwi aqhamuka emlonyeni Wakhe namuhla njengengcebo. Niyakhathazeka uma nifunda izwi Lakhe, futhi nizwa ubunzima uma nilifunda ngekhanda, uma kumele lenziwe izwi Lakhe, kufana nokwenza umsebenzi ongapheli—anigqugquzelekile. Nihlezi ninomdlandla uma nifunda izwi likaNkulunkulu, kodwa niyakhohlwa uma kumele nenze njengokusho kwalo. Eqinisweni, la mazwi akadingi ukuthi akhulunywe kanzima futhi aphinda phindwe ngesineke; abantu bayalalela kodwa abenzi njengokusho kwawo, ngakho-ke sekube isithiyo emsebenzini kaNkulunkulu. Ngeke ngikwazi ukuphakamisa, ngeke ngikwazi ukukhuluma ngako. Ngiphoqelekile ukwenza kanjalo, akukhona ukuthi ngiyakujabulela ukuveza ubuthakathaka kwabanye abantu. Ingabe nicabanga ukuthi ukwenza kwenu kwanele futhi nicabanga ukuthi uma izambulo ziphakeme, ukuthi nani seningenile kulezo zambulo eziphakeme? Ingabe kulula ngaleyo ndlela? Anisibhekisisi isisekelo sesakhiwo sempilo eniyiphilayo. Kusukela kulo mzuzu, ukuhlanganyela kwenu ngeke kwabizwa ngendlela efanele yempilo yebandla, futhi akuyona impilo efanele yomoya. Kungukuhlanganyela kweqembu labantu abathanda ukuxoxa nokucula. Ngokuthe ngqo, akukho okutheni eqinisweni. Ukukusho ngokucace kangcono, uma ungakwenzi, liphi iqiniso? Akukhona yini ukuzuqhayisa ukuthi unalo iqiniso? Labo abahlezi benza umsebenzi bayazikhukhumeza futhi bayaqhosha, kuyilapho labo abahlezi belalela bethule futhi bethobise amakhanda, bengenalo ithuba lokwenza. Abantu abenza umsebenzi abenzi lutho ngaphandle kokukhuluma, baqhubaqhubeka nezinkulumo ezizwakalela phezulu nabalandeli abalalela kuphela. Azikho izinguquko abangakhuluma ngazo; izindlela nje zangesikhathi esedlule! Namuhla, ukwazi kwenu ukuthoba nokungagxambukeli noma ukuziphatha ngokwentando yenu kungenxa yokufika kwezinqumo zokuphatha zikaNkulunkulu; akukuguqulanga ukuphila ngaphakathi kwalezi zimo. Ukuthi ziningi izinto obungeke ukwazi ukuzenza namuhla obungazenza izolo kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu usobala kangangokuba usunqobe abantu. Ake ngibuze umuntu, usufeze okungakanani namuhla ngezithukuthuku zakho? Kungakanani kulokho okutshelwe uNkulunkulu? Ungaphendula kanjani? Ungaxakeka futhi ungabinawo amazwi? Ungakhipha ulimi ngaphandle? Kungani abanye bekwazi ukukhuluma ngezimpilo zabo ukuze bakunakekele, ngenkathi ujabulela izidlo eziphekwe abanye? Awuzizwa unamahloni? Awunamahloni?

Ningakwazi ukuzihlola ukuze nithole iqiniso, uhlolisisa lawo mazinga aphakeme abukeka engconywana: Uliqondisisa kangakanani iqiniso? Kungakanani okwenzayo? Ubani omthanda kakhulu, uNkulunkulu noma nguwe? Ingabe ujwayele ukunikela noma ujwayele ukwamukela? Kukangaki lapho izinhloso zakho zazingalungile walahla khona ubuwena obudala futhi wanelisa intando kaNkulunkulu? Le mibuzo embalwa iyabadida abantu abaningi. Abantu abaningi, noma ngabe bayabona ukuthi izinhloso zabo azilungile, bayaqhubeka nakuba bazi ukuthi akulungile abakwenzayo, abasondele nakusondela ekulahleni inyama yabo. Abantu abaningi bavumela isono sidedeleke singalawuleki ngaphakathi kwabo, bavumele isono silawule ukwenza kwabo. Abakwazi ukunqoba izono zabo, futhi bayaqhubeka nokuphila esonweni. Ekufikeni kulesi sigaba, ubani ongazi ukuthi zingaki izenzo zobubi azenzile? Uma uthi awunalo ulwazi, ngingathi uqamba amanga. Ngokuthe ngqo, konke kungukungavumi ukulahla ubuwena obudala. Kusizani ukukhuluma “amazwi avela enhliziyweni” okuphenduka angasho lutho? Ingabe lokhu kungakusiza ukuba ukhule empilweni yakho? Ukuzazi kungumsebenzi wakho ogcwele. Ngiphelelisa abantu ngokuthobeka kwabo nangokwenza kwabo amazwi kaNkulunkulu. Uma ugqoka amazwi kaNkulunkulu kuphela njengoba ugqoka izingubo zakho, ubukeke uhlakaniphile futhi umuhle, ingabe awuzikhohlisi wena nabanye? Uma ukhuluma nje kuphela kodwa ungakwenzi okushoyo, uzozuzani?

Abantu abaningi bangakhuluma okuthile ngokwenza futhi bakhulume ngemibono yabo, kodwa okuningi kwalokho abakushoyo ngukukhanya abakuzuze emazwini abanye. Akuhlanganisi konke ukwenza kwabo, futhi akuhlanganisanga lokho abakubonayo ngokwempilo yabo. Ngike nganquma ngalolu daba ngaphambilini; ungacabangi ukuthi angazi lutho. Wena uyingwe yephepha nje, kodwa ukhuluma ngokunqoba uSathane, ukukhuluma ngobufakazi bokunqoba, ukuphila ngokomfanekiso kaNkulunkulu? Konke lokhu kuyize! Ucabanga ukuthi wonke amazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla awokuthi uwancome? Umlomo wakho ukhuluma ngokulahla izindlela zakho zakudala kanye nokwenza ngokweqiniso, kepha izandla zakho zenza ezinye izenzo ngenhliziyo yakho uhlela amanye amaqhinga, uluhlobo luni lomuntu? Kungani izinhliziyo zenu nezandla zenu zingafani? Ukushumayela okungaka kuphenduka amazwi angenalutho, ingabe akuyephuli inhliziyo lokhu? Uma ungakwazi ukwenza njengezwi likaNkulunkulu, kufakazela ukuthi awukangeni endleleni uMoya oNgcwele asebenza ngayo, awukasebenzi ngaphakathi kuwe uMoya oNgcwele, futhi awukaholwa nguYe. Uma uthi ukwazi ukuqonda izwi likaNkulunkulu kodwa awukwazi ukulenza, wena-ke ungumuntu ongalithandi iqiniso. uNkulunkulu akezi ukusosindisa lohlobo lomuntu. UJesu wezwa ubuhlungu obukhulu kakhulu lapho ebethelwe esiphambanweni ukuze asindise izoni, ukusindisa abampofu, ukusindisa labo bantu abathobile. Ukubethelwa Kwakhe kwenziwa umnikelo wesono. Uma ungakwazi ukwenza ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu, kufanele uhambe ngokushesha, ungahlali nje ungenzilutho endlini kaNkulunkulu njengevila. Baningi abantu abakuthola kunzima ukuzinqanda ekwenzeni izinto ezimphikisa ngokucacile uNkulunkulu. Ingabe abaceli ukufa na? Bakhuluma kanjani ngokungena embusweni kaNkulunkulu? Bangaba nesibindi sokubona ubuso Bakhe? Ukudla ukudla akunika kona, ukwenza izinto ezikhohlisayo eziphikisana noNkulunkulu, ngokuba nonya, ukunganaki nobuqili, noma uNkulunkulu ekuvumela ukuthi ujabulele izibusiso akunike zona awuzizwa zishisa ezandleni zakho uma uzamukela? Awubuzwa ubuso bakho buphenduka buba bomvu? Uma wenza into ephikisana noNkulunkulu, wenza nobuqili “obunamandla,” ingabe uzizwa wethukile? Uma ungezwa lutho, ungakhuluma kanjani ngekusasa? Ikusasa belivele lingekho kudala, ngakho-ke yikuphi okulindelekile okukhulu ongakuthola? Uma usho into eyihlazo kodwa uzizwa ungenacala, nenhliziyo yakho ingenalwazi, ingabe akuchazi ukuthi uNkulunkulu usekulahlile? Ukukhuluma nokwenza ngokuzitika nokwehluleka ukuzithiba sekuyimvelo yakho; ungapheleliswa kanganjani nguNkulunkulu ngale ndlela? Ungakwazi ukuhamba umhlaba wonke? Ubani ongakholwa nguwe? Labo abazi imvelo yakho bangahambela kude nawe. Ingabe akusona isijeziso sikaNkulunkulu lesi? Lilonke, uma kunenkulumo kuphela futhi zingekho izenzo, akukho ukukhula. Noma uMoya oNgcwele ungasebenza kuwena lapho ukhuluma, uma ungenzi, uMoya oNgcwele uzoyeka ukusebenza. Uma uqhubeka ngale ndlela, kungakhulunywa kanjani ngekusasa noma ungazinikela ngesiqu sakho sonke emsebenzini kaNkulunkulu? Ukhuluma ngokunikela ngesiqu sakho sonke, kepha awumniki uNkulunkulu inhliziyo yakho emthanda ngokweqiniso. Konke uNkulunkulu akutholayo inhliziyo yamazwi akho, akuyona inhliziyo yakho yokwenza. Ingabe lesi isiqu sakho sangempela na? Uma ubungaqhubeka kanjena, uzopheleliswa nini nguNkulunkulu? Awuzizwa ukhathazekile ngobumnyama nokudangala kwekusasa lakho? Ingabe uzizwa sengathi uNkulunkulu uselahlekelwe ithemba kuwe? Ingabe awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukuphelelisa kangcono nkwenza abantu kabusha? Ingabe izinto ezindala zingabamba izinto zazo ezindala? Awulaleli amazwi kaNkulunkulu namuhla: Ingabe ulindele kusasa?

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Awekho amazwana:

Thumela amazwana