Ikhasi lokuqala

Izulu Elisha Nomhlaba Omusha Sekuvelile "Umhlaba noMkhathi Kudumisa uNkulunkulu" Christian Dance



Umhlaba noMkhathi Kudumisa uNkulunkulu
I
Ayi … izingoma ziningi nemidanso iyajabulisa;
umkhathi nezingxenye ezikude zomhlaba kuba ulwandle olumangazayo.
Ayi … izulu lisha nomhlaba musha.
Ubukhulu bomkhathi womhlaba ugcwele ukudumisa; siyamemeza futhi sigxumagxume ngenjabulo.
Izintaba zihlangana nezintaba namanzi ahlangana namanzi, bonke abafowethu nodadewethu banhliziyonye.
Sidumisa uNkulunkulu ngokungaphezi. Abantu abadaliwe bathanda uNkulunkulu,
beza ngenjabulo phambi kwesihlalo saKhe sobukhosi ukuze bamkhonze ndawonye.
UNkulunkulu eZiyoni wembule ukulunga nobungcwele baKhe emhlabeni wonke.
Bonke abantu bakaNkulunkulu bayafa injabulo, bedumisa uNkulunkulu ngokungaphezi.
Dumisani uNkulunkulu, dumisani uNkulunkulu!
Haleluya! Dumisani uNkulunkulu, dumisani uNkulunkulu!
II
Ukuthanda uNkulunkulu, kumele sinikele inhliziyo ngeqiniso.
Hubani futhi nidanse ukuze nidumise uNkulunkulu uMninimandla onke.
Izwi lokudumisa lifinyelela esibhakabhakeni.
Ake abesilisa nabesifazane, abadala nabasha, baxoxe ndawonye.
Uza nezingoma futhi mina ngiza nemidanso, uyacula futhi mina ngizokuvumela.
Wahlazeka udeveli—udrago omkhulu obomvu; liyakhazinyuliswa igama likasomandla uNkulunkulu weqiniso.
Sonke siye sasibona isimo sikaNkulunkulu sokulunga emsebenzini waKhe.
UNkulunkulu uMninimandla onke unguNkulunkulu olungile. Bonke abantu bakaNkulunkulu babubonile ubuso baKhe obukhazimulayo.
Sonke siphishekela ukuthanda nokwanelisa uNkulunkulu, sizimisele ukwethembeka kuYe kuze kube phakade.
Dumisani uNkulunkulu, dumisani uNkulunkulu!
Haleluya! Dumisani uNkulunkulu, dumisani uNkulunkulu!
Woza! Asidumiseni uNkulunkulu!
Woza! Asidumiseni uNkulunkulu!
Siyeza!
III
Izintaba ziyajabula namanzi ayahleka,
Zonke izizwe nabo bonke abantu bahleka ngenjabulo. Yeka ukubukeka okusha!
Izulu Elisha, umhlaba omusha, nombuso omusha!
Siyadansa futhi siculela uNkulunkulu izingoma ezintsha; asive sijabula!
Izingoma ezinhle kakhulu ziculelwa uNkulunkulu, abadansi abaphambili balethwa kuNkulunkulu.
Inhliziyo eqotho iphakanyiselwa kuNkulunkulu, inhliziyo yeqiniso inikelwa kuNkulunkulu.
Bonke abantu bakaNkulunkulu nazo zonke izinto zizoMdumisa zingaphezi. Ayi!
Oh! IZiyoni liyakhazimula!
Indawo kaNkulunkulu ikhanya imisebe yokukhanya. Ukukhanya kwayo kukhanya umhlaba wonke.
UNkulunkulu uMninimandla onke uyamomotheka, futhi uhlala esihlalweni ebheke ukubukeka okusha komhlaba wonke. Heyi!

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana