Ikhasi lokuqala

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umculo wevangeli. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umculo wevangeli. Bonisa konke okuthunyelwe

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)

         ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele. Ngemva kokubhabhathizwa kukaJesu, “uMoya oNgcwele wehlela Kuye njengejuba.” Wabe eseqala umsebenzi Wakhe, okungukuthi, waqala ukwenza inkonzo kaKristu.

Khona Lapha, Khona Manje, Siyahlangana




I
Siyathandana, siwumndeni. Ah … ah …
Khona lapha, khona manje, siyahlangana;
kuhlangana abantu abathanda uNkulunkulu.
Ngaphandle kokuchema, sinamathelene,
injabulo nobumnandi kugcwalisa izinhliziyo zethu.
Izolo sishiye ihlazo nomuzwa wecala;
namuhla siqonda omunye nomunye,
sihlala othandweni lukaNkulunkulu.