Ikhasi lokuqala

Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu

   
       Ukuze unikeze ubufakazi ngoNkulunkulu futhi ukudabukise udrako obomvu omkhulukazi kumele ube nesimiso, kanye nomgomo: Enhliziyweni yakho kumele uthande uNkulunkulu, futhi ungene emazwini kaNkulunkulu.
Uma ungangeni emazwini kaNkulunkulu, awuzukuba nayo nhlobo indlela yokudumaza uSathane. Ngokukhula ekuphileni kwakho, uchitha udrako obomvu omkhulukazi futhi uyamhlambalaza, futhi yileyo kuphela indlela yokuhlaza udrako obomvu omkhulukazi. Ubukhulu bokulangazelela ukwenza amazwi kaNkulunkulu, kuveza ubukhulu bobufakazi bothando othanda ngalo uNkulunkulu kanye nokunengwa udrako obomvu omkhulukazi; ubukhulu bokulalela amazwi kaNkulunkulu, buveza ubukhulu bobufakazi bokulangazelela iqiniso kwakho. Abantu abangawalangazeleli amazwi kaNkulunkulu bangabantu abangenakuphila. Abantu abanjalo yilabo abangaphandle kwamazwi kaNkulunkulu, futhi abangabenkolo. Abantu abakholelwa kuNkulunkulu ngokwempela abanolwazi olunzulu ngamazwi kaNkulunkulu ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu. Uma ungawalangazeleli amazwi kaNkulunkulu, angeke ukwazi ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu ngokweqiniso, futhi uma ungenalo ulwazi ngamazwi kaNkulunkulu, awukuzukuba nendlela yokufakaza ngoNkulunkulu noma yokwanelisa uNkulunkulu.
  Ekukholweni kwakho uNkulunkulu, iyiphi indlela okumele wazi uNkulunkulu ngayo? Kumele wazi uNkulunkulu ngokususela emazwini nasemsebenzini Wakhe wanamuhla, ngaphandle kokuchezuka noma ukweduka, futhi ngaphambi kwakho konke kumele uqale wazi umsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu kuyisisekelo sokumazi uNkulunkulu. Konke lokho kudukiswa okwahlukene akunakho ukwamukela uNkulunkulu ngokweqiniso kuwukuqonda kwenkolo, kuwukwamukela okulahlekisayo nokunamaphutha. Osaziwayo kwezenkolo bawompetha bokuthatha amazwi kaNkulunkulu bamukelekile ngaphambili ngokuwaqhathanisa namazwi kaNkulunkulu anamuhla. Uma ngesikhathi sokusebenzela uNkulunkulu namuhla, unamathela ezintweni ezazikhanyiswe uMoya Oyingcwele kudala, umsebenzi wakho uzoba ngophazamisayo, kanti nokwenzayo kuzophelelwa isikhathi futhi akuzukuba okunye ngaphandle kwenkonzo yenkolo nje. Uma ukholwa wukuthi labo abasebenzela uNkulunkulu kumele babe nentobeko nokubekezela ngaphandle…, futhi uma uthatha lolu lwazi ulwenze namuhla, lolo lwazi luwumqondo wokukholwa, futhi lokho kuba umsebenzi onokuzenzisa. “Imiqondo yenkolo” ibhekisela ezintweni eziphelelwe isikhathi nezimile (okubandakanya ukwamukela amazwi akhulunywa uNkulunkulu ngaphambilini kanye nokukhanya okudalulwe uMoya Oyingcwele), futhi uma kwenziwa lokhu, kusho ukuthi bayiziphazamiso emsebenzini kaNkulunkulu, futhi ayikho inzuzo abayiletha kumuntu. Uma umuntu ehluleka ukuhlanza izinto ezingaphakathi kuye ezingezokuqonda kwenkolo, zizoba yisithiyo esikhulu ekutheni umuntu asebenzele uNkulunkulu. Abantu abanokuqonda kwenkolo abanayo indlela yokuhambisana nezigaba zikaMoya Oyingcwele, basilele emuva ngesigaba esisodwa, bese ziba zimbili – ngoba lokhu kuqonda kwenkolo kwenza umuntu azibone engolunge ngokweqile futhi abe nenkani. UNkulunkulu akakulangazeleli lokho Akukhuluma ngaphambilini; uma kumile, Uyakususa. Ngabe uzokwazi ukudedela ukuqonda kwakho? Uma ubambelela emazwini kaNkulunkulu Awakhuluma ngaphambilini, ngabe lokhu kufakazela indlela owazi ngayo umsebenzi kaNkulunkulu? Uma wehluleka ukwamukeka ukukhanya kukaMoya Oyingcwele namuhla, futhi kunalokho okunamathele ekukhanyeni kwangaphambilini, ngabe lokhu kungafakazela ukuthi ulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu? Ngabe usehluleka ukudedela ukuqonda kwenkolo? Uma kunjalo, uzoba ngumuntu ophikisana noNkulunkulu.
        Uma umuntu engadedela ukuqonda kwenkolo, angeke asebenzise umqondo wakhe ukuze akale amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, futhi kunalokho uzolalela ngokuqondile. Yize umsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla ubonakala ungafani nowangaphambilini, uyakwazi ukudedela imibono yangaphambilini futhi ulalele umsebenzi kaNkulunkulu namuhla ngokuqondile. Uma ukwazi ukubonakalisa lolu lwazi uphakamisa umsebenzi kaNkulunkulu noma ngabe Wasebenza kangakanani ngaphambilini, futhi ungumuntu odedele ukuqonda kwakhe, olalela uNkulunkulu, futhi okwazi ukulalela umsebenzi namazwi kaNkulunkulu futhi ulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu. Kulokhu, uzoba umuntu omhlonipha ngempela uNkulunkulu. Awucubunguli noma awuwucwaningi umsebenzi kaNkulunkulu; ngoba uma uNkulunkulu ewukhohliwe umsebenzi Wakhe wangaphambilini, futhi nawe, uwukhohliwe. Isikhathi samanje ngesamanje, futhi esidlule ngesidlule, futhi njengoba namuhla uNkulunkulu ubeke eceleni lokho Akwenza ngaphambilini, kumele ungagxili kukho. Yilapho kuphela oyoba umuntu omulalela ngokugcwele uNkulunkulu futhi odedele ukuqonda kwenkolo kwakhe.
      Ngoba kuhlala kunokusha okuvelayo emsebenzini kaNkulunkulu, ngakho kunomsebenzi omusha, futhi kunanomsebenzi omile nomdala. Lo msebenzi omdala nomusha uyaphambana, kodwa uyancomana; isigaba ngasinye silandela esokugcina. Ngoba kunomsebenzi omusha, izinto zakudala kumele, nakanjani, zisuswe. Isibonelo, ezinye izinqubo zakudala kanye nokwakuvame ukushiwo umuntu, kuhlanganiswe nalokho umuntu abhekana nakho eminyakeni eminingi eyadlula kanye nezimfundiso, kwakhe indlela yokuqonda emqondweni womuntu. Kube okusizayo ekwakhekeni kwalokhu kuqonda komuntu wukuthi uNkulunkulu usazobudalula ubuso Bakhe ngokugcwele kanye nesimo sikaNkulunkulu kumuntu, kuhlanganiswe nokwenabisa, eminyakeni eminingi, kwezinzululwazi zasezikhathini zakudala. Kungcono ukuthi, ngesikhathi sokukholwa komuntu kuNkulunkulu, umthelela wokuqonda okunhlobonhlobo uholele ekuqhubekeni kokwakhiwa nasekuguqulweni kolwazi olukumuntu, okulo kukhona konke ukuqonda ngoNkulunkulu – okunomphumela wokuthi abantu abaningi abakholwayo abasebenzela uNkulunkulu sebephenduke izitha Zakhe. Ngakho, ukuqina kokuqonda kwenkolo kwabantu, kudala ukuthi baphikisane noNkulunkulu, futhi baba yizitha ezinkulu zikaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu uhlala umusha futhi awukaze ube mdala, futhi awukaze wakhe imfundiso futhi, kunalokho, uyaqhubeka nokushintsha futhi uzenze musha kakhulu noma kancane. Lo msebenzi uvezwa yisimo sikaNkulunkulu Uqobo. Futhi umgomo womsebenzi kaNkulunkulu, ungenye yezindlela uNkulunkulu aqeda ngazo umsebenzi Wakhe wokuphatha. Ukuba uNkulunkulu bengasebenzi ngale ndlela, umuntu bengeke ashintshe noma akwazi ukumazi uNkulunkulu, futhi uSathane bengeke aze ahlulwe. Ngakho, emsebenzini Wakhe bekuqhubeka nokuba noshintsho olubukeka lucwebezela, kodwa oluye lube ngolwesikhathi esithile. Indlela umuntu akholwa uNkulunkulu ngayo, nokho, yehluke kakhulu: Unamathela ezimfundisweni nasezinhlelweni ezindala, ezejwayelekile, futhi uma zizindala kakhulu zihlwabusa kakhulu kuye. Ngabe umqondo onobuwula womuntu, umqondo ongaguquki njengetshe, wamukela umsebenzi omusha ongaqondakali kanye namazwi kaNkulunkulu? Umuntu ucasukela uNkulunkulu ohlala emusha futhi ongakaze abe mudala; uthanda uNkulunkulu wakudala kuphela onentshebe emhlophe nonganyakazi. Njengoba uNkulunkulu nomuntu banalokho abakuthandayo ngokwabo, umuntu sephenduke isitha sikaNkulunkulu. Okuningi kulokhu kushayisana kusakhona nanamuhla, ngesikhathi uNkulunkulu enza umsebenzi omusha ngaso, cishe iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ngakho-ke, kungaphezu kwesisombululo. Kungenzeka ukuthi kungenxa yenkani yomuntu, noma ubungcwele bemithetho yokuphatha kukaNkulunkulu okwenziwa umuntu – kodwa labo befundisi basabambelele ezincwadini nasemaphepheni amadala, kube uNkulunkulu uqhubeka nomsebenzi Wakhe wokuphatha ongaphelele kube sengathi bekungekho muntu Ongakuye. Yize lokhu kushayisana kudalela uNkulunkulu nomuntu izitha, futhi bengenakho ukubuyisana, uNkulunkulu akabakhathaleli, sengathi bebekhona kube bebengekho. Umuntu, nokho, usanamathela ezinkolelweni nasekuqondeni kwakhe, futhi akakudedeli nhlobo. Kube kunento eyodwa ebonakala ngokusobala: Yize umuntu engasuki ezenzweni zakhe, izinyawo zikaNkulunkulu zihlala zinyakaza futhi Uhlala eshintsha izenzo Zakhe ngokwendawo, futhi ekugcineni, umuntu uyohlulwa engalwanga. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu uyisitha esikhulu kubo bonke bantu Bakhe abehluliwe, futhi Ungumnqobi esintwini esehluliwe kanye nalawo abasazokwehlulwa. Ubani ongaqhudelana noNkulunkulu bese anqobe? Ukuqonda komuntu kubukeka sengathi kuvela kuNkulunkulu ngoba abaningi kubo bazalelwa emsebenzini kaNkulunkulu. Kube uNkulunkulu akamuxoleli umuntu ngenxa yalokhu, noma, phezu kwalokho, akenzi ukuthi umuntu adunyiswe ngokukhiqizela “uNkulunkulu” imikhiqizo engaphandle komsebenzi kaNkulunkulu. Kunalokho, unengeka kakhulu ngokuqonda komuntu kanye nezinkolelo ezindala, nezokukholwa, futhi ulushaya indiva ngisho nosuku lokhu kuqonda okwaqubuka ngalo. Akakwamukeli ukuthi lokhu kuqonda kudalwa umsebenzi Wakhe, ngoba ukuqonda komuntu kusabalaliswa umuntu; umthombo wemicabango kanye nomqondo womuntu, futhi akusikho okukaNkulunkulu, kodwa okukaSathane. Inhloso kaNkulunkulu beyihlala kungeyokuthi umsebenzi Wakhe ube musha futhi uphile, ungabi mdala futhi ufe, nokuthi lokho Enza ukuthi umuntu abambelele kukho kwahlukaniswe ngokweminyaka nezikhathi, kungabi ngokwangunaphakade futhi kube ngokungashintshi. Lokho kwenziwa wukuthi Yena unguNkulunkulu owenza umuntu aphile futhi abe musha, kunoSathane owenza ukuthi umuntu afe futhi aguge. Ngabe usakuqonda lokhu? Unokuqonda ngoNkulunkulu futhi uyehluleka ukukudedela ngoba uvale umqondo. Akusikho ukuthi kwenziwa ukuqonda umsebenzi kaNkulunkulu kancane, noma ngoba umsebenzi kaNkulunkulu ungahambisani nomuntu – noma, phezu kwakho konke, yingoba uNkulunkulu uhlala “ebudedengu emsebenzini Wakhe.” Ukuthi awukwazi ukudedela ukuqonda kwakho ngoba awuhloniphi, futhi awunalo ngisho noluncane uthando lukaNkulunkulu, futhi akusikho ngoba uNkulunkulu ukwenzela izinto zibe nzima. Konke lokhu kudalwe nguwe, futhi akuhlangene nhlobo noNkulunkulu; konke ukuhlupheka namashwa kudalwe umuntu. Izinhloso zikaNkulunkulu zihlala zizinhle: Akafisi ukukwenza uveze ukuqonda, kodwa ukufisela ukuthi ushintshe futhi uguqulwe njengoba kuhamba iminyaka. Kube awukwazi ukubona umehluko, futhi uhlala ucwaninga noma ucubungula. Akusikho ukuthi uNkulunkulu ukwenzela izinto zibe nzima, kodwa awumhloniphi uNkulunkulu, futhi ukungahloniphi kwakho kukhulu kakhulu. Isidalwa esincane ngeke size silinge sithathe ingxenyana yalokho owawukunikwe uNkulunkulu ngaphambilini, bese sikuthathe sihlasele uNkulunkulu ngakho – ave lokho kuwukungahloniphi komuntu? Umuntu, singasho ngokungachemi, akafanelekile nhlobo ukuveza imibono yakhe phambi kukaNkulunkulu, futhi akafanelekile ukuqhamuka nokuthile okungemsebenzi, okunukayo, okubolile okuzizwela sengathi – kungangasho lutho ngalokhu kuqonda okumile. Ave beyinto engelutho kakhulu?
       Umuntu osebenzela uNkulunkulu ngokweqiniso umuntu olandela inhliziyo kaNkulunkulu futhi olungele ukusetshenziswa uNkulunkulu, futhi okwazi ukudedela ukuqonda kwakhe inkolo. Uma ufisa ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu ukuze uthele izithelo, kumele udedele ukuqonda kwakho inkolo. Uma ufisa ukusebenzela uNkulunkulu, kubaluleke kakhulu ukuthi uqale udedele ukuqonda kwakhi inkolo futhi uhloniphe amazwi kaNkulunkulu kukho konke okwenzayo. Umuntu osebenzela uNkulunkulu kumele abe nalokhu. Uma ungenalo lolu lwazi, kuyothi uma sewusebenza, uphazamiseke kakhulu, futhi uma uqhubeka nokubambelela ekuqondeni kwakho, nakanjani uyolahlwa phansi uNkulunkulu, ungaphinde ukwazi ukuvuka. Thatha okwamanje, njengesibonelo. Okuningi okukhulunyiwe kanye nomsebenzi wanamuhla akuhambisani neBhayibheli, futhi akuhambisani nomsebenzi owenziwa uNkulunkulu ngaphambilini, futhi uma ungakulangazeleli ukulalela, ungase uwe noma kunini. Uma ufisa ukusebenza ngokwentando kaNkulunkulu, kumele uqale udedele ukuqonda inkolo futhi ulungise imibono yakho uqobo. Okuningi okukhulunywe ngekusasa kuzoqhathaniswa nalokho okushiwo ngaphambilini, futhi uma manje ungasafisi ukulalela, ngeke uze ukwazi ukuhamba ngendlela engaphambili. Uma enye yezindlela zikaNkulunkulu seyingene yagxila kuwe futhi ungayidedeli, le ndlela izogcina seyiwukuqonda kwenkolo kwakho. Uma lokho uNkulunkulu ayikho kugxile ngaphakathi kuwe, uzobe sewuthole iqiniso, futhi amazwi kanye neqiniso likaNkulunkulu kungakwazi ukuba impilo yakho, ngeke usaba nokuqonda ngoNkulunkulu. Labo abanolwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu ngeke babe nakho ukuqonda, futhi ngeke baze bakwazi ukulandela imfundiso.
      Ziphaphamise ngokuzibuza imibuzo elandelayo:
      1. Ngabe ulwazi olungaphakathi kuwe luphazamisa ukusebenzela kwakho uNkulunkulu?
       2. Zingakhi izinqubo zenkolo ezisempilweni yakho yansuku zonke? Uma ukwazi ukubonakalisa ukukholelwa kuNkulunkulu kuphela, ngabe lokhu kusho ukuthi impilo yakho ikhulile futhi ivuthiwe?
        3. Uma udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu, ngabe uyakwazi ukudedela ukuqonda kwakho inkolo?
        4. Uma uthandaza, ngabe uyakwazi ukuhlukana nenqubo yenkolo?
        5. Ngabe ungumuntu ofanelekile ukuba asetshenziswe uNkulunkulu? 
        6. Lungakanani ulwazi onalo ngoNkulunkulu oluqukethe ukuqonda kwenkolo?



Awekho amazwana:

Thumela amazwana