Ikhasi lokuqala

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

UNkulunkulu USomandla uthi

Umsebenzi wakho waqala ukuwenza kusukela ngosuku owazalwa ngalo kuleli zwe. Ucabanga ujule ngendima yakho ecebweni nasohlelweni lukaNkulunkulu.
Uqala uhambo lokuphila Akukhathaliseki ukuthi udabuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa ubumnandi obuhlelwe eZulwini, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi. Kusukela ngosuku umuntu aba khona ngalo, uNkulunkulu ubelokhu eme waqina emsebenzini Wakhe, eqondisa indawo yonke futhi elawula ukushintsha nokunyakaza kwayo yonke. Njengazo zonke izinto, umuntu ngalé kokuqaphela, ubelokhu ondliwa ngezinto ezimtoti nemvula namazolo okuvela kuNkulunkulu. Njengazo zonke izinto, umuntu engazi uphila ngaphansi kobumnandi abuhlelelwe isandla sikaNkulunkulu. Inhliziyo nomoya womuntu kusesandleni sikaNkulunkulu, nakho konke ukuphila komuntu kusemehlweni kaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi uyakukholwa noma awukukholwa lokhu, zonke izinto, eziphilayo noma ezifile, ziyogudluka, zishintshe, zenziwe kabusha futhi zinyamalale ngokwendlela uNkulunkulu acabange ngayo. Lena yindlela uNkulunkulu abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto.

Njengoba ubusuku buqala isinyelela, umuntu akanakile, ngoba inhliziyo yomuntu ayikwazi ukubona indlela ubumnyama obusondela ngayo noma lapho sebufika. Njengoba ubusuku buphela kancane kancane, umuntu uthola ukukhanya kwelanga, kodwa akucaci enhliziyweni yomuntu ukuthi ukukhanya kufika kanjani nokuthi kubuxoshe kanjani ubumnyama basebusuku. Ukushintshashintsha okunjalo okungapheli kwemini nobusuku kususa umuntu kwenye inkathi kumuse kwenye, kuhambise izikhathi, kuyilapho kuphinde kuqikelele ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu necebo lakhe kuyenziwa isikhathi ngasinye nangazo zonke izikhathi. NgoNkulunkulu, umuntu udlule izinkathi eziningi, kodwa kuze kube manje, umuntu akazi ukuthi nguNkulunkulu onamandla okubusa zonke izinto eziphilayo noma akayazi indlela uNkulunkulu ahlela ngayo naqondisa ngayo zonke izinto. Yiyo le nto ebilokhu ihlula umuntu kusukela endulo kuze kube yimanje. Mayelana nembangela yalokho, akubangelwa yini ukuthi izindlela zikaNkulunkulu zinzima kakhulu, noma ukuthi ima kusazokwenzeka icebo likaNkulunkulu, kodwa kubangelwa ukuthi inhliziyo nomoya womuntu kuqhelelene kakhulu noNkulunkulu. Ngakho, ngisho noma umuntu emlandela uNkulunkulu, ulokhu esebenzela uSathane noma yena engazi. Akekho ofuna ngobuqotho ukulandela izinyathelo noma ukubonakala kukaNkulunkulu, futhi akekho ofisa ukuba yingxenye yabanakekelwa uNkulunkulu. Kunalokho, abantu bavumela ukuwohlozwa uSathane, nomubi ukuze bamukeleke kuleli zwe nasemithethweni yokuphila elandelwa yisintu esikhohlakele. Kuleli qophelo, inhliziyo nomoya womuntu kunikelwe kuSathane futhi kwaneliswa nguye. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yomuntu nomoya wakhe kuba indawo uSathane angahlala kuyo futhi kuba indawo enhle angadlalela kuyo. Ngale ndlela, umuntu engazi, akabe esayiqonda imithetho yokuba umuntu, nokufaneleka kanye nezinjongo zokuba khona komuntu. Imithetho kaNkulunkulu nesivumelwano esiphakathi kukaNkulunkulu nomuntu kushabalala kancane kancane enhliziyweni yomuntu kuze kufike eqophelweni lokungafuni ukulalela uNkulunkulu. Njengoba isikhathi siqhubeka, umuntu akabe esaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu adala umuntu, futhi akabe esawaqonda amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu noma aqaphele konke okuvela kuNkulunkulu. Umuntu uqala ukwenqaba imithetho nezinqumo zikaNkulunkulu; inhliziyo nomoya womuntu kuyafa. UNkulunkulu ulahlekelwa umuntu amdala ekuqaleni, futhi umuntu ulahlekelwa yizimpande zemvelaphi yakhe. Lolu usizi lwalesi sintu. Eqinisweni, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, kunenhlekelele ehlelelwe isintu umuntu angungqo-shishilizi futhi ayisisulu kuyo, futhi akekho owaziyo ukuthi ubani oyobe eqondisa leyo nhlekelele.

Ezweni elibanzi, sekwenzeke izinguquko ezingenakubalwa ziphindelela. Akekho okwazi ukuhola nokuqondisa lesi sintu ngaphandle kukaNkulunkulu obusa phezu kwazo zonke izinto endaweni yonke. Akekho onamandla amakhulu ongasebenza futhi alungiselele lesi sintu, kuncane kakhulu umuntu angakwenza ukuze aholele lesi sintu endaweni enokukhanya nokusikhulula ekungabini nabulungiswa okusemhlabeni. UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa ubuhlungu ngezindlela isintu esihamba kuzo singenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Akekho owake wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi siphokophelephi. Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma yokuzama ukusondelana noNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu uNkulunkulu abuzwayo. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, ngaphandle komusa nokunakekelwa uNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi uyoncamela ukuziphonsa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani ngabantu abangaphenduki abazehlukanise Naye? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi sezenele izindlela zokusinda enhlekeleleni ezayo ayilungiselele, inhlekelele engekho inyama noma umphefumulo womuntu ozokwazi ukuyimela. Le nhlekelele ngeke igcine-nje ngokuba isijesiso senyama, kodwa nesomphefumulo. Kumele ukwazi lokhu: Lapho kwenziwa icebo likaNkulunkulu lingafezwa nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, lokho kuyomthukuthelisa kangakanani? Lokhu kuyoba ingqophamlando, inhlekelele engakaze ibe khona noma isintu nendalo okungakaze kuzwe ngayo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso esecebweni likaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala nesokugcina. Ngakho, akekho ongaqonda inhloso enomusa nokuba nobubele kukaNkulunkulu mayelana nokusindiswa kwesintu.

UNkulunkulu udale leli zwe futhi waletha umuntu, isidalwa esiphilayo afaka kuso ukuphila. Umuntu yena, waba nabazali nezihlobo futhi akabange esaba yedwa. Kusukela ngesikhathi umuntu abona ngaso umhlaba, wayelokhu ehlelelwe ukuba sohlelweni lukaNkulunkulu. Umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu oweseka isidalwa ngasinye esiphilayo kusukela ekhula kuze kube yilapho eba mdala khona. Phakathi nale nqubo, akabe esakholelwa ukuthi umuntu uphila futhi akhule enakekelwa uNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ubambelela ekutheni wakhula ngaphansi kothando nokunakekelwa abazali bakhe, nokuthi ukukhula kwakhe kwakuqondiswa ukwakheka okungokwemvelo kokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu wazi okuncane ngokuthi ukuphila kungokukabani nokuthi kuvela kuphi, akazi ngenqubo yokuphila eyenza isimangaliso. Okuwukuphela kwento umuntu ayaziyo ukuthi ukudla kwakha isisekelo sokuthi umuntu aqhubeke ephila, nokuthi ukubekezela kuwumnyobo wokuqhubeka uphila nokuthi okusemqondweni wakhe yikhona okuyomenza aphile. Akawuboni umusa namalungiselelo avela kuNkulunkulu. Umuntu ube esekuxhaphaza ukuphila akunikwe uNkulunkulu. Akekho umuntu kubantu uNkulunkulu abalondoloza ubusuku nemini othatha kuqala isinyathelo sokumkhonza. UNkulunkulu uyaqhubeka esebenza umuntu njengoba ehlelile futhi usalindele okuthile kuye. Lokho ukwenza enethemba lokuthi ngelinye ilanga, umuntu uyovuka emaqandeni bese eyiqonda injongo nokubaluleka kokuphila, aqonde nokuthi uNkulunkulu umnike okuningi kangakanani umuntu, futhi azi nokuthi uNkulunkulu ukulangazelela kangakanani ukuthi umuntu abuyele Kuye. Akekho owake wacabanga ngezimfihlo ezicashe emvelaphini yomuntu nasekuqhubekeni kwakhe ephila. Kodwa, uNkulunkulu kuphela oqonda futhi abekezelele buthule konke ukuhlukunyezwa namagalelo avela kumuntu, umuntu owamukele konke okuvela kuNkulunkulu kodwa akabongi. Uma ukubukela phansi konke okuza nokuphila, futhi “uma kukhulunywa iqiniso,” abantu bamkhaphele, bamkhohlwa futhi bamlahla uNkulunkulu. Ingabe icebo likaNkulunkulu libaluleke kangako ngempela yini? Ingabe umuntu, isidalwa esiphilayo esiphuma esandleni sikaNkulunkulu, ubaluleke ngaleyo ndlela? Icebo likaNkulunkulu libaluleke kakhulu; nokho, futhi abantu abaphilayo abadala ngesandla Sakhe bayingxenye yecebo Lakhe. Ngakho, uNkulunkulu ngeke amoshe icebo Lakhe ngenxa yenzondo yalesi sintu. Kungenxa yecebo Lakhe nomoya awuphefumulela kumuntu okwenza uNkulunkulu abekezelele bonke ubuhlungu, akabekezeli ngenxa yenyama yomuntu kodwa ngenxa yokuphila komuntu. Uyafisa ukubuyisa hhayi nje inyama yomuntu kodwa umoya awufaka kuye. Leli icebo Lakhe.

Bonke abaphila kulo mhlaba kumele baphile bese beyafa, futhi baningi abake bashona nabake bazalwa. Abaphilayo kungekudala bazoshona bese kuthi abafile bazovuswa maduze. Konke lokhu kuyinkambo yokuphila ehlelwe uNkulunkulu eyihlelela umuntu ngamunye ophilayo. Nokho, le nkambo ingamaqiniso uNkulunkulu afuna abantu bawazi, ukuthi ukuphila uNkulunkulu akufake kubo ufuna kungapheli kungaphazanyiswa inyama, isikhathi, noma umkhathi. Lena imfihlo yokuphila uNkulunkulu akufake kumuntu nobufakazi bokuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu. Nakuba abaningi bengase bengakholwa ukuthi ukuphila kwavela kuNkulunkulu, abantu nakanjani bakujabulela konke okuvela kuNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi bayakukholelwa noma bayakuphika ukuba khona Kwakhe. Uma ngelinye ilanga uNkulunkulu engake ashintshe inhliziyo yakhe noma abuyisele kuye zonke izinto ezisemhlabeni noma athathe ukuphila akunika abantu, akekho umuntu oyophila. UNkulunkulu usebenzisa ukuphila Kwakhe ukuze anakekele zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, enze konke kuhleleke esebenzisa amandla kanye negunya Lakhe. Leli iqiniso okungekho muntu ongalisungula noma aliqonde kalula, futhi la maqiniso angaqondakali kalula abaluleke kakhulu futhi awubufakazi bokubonakala kwamandla kaNkulunkulu. Manje yithi nginitshele imfihlo: Ubukhulu namandla okuphila kaNkulunkulu ngeke kuqondwe ngokujulile yinoma yisiphi isidalwa. Kungaleyo ndlela manje, njengoba kwakunjalo nasekuqaleni, kuyogcina kunjalo esikhathini esizayo. Imfihlo yesibili okufanele nginazise yona yile: Umthombo wokuphila uvela kuNkulunkulu, yonke indalo, akunandaba ukuthi yakheke ngendlela ehlukile. Kungakhathaliseki ukuthi uluhlobo olunjani lwesidalwa, awukwazi ukuhamba ibanga uNkulunkulu angafuni ulihambe. Kunoma ikuphi, engikufisayo ukuthi umuntu aqonde ukuthi ngaphandle kokunakekelwa, ukulondolozwa, kanye nelungiselelo likaNkulunkulu, umuntu ngeke athole yonke into okufanele ayithole, akunandaba ukuthi uzama noma uzabalaza kangakanani. Ngaphandle kokuthola ukuphila kuNkulunkulu, umuntu ngeke azi ukuthi uphilelani, futhi uyolahlekelwa injongo yokuphila. UNkulunkulu angamvumela kanjani umuntu ongakwazisi ukuphila Kwakhe ukuba angabi nandaba kanje? Okokugcina, ungakhohlwa ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila. Uma umuntu ehluleka ukwazisa konke lokho uNkulunkulu amnike khona, uNkulunkulu ngeke agcine nje ngokubuyisa amnika khona, kodwa okukhulu nakakhulu, umuntu uyokhokha ngokuphindwe kabili ukuze enze isinxephezelo ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu asichithile."

Ngomhla ka- 26 Meyi, 2003

Umthombo:IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana