Ikhasi lokuqala

Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu


  “Inkinga ejwayelekile ekhona kubo bonke abantu ukuthi bayaliqonda iqiniso kodwa abakwazi ukulenza. Imbangela eyodwa edala loku ukuthi abantu abafuni ukwenza konke okusemandleni ukuzimisela, futhi enye imbangela yaloku ukuthi ukuhlakanipha komuntu akwenele; akakwazi ukubuka izinkinga angahlangabezana nazo ezikhona empilweni ngeso elidlulayo futhi akakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele
Njengalokhu umuntu enesipiliyoni esincane, izinga eliphansi, kanye nokuqonda olulinganiselwe kweqiniso, akakwazi ukuxazulula ubunzima ahlangabezana nabo empilweni. Ukwazi kuphela ukukhuluma ngezindebe zomlomo ngokholo lwakhe kuNkulunkulu, kepha akakwazi ukwenza uNkulunkulu ingxenye yempilo yakhe yansuku zonke. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu nguNkulunkulu, nempilo yimpilo, sengathi umuntu akana budlelwano noNkulunkulu empilweni yakhe, Yilokho abantu bonke abakukholwayo. Lendlela yokukholwa kuNkulunkulu yenza umuntu angazuzeki futhi angapheleliseki Nguye ngokweqiniso. Empeleni, akusikho ukuthi izwi likaNkulunkulu aliphelele, kodwa kunalokho ikhono lomuntu ukwemukela izwi Lakhe alenele nje. Singakusho ukuthi cishe akekho umuntu okwazi ukwenza njengalokhu kwasekuqaleni uNkulunkulu ayedinga enze. Kunalokho, ukholo lwabo kuNkulunkulu luhambisana nezinhloso zabo, ngokwemibono namasiko ezenkolo amisiwe. Bayingcosana labo abaguqukayo kulandela ukwemukela kwabo izwi likaNkulunkulu bese benza njengokwentando Yakhe. Kunalokho, bayaqhubeka nezinkolelo zabo eziyiphutha. Uma umuntu eqala ukukholelwa kuNkulunkulu, ukwenza lokhu ngokulandela imigomo ejwayelekile yenkolo, aphinde aphile futhi aphilisane nabanye ngokuphelele ngendlela abuka ngayo impilo. Sinjalo isimo sabantu abayisishiyagalo lunye kwabayishumi. Bambalwa labo abasungula amanye amaqhinga nabashintsha impilo yabo ngemuva kokuqala ukukholelwa kuNkulunkulu. Abekho nhlobo abalinakayo noma benze izwi likaNkulunkulu njengeqiniso.
  Ake sithathe ukukholelwa kuJesu njengesibonelo. Noma ngabe umuntu wayemusha okholweni noma ngabe wayesenisikhathi eside ekholwa, bonke bamane basebenzisa noma yimaphi amathalente ababenawo futhi bakhombisa noma yimaphi amakhono ababenawo. Abantu bamane banezelela “Ukukholwa kuNkulunkulu,” lamagama amabili nje, ezimpilweni zabo ezijwayelekile, kepha abenzanga zinguquko ezimweni zabo, kanti nokholo lwabo kuNkulunkulu alukhulanga nakancane. Ukushisekela komuntu kwakungashisi futhi kungabandi. Akazange asho ukuthi akakholwa, kepha futhi akazinikelanga ngokuphelele kuNkulunkulu. Wayengakaze amthande uNkulunkulu ngeqiniso noma amlalele uNkulunkulu. Ukholo lwakhe kuNkulunkulu lwalu-mbaxambili luqinisekile luphinde lunobuzenzisi, kanti futhi washaya sengathi akaboni futhi wayengazimisele ekukholweni kwakhe. Waqhubeka ekulesosimo sokudideka kusukela ekuqaleni kwaze kwafika isikhathi sokufa kwakhe. Yini incazelo kulokhu? Namuhla, kumele uzibeke emgudwini oyiwo njengalokhu ukholelwa kuNkulunkulu obonakalayo. Ukholelwa kuNkulunkulu, akufanele ufune izibusiso nje zodwa, kodwa funa ukumthanda uNkulunkulu nokumazi uNkulunkulu. Ngokukhanyiselwa Nguye kanye nokushisekela kwakho uqobo, ungadla futhi uphuze izwi Lakhe, ukhulise ukuqonda uNkulunkulu ngeqiniso, futhi ubenothando lukaNkulunkulu lweqiniso olusuka enhliziyweni yakho. Ngamanye amazwi, uthando lwakho lukaNkulunkulu luqinisekile kakhulu, ngendlela yokuthi akekho ongalucekela phansi noma ame endleleni yothando lwakho Ngaye. Ngakho usemgudwini oyiwo wokukholwa kuNkulunkulu. Lokhu kufakazela ukuthi ungoka Nkulunkulu, ngoba inhliziyo yakho seyithathwe nguNkulunkulu wayenza eYakhe futhi angeke usathathwa nanoma yini enye. Ngenxa yokuzizwela kwakho, inani olikhokhile, kanye nomsebenzi kaNkulunkulu, uyakwazi ukukhulisa uthando lwakho lukaNkulunkulu olumane luzifikele. Manjalo usukhululekile ethonyeni likaSathane uphila ekukhanyeni kwezwi likaNkulunkulu. Ukuphela uma usugqashulile waphuma ethonyeni lobumnyama ungathathwa ngokuthi usumzuzile uNkulunkulu. Ekukholweni kwakho uNkulunkulu, kumele lokhu kube iwona mgomo wakho owufunayo. Lokhu ngumsebenzi womunye nomunye wenu. Akekho noyedwa wenu okumele azithambise eneliseke yizinto zinjengoba zinje. Awukwazi ukuba nemiqondo emibili ngomsebenzi kaNkulunkulu noma uwuthathe kalula nje. Kumele ucabange ngoNkulunkulu ngayo yonke indlela nangaso sonke isikhathi, futhi wenze zonke izinto ngenxa Yakhe. Futhi lapho ukhuluma noma wenza izinto, kumele ubeke intando yendlu kaNkulunkulu phambili. Yilokhu kuphela okuvumelana nentando kaNkulunkulu.
  Iphutha elikhulu elenziwa ngumuntu okholwa nguNkulunkulu ukuthi ukholo lwakhe lungamagama kuphela, futhi uNkulunkulu akekho ezenzweni zempilo yakhe ezibonakalayo. Bonke abantu, bayakholwa ngempela, ukuthi uNkulunkulu ukhona, kepha uNkulunkulu akayona ingxenye yezimpilo zabo zansuku zonke. Miningi imithandazo eya kuNkulunkulu evela emlonyeni womuntu, kodwa uNkulunkulu unengxenye encane enhliziyweni yakhe, ngakho uNkulunkulu uyamvivinya umuntu ephinda phinda. Njengalokhu umuntu engcolile, uNkulunkulu akanako okunye angakwenza ngaphandle kokuba amvivinye umuntu, ukuze azisole afinyelele ekumazini uNkulunkulu ngazo izivivinyo. Ngale kwalokho, abantu bonke bayoba ngabantwana bengelosi enkulu, bese beya begcwala inkohlakalo kakhulu. Ngokuqhubeka komuntu ekholwa kuNkulunkulu, izinhloso nezinjongo zomuntu eziningi ezakhe ngokwakhe, ziyalahlwa njengoba esuke eqhubeka ehlanzwa nguNkulunkulu. Ngale kwaloko, akekho umuntu ongasetshenziswa nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu akana ndlela yokwenza kumuntu umsebenzi okufanele Awenze. UNkulunkulu uqala ahlanze umuntu. Ngesikhathi kuqhubeka loku, kungenzeka umuntu afinyelele ekutheni azazi yena uqobo kanti noNkulunkulu angamshintsha umuntu. Emuva kwalokhu ilapho uNkulunkulu engakwazi ukwenza umsebenzi empilweni yomuntu; futhi yingale ndlela kuphela inhliziyo yomuntu ingaguquka ngayo ibheke kuNkulunkulu ngokupheleleyo. Ngakho-ke, ukukholwa kuNkulunkulu akusiyo into elula njengoba umuntu engasho. Ngokubuka kukaNkulunkulu, uma unolwazi kuphela kodwa ungenalo izwi Lakhe njengokuphila; uma unesilinganiso solwazi lwakho ngokwakho kuphela kodwa ungakwazi ukwenza iqiniso noma uliphile izwi likaNkulunkulu, ngakho lokhu kusengubufakazi bokuthi awunayo inhliziyo enothando ngoNkulunkulu, futhi kukhombisa ukuthi inhliziyo yakho ayikabi ngekaNkulunkulu. Ukufinyelela ekumazini uNkulunkulu ngokukholwa Nguye; lokhu kuwumgomo wokugcina ekumele umuntu awufune. Kumele uzinikele ngomfutho ukuba uphile amazwi kaNkulunkulu ukuze akwazi ukufezeka ezenzweni zakho. Uma unolwazi lokufundiswa kuphela, ukholo lwakho kuNkulunkulu luyofana noluyize. Kuphela uma ubuye wenze futhi uliphile izwi likaNkulunkulu yilapho ukholo lwakho luyothathwa njengoluphelele futhi noluvumelana nentando kaNkulunkulu. Kulendlela, abantu abaningi bangakhuluma ngolwazi oluningi, kodwa ngesikhathi sokufa kwabo, amehlo abo agcwala izinyembezi, futhi bazizonde ngoba bemoshe isikhathi sabo sokuphila nokuthi baphilele ize baze baficwa ukuguga. Babenokuqonda kuphela kodwa ababanga nalo ithuba lokudumisa uNkulunkulu. Bachithe izimpilo zabo zonke belwa futhi behla benyuka, kepha ngehora lokufa, babe nokuzisola ezinhliziyweni zabo. Kungehora lokufa kuphela lapho abaningi bebuyela ezingqondweni zabo futhi babone incazelo yempilo. Akuve sesibashiyile nje isikhathi? Kungani ungasiphangi nje isikhathi futhi ufune iqiniso leli olithandayo? Kungani uzolinda kuze kube kusasa? Uma empilweni ungahluphekeli iqiniso noma ufune ukulizuza, kungenzeka ukuthi ufuna ukuzisola ngehora lakho lokugcina? Uma kunjalo, kungani-ke ukholelwa kuNkulunkulu? Eqinisweni, ziningi izinto lapho umuntu, uma enza umzamo wokuzinikela ngisho omncane kakhulu, engalenza iqiniso ngendlela ebonakalayo futhi ngaleyo ndlela amenelise uNkulunkulu. Inhliziyo yomuntu ngaso sonke isikhathi ihlale igutshezelwe ngamadimoni ngakho akakwazi ukwenza enza ngenxa kaNkulunkulu. Kunalokho, njalo wehla enyuka ebheka okwenyama, angabuyelwa yilutho ekugcineni. Kungenxa yalezi zizathu umuntu ehlala esezinkingeni nasebuhlungwini. Akuzona lezi izinhlupho zikaSathane? Akukhona lokhu ukukhohlakala kwenyama? Akufanele wenze uNkulunkulu isilima umkhonze ngomlomo kuphela. Kunalokho, kumele uthathe isinyathelo esibonakalayo. Ungazikhohlisi wena uqobo; yini incazelo kulokho? Yini ongayizuza ngokuphilela inyama yakho nokuzikhandlela udumo kanye nengcebo?”

   Unyazi LwaseMpumalanga, iBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandlaezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila.Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.


Awekho amazwana:

Thumela amazwana