Ikhasi lokuqala

ISodoma Iyaqothulwa Ngokuvusa Intukuthelo KaJehova

Uma abantu baseSodoma bebona lezi zinceku ezimbili, abazange babuze isizathu sokufika kwazo, futhi akekho nowabuza ukuthi ingabe babefike ukuzosabalalisa intando kaNkulunkulu na? Kunalokho, benza iviyo, futhi, ngaphandle kokulinda incazelo, bafika ukuzobamba lezi zinceku njengezinja zasendle noma izimpisi ezinonya. Ingabe wazibuka uNkulunkulu lezi zinto ngesikhathi zenzeka? Wayecabangani uNkulunkulu enhliziyweni Yakhe ngalolu hlobo lokuziphatha kwabantu, ngale ndlela? UNkulunkulu wanquma ukuwubhubhisa lo muzi; akabange esanqikaza noma alinde, futhi wayengeke aqhubeke nokubekezela. Usuku Lwakhe lwase lufikile, futhi waqhubeka nomsebenzi ayefisa ukuwenza. Ngakho, uGenesise 19:24-25 uthi, “Khona iNKOSI yanisa phezu kweSodoma neGomora isibabuli nomlilo futhi kuvela eNKOSINI ezulwini; futhi wachitha lawo madolobha, nalo lonke ithafa, nabo bonke abakhe emadolobheni, nalokho okuhluma emhlabathini.” La mavesi amabili atshela abantu indlela uNkulunkulu abhubhisa ngayo lo muzi: itshela abantu futhi ukuthi uNkulunkulu wabhubhisani. Okokuqala, iBhayibheli liyasilandisa ukuthi uNkulunkulu washisa umuzi ngomlilo, futhi nokuthi izinga lo mlilo lalilikhulu ngokuthi labhubhisa bonke abantu nalokho okumile emhlabathini. Okungukuthi, umlilo owehla ezulwini awuzange nje ubhubhise umuzi; wabhubhisa kanye nabo bonke abantu nezinto eziphilayo kuwo, wabhubhisa konke ngaphandle kokushiya ngisho umucu. Emuva kokuthi umuzi sewubhujisiwe, izwe lalingenalutho oluphilayo kulo. Kwakungasekho mpilo, noma ngisho izimpawu zako. Umuzi wawusuphenduke ihlane, indawo engenalutho, okuthule kuyo kuthe du. Kwakungeke kusaba khona izenzo ezimbi ezimelene noNkulunkulu kule ndawo; kwakungeke kusaba khona ukubulala noma ukuchithwa kwegazi.


ukulunga kukaNkulunkulu,ngcwele

Kungani uNkulunkulu afuna ukuwushisa nya lo muzi? Ubonani lapha? Ingabe uNkulunkulu wayengakwazi ukubuka isintu kanye nemvelo, indalo Yakhe Uqobo, zibhujiswe ngalolu hlobo? Uma ungakwazi ukubona intukuthelo kaNkulunkulu emlilweni owehliswa ezulwini, ngakho akukho nzima ukubona izinga lolaka Lwakhe kulokho Ayehlose ukukubhubhisa kanye nangezinga umuzi owabhujiswa ngalo. Uma uNkulunkulu enengwa umuzi, uletha isijeziso phezu kwawo. Kepha, lapho uNkulunkulu esenengekile ngomuzi, uletha izixwayiso eziningi azise abantu ngentukuthelo Yakhe. Kodwa lapho uNkulunkulu enquma ukuqeda nokubhubhisa umuzi—okungukuthi, lapho ulaka nobukhosi Bakhe sebucasuliwe—akabe esakhipha zijeziso noma izexwayiso. Esikhundleni salokho, uzowubhubhisa manjalo. Uzowuqotha ushabalale nya. Lokhu isimo sikaNkulunkulu esilungileyo.


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Okutuswayo :Emuva Kokuphindelela KweSodoma Limelana Naye Futhi Limzonda, UNkulunkulu Uyalibhubhisa Uyayiqeda Nya

Awekho amazwana:

Thumela amazwana