Ikhasi lokuqala

Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve

(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.
(Jona 3) Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe. Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu. UJona waqala ukungena emzini, uhambo lo suku lwaba lunye, wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve. Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamasaka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane. Kepha izwi lafinyelela enkosini yaseNineve; yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo, yazimboza ngendwangu yamasaka, yahlala phansi emlotheni. Yamemezela, yasho eNineve ngomthetho wenkosi nabakhulu bayo, yathi: Makungabikho muntu onambitha utho, nasilwane, nankomo, namvu, bangadli, bangaphuzi manzi, kepha bambozwe ngendwangu yamasaka, umuntu nesilwane, kukhalwe kuNkulunkulu ngamandla, yebo, kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zakhe. Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya, azisole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi? Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo, akakwenzanga.

(Jona 4) Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela. Wakhuleka kuJehova, wathi: Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi; ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila. Wayesethi uJehova: Wenza kahle ngokuthukuthela na? UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona, wahlala phansi kwalo emthunzini, ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi. UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva, wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu. Kepha sekuzakuvela ukusa ngangomuso uNkulunkulu walungisela impehlwa; yawuphehla umhlakuva, wabuna. Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: Kungcono kimi ukufa kunokuphila. Wayesethi uNkulunkulu kuJona: Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na? Wathi: Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni. Wayesethi uJehova: Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga, owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye; mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?

Nakuba indaba yokusindiswa kweNineve nguNkulunkulu iyimfushane ngobude, isivumela ukuba sithi ukubona enye ingxenye yesimo esilungile sikaNkulunkulu. Ukuze uqonde nempela ukuthi lena enye ingxenye iquketheni, kufuneka sibuyele kuMbhalo bese sibheka emuva sibuke esinye sezenzo zikaNkulunkulu.

  …………


UJehova,uthando lukankulunkulu

Masiqhubeke siye endimeni yesibili, isahluko sesithathu seNcwadi kaJona: “UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku lwaba lunye, wamemeza wathi, Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, beselichithwa iNineve.” Lawa ngamazwi uNkulunkulu awadlulisa kuJona ngqo ukuba awatshele abaseNineve. Futhi ngamazwi, ngokwemvelo, uNkulunkulu ayefisa ukuwatshela abantu baseNineve. La mazwi asitshela ukuthi uNkulunkulu waqala ukwenyanya nokuzonda abantu balo muzi ngenxa yokuthi ukukhohlakala kwabo kwase kufinyelele emehlweni Akhe, ngakho wayefisa ukuwubhubhisa lo muzi. Kepha, ngaphambili kokuthi uNkulunkulu abhubhise umuzi, Wayezokwenza isimemezelo kubantu baseNineve, futhi ngesikhathi esisodwa, wayezobanika ithuba lokuphenduka ekukhohlakaleni kwabo futhi baqale kabusha. Leli thuba lalizobakhona izinsuku ezingamshumi amane. Ngamanye amazwi, uma abantu ngaphakathi kwalo muzi babengaphenduki, bavume izono zabo noma baziphonse phansi phambili kukaNkulunkulu uJehova zingakapheli izinsuku ezingamashumi amane, uNkulunkulu wayezowubhubhisa umuzi njengoba enza eSodoma. Yilokhu uNkulunkulu uJehova ayefisa ukukutshela abantu baseNineve. Ngokusobala, lokhu kwabe kungesona isimemezelo esilula. Asikhombisanga kuphela intukuthelo kaNkulunkulu uJehova kodwa, sakhombisa isimo sengqondo Yakhe ngabantu baseNineve; ngaleso sikhathi futhi lesimemezelo esilula saba isexwayiso esinzima kubantu. Lesi sixwayiso sabatshela ukuthi izenzo zabo zokukhohlakala zase zibaholise ngokuzondwa uNkulunkulu uJehova, futhi kwabatshela ukuthi izenzo zabo zokukhohlakala zazizobaletha engcupheni yokubhujiswa; ngakho-ke izimpilo zobo bonke eNineve zazizulelwa ngamanqe.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana