Wonke amagatsha asentshonalanga kufanele alalele iphimbo Lami:
Nike nethembeka yini Kimi ngaphambilini? Niwahloniphile amazwi amahle okuyala Kwami? Ngabe ninawo yini amathemba aphilayo futhi angekho mfiliba nangaqinisekisiwe? Ubuqotho bomuntu, uthando lwakhe, ukholo lwakhe— kungebe khona kumuntu uma kungaveli Kimina, angeke kube khona nakunye ngaphandle kwalokho akunikezwe Yimina.