Ikhasi lokuqala

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izibusiso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izibusiso. Bonisa konke okuthunyelwe

Isibusiso SikaNkulunkulu Ku-Abrahama

(UGenesise 22:16-18) Ngizifungile mina uqobo, kusho iNKOSI, ngenxa yokuthi ukwenzile lokhu, futhi ungayigodlanga indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo: Ngiyakukubusisa nokukubusisa, futhi ngandise nokwandisa inzalo yakho ibe njengezinkanyezi zezulu, nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle; futhi inzalo yakho iyothatha isango lezitha zayo; Futhi ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba zizobusiswa, ngokuba ulilalele izwi lami.

UNkulunkulu Uthembisa Ukunika U-Abrahama Indodana

1. UNkulunkulu Uthembisa Ukunika U-Abrahama Indodana

(UGenesise 17:15-17) Futhi uNkulunkulu wathi ku-Abrahama, NgoSarayi umkakho, ungabe usambiza ngokuthi uSarayi, kodwa igama lakhe sekuzoba uSara.

Izibusiso UNkulunkulu Azipha UNowa Ngemva KukaZamcolo

(UGenesise 9:1-6) Futhi uNkulunkulu wambusisa uNowa kanye namadodana akhe, futhi wathi kubo, Zalani, bese nanda, futhi nigcwale umhlaba.

Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu

  Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyaguquka usuku nosuku, unyukela phezulu isinyathelo ngasinye; isambulo sakusasa singaphezulu kwesanamuhla, isinyathelo ngesinyathelo sikhuphuka sinyukela phezulu njalo.

Best South African Gospel Music "Ngabantu Abaqotho Kuphela Abanomfanekiso Wobuntu"



Best South African Gospel Music "Ngabantu Abaqotho Kuphela Abanomfanekiso Wobuntu"

I
Ngenxa yenzuzo ngalahla zonke izindinganiso zokuziphatha,
futhi ngesibindi ngasebenzisa inkohliso ukuziphilisa.

Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe

  Iyiphi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu? Yiziphi izingxenye ezifakiwe? Ingabe uzimisele ukupheleliswa nguNkulunkulu?

South African Gospel Song “Zonke Izinto Ziphila Ngemigomo Nemithetho Ebekwe NguNkulunkulu”



South African Gospel Song “Zonke Izinto Ziphila Ngemigomo Nemithetho Ebekwe NguNkulunkulu”

I

Iminyaka eyizinkulungwane eziningi idlulile,

futhi isintu sisathokozela ukukhanya nomoya onikwe nguNkulunkulu,

sisaphefumula umphefumulo okhishwe nguNkulunkulu uqobo Lwakhe,

sisathokozela izimbali, izinyoni, izinhlanzi kanye nezinambuzane ezidalwe nguNkulunkulu,

futhi sithokozela zonke izinto ezinikezwe nguNkulunkulu;

imini nobusuku kusaqhubeka nokudedelana;

izinkathi zonyaka ezine ziyadedelana ngokujwayelekile;

amahansi andiza esibhakabhakeni ayahamba kulobu busika, futhi asabuya entwasahlobo elandelayo;

izinhlanzi emanzini aziyishiyi neze imifula namachibi—ikhaya lazo.

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IV


 


Ubungcwele BukaNkulunkulu (I)

Sibe nokuhlanganyela okwengeziwe ngegunya likaNkulunkulu ekuhlangeneni kwethu kokugcina, futhi angeke sikhulume ngokulunga kukaNkulunkulu okwamanje. Namhlanje, sizokhuluma ngesihloko esisha sha—ubungcwele bukaNkulunkulu.

South African Choral Music “Umbuso” Welcome the Return of God


Umbuso
I
Umbuso, idolobha labangcwele, umbuso kaKristu.
Embusweni, umcebo nenkazimulo kaNkulunkulu kuyabonakala.
Unyazi luphuma eMpumalanga futhi lukhanyise eNtshonalanga.
Ukukhanya kwangempela kulapha, izwi likaNkulunkulu livele lisenyameni.
UMsindisi kudala ebuyile, ehla phezu kwefu elimhlophe.

Inhloso Yokwengamela Umuntu

Uma abantu bengaqonda ngokugcwele indlela elungile yempilo yomuntu kanjalo nenhloso kaNkulunkulu yokulawula umuntu, ngeke baphathe ikusasa labo ngabanye ngabanye kanye nemigomo abayiphokophelele njengomcebo ezinhliziyweni zabo. Ngeke besafisa ukukhonza abazali babo abangcole ngaphezu kwezingulube nezinja.

Izwi Leshumi Nesikhombisa

  Izwi Lami likhala njengokuduma kwezulu, likhanyise amagumbi omane nomhlaba wonke, phakathi kokuduma kwezulu nokushaya konyazi, umuntu uqumbeka phansi. Akekho umuntu oke wema wanganyakaziseka uma kuduma izulu kushaya nombani: Abantu abaningi bayesaba baqhaqhazele uma kuza ukukhanya Kwami bangazi ukuthi benzeni.

Izwi Leshumi Nesishiyagalolunye

  Kungumsebenzi wabantu ofanele ukuthi bathathe amazwi Ami njengesisekelo sokusinda kwabo. Umuntu kumele akhele ingxenye yakhe kuzo zonke izingxenye zamazwi Ami; ukungakwenzi lokhu kuzoba ukuzibizela izinkinga, ukuzifunela ukubhujiswa.

Izwi Leshumi Nesishiyagalombili

  Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, nabantu ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, baphinde babuyela esimweni sobungcwele abake baba naso. Ewu, umhlaba wakudala ogcwele inkohlakalo usuwele emanzini angcolile wazika wangena ngaphansi ekujuleni, wancibilika odakeni!

Lokho Umalusi Ofanelekayo Okufanele Ahlome Ngakho

Kumele uqonde izimo eziningi abantu abayoba kuzo lapho uMoya Ongcwele wenza umsebenzi kubo. Ikakhulukazi labo ababambisanayo ukuze bakhonze uNkulunkulu kumele baze bazibambe kangcono izimo ezilethwe umsebenzi uMoya Ongcwele owenza kubantu.
          
ULingxin Edolobheni LaseShijiazhuang, Esifundazweni SaseHebei


Ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, ngafunda indimana ethathwe lapha “Indlela Yokungena Empilweni Yoqobo” Izintshumayelo Nokuhlanganyela Ngokungena Empilweni (IV): “Isibonelo, manje kukhona umuntu osethathe indlela engalungile. Usebenzisa lokhu njengephuzu lokuxoxa ngeqiniso, ungakwenza kanjani? … Okokuqala, kufanele ufakaze ngomsebenzi kaNkulunkulu, ufakaze ngokuthi uNkulunkulu usisindisa kanjani isintu.

Best Christian Family Movie "Where Is My Home" | God Gave Me a Happy Family (English Dubbed Movie)


       
  Wenya’s parents separated when she was two, and after that she lived with her father and stepmother. Her stepmother couldn’t stand her and was always arguing with her father.He had little choice—he had to send Wenya to her mother’s house, but her mother was fully focused on running her business and didn’t have any time to take care of Wenya, so she was often shuttled off to her relatives’ and friends’ homes to be fostered.

Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu

       
       
       Isigaba ngasinye somsebenzi owenziwe nguNkulunkulu sinokubaluleka kwaso ngokoqobo. Kudala, lapho uJesu efika, wayengowesilisa, kodwa manje ungowesifazane. Ngalokhu, uyabona ukuthi uNkulunkulu wadala kokubili owesilisa nowesifazane ebadalela umsebenzi Wakhe, futhi Kuye awukho umehluko wobulili. Lapho uMoya Wakhe ufika, ungathatha noma yisiphi isimo senyama ngokuthanda, futhi leyo nyama ingammela.

Ukububula KukaMninimandla Onke

      Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenakho ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kuthathwe ngomubi. Amehlo akho agutshuzelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivimbekile ngamazwi akhohlisayo futhi awulizwa iphimbo likaJehova elindindizelayo, noma umsindo wamanzi ageleza evela esihlalweni sobukhosi.

Kushoni Ukuba Umuntu Woqobo

       
IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga

       Ukuphatha umuntu umsebenzi Wami, nokumenza ukuba anqontshwe Yimi kwakumiswe endulo ngenkathi ngidala umhlaba. Abantu abazi ukuthi ngizobanqoba ngokuphelele ezinsukwini zokugcina, futhi abakaqapheli ukuthi ubufakazi Bami bokunqoba uSathane ukunqoba labo bantu abangalaleli.