Ikhasi lokuqala

UNkulunkulu USomandla Usenginike Ithuba Lesibili Empilweni

Abafo kanye nodade ababili abejwayelekile, eBeijing

Ncwaba 15, 2012

        NgoNtulikazi 21, 2012 kwakuwusuku engingasoze ngalukhohlwa, nokuthi kwaba wusuku olubaluleke kakhulu empilweni yami.

        Ngalolo suku, imvula enkulu yayina esifundazweni iFangshan eBeijing—enkulu kakhulu esesake sayibona laphaya eminyakeni engamashumiayisithupha nanye. Kancane nje emva kwele-4:00 ntambama, ngaphuma ngaya emgaqweni ukuyobheka futhi ngabona ukuthi amanzi ayegcwele yonke indawo. Imoto yethu yomndeni yayivele isintanta futhi ukuphela kwesizathu umsinga ungayihambisanga wukuthi kwakunento phambi kwayo eyayiyivimba ukuthi inganyakazi. Into engayibona yangenza ngakhathazeka kakhulu, ngakho ngokushesha ngathinta umyeni wami, naye oyikholwa, kodwa angikwazanga ukumthola noma ngabe ngangimzama kanjani.Ngakho, esikhundleni sokufuna intando kaNkulunkulu, ngaphuthuma ukuya ekhaya ukombiza.

         Emva kwesikhathi, mina kanye nomyeni wami saya kobheka imoto, nezambulela zisezandleni. Ngenkathi sifika eduze kwemoto, wayesezongena nje kuyo ayishayele ngenkathi iqala izihambela ngokwayo, ngaphambi kokuthi athole ngisho isikhathi sokuyithinta. Wagijima emva kwayo izinyathelo ezimbalwa, kodwa imoto yakhukhulwa wumsinga, futhi wadonswa yiwo kanye nayo. Ngokwethuka kwami ngangifuna ukugijima bese ngiyambamba, kodwa ngaphambi kokunyakaza nami ngangena emsingeni, futhi. Ngokuphazima kweso, sasesiphushwa yilesi sifufula esibhongayo amamitha angaphezulu kwangamashumi ayisithupha. Khona manjalo, iveni elincane eliyitekisi masinyane lantanta ngasohlangothini olubanzi phambi kwethu. Umyeni wami wayefuna ukuma ngokuncika ngetekisi, kodwa ngaphambi kokwenze njalo, yasuka yaphakama futhi yasihudula amamitha ambalwa futhi. Endaweni lapho umsinga ujika khona, umyeni wami wakwazi ekugcineni ukuthi aziphoqe ame aqonde. Wathi, “Shesha! Ngena kuleyo nkundla ephakanyisiwe! Sibambene ngezandla, sobabili sagibela kanzima kwinkundla encane. Kulapho-ke amanzi akhukhumala kakhulu. Sabambelela saqinisa ezinsikeni, sasesaba ukubuye sikhukhulwe futhi. Kumanje kuphela, kule nkinga yokuba phakathi kokufa nokuphila, la ngakhumbula ukuthembela kuNkulunkulu. Enhliziyweni yami, ngaqhubeka ngakhuleka kuYena futhi ngancenga, “Nkulunkulu! Noma ngiyaphila noma ngiyafa namhlanje kusezandleni Zakho; ngisho nokufa kwami kuyobe kuwukulunga Kwakho!” Ngaqhubeka ngakhuleka kuNkulunkulu kaninginingi, ngingeke ngimshiye ngisho nakwesincane isikhathi. Ngokushesha, kwenzeka isimanga: Izinduku eziningi zavala umsinga ekugelezeni uze ngakithina, futhi sayeka ukuzwa ubuhlungu ngenkathi isikhukhula siqhubeka sihlasela imizimba yethu. Njengoba amanzi ayeqhubeka ekhula, sobabili saqhubeka nokukhuleka futhi sacula amahubo okudummisa uNkulunkulu. Kamuva, njengoba umsinga wawuba namandla kakhulu, ngase ngivele sengiphelelwa amandla ngokuphelele futhi kwaqala kwabukeka sengathi mina ngeke ngisakwazi ukubambelela kwikholomu isikhathi eside. Ngokuphuthuma, ngamemeza umyeni wami, “Angikwazi ukubamba isikhathi eside. Ngikhathele!” Ngokushesha, isikhukhula sangithatha. Umyeni wami waphuthuma wangibamba, futhi ngaleso sikhathi, ukuphila kanye nokufa kwase kubekwe esilinganisweni. Ngaleso sikhathi imoto yasondela phambi kwethu futhi yavele yabambeka phakathi kwamakholomu. Isifufula sagijimela nxazombili zemoto, thina sasiphephile futhi siphila! Unkulunkulu uyamangalisa kakhulu! Unkulunkulu unamandla kakhulu! Ukuba uNkulunkulu akangisindisanga ngalolo suku, ngabe ngasuswa yisikhukhula, futhi ngifele lapho ngingaziwa khona. KwakuwuNkulunkulu uSomandla owayenginike ithuba lesibili empilweni. Njengoba uNkulunkulu uSomandla eshilo,“UNkulunkulu usebenzisa ukuphila Kwakhe ukuze anakekele zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, enze konke kuhleleke esebenzisa amandla kanye negunya Lakhe. Leli iqiniso okungekho muntu ongalisungula noma aliqonde kalula, futhi la maqiniso angaqondakali kalula abaluleke kakhulu futhi awubufakazi bokubonakala kwamandla kaNkulunkulu.”(“UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni).

        Futhi kwakuwukuthi sasisemvuleni amahora amahlanu wonke. Eqinisweni, kwase kukhona abahlanguli abambalwa abase bevele besibonile, kodwa besabona indlela umsinga owawunamandla ngayo, babekhathazwe ukuthi bazokhukhuleka, kunalokho babuka nje bekude ngaphandle kokuza bezosisindisa. Ngokusobala, uma ubhekene nenhlekelele, wonke umuntu uzibheka yena angabi nalo usizo; abantu abakwazi ukusindisa omunye nomunye ngokuphelele. Kuphela uNkulunkulu uSomandla owumthombo wethu wokuphila; yikuphi okungaphezu kwalokho, nguYe kuphela ongasisindisa ngesikhathi. Ukushiya uNkulunkulu wukufa. Manje sengilunambithe ngokwami uthando lukaNkulunkulu, ngifisa ukwenza isifungo phambi Kwakhe: Kusukela ngalolu suku kuya phambili, ngifuna ukuzimisela ngokulandela uNkulunkulu uSomandla; ngifisa ukusebenzisa ubufakazi bami ukusabalalisa ivangeli, ngilethe ngisho abantu abaningi ngaphambi kukaNkulunkulu, ukuze ngikhokhe isikweletu somusa engiMukweleta sona ngensindiso Yakhe!

Awekho amazwana:

Thumela amazwana