Ikhasi lokuqala

Ukubaluleka Kokusindisa Isizukulwana SikaMowabi

Kule minyaka emibili ukuya kwemithathu, yomsebenzi, kufanele ukuthi ngabe sekuzuzweni emsebenzini wokwahlulelwa owenzelwe kinina usuzuziwe. Abantu abaningi babekele eceleni ikusasa, imicabango nempelela yabo kancane. Noma kunjalo, uma kushiwo ukuthi niyisizukulwane sikaMowabi, iningi lenu anikwazi ukukumela lokho—ukwakheka kwenu kuzoguquka, imilomo yenu izosonteka, bese amehlo enu agqolozele. Anikholwa ukuthi niyisizukulwane sikaMowabi, uMowabi waxoshwa kuleli zwe emva kokuqalekiswa. Isizukulwana sabantwana bakaMowabi silokhu siyaqhubeka nanamuhla, kanti nonke niyisizukulwana sakhe. Akukho lutho engingakwenza—ubani owenze ukuthi nizalwe endlini kaMowabi? Ngiyanizwela futhi anginifiseli ukuthi nibe yilokhu kodwa iqiniso lingeguqulwe ngabantu. Niyisizukulwana sikaMowabi, angeke ngisho ukuthi niyisizukulwana sikaDavide. Noma ngabe niyisizukulwana sikabani, niseyingxenye yendalo. Ukuthi nje niyizidalwa zezinga eliphansi—niyizidalwa ezizalelwe entobekweni. Zonke izidalwa kufanele ziwazi wonke umsebenzi kaNkulunkulu, zonke ziyizinto zokunqoba kwaKhe, futhi kufanele bonke babone isimilo saKhe esilungile, babuye babone ubuhlakani nobunini mandla onke baKhe. Manje niyisizukulwana sikaMowabi futhi kufanele namukele lokhu kwahlulela nokusola kwaKhe, ngakho uma ngabe beningesona isizukulwana sikaMowabi, beningedinge nani ukwamukela lokhu kwahlulela nokusolwa? Kufanele nikubone lokhu! Eqinisweni, ukusebenza ngesizukulwana sikaMowabi manje kuyigugu futhi kubaluleke kakhulu. Njengoba umsebenzi usuwenziwe kinina, unokubaluleka okukhulu. Uma ngabe umsebenzi ubuwenziwe esizukulwaneni sikaHemu ubungeke ubaluleke ngoba akubona abantu bozalo olunentobeko kanti uzalo lwabo alufani nolukaMowabi. Isizukulwane sendodana kaNowa yesibili siqalekisiwe—asivelanga ngokuphinga. Ukuthi nje basezingeni eliphansi, ngoba uNowa wabaqalekisa futhi bayizisebenzi zezisebenzi. Banesikhundla esiphansi, kodwa ukufanela kwabo kwasekuqaleni bekungephansi. Sisakhuluma ngoMowabi, abantu bayazi ukuthi kwasekuqaleni wayenesikhundla esiphansi ngoba wazalwa ngokuphinga. Noma ngabe isikhundla sikaLothi besiphezulu kakhulu, uMowabi wavela kuLothi nendodakazi yakhe. Yize uLothi wayeyindoda elungile, uMowabi wayeselokhu eyinto yesiqalekiso. UMowabi wayenokufaneleka okuphansi futhi enesikhundla esiphansi, noma ngabe wayengaqalekisiwe wayengowokungcola, ngakho ubehlukile kunoHemu. Akazange avume futhi enqabe, wahlubuka kuJehova, okungakho awela ezindaweni ezimnyama kakhulu nje. Ukusebenza ngesizukulwana sikaMowabi manje ukusindisa labo abawele ebumnyameni obukhulu. Yize babeqalekisiwe, uNkulunkulu uzimisele ukuzuza inkazimulo kubona. Lokhu kungenxa yokuthi ekuqaleni, bebengabantu bonke ababengenaye uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo—ukubenza ukuba kulabo abamlalelayo nabamthandayo kungaba ukunqoba kweqiniso, kanti izithelo ezinjalo zomsebenzi ngeziyigugu kakhulu nezikholisayo. Lokhu kuphela ukuzuza inkazimulo—le yinkazimulo leyo uNkulunkulu afuna ukuyizuza ngezinsuku zokugcina. Noma laba bantu kungabezikhundla eziphansi, manje sebekwazi ukuzuza insindiso enkulu kangaka, okungukuphakanyiswa nguNkulunkulu ngempela. Lo msebenzi uyezwakala impela, futhi kungenxa yokwahlulela ukuthi azuze laba bantu. Akabasoli ngenhloso, kodwa uzele ukuzobasindisa. Uma ebesenza umsebenzi wokunqoba kwa-Israyeli ngezinsuku zokugcina bekungesize ngalutho; noma ngabe ubuthela izithelo, ubungeke ube nosizo noma ukubaluleka okungako, futhi ubengekwazi ukuzuza yonke inkazimulo. Usebenza kini, okusho ukuthi, labo abawele ezindaweni ezimnyama kakhulu, labo abasemuva kakhulu. Laba bantu abavumi ukuthi kunoNkulunkulu futhi abakaze bazi ukuthi kunoNkulunkulu. Lezi zidalwa zoniwe nguSathane ukufikela lapho zikhohlwa khona ngoNkulunkulu. Baphuphuthekiswe nguSathane futhi abazi kwanhlobo ukuthi kunoNkulunkulu ezulwini. Ezinhliziyweni zenu nidumisa izithixo nonke, nidumisa uSathane—anibona abaphansi kakhulu, abasemuva kakhulu kubantu bonke? Ningabaphansi kakhulu enyameni, niswele noma yikuphi ukukhululeka komphefumulo, nithwele nobunzima. Nibuye nibe ngabantu abasezingeni eliphansi kulo mphakathi, ngaphandle futhi kokukhululeka kwenkolo. Lokhu ukubaluleka kokusetshenzwa kwakho. Ukusetshenzwa kwenu manje, zizukulwana zikaMowabi, akuyona inhloso yokunihlaza, kodwa kunokwembula ukubaluleka komsebenzi. Kuwukukhuthaza okukhulu kinina. Uma ngabe umuntu unomqondo nombono, uzothi: “Ngiyisizukulwana sikaMowabi. Angikufanele ngempela ukuphakanyiswa okungaka nguNkulunkulu esengikutholile manje, noma izibusiso ezinkulu kangaka. Ngokwalokhu engikwenzayo nengikushoyo, ngokuya ngesikhundla sami nokufaneleka kwami—Ngempela angifanelwe yizibusiso ezinkulu kangako ezivela kuNkulunkulu. Abakwa-Israyeli banothando olukhulu lukaNkulunkulu, nomusa lowo abawuthokozelayo uthelwe phezu kwabo nguYena, kodwa isimo sabo siphezulu kakhulu kunesethu. U-Abrahama wayezinikele kakhulu kuJehova, kanti uPetru yena wayezinikele kakhulu kuJesu—ukuzinikela kwabo kwedlula okwethu kayikhulu, ngokuya kwezenzo zethu asifanele nhlobo ukujabulela umusa kaNkulunkulu.” Imisebenzi yalaba bantu eShayina ayikwazi ukulethwa nhlobo phambi kukaNkulunkulu. Yisiphithiphithi sempela, nokuthi manje usuthokozela kakhulu umusa kaNkulunkulu lokho ukuphakanyiswa nguNkulunkulu! Uwufune nini umsebenzi kaNkulunkulu? Umnikelele nini impilo yakho uNkukunkulu? Umndeni wakho wona uwudelele nini kalula uNkulunkulu, abazali bakho, nezingane zakho? Akekho phakathi kwenu okhokhe intengo enkulu! Uma bekungewona uMoya Ongcwele onikhiphayo, bangaki abenu ababengakwazi ukunikela ngakho konke? Ukuthi nje ubucindezelwe futhi uphoqiwe ukuthi kube ulandelile kuze kube namhlanje. Kuphi ukuzinikela kwakho? Kuphi ukulalela kwakho? Ngokuya ngezenzo zakho, kufanele ngabe kade wabhujiswa—kufanele ngabe kade wasuswa wena. Unalungelo lini lokuthokozela izibusiso ezinkulu kangaka—awufanele impela! Ubani phakathi kwenu owenze indlela yakhe? Ubani phakathi kwenu othole indlela yeqiniso ngokwakhe? Niyavilapha nonke ningamagovu, ningabantu ababi abangenamsebenzi abazitika ngokuhaha esithangamini! Nicabanga ukuthi nibakhulu? Ninani eningazigqaja ngayo? Noma ngabe bengingashongo ukuthi niyisizukulwana sikaMowabi, ngabe imvelo yenu, indawo enizalelwe kuyona iphakeme kakhulu? Noma ngabe bengingashongo ukuthi niyisizukulwana sakhe, anibona abantwana bakaMowabi? Ngabe iqiniso lokukhona lingaguqulwa? Ngabe ukuveza imvelo yakho manje kuyangqubuzana neqiniso lokukhona? Bhekani ukuthi niziphathise okwezisebenzi kanjani, izimpilo nezimilo zenu — anazi ukuthi ningabaphansi kakhulu kwabaphansi abakhona esintwini? Yini le ongazigqaja ngayo? Bheka isimo sakho emphakathini. Awukho nje ezingeni eliphansi kakhulu? Ucabanga ukuthi ngikhulume kabi? U-Abrahama wanikela ngo-Isaka. Wena unikele ngani? UJobe wanikela ngakho konke. Wena unikele ngani? Abantu abaningi banikele ngezimpilo zabo, babeka phansi ukuphila kwabo, bachitha igazi labo ukuze bathole indlela yeqiniso. Ngabe usuyikhokhile leyo ntengo? Ngokuqhathanisa, awufanele nhlobo ukuthokozela umusa omkhulu kangaka, manje ngabe ukukhona ukuthi namhlanje niyisizukulwana sikaMowabi? Ningaziboni niphakeme kakhulu. Aninalutho eningazigqaja ngakho. Insindiso enkulu kangaka, umusa omkhulu kangaka eniwunikezwe ngesihle. Anidelanga lutho kodwa nithokozele nje umusa wesihle. Aninamahloni? Ngabe le yindlela yeqiniso nina ngokwenu eniyithole ngokufuna? Ngabe akuyena umoya Ongcwele oniphoqe ukuba niyamukele? Anizange nibe nayo inhliziyo yokufuna futhi anizange ikakhulukazi nibe nezinhliziyo ezifuna iqiniso, ezilangazelela iqiniso. Benisolokhu nihleli nizithokozele nje, futhi nizuze leli qiniso ngaphandle komzamo ovela ngakinina. Ninalungelo lini lokukhononda? Nicabanga ukuthi nifaneleke kakhulu? Uma kuqhathaniswa nalabo abadele izimpilo zabo bachitha igazi labo, ninakukhononda kuni nina? Ukunibhubhisa manje kungaba yinto elindelekile! Ngaphandle kokulalela nokulandela, aninako ukuzikhethela. Anifanele nhlobo nje! Abaningi phakathi kwenu babiziwe, kodwa uma ngabe aniphoqwanga yisimo noma ngabe anibizwanga, benizodonda ngempela ukuza. Ubani ozimisele ukushiya izinto ngale ndlela? Ubani ozimisele ukudela injabulo yenyama? Nonke ningabantu abazitika ngokuhaha esithangamini nifuna impilo yokunethezeka! Nizuze izibusiso ezinkulu—yini enye eningayisho? Ninakukhononda kuni? Nithokozele izibusiso ezinkulu nomusa omkhulu ezulwini, nomsebenzi manje usumbuliwe kinina okungakaze kwenzeke emhlabeni ngaphambili. Ngabe akusona isibusiso lokhu? Ngenxa yokuthi niye nenqaba futhi nahlubuka kuNkulunkulu, senidlule ngaphansi kwalokhu kusolwa okukhulu. Ngenxa yalokhu kusolwa senibone umusa nothando lukaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho nibone nokulunga nobungcwele baKhe. Ngenxa yalokhu kusolwa nangenxa yokungcola kwesintu, nibone Amandla amakhulu kaNkulunkulu, futhi nibone nobungcwele nobukhulu baKhe. Ngabe lokhu akulona iqiniso elingavamile? Ngabe akuyona impilo ezwakalayo le? Umsebenzi uNkulunkulu awenzayo uyezwakala! Ngakho ukuba kuncane kwesikhundla sakho, yilapho kwanda khona ukuphakama kukaNkulunkulu, nokufakazela ukuthi umsebenzi waKhe ubaluleke kangakanani kinina namhlanje. Ingcebo engelinganiswe nalutho! Ayinakutholwa nanoma kukuphi! Eminyakeni edlule akekho oke wathokozela insindiso enkulu kangaka. Iqiniso lokuthi isikhundla sakho siphansi likhombisa ukuthi insindiso kaNkulunkulu inkulu kangakanani, futhi likhombisa ukuthi uNkulunkulu uthembekile esintwini—uyasindisa, akabhubhisi.

AmaShayina awakaze akholelwe kuNkulunkulu futhi awakaze asebenzele uJehova, awakaze asebenzele uJesu. Akwenzayo nje yi-kowtow, ukushisa impepho, ashise iphepha le-joss, adumise u-Buddha. Adumisa izithixo nje—onke ahlubukile ukufikela ezingeni eliphakeme, ngakho izikhundla zabantu eziphansi, zikhombisa kakhulu ukuthi lokho uNkulunkulu akuzuzayo kinina kuyinkazimulo engaphezulu. Ngokucabanga kwabanye abantu, bangathi: “Nkulunkulu, wenza msebenzi muni? Wena, Nkulunkulu ophakeme kangaka, uNkulunkulu ongcwele kangaka, weza ezweni elingcolile? Uzicabangela phansi kangako? Singcolile, kodwa uzimisele ukuba nathi? Uzimisele ukuhlala phakathi kwethu? Singabezikhundla eziphansi, kodwa uzimisele ukusenza abaphelele? Futhi ungasisebenzisa njengezibonelo nezifanekiso?” Ngithi: Awuyiqondi intando yaMi! Awuwuqondi umsebenzi engifuna ukuwenza futhi nesimo Sami awusiqondi. Ngeke ukwazi ukufinyelela ukubaluleka komsebnzi engizowenza. Ngabe umsebenzi waMi ungavumelana nemicabango yabantu? Ngokwemicabango yabantu, ngingafanela ukuzalwa ezweni elihle ukukhombisa ukuthi ngingowesimo esiphakeme, ukukhombisa ukuthi ngingofaneleke kakhulu, nokukhombisa ukuhlonipheka, ubungcwele nobukhulu baMi. Uma ngangizalelwe endaweni engivumayo, emndenini ophezulu, uma ngabe bengingowesikhundla nesimo esiphezulu, bengizophathwa kahle kakhulu. Lokho bekungeke kube nosizo emsebenzini waMi, ngakho ngabe insindiso enkulu kangaka ingakwazi ukuba iqhubeke yembulwe? Bonke labo abangibonayo bebezongilalela, angeke bebengezungcoliseke ngokungcola. Ngabe ngazalelwa kule nhlobo yendawo. Yilokhu nina enikukholelwayo. Kodwa ake ucabange ngayo: Ngabe uNkulunkulu wezela intokozo emhlabeni, noma wezela umsebenzi? Uma ngabe bengisebenza kuleyo ndawo ethulile futhi ethokomele, bengizoyizuza inkazimulo yaMi ephelele? Bengizokwazi ukunqoba yonke indalo yaMi? Ngenkathi uNkulunkulu eza emhlabeni ubengeyena owomhlaba futhi akazange abe senyameni ukuze athokozele umhlaba. Indawo lapho ukusebenza bekungembula kahle isimilo saKhe sibe ngesinomqondo kakhulu yindawo lapho azalelwa khona. Noma ngabe kwabe kuyilizwe elingcwele noma elingcolile, futhi kungenandaba nokuthi usebenza kuphi, ungcwele. Yonke into emhlabeni yadalwa nguYena; ukuthi nje yonke into yoniwe nguSathane. Noma kunjalo, zonke izinto; zonke zisezandleni zaKhe. Ukuza kwaKhe ukuzosebenza ezweni elingcolile ukwembula ubungcwele baKhe; Lokhu ukwenzela umsebenzi waKhe, okusho ukuthi, ubekezelela ukuthobeka okukhulu ukusebenza ngale ndlela ukuze asindise abantu baleli zwe elingcolile. Lokhu kwenzelwe ufakazi futhi okwaso sonke isintu. Okuvunyelwa yilolu hlobo lomsebenzi ukuthi abantu bakubone ukulunga kukaNkulunkulu, futhi kukwazi kakhulu ukuveza ubukhosi bukaNkulunkulu. Ubukhulu nobuqotho Bakhe bukhonjiswa ngensindiso yeqembu labantu abaphansi okungekho muntu ocabanga ngalo. Ukuzalelwa ezweni elingcolile akubona nakanye ubufakazi bokuthi uphansi; kuvumela nje yonke indalo ukubona ubukhulu nothando lwaKhe lweqiniso esintwini. Uma elokhu enza ngale ndlela kwembuleka uthando lwaKhe olumsulwa kumuntu, uthando lwaKhe olungenasici. UNkulunkulu ungcwele futhi ulungile. Yize ayezalelwe ezweni elingcolile, noma ehlala nalabo bantu abagcwele ukungcola, njengoba uJesu wahlala nezoni eNkathini Yomusa, akuwona wonke umsebenzi waKhe owenzelwe ukusinda kwaso sonke isintu? Akukona na ukuthi sonke isintu sizuze insindiso enkulu? Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule wayehlala nezoni iminyaka eminingi. Lokho kwakwenzelwa ukuhlengwa. Namuhla uhlala neqembu labantu abangcolile nabaphansi. Lokhu kungenxa yosindiso. Akukona ukuthi wonke umsebenzi waKhe wenzelwe nina, nina bantu? Uma ngabe bekungekona ukusindisa isintu, kungani waphila wahlupheka nezoni iminyaka eminingi kangaka emva kokuzalelwa emkhombeni? Uma ngabe bekungekona ukusindisa isintu, kungani ezobuyela enyameni ihlandla lesibili, azalelwe kuleli zwe lapho amadimoni ebuthana khona, ahlale nalaba bantu aboniwe kakhulu nguSathane? Ngabe uNkulunkulu akathembekile? Nhloboni yomsebenzi waKhe obungewona owesintu? Nhloboni ebingeyona yalokho omiselwe khona? UNkulunkulu ungcwele. Lokhu akuguquki! Akangcoliswa ukungcola, yize eze ezweni elingcolile; konke lokhu kuchaza ukuthi uthando lukaNkulunkulu esintwini luyazidela, ukuhlupheka nokuthobeka akubekezelela kukhulu! Anazi yini ukuthi wehlelwa ukuthotshiswa ngenxa yenu nangesiphetho senu? Anikwazi lokho? Akabasindisi abantu abakhulu noma amadodana emindeni eyizicebi nenamandla, kodwa usindisa ngokukhethekile labo abaphansi nababukelwa phansi ngabanye. Ngabe konke lokhu akubona ubungcwele baKhe? Ngabe konke lokhu akukona ukulunga kwaKhe? Kungcono ukuba azalwe ezweni elingcolile adlule kukho konke ukuthotshiswa ngenxa yokusinda kwesintu sonke. UNkulunkulu uyiqiniso ngempela—Akawenzi umsebenzi ongelona iqiniso. Akwenzekanga ezigabeni zonke zomsebenzi waKhe ngempela? Nakuba bonke abantu bemnyundela bethi uhlala etafuleni nezoni, noma bonke abantu behlekisa Ngaye bethi uhlala namadodana okungcola, nabantu abaphansi kakhulu, usazinikela ngokuzidela, futhi usanqatshwa ngale ndlela phakathi kwabantu. Ukuhlupheka akubekezelela akukukhulu kunokwakho? Umsebenzi waKhe awumkhulu kunenani olikhokhile? Uzalelwe ezweni elingcolile kodwa uzuze ubungcwele bukaNkulunkulu. Uzalelwe ezweni lapho amadimoni ebuthana khona kodwa uthole ukuvikelwa okukhulu. Unakuphi ukuzikhethela? Unakuphi ukukhononda? Ukuhlupheka akubekezelela akukukhulu kunalokho wena okubekezelele? Uze emhlabeni kodwa azange athokozele intokozo yomhlaba wabantu. Uyazenyanya lezo zinto. UNkulunkulu akezelanga emhlabeni ukuhlomula ngezinto ezibonakalayo ezivela kumuntu, noma kona ukuthokozela izinto ezinhle ezidliwa yisintu, ukwembatha nokuyenga. Akazinaki lezi zinto; Uze emhlabeni ukuzohluphekela umuntu, hhayi ukuthokozela izinto ezinhle zasemhlabeni. Uzele ukuhlupheka, uzele ukusebenza nokuqedela icebo laKhe lokuphatha. Azange akhethe indawo enhle, ahlale njengenxusa noma ehhotela eliphezulu, noma abe nezisebenzi eziningi ukumenzela konke. Kulokho okubonile, awazi ukuthi uzele ukuzosebenza na noma ukuzothokoza? Awasebenzi amehlo akho? Ukuphe kangakanani? Uma ngabe wayezalelwe endaweni ethokomele ubezokwazi ukuzuza inkazimulo? Ubezokwazi ukusebenza? Bekuzobaluleka lokho? Ubezokwazi ukunqoba isintu ngokuphelele? Ubezokwazi ukusindisa abantu ezweni elingcolile? Ngokwemicabango yabantu, “Nkulunkulu, ngoba ungcwele, kungani wazalelwa endaweni engcole kangaka? Uyasizonda futhi uyasenyanya thina bantu abangcolile; wenyanya ukwenqaba nokuhlubuka kwethu, manje kungani uhlala nathi? UnguNkulunkulu omkhulu—ubungezalwe noma yikuphi, kodwa kwafanela ukuba uzalwe kuleli zwe elingcolile? Uyasisola futhi uyasihlulela nsuku zonke futhi wazi kahle ukuthi siyisizukulwana sikaMowabi, kungani pho usahlala phakathi kwethu? Kungani wazalwa emndenini wesizukulwana sikaMowabi? Ukwenzeleni lokho?” Lokhu kuqonda kwenu akunaso isizathu! Yilolu hlobo nje lomsebenzi oluvumela abantu ukuba babone ubukhulu baKhe, ukuthobeka nokuzifihla kwaKhe. Uzimisele ukudela konke ngenxa yomsebenzi waKhe, futhi ubekezelele konke ukuhlupheka ngomsebenzi waKhe. Ukwenzela isintu, nangaphezu kwalokho ukunqoba uSathane ukuze zonke izidalwa zithobe ngaphansi kombuso waKhe. Yilo msebenzi kuphela oletha umqondo nobalulekile. Uma ngabe isizukulwana sikaJakobe sabe sizalelwe eShayina, kule siqeshana sezwe, futhi besiyini nonke, bekuzoba yini ukubaluleka komsebenzi owenziwe kinina? Ubezothini uSathane? USathane ubezothi: “Babekusaba, bebekulalela ukusuka ekuqaleni futhi abanamlando wokukukhaphela. Akusona isintu esimnyama kakhulu, esiphansi kakhulu noma esisemuva kakhulu.” Uma ngabe ngempela kwenziwa ngale ndlela, ubani ozokweneliseka ngalo msebenzi?” Kuwo wonke umhlaba, amaShayina asemuva ukwedlula bonke abantu. Azalwe esimweni esiphansi, ngokwethembeka okuphansi, ayiziduphunga futhi andikindiki, anobufokazana nokuhlehlela emuva. Angene shi esimilweni sikaSathane, esingcolile nesinokungabi namahloni. Ninakho konke lokhu. Maye ngalezi zimilo ezikhohlakele, emva kokuthi lo msebenzi uqedwe abantu bazobalahla bazokwazi ukulalela ngokuphelele benziwe baphelele. Izithelo ezivela kulolu hlobo lomsebenzi kuphela ezibizwa ngobufakazi phakathi kwendalo! Ngabe uyakuqonda okubizwa ngobufakazi? Kufanele buthwalwe kanjani ubufakazi empeleni? Le nhlobo yomsebenzi inenze nayizithiyo nezinto ezikhonzayo, ngaphezu kwalokho seniphenduke izinto zensindiso. Namuhla ningabantu bakaNkulunkulu kanti kamuva nizoba yizibonelo nezifanekiso. Kulo msebenzi, nizobhekana nezindima ezihlukene, ekugcineni nizoba yizinto zosindiso. Abantu abaningi banokuphikisa ngenxa yalokhu, ngabe abazona izimpumputhe ngokuphelele? Anikwazi ukubona noma yini ngokucacile! Lesi sihloko nje siniqeda amandla. Ngabe niyakuzwa okushiwo ngesimilo sokulunga sikaNkulunkulu. Niyakuqonda ukuthi ukusindisa kukaNkulunkulu kuyini? Ngabe niyaluqonda ukuthi luyini uthando lukaNkulunkulu? Anithembekile! Uma nibona sihloko esihle niyajabula. Uma ningasiboni isihloko esihle awuzimiseli futhi uyahlehla. Uyini wena? Awuyilandeli indlela yeqiniso. Kungcono uyeke ukufuna njengamanje. Yihlazo! Into encane kangaka ikuqeda amandla. Ngabe lokhu akulona uphawu lwehlazo?

Kufanele ukuthi nibe nolwazi oluthile. Ningaziboni niphakeme kakhulu, futhi ningaphuphi ngokuya ezulwini. Zifuneleni ngokufanele ukunqotshwa emhlabeni. Ningacabangi ngalawo maphupho angamanga angekho! Uma umuntu esho into efana nokuthi, lawa ngamazwi avela kumuntu onogqozi, oqotho: “Yize ngiyisizukulwana sikaMowabi, ngizimisele ukuzama kuNkulunkulu, kanti ngakusasa ngizofulathela ukhokho wami wakudala. Wangizala wabuye wanginyathela, kuze kube manje bengilokhu ngihlezi ebumnyameni. Namuhla uNkulunkulu ungikhululile ngagcina ngibone ilanga lasezulwini. Ngokudala kukaNkulunkulu ngigcine ngibonile, ukuthi ngiyisizukulwana sikaMowabi. Kuqala bengisebumnyameni futhi bengiphuphuthekiswe yilo Sathane omdala. Ngizomfulathela ngimdumaze kakhulu! Ngabe unalo iqiniso? Ngaphandle kokuthi nonke niyefana nabantu, niyahlukana masinyane ukwedlula wonke umuntu kanti futhi nizwela kakhulu kule ndaba. Uma nje kushiwo ukuthi niyisizukulwana sikaMowabi, imilomo yenu isonteka ize iquduleke. Akusona isimilo sengulube lesi? Asisizi ngalutho! Nizimisele ukunikela ngempilo yenu ngenxa yodumo nomcebo wenu? Anizimisele ukuba, yisizukulwana sikaMowabi, ngabe akukona eniyikho lokho? Ngithi namhlanje ninjalo futhi kufanele nikuvume lokho. Angiliphikisi iqiniso. Abanye abantu bayaphikisa ngenxa yalokhu, kodwa wena uphikisani? Akuwena umntwana kadrako omkhulu obomvu? Ngabe akunabulungiswa ukusho ukuthi uyisizukulwana sikaMowabi? Bheka lokho okuphilayo, ngaphakathi nangaphandle. Ukusuka ekhanda ukuya onyaweni akukho nokukodwa ongazidla ngakho. Ukungabi namahloni , ukungcola, ubumpumputhe ukwenqaba, ukuhlubuka–ngabe kulokhu akukho ngxenye eyisimilo sakho? Uhlala njalo ezweni lokungabi namahloni futhi awushiyi ububi bungenziwanga. Ucabanga ukuthi ungcwele kakhulu, kodwa qhubeka uqhathanise izinto ozenzile. Weneliseke kakhulu ngawe–unani ongazidla ngayo? Nifana nezilo. Aninabo ubuntu! Nihlangana nezilwane, nihlala ebubini, imicabango enokungabi namahloni. Nintula kangakanani? Niyavuma ukuthi ningabantwana bakadrako omkhulu obomvu, futhi nizimisele ukusebenza kodwa muva uma sekuthiwa niyisizukulwana sikaMowabi niyaphika. Ngabe akulona iqiniso leli? Njengoba uzelwe umama nobaba, noma ngabe babi kangakanani, usazelwe yibona. Noma ngabe uthola umama ongakuzali ushiye lelo khaya, awuseyona ingane yabazali bakhe bokuqala? Ngabe lelo qiniso lingaguqulwa? Ngike ngakulebula ngezikhathi ezithile njengenzalo kaMowabi? Abanye abantu bathi: Ungangetha elinye igama? Ngithi “Kunganjani ngikwethe igama lesikhubekiso? Abazimisele nokuba yisikhubekiso futhi. Manje uzimisele ukuba yini? Izikhubekiso, abenza umsebenzi–akukona lokhu eniyikho nina? Ningakhethani futhi? Awuyena umuntu ozalelwe ezweni likadrako omkhulu obomvu? Noma ungasho kangaki ukuthi ungumntwana kaDavide, akuhambelani neqiniso. Ngabe yinto oyikhethe ngokwakho? Ungavele nje usebenzise igama elimnandi uzibize ngalo? Akubona abantwana bakadrako omkhulu obomvu okwakukhulunywa ngabo kudala, leli qembu labantu abakhohlakele? Abasebenzayo ababaliwe–abanina nabo, laba bantu abakhohlakele? Izifanekiso nezibonelo ezinqotshiwe, ezibaliwe–azinina, laba bantu? Indlela yokupheleliswa–ngabe ayilusizi kini? Labo abasolwayo nabahlulelwayo yinina, ngabe futhi angeke labo abazopheleliswa kamuva babe khona phakathi kwenu? Ngabe lesi sihloko sisho okuthize? Anicabangi ngendlela yokuthi anikwazi nokubona ngokucacile into encane kangaka? Anazi ukuthi ubani isizukulwana sikabani kodwa Mina ngicacelwe kahle yilokho. Ngiyanitshela. Uma ningakubona lokho namuhla, kulungile. Ningahlali nizithoba kangaka. Uma nilokhu niphika nihlehla kukhombisa kakhulu ukuthi niyinzalo kaSathane. Kukhona umuntu okuthi, uma umlalelisa ihubo, athi: “Ngabe isizukulwana sikaMowabi singalalela amahubo? Angeke ngilalele, angifanele!” Uma umuzwa ecula uthi: “Uma isizukulwana sikaMowabi sicula, ngabe uNkulunkulu uyazimisela ukulalela? UNkulunkulu uyangenyanya. Nginamahloni okuya phambi kukaNkulukulu futhi angikwazi ukumfakazela. Angeke nje ngicule funa uNkulunkulu acunuke uma ekuzwa lokho.” Ngabe le akuyona indlela ephikisayo ukubhekana nalokhu? Njengomunye wendalo, uzalwe ezweni longabi namahloni futhi ungumntwana kadrako omkhulu obomvu, isizukulwana sikaMowabi; kufanele ufulathele ukhokho wakho omdala noSathane omdala. Yilona kuphela ofuna uNkulunkulu ngeqiniso.

Ekuqaleni ngenkathi ngikunikeza isimo sabantu bakaNkulunkulu ubugxuma uya phezulu naphansi–ugxume ngenjabulo ukwedlula bonke. Kodwa kwenzekani ngemva kokuthi ngithi uyisizukulwana sikaMowabi. Nonke navele nehluleka! Ningasho ukuthi isimo senu sikuphi? Umqondo wenu wesikhundla unzima kakhulu! Abaningi abakwazi ukukwenza lokhu. Abanye benza amabhizinisi, abanye baya emsebenzini. Uma nje ngithi niyisizukulwana sikaMowabi nonke nifuna ukubaleka. Ngabe lokhu ukufakaza ngoNkulunkulu enimemeza ngakho sonke isikhathi? Ngabe uSathane uzokweneliseka ngale ndlela? Kusiza ngani ukuba nani? Niyizibi nje! Kungabe kuhlupheka kuni enidlule kukona, njengoba nizizwa noniwe kangaka nje? Nicabanga ukuthi uma uNkulunkulu enganigazinga ukufikela ezingeni elithile nizojabula, sengathi uNkulunkulu uze ngenhloso yokunisola, kuthi ngemva kokunisola nokunibhubhisa, umsebenzi wakhe ufezeke. Ngabe yilokhu engikushilo? Ngabe lokhu akwenzeki ngobumpumputhe benu? Kungabe wukuthi nina ngokwenu anizami ukwenza kahle noma ukuthi ngihlose ukunisola? Angikaze ngikwenze lokho-lokho yilokhu enizicabangele kona. Angikaze ngisebenze ngaleyo ndlela nhlobo, futhi angihlosile ukwenze njalo. Uma ngabe bengifuna ngempela ukunibhubhisa, bengingahlupheka kangaka? Uma ngabe bengifuna ngempela ukunibhubhisa, bengingakhuluma nani ngeqiniso kanje? Isifiso sami yilesi: uma senginisindisile kuzoba yima ngizophumula. Ukuthobeka komuntu kwenza abe yigugu ensindisweni yaMi. Uma kuyilokhu enikwaziyo ukungenela ngokwenzela izinto ngaphambili, yilapho ngijabula khona. Uma nilokhu nehluleka ngiyenyela kakhulu. Nisalokhu nifuna ukuqhwakela esihlalweni sobukhosi, kodwa ngiyanitshela, leyo akuyona indlela yokunisindisa ekungcoleni. Umcabango ongekho wokuhlala esihlalweni sobukhosi ngeke uniphelelise, akukhona okuyikho lokho. Ngithi niyisizukulwana sikaMowabi, bese niyajabha. Nithi “Uma ungenze ngehlela emgodini ongenamkhawulo. Angeke ngikufakazele noma ngikuhluphekele.” Lokhu kwenza kwenu akungqubuzani Nami? Ngabe lokhu kuwusizo kinina? Ngininikeze umusa omningi kakhulu–ngabe nikhohliwe? Inhliziyo kaNkulunkulu ifana nomama onothando isiphenduke amanzi abandayo ngenxa yenu yayiqhwa. Ngabe uSathane uzonidedela? Uma ningangifakazeli, angeke ningiphoqe kodwa kufanele nazi ukuthi ekugcineni nizoba okuqondwe ukubhidlizwa. Uma ngingeke ngithole ubufakazi kini, ngizobuthola kwabanye abantu. Akunandaba lokho kiMi kodwa ekugcineni uzozisola futhi ngaleso sikhathi nizobe sekukade senawela ebumnyameni. Ngakho ubani ozonisindisa? Ningacabangi ukuthi umsebenzi ungeke wenzeke ngaphandle kwenu. Angeke babe baningi kakhulu kini futhi angeke babe mbalwa kakhulu ngaphandle kwenu. Ningaziboni nibaluleke ngokwedlulele. Uma ningazimisele ukungilandela lokho kukhombisa ukuthi nihlubukile, futhi akukho okukhangayo kinina. Uma ngabe uyisikhulumi esihle, akusho ukuthi kungoba uzihlomise ngamazwi engiwalethe ngomsebenzi waMi? Ningazigqaja ngani? Ningavumi ukucabanga kwenu kunidukise! Uma ngingekwazi ukuzuza inkazimulo kinina, lezi zizukulwana zikaMowabi, ngizokhetha iqembu lesibili, nelesithathu lezizukulwana zikaMowabi, ukuthi zisebenze ngize ngizuze inkazimulo. Uma ningazimisele ukwethula ubufakazi Ngami, phumani ke! Angeke nginiphoqe. Ningacabangi ukuthi angeke ngikwazi ukunyathelela phambili ngaphandle kwenu. Ukuthola izisetshenziswa zomsebenzi waMi kuleli zwe laseShayina akuwona umsebenzi omkhulu. Akukho okunye okungafunyanwa kuleli zwe-elingcolile. Abantu abangcolile nabakhohlakele bakhona yonke indawo kanti umsebenzi waMi ungenziwa noma yikuphi. Ningazigqaji kangaka! Noma ngabe nizigqaja kangakanani anibona abantwana abazalwe ngokuphinga? Ake nibuke ukufaneleka kwenu, ninakuphi okunye ukukhetha? Ukunivumela ukuba niphile ukuphakanyiswa okukhulu, manje yini enizidla ngayo? Uma ngabe bekungekhona okomsebenzi waMi ukuqeda inkathi, beningeke kube ukuthi niwele kudala ezinhlekeleleni nezehlakalo ezenziwa ngabantu? Ningahlala ngokunethezeka? Nisaphikisana ngale ndaba. Selokhu ngathi niyinzalo kaMowabi nisalokhu niqudule ngaso sonke sikhathi. Anitadishi, anifundi amazwi kaNkulunkulu, futhi anikwazi nokubheka noma ubani. Uma nibona abanye abantu betadisha niyabaphazamisa nisho izinto ezidumazayo kubona. Ninesibindi! Nithi: “Zitadishani izizukulwane zikaMowabi? Angeke ngimtadishele.” Akukona okungashiwo isilwane lokho? Ngabe niyabalwa nje nabantu? Sengisho izinto eziningi kini, kodwa akufezanga lutho. Ngabe wonke lo msebenzi ngiwenzele ize? Ngabe wonke lawa mazwi ngiwakhulumele ize? Uma ngabe uyinja ubuzolokhu utshikizisa umsila wakho; leyo nhlobo yomuntu ayingcono kunenja! Kwesinye isikhathi niyaqudula, kwesinye isikhathi nibona ngaso linye-ngabe wonke lo msebenzi owenziwe kinina wenzelwe ize? Uma ngike nje ngakhuluma ngesizukulwane sikaMowabi abanye abantu bavele bazehlise. Bagqoka ngokwehlukile kunakuqala futhi bamahlakahlaka ngangokuthi ababukeki njengabantu futhi bayabubula: “Ngiyisizukulwane sikaMowabi, angimuhle. Vele akukho okuhle kimi futhi angifuni ukuzuza izibusiso. Noma kunjalo, yile ndlela okungayo. Ngabe isizukulwana sikaMowabi singapheleliswa?” Uma nje ngiqala ngikhuluma ngesizukulwana sikaMowabi, abantu abaningi abasabi nethemba, bathi: “UNkulunkulu uthi siyisizukulwana sikaMowabi–kushoni lokho? Ukubuka iphimbo lezwi laKhe akunakuhlengwa! Akunathando emazwini aKhe. Ngabe asikona okuqondwe ukubhujiswa?” Ngabe ukukhohliwe okushiwo ngaphambili? Namuhla igama “isizukulwana sikaMowabi” liyiyona kuphela into eniyikhumbulayo? Eqinisweni, amazwi amaningi enzelwe ukuzuza okuthile, kodwa abuye embule iqiniso lokukhona. Abantu abaningi abakukholwa. Anizimisele ukungihluphekela ngaleyo ndlela. Niyakwesaba ukufa nihlala njalo nifuna ukuphunyuka. Uma nifuna ukuhamba angisoze nginiphoqelele ukuba nihlale, kodwa kufanele nginicacisele into eyodwa: ningahlali sonke isikhathi sokuphila ezeni, futhi ningazikhohlwa izinto enginitshele zona kudala. Njengomunye wendalo kufanele wenze umsebenzi wokukodwa kwendalo. Ningenzi izinto eziphikisana nonembeza wenu; okufanele nikwenze ukuzinikela eNkosini yendalo. Isizukulwana sikaMowabi naso siyingxenye yendalo, ukuthi nje siqalekisiwe. Noma kunjani, nisengabanye bendalo. Aniqhelile kakhulu uma nithi: “Noma ngiyisizukulwana sikaMowabi, ngike ngawuthokozela kakhulu umusa kaNkulunkulu ngaphambili, manje kufanele ngibe nonembeza. Ngizobonga kodwa ngingazinzi kukho. Noma ngabe ngiyahlupheka kulowo mqhumo, ngizohlupheka kuze kube sekupheleni. Uma ngabe ngiyisizukulwana sikaMowabi makube njalo. Ngizolandela kuze kube sekupheleni!” Kuzofanela ulandele kuze kube sekupheleni. Uma ubaleka kusho ukuthi awunalo ithemba lakusasa-usungene endleleni eya ekubhujisweni.

Kuhle ukuba niqonde imvelaphi yenu nokuthi niqonde iqiniso lokuyikho kuwusizo emsebenzini. Kungenjalo, umphumela ofanele ukutholwa angeke ube khona. Lona uyingxenye yomsebenzi wokunqoba, futhi kubalulekile ukungena emsebenzini. Yiqiniso lelo. Ukwenza lo msebenzi ukuvusa imimoya yabantu, ukuvusa imizwa yonembeza babo nokuvumela abantu ukuba bazuze le nsindiso enkulu. Uma ngabe umuntu unonembeza, uma bebona ukuthi basesikhundleni esiphansi kufanele ikakhulu babonge uNkulunkulu. Babambelele kakhulu emazwini aKhe, babambelela kakhulu emseni abanikeze wona, futhi bakhala ngomunyu bethi: “Isikhundla sethu siphansi futhi asizuzanga lutho emhlabeni. Akekho umuntu obukela kithina, laba bantu abaphansi. Siyashushiswa endaweni engamakhaya ethu, abayeni bethu bayasala, amakhosikazi ethu ayasihlambalaza, izingane zethu zisibukela phansi kanti uma sesikhulile omalokazane bethu basiphatha kabi. Sihlupheke kakhulu impela, nokuthi manje sithokozela uthando olukhulu lukaNkulunkulu oluyinjabulo! Uma ngabe bekungeyona insindiso kaNkulunkulu kithina, besingedlula kanjani ekuhluphekeni kwabantu? Besingeke sibe sisabisha kulesi sono? Ngabe akuyena lo Nkulunkulu osiphakamisayo? Ngingomunye wabantu abaphansi impela futhi uNkulunkulu ungiphakamise ngaba phezulu kakhulu. Noma ngabe ngiyabhujiswa ngisafanele ukukhokhela uthando lwaKhe. UNkulunkulu angacabanga ngokuphakeme ngathi akhulume ubuso nobuso nathi, abantu abaphansi kangaka, noma ngabe ubengisola–ngingathini? Ukusola akukhona ukusiphakamisa kwaKhe?

Noma ngabe ngiyasolwa ngisawabona amandla aKhe amakhulu. Angazi ukulahlekelwa unembeza–kufanele ngilukhokhele uthando lwaKhe. Angikwazi ukuhlubuka kuNkulunkulu. Ukhuluma nami ubuso nobuso angifundise ngokubamba ingalo yami. Uyangifunza, uhlala nami, ahlupheke nami.” Isimo nesikhundla sikaNkulunkulu akufani nezabantu kodwa ukuhlupheka kwaKhe kuyefana, lokho akudlayo nakugqokayo kuyefana, abantu bonke bayamhlonipha - yilowo kuphela umehluko. Akukona konke okuthokozelwayo okufanayo? Manje unalungelo lini lokukhuluma kangaka ngakho? UNkulunkulu ubekezelela ukuhlupheka okukhulu wenza nomsebenzi omkhulu, nina eningaphansi kwezintuthwane, nezimbungulu-nithole ukuphakanyiswa okukhulu namhlanje. Uma ungekwazi ukukhokhela uthando lukaNkulunkulu, uphi unembeza wakho? Abanye abantu bakhuluma ukusuka ekujuleni kwezinhliziyo zabo bathi: “Ngaso sonke isikhathi uma ngicabanga ngokusuka kuNkulunkulu amehlo ami agcwala izinyembezi futhi ngizizwa nginecala kunembeza wami. Nginecala kuNkulunkulu, angikwazi ukwenza lokho angikwazi ukuba ngaleyo ndlela kuYe. Uma ngabe bengifa lokho kwaletha inkazimulo emsebenzini waKhe, ngingeneliseka ngokwedlulele. Ngaphandle kwalokho noma ngabe ngiyaphila angeke ngibe noxolo.” Lalela lawa mazwi–lo umsebenzi ofanele ukwenziwa yisidalwa. Uma ngabe umuntu uhlala enalo mbono kuYe, uzozizwa ecwebile ngaphakathi futhi ekhululekile; uzoqiniseka ngalezi zindaba. Uzothi: “UNkulunkulu akangilimazi futhi akangenzi ihlaya ngamabomu noma angihlaze. Yize akhuluma ngenye indlela enesihluku eshaya enhliziyweni, kwenzelwa ukusiza mina. Yize akhuluma ngesihluku usangisindisa, futhi usabubonelela ubuthakathaka bami. Akangisole ngokukhona. Ngiyakholwa ukuthi uyinsindiso.” Uma ngabe unawo lo mbono, ungeke ufike ezingeni lokubaleka. Kunembeza wakho, ungazizwa unephutha, uzizwe usolwa ngokuthi ungamphathi ngaleyo ndlela uNkulunkulu. Ucabanga ngawo wonke umusa owuzuzile, wonke amazwi owezwile–ungawalalela ngeze? Noma ngabe ubani obalekayo, awukwazi. Abanye abantu abakholwa, kodwa wena ufanele. Abanye abantu bashiya uNkulunkulu, kodwa ufanele ukuphakamisa uNkulunkulu umfakazela. Abanye bethuka uNkulunkulu, kodwa wena awukwazi. Noma ngabe uNkulunkulu angaba nonya olungakanani kuwe, usafanele ukumphatha kahle. Ufanele ukukhokhela uthando lwaKhe futhi ufanele ukuba nonembeza, ngoba uNkulunkulu akanacala. Ukuza emhlabeni evela ezulwini ukuzosebenza phakathi kwabantu kwakungukuthobeka okukhulu lokho. Ungcwele ngaphandle kokungcola okuncinyane. Eza ezweni lokungcola–ngabe uzithobe kangakanani? Ukusebenza kini kwenzelwa nina, Uma ngabe awunawo unembeza ekumpatheni, kungangcono ukuba ufe kuqala.

Manje nje, abantu abaningi baswele lesi sibonakaliso sombono futhi angeke bawuqonde nhlobo lo msebenzi futhi abazi ukuthi uNkulunkulu ufunani ngempela ukuqedela lo msebenzi. Ikakhulukazi labo abadidekile–kusengathi baye kuzinkimbinkimbi futhi baphuphuthekile ngemva kwamajika ambalwa. Uma uyichaza kahle inhloso yecebo lokuphatha kukaNkulunkulu kubo, angeke kube njalo. Abantu abaningi bangeqonde futhi bakholelwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wukuhlupha abantu. Ababuqondi ubuhlakani nezimangaliso zomsebenzi waKhe, futhi abaqondi ukuthi umsebenzi waKhe ukwembula amandla aKhe amakhulu, ikakhulu ukusindisa isintu. Abakuboni konke lokhu, babona nje ukuthi ngabe banawo yini amathemba, nokuthi bazokwazi ukungena ezulwini. Bathi: “Umsebenzi kakhulu uhlala unxazonke; uma ungasenza ukuthi sibubone ngqo ubuhlakani bakho kungakuhle. Awufanele ukusihlupha ngale ndlela siyantula kakhulu ngokwengqondo futhi asiyiqondi intando Yakho. Bekungakuhle uma ubungakhuluma nje futhi wenze ngqo. Usenza ukuba siqagele kodwa asikwazi. Bekungakuhle ukuthi ubungaphuthuma usivumele ukuba sibone inkazimulo yaKho. Siyini isidingo sokwenza izinto ngokujikeleza ngale ndlela?” Okusweleke du manje unembeza. Faka umqondo kulokhu uvule kakhulu amehlo akho ukubona ukuthi ubani owenza umsebenzi ngezinyathelo ezilandelanayo. Ungazifikeli esiphethweni. Manje usukuqondile okukhiwe phezulu nje kwendlela yempilo okufanele udlule kuyona. Kuseneqiniso elikhulu okufanele ulazi, kanti uma usuku lufika lokuthi uqonde ngokuphelele, angeke usasho kanjalo noma ukhononde. Futhi ngeke ukwazi ukuyichaza kalula. Uzothi: “UNkulunkulu uhlakaniphile, ungcwele, unamandla kakhulu!”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ungase Uthande Nalezi: ukukholwa ngeqiniso   

Awekho amazwana:

Thumela amazwana