Ikhasi lokuqala

Izwi Leshumi Nane

           Kuyo yonke iminyaka, akekho umuntu owake wangena embusweni ngakho akekho oke wathokozela umusa weNkathi yoMbuso, akekho nowake wabona iNkosi yoMbuso. ngaphansi kokukhanyisa koMoya Wami abantu abaningi baphrofethe ngobuhle bombuso, bazi ingaphandle lawo kuphela, hhayi ukubaluleka kwawo ngaphakathi.
Namuhla, njengoba umbuso umiswa ngokusemthethweni emhlabeni, abantu abaningi abakazi ukuthi yini okufanele ifezwe, ukuthi umuntu kufanele alethwe kumuphi umbuso ekugcineni, ngeNkathi yoMbuso. Ngalokhu, ngiyesaba ngoba bonke abantu basesimweni sokudideka. Ngoba usuku lokubonwa ngokuphelele kombuso alukafiki ngokuphelele, bonke abantu badidekile, abaluboni kahle. Umsebenzi Wami wobunkulunkulu uqala ngokusemthethweni ngeNkathi yoMbuso. Kungokuqala ngokusemthethweni kweNkathi yoMbuso ukuthi isimilo Sami siqale sibe sobala kumuntu. Ngakho ngalesi sikhathi icilongo elingcwele liqala ngokusemthethweni ukukhala limemezele kubo bonke. Uma ngithatha igunya Lami ngokusemthethweni ngibusa njengeNkosi embusweni, bonke abantu Bami ngesikhathi esifanele bazopheleliswa Yimi. Uma zonke izizwe zomhlaba ziphazanyiswa, kungaleso sikhathi lapho umbuso Wami uzomiswa khona futhi ulungiswe futhi ingaleso sikhathi engizoguqulwa ngaso ngibuyele kuwo wonke umhlaba jikelele. Ngaleso sikhathi, bonke abantu bazobona ubuso Bami obukhazimulayo, babone ubuso Bami boqobo. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube manje, abantu bonakaliswa nguSathane kuze kube sezingeni elikhona namhlanje. Ngokonakala kwabantu, sengiye ngafihleka kakhulu kubantu nokungaqondwa Kwami kuya ngokukhula kubona. Abantu abakaze babubone ubuso Bami bempela, abakaze baxhumane Nami ngqo. Kungenzwabethi nangenganekwane kuphela lapho kuke kwaba khona “uMina” ocatshangwa umuntu. Ngakho ngivumelana nomcabango womuntu, okusho ukuthi, nemibono yabantu, ukuthi bangidingide emiqondweni yabo, ukuze ngishintshe isimo “Sami” ebebelokhu besigcinile iminyakanyaka. Lesi yisimiso somsebenzi Wami. Akekho namunye umuntu obe nakho ukusazi ngokuphelele. Nakuba abantu belala phansi ngobuso phambi Kwami beza phambi Kwami ukuzongidumisa Angizijabuleli izenzo ezinjalo zabantu ngoba ezinhliziyweni zabo abanawo umfanekiso Wami, kodwa umfanekiso ongaphandle Kwami. Ngakho-ke, njengoba imiqondo yabo ingenaso isimilo Sami, abazi lutho ngobuso Bami beqiniso. Ngakho-ke, uma bekholwa ukuthi bangigwemile noma bephule imiyalelo Yami yokuphatha, angibagqizi qakala. Ngakho-ke, enkumbulweni yabo, nginguNkulunkulu okhombisa umusa kubantu kunokubajezisa, noma nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe ongayichazi kahle into ayishoyo. Konke lokhu kungukubona ngamehlo engqondo okuvela emcabangweni womuntu futhi okungahambelani namaqiniso.

         Ngiyama emhlabeni jikelele usuku nosuku, ngihlola, ngizifihla ngokuzithoba endaweni Yami engihlala kuyo ukwazi ngempilo yomuntu, ngifunde ngokucophelela izenzo zakhe zonke. Akekho oke wazinikela ngeqiniso Kimi. Akekho oke walandelela iqiniso. Akekho oke wangiqaphela. Akekho oke wenza izinqumo ngaphambi Kwami wabambelela emsebenzini wakhe. Akekho oke wangivumela ukuba ngihlale kuye. Akekho oke wangenza igugu njengoba enza ngempilo yakhe. Akekho oke wabona kwenzeka ngempela sonke isiqu sobunkulunkulu Bami. Akekho oke wazimisela ukuxhumana noNkulunkulu woqobo uqobo Lwakhe. Uma amanzi egwinya abantu bephelele, Ngiyabasindisa emanzini amile futhi ngibanike ithuba lokuba nempilo kabusha. Uma abantu belahlekelwa yithemba lokuphila, ngiyabadonsa ngibakhiphe onqenqemeni lokufa, ngibanikeze isibindi sokuphila, ukuze bangithathe njengesisekelo sokuba khona kwabo. Uma abantu bengangilaleli, ngenza ukuba bangazi ekungangilalelini kwabo. Ngokwemvelo endala yomuntu nangenxa yomusa Wami, kunokubabulala abantu ngibavumela ukuba baguquke, baqale kabusha. Uma abantu bebulawa yindlala, ngiyabakhipha ekufeni inqobo nje uma besasele nomphefumulo owodwa, ngibavikela ukuba bangaweli ogibeni lobuqili bukaSathane. Kukangaki abantu bebona izandla Zami; kukangaki bebona ubuso Bami obulungile, bebona ubuso Bami obumamathekayo futhi kukangaki bebona ubukhosi Bami, bebona ulaka Lwami. Noma bengakaze bangazi abantu, angithathi ubuthakathaka babo ukuze ngenze izinkinga ezingadingekile. Ngokwazi ubunzima bomuntu, ngiyazwelana nobuthakathaka bomuntu. Ukuphendula kuphela ukungalaleli kwabantu, ukungabongi kwabo, okwenza ukuthi ngikhiphe izijeziso ngamazinga azo.
         Ngiyazifihla ngesikhathi abantu bematasa bese ngiyaziveza ngesikhathi bezihlalele. Abantu bacabanga ukuthi ngazi konke futhi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe ophendula zonke izicelo. Ngakho abaningi beza Kimi ukuzocela usizo lukaNkulunkulu, bangafisi ukungazi Mina. Uma besokhukhweni lokufa, abantu bayashesha ukucela usizo Lwami. Uma besebunzimeni, babuveza Kimi ubunzima babo ngamandla abo onke ukuze ngiqede ukuhlupheka kwabo. Kodwa akekho namunye umuntu okwazile ukuthi angithande Nami esanethezekile. Akekho namunye umuntu owavela ngesikhathi sakhe soxolo nenjabulo ukuze Nami ngijabule kanye naye. Uma imindeni yabo eseduze kakhulu ijabule futhi kuyihambela kahle, abantu bavele bangibeke eceleni noma bangivalele umnyango, bengivimbela ukuba ngingene, ngalokho bejabulela injabulo ebusisekile yomndeni. Ingqondo yomuntu iminyene kakhulu, iminyene kakhulu kangangoba ayikwazi nokubamba uNkulunkulu onothando, onomusa nothintekayo njeNgami. Kukangaki ngaliwa ngabantu ngezikhathi zabo zokuhleka nokujabula, kukangaki bezimelela Ngami njengodondolo uma befuna ukuwa; kukangaki ngiphoqwa ukuba ngibe ngudokotela wabantu uma begula. Sinesihluku kangakanani isintu! Asinangqondo futhi asiziphethe kahle ngempela. Akukho ngisho nemizwa le okucatshangwa ukuthi abantu banayo, ebonakala kubona. Bacishe bangathintwa ngabantu. Cabanga ngokwedlule ukuqhathanise nokwamanje. Ingabe lukhona uguquko olwenzekayo kuwe? Ingabe kuncane okwedlule okusekhona manje? Noma mhlawumbe lokho okwedlule kudinga ukubuyiswa”
         Ngihambe phezu kwamagquma naphansi kwezigodi, ngibona okuya le nokuya ngale emhlabeni. Ngizulile phakathi kwabantu futhi ngahlala phakathi kwabo iminyaka, kodwa kuyacaca ukuthi isimilo sabantu siguquke kancane. Kubukeka sengathi imvelo yomuntu endala isiveze izimpande yakhula kuzo. Abakwazi ukuguqula lesi simo esidala, ukusenza ngcono phezu kwesisekelo sakuqala. Njengoba abantu bethi, umsuka awukaguquki, kodwa isimo siguquke kakhulu. Wonke umuntu, kubukeka sengathi uzama ukungikhohlisa, ukungixhopha, ukuze aphunyuke bese ezuza ukwaziswa Yimi. Angihloniphi noma nginake amaqhinga abantu. Kunokuba ngithukuthele kakhulu, ngithatha isimo sokuba ngibheke kodwa ngingaboni. Ngihlela ukunikeza abantu ubudedengu bezinga elithile ngemva kwalokho ngibhekane nabo bonke abantu njengomuntu oyedwa. Njengoba bonke abantu beyizihlupheki ezingazihloniphi nezingenamsebenzi, bengazithandi, kungani-ke bedinga ukuba ngibakhombise umusa nothando olusha? Ngaphandle kokunye, abantu abazazi, futhi abasazi nesilinganiso sabo. Kufanele bazibeke esikalini bazolinganiswa. Abantu abanginaki, ngokunjalo Nami angibathathi ngokweqiniso. Abantu abanginaki, kanjalo Nami angidingi ukusebenzisa amandla phezu kwabo. Ingabe lokhu akukhona okuhle kakhulu kwemihlaba yomibili? Ngabe lokhu akunichazi, bantu Bami? Ubani owenze izinqumo phambi Kwami ongazange azichithe ngemva kwalokho? Ubani owenze izinqumo zesikhathi eside phambi Kwami kunokuba enze izinqumo njalo kulokhu nalokhuya? Njalo, abantu benza izinqumo phambi Kwami ngesikhathi kumnandi bazilahle zonke ngezikhathi zobunzima. Kamuva bathatha izinqumo zabo bazibeke phambi Kwami. Ingabe angihlonipheki kangako ukuthi ngesinye isikhathi ngingamukela lokho okungenamsebenzi okuthathwe emfucuzeni? Abantu abambalwa babambelela ezinqumweni zabo, bambalwa abamsulwa, futhi bambalwa abanikela ngezinto zabo eziyigugu njengomhlatshelo Kimi. Ingabe anifani nonke? Uma, njengomunye wabantu Bami embusweni, ungakwazi ukwenza umsebenzi wakho, uzonyanywa futhi ulahlwe Yimi!
                                                                                                               uNdasa 12, 1992
Ukufunda Okuhambelanayo:Unyazi LwaseMpumalanga

Awekho amazwana:

Thumela amazwana