Ikhasi lokuqala

Kuyini ukulandela uNkulunkulu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu.
Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele.

kwesithi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyaguquka usuku nosuku, unyukela phezulu isinyathelo ngasinye; isambulo sakusasa singaphezulu kwesanamuhla, isinyathelo ngesinyathelo sikhuphuka sinyukela phezulu njalo. Unjalo umsebenzi uNkulunkulu aphelelisa ngawo umuntu. Uma umuntu engakwazi ukuhambisana naye, angashiywa emuva noma ngasiphi isikhathi. Uma umuntu engenayo inhliziyo elalelayo, ngeke akwazi ukulandela kuze kube sekugcineni. Inkathi endala isidlulile; manje sekuyinkathi entsha. Futhi enkathini entsha umsebenzi omusha kufanele wenziwe. Ikakhulukazi enkathini yokugcina lapho umuntu eyopheleliswa khona, uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi omusha ngokushesha okukhulu. Ngakho-ke, ngaphandle kokulalela enhliziyweni yakhe, umuntu uzokuthola kunzima ukulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu. UNkulunkulu akagcini mithetho, futhi akasithathi noma isiphi isigaba somsebenzi Wakhe njengesingakuguquki. Kunalokho, umsebenzi owenziwa uNkulunkulu ulokhu uba musha futhi ulokhu unyuka uya phezulu. Umsebenzi Wakhe uya ngokuya uba ongokoqobo kakhudlwana ngesinyathelo ngasinye futhi uhambisana kakhudlwana nezidingo zomuntu zoqobo. Kusemuva kokuba umuntu ezwe lolu hlobo lomsebenzi lapho engathola khona ukuguqulwa kokugcina kwesimo sakhe. … Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu uyahluka ezikhathini ezihlukene. Uma ukhombisa ukulalela okukhulu esigabeni esinye, bese kuthi esigabeni esilandelayo ukhombise ukulalela okuncane noma ungalaleli nhlobo, uNkulunkulu uyokushiya. Uma uhambisana noNkulunkulu lapho enyuka lesi sinyathelo, kufanele uqhubeke nokuhambisana naye uma esenyukela kwesilandelayo isinyathelo. Abantu abanjena kuphela abalalela uMoya oNgcwele. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele uhlale njalo umile ekulaleleni kwakho. Awukwazi nje ukuthi umlalele uma uthanda futhi ungamlaleli uma ungathandi. Ukulalela okunje akuvunyelwe nguNkulunkulu. Uma ungakwazi ukuhambisana nomsebenzi omusha kodwa ube nobudlelwano futhi uqhubeke nokubambelela ezintweni ezazishiwo kudala, kungaba khona kanjani ukuthuthuka empilweni yakho? Umsebenzi kaNkulunkulu, ukupha amazwi Akhe. Uma ulalela futhi wemukela amazwi Akhe, ngokuqinisekileyo uMoya oNgcwele uyosebenza kuwena. UMoya oNgcwele usebenza ncamashi njengoba ngikhuluma. Yenza njengoba ngishilo, futhi uMoya oNgcwele uzosebenza ngokushesha kuwena.

kwesithi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngabe uyazi ukuthi kuyini ukulandela uNkulunkulu? Ngaphandle kwemibono, ungahamba kuyiphi indlela? Emsebenzini wanamuhla, uma ungenayo imibono angeke ukwazi ukupheleliswa. Ukholelwa kubani? Kungani ukholelwa KuYe? Kungani umlandela? Ngabe ukholelwa ngoba kuwumdlalo othile nje? Ngabe impilo yakho uyiphethe sengathi into yokudlala nje? UNkulunkulu wanamuhla ungumbono omkhulu. Kungakanani okwaziyo KuYe? Usubone okungakanani kwaKhe? Usumbonile uNkulunkulu wanamuhla, ngabe isesekelo senkolo yakho kuNkulunkulu sivikelekile? Ngabe ucabanga ukuthi inqobo nje uma ulandela kule ndlela enodaka, uzothola insindiso? Ngabe ucabanga ukuthi ungakwazi ukubamba inhlanzi emanzini adungekile? Ngabe kulula kanjalo? Mingaki imibono yenu ngalokhu uNkulunkulu wanamuhla akushoyo eseniyibeke phansi? Ngabe unawo umbono kaNkulunkulu wanamuhla? Ngabe yikuphi okuqondayo ngoNkulunkulu wanamuhla? Uhlala ucabanga ukuthi ngokulandela nje uzomthola, ukuthi ngokumbona uzomthola Yena, [a] nokuthi akekho ozokunyakazisa. Ungacabangi ukuthi ukulandela uNkulunkulu kulula. Okubalulekile ukuthi kumele umazi, kumele wazi umsebenzi waKhe, futhi kumele ufise ukubekezelela ubunzima ngenxa yaKhe, ube nesifiso sokupheleliswa nguYe. Lona ngumbono okumele ube nawo. Angeke kulunge uma uhlala ucabanga ukuthokozela umusa! Ungacabangi ukuthi uNkulunkulu ukhona ukuze abantu bathokoze nje, nokunika abantu umusa. Ucabange okungekona! Uma umuntu engeke abeke impilo yakhe engcupheni ukuze alandele, uma umuntu engeke ashiye konke okwezwe ukuze alandele, kusho ukuthi ngeke akwazi ukulandela kuze kube sekugcineni!

kwesithi “Kumele Niqonde Umsebenzi; Ningalandeli nje Ngokudideka!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UPetru walandela uJesu iminyaka eminingi futhi wabona izinto eziningi kuJesu abantu abangenazo. Ngemva kokumlandela unyaka, uJesu wamkhetha waba inhloko yabaphostoli abayishumi nambili. (Yiqiniso, lena kwakuyindaba yenhliziyo kaJesu, futhi abantu babengakwazi ngokuphelele ukuyibona.) Zonke izenzo zikaJesu zaba yisibonelo ekuphileni kwakhe, futhi izintshumayelo zikaJesu zazikhumbuleka ngokukhethekile enhliziyweni yakhe. Wayemlalelisisa futhi ezinikele kuJesu, futhi akazange alokothe akhononde ngoJesu. Yingakho aba umngani kaJesu othembekile nomaphi lapho ayeya khona. UPetru wayezinaka izimfundiso zikaJesu, amazwi Akhe anomusa, nalokho ayekudla, ekugqoka, ukuphila Kwakhe kwamihla yonke, nezindawo ayezihamba. Walandela isibonelo sikaJesu ngazo zonke izindlela. Wayengazitsheli ukuthi ulungile, kodwa wahlubula zonke izinto zakhe ezindala ezase ziphelelwe isikhathi walandela isibonelo sikaJesu ngezwi nangesenzo. Kulapho lapho aba nomuzwa wokuthi amazulu nomhlaba nazo zonke izinto kwakusezandleni zikaSomandla, futhi ngenxa yalesi sizathu, akazikhethelanga, kodwa wagxila kuyo yonke into eyayenziwa uJesu njengesibonelo sakhe. Wayebona ekuphileni kwakhe ukuthi wayengenabo ubugovu kulokho ayekwenza, futhi wayengaqhoshi, kodwa esikhundleni salokho, wayekhuthaza abantu ngothando. Ezimweni ezihlukahlukene uPetru wayekubona lokhu uJesu ayeyikho. Yingakho yonke into ekuJesu yaphenduka isibonelo uPetru asilandela.

kwesithi “Isithasiselo: Izihumusho sencwadi ethi Izimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana ‘Mayelana Nokuphila KukaPetru’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yonke into ekuphileni kukaPetru engasanelisanga isifiso sikaNkulunkulu yamenza wangakhululeka. Uma ingasanelisanga isifiso sikaNkulunkulu, khona-ke wayezozizwa enecala, wayezobheka indlela efanele ayengazama ukwanelisa ngayo inhliziyo kaNkulunkulu. Ngisho nasezintweni ezincane kakhulu futhi ezingabalulekile ekuphileni kwakhe, wayedinga ukwanelisa isifiso sikaNkulunkulu. Wayengakudambisi ukuzikhandla uma kuziwa esimweni sakhe esidala, wayenomfutho ezintweni ezijulisa
iqiniso kuye. … Ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, uPetru wayefuna ukwanelisa uNkulunkulu kukho konke, wayelalela konke okuvela kuNkulunkulu. Engakhonondi ngisho nakancane, wakwazi ukwamukela ukusolwa nokwahlulelwa, kanye nokucwengwa, usizi kanye nokuntula ekuphileni kwakhe, akukho okwaqeda uthando lwakhe ngoNkulunkulu. Ingabe lolu akulona uthando lwakhe olukhulu ngoNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukugcwaliseka komsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu? Noma kusekusolweni, ekwahlulelweni, noma osizini, uhlale ukwazi ukulalela kuze kube sekufeni, futhi yilokhu okufanele kufezwe isidalwa sikaNkulunkulu, lobu ubumsulwa bothando lukaNkulunkulu.

kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Ungase Uthande Nalezi: Kuyini ukulandela umuntu?

Awekho amazwana:

Thumela amazwana