Ikhasi lokuqala

Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo

         Isinyathelo somsebenzi wabenzi bomsebenzi yisinyathelo sokuqala somsebenzi wokunqoba; njengamanje lokhu kuyisinyathelo sesibili somsebenzi wokunqoba. Kungani kuxoxwa ngokupheleliswa komsebenzi wokunqoba? Kuwukwakha isisekelo sekusasa—lokhu njengamanje kuyisinyathelo sokugcina somsebenzi wokunqoba, futhi emuva kwalokhu, abantu bazobhekana nobunzima okukhulu, futhi ngaleso sikhathi umsebenzi wokuphelelisa abantu uzoqala ngokusemthethweni. Into yokuqala manje ukunqoba; nokho, lokhu kuphinde kube isinyathelo sokuqala sokuphelelisa, ukuphelelisa ukuqonda nokulalela kwabantu, nakanjani okuseyisisekelo somsebenzi wokunqoba. Uma ufuna ukupheleliswa, kumele ukwazi ukuma ugxile phakathi kwezinhlupheko ezizayo futhi ufake amandla akho ekwandiseni isigaba esilandelayo somsebenzi. Lokhu kuyapheleliswa, futhi uNkulunkulu uyokwazi lapho ukuthola abantu ngokuphelele. Okudingidwayo njengamanje ukunqotshwa, nakho okuwupheleliswa; nokho, okwenziwa njengamanje kuyisisekelo sokupheleliswa okuzayo. Ukuze abantu bapheleliswe, kumele babhekane nobunzima, futhi kumele babhekane nakho esisekelweni sokunqotshwa. Uma abantu bengenaso lesi sisekelo, uma benganqotshwanga ngokugcwele, kuyoba nzima ukuthi bakwazi ukuma bagxile esinyathelweni esilandelayo. Ukunqotshwa nje akusiwo umgomo wokugcina—kuwukuba ufakazi kaNkulunkulu phambi kukaSathane. Ukupheleliswa kuwumgomo wokugcina, futhi uma ungakapheleliswa, uzobalwa njengomuntu ongelutho. Uma ubhekana nobunzima esikhathini esizayo, siyobonakala lapho kuphela isimo sabantu sangempela, okuwukuthi, kuyobonakala uthando olumsulwa lweqiniso lukaNkulunkulu. Manje, bonke abantu bathi: "Noma uNkulunkulu angenzani sizolalela, futhi sizimisele ngokuba okokuqhathanisa, ukugqamisa ubukhulu bukaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu. Noma ngabe ubeka umusa Wakhe kithi noma ngabe uyasiqalekisa noma uyasehlulela, sizombonga." Ukusho kwakho lokhu manje kuwukuqonda okuncane, kodwa ukuthi kungasetshenziswa yini okwangampela kuncike ekuthini ukuqonda kwakho kungokweqiniso yini. Manje abantu sebebonile futhi baqonda ukuthi lezi zinto ziwukufezeka komsebenzi wokunqoba; ukuthi wena ungapheleliswa yini kuyobonakala uma usufikelwa ubunzima. Ngaleso sikhathi kuzobonakala ukuthi umthanda ngempela yini uNkulunkulu enhliziyweni yakho, kanye nokuthi unalo yini uthando Lwakhe olumsulwa: "Simane siyiziqhathaniso; siyizidalwa ezandleni zikaNkulunkulu," Futhi uma usabalalisa ivangeli kwezinye izizwe, uzothi: "Ngiyisisebenzi nje futhi kungenxa yezimo zenkohlakalo uNkulunkulu akhulume ngazo kangangoba size sabona isimo Sakhe sokulunga. Ukuba uNkulunkulu akazange azisho lezo zinto besingeke size sikwazi ukumbona, besingeke sikwazi ukuzwa ukuhlakanipha Kwakhe, futhi besingeke sikwazi ukuthola insindiso enkulu kangaka, isibusiso esikhulu kangaka." Uma kuwukuthi ubona kanjalo ngempela, uqhuba kahle. Manje ususho izinto eziningi kalula nje futhi ubuhlala umemeza iziqubulo: "Siyiziqhathaniso futhi sngabenzi bomsebenzi; sizimisele ngokunqoba futhi sibe ngofakazi bakaNkulunkulu abakhulu...." Ngeke uvele umemeze nje kube sekuphelile njalo, okungafakazeli ukuthi ungumuntu onesithunzi. Kumele ube nokuqonda kwangempela, futhi ukuqonda kwakho kumele kuvivinywe.

         Cabanga uhlehlele kowabhekana nakho ngalesi sikhathi futhi ubuye ubheke lezi zinto esengizishilo, bese uziqhathanisa nalokho okwenzayo. Kuyiqiniso ngokugcwele ukuthi uyisiqhathaniso soqobo! Manje unokuqonda okukuliphi izinga? Imibono yakho, imicabango, indlela yokuziphatha, amazwi nezenzo zakho, konke okwenzayo—akuve konke kuyisiqhathaniso sokulunga nobungcwele bukaNkulunkulu? Konke okwambulwa ngamazwi kaNkulunkulu manje akusikhona yini okumayelana nesimo esikhohlakele sesintu? Isimo sokulunga sikaNkulunkulu kanye nobungcwele kuvezwe ngemibono kanye nezinhloso zakho, kanye nangalokho okwambulayo. Yena, naye ophila ezweni elingcolile, akangcoliswanga nhlobo ukungcola. Uphila kulo mhlaba ongcolile njengawe, kodwa unomqondo nokukhanyiseleka; Uyakwenyanya ukungcola. Wena uqobo ngeke uzibone izinto ezingcolile emazwini nasezenzweni zakho kodwa Yena uyakwazi—angakukhombisa. Lezo zinto zakho zakudala—ukungabi nakugqugquzelwa, ukukhanyiseleka, kanye nomqondo, izindlela zokuphila kwenu ezisemuva—konke kwembulekile ngokudalulwa kwakho Nguye manje. UNkulunkulu uze emhlabeni ukuze asebenze ngale ndlela, ukuze abantu babone ubungcwele Bakhe kanye nesimo Sakhe sokulunga. Uyahlulela futhi akusole futhi akwenze uziqonde. Ngenye inkathi isimo sakho sobudimoni siyavela futhi angakukhombisa sona. Ingqikithi yesintu uyazi njengoba ezazi. Uphila ngendlela wena ophila ngayo, udla ukudla okunjengokwakho, uphila ekhaya lohlobo olufanayo nolwakho, kodwa Yena wazi okuningi kakhulu kunawe. Kodwa into ayizonda kakhulu imibono yesintu ngempilo kanye nokungathembeki kanye nokukhohlisa kwaso. Uyazizonda lezi zinto futhi akazimisele ukuzamukela. Ikakhulu uyakuzonda ukusebenzisana kwesintu ngokwenyama. Yize engaziqondi ezinye izinto ngokugcwele eziwulwazi olujwayelekile lokusebenza kwabantu, wazi kahle hle lapho abantu beveza okunye kwesimo sabo esikhohlakele. Emsebenzini Wakhe, ukhuluma futhi afundise abantu ngezinto ezikubo, futhi ngalezi zinto wehlulela abantu futhi embule nesimo Sakhe sokulunga nobungcwele. Yiyona ndlela abantu ababa ngayo yiziqhathaniso zomsebenzi Wakhe. UNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ongadalula zonke izinhlobo zezimo zenkohlakalo yesintu kanye nabo bonke ubuso obubi bukaSathane. Akakujezisi, angakwenza nje ukuthi ube isiqhathaniso sobungcwele bukaNkulunkulu, futhi-ke ngeke ukwazi ukuma uqine ngokwakho ngoba ungcole kakhulu. Ukhuluma ngalezo zinto ezivezwa abantu futhi uyazidalula ukuze abantu bazi ukuthi uNkulunkulu ungcwele kangakanani. Ngeke aze avumele ngisho nokungcola okuncane kwabantu, noma ngabe umbono omncane ongcolile osezinhliziyweni noma emazwini abo kanye nezenzo ezingahambisani nentando Yakhe. Ngamazwi Akhe, akukho ukungcola kanye nento ezosala kumuntu noma entweni —kuzodalulwa konke. Yilapho kuphela lapho uzobona khona ukuthi wehluke ngempela kubantu. Wenyanya ngokugcwele ngisho nokungcola okuncane kwesintu. Ngesinye isikhathi abantu abaqondi nhlobo, bese bethi: "Kungani uhlala uthukuthele? Nkulunkulu, kungani ungacabangeli ubuthakathaka besintu? Kungani ungenakho ukuthethelela okuncane isintu? Kungani ungenazwelo kumuntu? Uyazi ukuthi abantu bakhohlakele kangakanani, pho kungani usaphatha abantu ngale ndlela?" Unyanya isono; Uyasizonda isono. Okumnyanyisa kakhulu ukuhlubuka okungase kube kuwe. Uma uveza isimo sokuhlubuka unyanya ngokwedlulele. Isimo sakhe singavezwa ngalezi zinto. Uma ukuqhathanisa nawe, uzobona ukuthi yize edla ukudla okufanayo, egqoka impahla efanayo, futhi ethokozela izinto ezithokozelwa abantu, yize ephilisana nesintu, Yena akafani naso. Akuve yini lokhu kuyiyo kanye incazelo yokuba isiqhathaniso? Kungenxa yalezi zinto kubantu lapho amandla kaNkulunkulu amakhulu enziwa khona ukuba angabi nakho ukukhululeka okukhulu; kuwubumnyama obugqamisa ukuba khona kokukhanya okuyigugu.

         Akanisebenzisi ngenhloso ngempela njengesiqhathaniso, kodwa uma lo msebenzi sewenzeka, ukhombisa ukuhlubuka kwesintu njengesiqhathaniso sesimo sokulunga sikaNkulunkulu. Yingoba nenze njengeziqhathaniso okwenze naba nethuba lokwazi isimo semvelo sokulunga kukaNkulunkulu. Kungenxa yokuhlubuka kwenu niye nabhekana nokwahlulelwa nokusolwa, kodwa futhi ngenxa yokuhlubuka kwenu nenze njengeziqhathaniso futhi nathola umusa omkhulu ovele kuNkulunkulu. Ukuhlubuka kwenu okuyisiqhathaniso sobukhulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi kungenxa yakho niye nathola insindiso enkulu, okuyisibusiso esikhulu. Yize nithole isijeziso Sami ngokuphindaphindiwe, niphinde nathola insindiso enkulu labo abaphambi kwenu abangazange bayithole. Lo msebenzi unenjongo enhle ngokumangalisayo kinina. Lesi "siqhathaniso" siyigugu kakhulu kinina—kungenxa yokwenza njengesiqhathaniso nithole insindiso kanye nomusa. Ngabe ukuba yilolu hlobo lwesiqhathaniso akusilo igugu elikhulu? Ngabe akunayo injongo enkulu? Yingoba nihlala endaweni eyodwa noNkulunkulu, ngoba nihlala Naye kuleli zwe elingcolile naze naba isiqhathaniso Sakhe futhi nase nithola le nsindiso emangalisa kangaka. Ukube akazange abe yinyama, ubani owayeyoba nomusa kini, futhi ubani owayeyoninakekela nina bantu abaphansi? Ubani owayenganinakekela? Ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu ubengasebenzi phakathi kwenu, beniyokwazi nini ukuthola le nsindiso engakaze itholwe muntu ngaphambilini? Ukube akazange abe yinyama ukuze aninakekele futhi ahlulele izono zenu, bekungeke yini kube wukuthi ngabe kade nawela eHayidesi? Ukube Angizange ngibe yinyama ukuze ngizithobe phakathi kwenu, yiliphi ilungelo ebeningaba nalo lokuba isiqhathaniso sesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Akusikhona yini ukuthi nenza njengeziqhathaniso ngenxa yokuthi ngibe inyama phakathi kwenu ukuze nikwazi ukuthola le nsindiso enkulu? Futhi akusikhona yini ngokuphelele ukuthi kungenxa yokuthi ngibe inyama? Ukuba bekungengenxa kaNkulunkulu osesimweni somuntu ophila phakathi kwenu, ngabe nikwazile yini ukuthola ukuthi niphila esihogweni nisemhlabeni, okubi ngaphezu kwengulube noma inja? Ngabe ukwahlulela nokusola enibhekane nakho kungenxa yokuthi niyiqhathaniso zomsebenzi Wami enyameni? Umsebenzi wokuba yiziqhathaniso unilungele kakhulu nina ngoba unensindiso yokwahlulela kukaNkulunkulu ngenxa yalokhu. Anikuzwa yini ukuthi kuyisibusiso sempilo yenu ukuthi nikwazi ukusebenza njengesiqhathaniso esifanelekayo? Konke enikwenzile kuwumsebenzi wokuba yiziqhathaniso, kodwa nithole insindiso ebeningakaze nibe nayo noma ebeningakaze niyicabange ngaphambilini. Ukuba yisiqhathaniso kungumsebenzi wenu manje, futhi izibusiso zaphakade enizozithokozela esikhathini esizayo zizoba umklomelo onifanele. Insindiso eniyizuzayo ayikhona ukukhanyiseleka noma ulwazi lwesikhashana namuhla, kodwa iyisibusiso esikhulu, ukuqhubeka kwempilo kwaphakade. Yize kungenxa yokuba yisiqhathaniso ukuthi niyanqotshwa, kumele nazi ukuthi le nsindiso, lesi sibusiso ngesokuthi nitholakale ngokuphelele; iwukunqoba futhi iyindlela engcono yokukusindisa. Ukuba yisiqhathaniso kuyiqiniso, kodwa ngenxa yokuhlubuka kwakho uyisiqhathaniso futhi uthole izibusiso okungekho muntu owake wazithola. Namuhla niyabona futhi nizwe, futhi kusasa nizozuza, futhi namukele ngisho nezibusiso ezinkulu. Ngakho ukuba yilolu hlobo lwesiqhathaniso akuyinto eyigugu kakhulu? Umsebenzi wokunqoba uthela izithelo ngenxa yokuqhathaniswa nokuhlubuka kwenu, okuwukuthi, uvuthwandaba lokusola nokujezisa kwesibili ukwenza ukungcola kanye nokuhlubuka kwenu kube yiziqhathaniso ukuze nibone isimo sikaNkulunkulu sokulunga. Uma seniphinda nilalela ekusolweni nokwahlulelwa kwesibili, isimo Sakhe esiphelele sokulunga sizobonakaliswa kini. Okuwukuthi, lapho ukwenziwa kini komsebenzi wokunqoba sekuqediwe kuyoba yilapho senifeze khona umsebenzi wenu wokuba yiziqhathaniso. Akukhona ukuninika igama ngenhloso, kodwa kuwukuqeda umsebenzi wokuqala wokunqoba ngeqhaza lenu lokuba abenzi bomsebenzi, ukuveza ukulunga kukaNkulunkulu, kwesimo esingacasuleki. Ngenxa yokwenza kwenu njengesiqhathaniso, ngokuhlubuka kwenu njengesiqhathaniso, umphumela womsebenzi wesibili wokunqoba usutholakele. Isimo sokulunga Sakhe esingembulwanga ngokugcwele kini ekuqaleni manje sesivulelwe nina ukuze nikwazi ukubona isimo Sakhe sokulunga esiphelele, nibone konke ayikho, okuwukuhlakanipha nokumangalisa komsebenzi Wakhe, ubungcwele nokuhlanzeka Kwakhe. Lezi zithelo zomsebenzi Wakhe zitholakale ngezikhathi zokunqoba ezahlukene kanye nokwahlulela kwamazinga ehlukene. Ngenkathi ukwahlulela Kwakhe kufinyelela ovuthwandabeni, kungale nkathi ekwazi khona ukudalula isimo sokuhlubuka sabantu futhi yilapho ekwazi khona ukuthola umphumela womsebenzi wokunqoba. Sonke isimo Sakhe sokulunga sembulwa yilolu hlobo lomsebenzi wokunqoba. Umsebenzi wokunqoba wehlukaniswe ngezinyathelo ezimbili ezenziwa ngezikhathi ezahlukene futhi ezisemazingeni ahlukene. Futhi, ngokusobala, imiphumela etholakalayo nayo ayifani; okuwukuthi, izinga lokulalela kwabantu liya ngokuya lijula. Kusukela kuleli qophelo kuya phambili sekuzogcina sekwenzeka ukuthi kulethwe abantu endleleni eyiyo ukuze bapheleliswe. Emuva kokuba wonke umsebenzi wokunqoba usuqediwe (uma ukwahlulela kwesibili sekuthole imiphumela yokugcina) uNkulunkulu ekugcineni ngeke esahlulela isintu, kodwa uzosenza singene endleleni eyiyo yokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi ukwahlulela kumela ukunqoba, futhi indlela yokunqoba ukwahlulela kanye nokusola.

         Kungokuba yinyama kukaNkulunkulu kuphela endaweni esemuva kakhulu futhi engcole kakhulu lapho ekwazi khona ukuveza nesimo Sakhe esingcwele esinokulunga ngokuphelele. Sivezwa ngani-ke isimo sakhe sokulunga? Ngokwahlulela izono zabantu, ukwahlulela uSathane, ukwenyanya izono, kanye nokuzonda izitha Zakhe ezimhlubukayo nezimphikisayo. Engikushoyo namuhla ukwahlulela izono zabantu kanye nokungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabantu. Ukukhohlisa nokugwegwa kwabo, kanye namazwi nezenzo zabo, zonke lezi zinto ezingahambisani nentando Yakhe kuzobhekana nokwahlulelwa, futhi ukuhlubuka kwabantu kuyalahlwa njengokuyisono. Ukhuluma ngokuvumelana nezimiso zokwahlulela, futhi uveza isimo Sakhe sokulunga ngokwahlulela ukungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabo, futhi adalule bonke ubuso babo obubi. Ubungcwele bumela isimo Sakhe sokulunga; ubungcwele Bakhe empeleni buyisimo Sakhe sokulunga. Isisekelo samazwi Ami namuhla ukukhuluma, ukwahlulela, kanye nokwenza umsebenzi wokunqoba ngenxa yezimo zenu ezikhohlakele. Yilokhu kuphela okuwumsebenzi wangempela, futhi yilokhu kuphela okungabeka ngokuphelele ubungcwele bukaNkulunkulu obala. Uma ubungenaso nhlobo isimo senkohlakalo, uNkulunkulu ubengeke akwahlulele, nawe ubungeke ukwazi ukubona isimo Sakhe sokulunga. Njengoba unesimo senkohlakalo, uNkulunkulu ngeke aze akudedele. Ubungcwele Bakhe bubonakaliswa ngalokhu. Uma ukungcola kwabantu kanye nokuhlubuka kukukhulu kakhulu futhi Yena wakubona kodwa wangasho lutho futhi wanganahlulela noma wanganisola ngokungalungi kwenu, kungaveza ukuthi ubengesiye nhlobo uNkulunkulu ngoba ngabe akasizondi isono, kodwa Naye ngabe ungcole njengesintu. Ukunahlulela Kwami kwanamuhla kungenxa yokungcola kwenu; ukunisola Kwami namuhla kungenxa yenkohlakalo kanye nokuhlubuka kwenu. Inhloso akusikho ukuthola amandla amakhulu nokulaleleka phakathi kwenu noma ukunihlupha ngenhloso, kodwa yingoba nina eniphila ezweni lokungcola nilinyazwe ukungcola okukhulu. Nivele naphelelwa ubuqotho benu, ubuntu benu, futhi anehlukile ezingulubeni ezihlala ezindaweni ezinyanyekayo. Ngenxa yalokhu niyahlulelwa ngalezi zinto futhi ulaka Lwakhe lwehlela phezu kwenu. Ngenxa yalokhu kwahlulelwa nikwazile ukubona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongcwele. Ngenxa yobungcwele nokulunga Kwakhe unahlulele futhi waletha ulaka Lwakhe phezu kwenu. Ngenxa yokuthi angaveza isimo Sakhe sokulunga uma ebona ukuhlubuka kwesintu, nangenxa yokuthi angaveza ubungcwele Bakhe uma ebona ukungcola kwesintu, lokhu kwanele ukuveza ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe ongcwele nongenasici, kodwa futhi ohlala ezweni elingcolile. Ukube ubengumuntu ozingcolisa kanye nabanye futhi engenakho okumyizimpawu zobungcwele noma isimo sokulunga, ubengeke afaneleke ukwahlulela ukungalungi kwesintu noma ukwahlulela isintu. Ukuba umuntu ubengahlulela umuntu, bekungeke yini kufane nokuzishaya ngempama ebusweni? Angakwazi kanjani umuntu ukuba nelungelo lokwahlulela uhlobo lomuntu olufana naye, ongcole njengaye? Okunguye kuphela ongahlulela sonke isintu esingcolile uNkulunkulu ongcwele uqobo, futhi umuntu angakwazi kanjani ukwahlulela izono zomuntu? Umuntu angakwazi kanjani ukubona izono zomuntu futhi angakufanela kanjani ukulahla umuntu ngecala? Uma uNkulunkulu ubengenalo ilungelo lokwahlulela izono zomuntu, ubengaba kanjani uNkulunkulu olungile? Uma izimo zenkohlakalo zabantu zidalulwa, ukhuluma ngokubahlulela, futhi yilapho kuphela lapho bengabona khona ukuthi ungcwele. Ukwahlulela, ukusola, kanye nokudalula izono zesintu—akekho noyedwa umuntu noma into engabalekela ukwahlulela kwakhe. Konke okungcolile kwahlulelwa Nguye. Kungenxa yalokhu kuphela kuthiwa isimo sakhe silungile. Ngale kwalokho, bekungashiwo kanjani ukuthi nifanelwe ukubizwa ngeziqhathaniso?

         Umsebenzi owenziwa ka-Israyeli wehluke kakhulu kunomsebenzi wanamuhla. UJehova waqondisa izimpilo zabo kodwa akabahlulelanga futhi wangabasola njengoba kwenziwa manje ngoba ngaleso sikhathi, abantu babeziqonda kancane kakhulu izinto zomhlaba futhi babenezimo ezincane kakhulu ezikhohlakele. Ngaleso sikhathi, ama-Israyeli ayemlalela ngayo yonke indlela uJehova. Ngenkathi ethi abakhe i-altare babelakha beshesha, futhi uma ethi mabagqoke izembatho zabaphristi babelalela. Ngaleso sikhathi uJehova wayenjengomelusi wabo elusa umhlambi wezimvu emhlabeni, futhi zonke izimvu zazilandela umelusi lapho eziholela khona ukuba ziyokudla utshani emadlelweni. UJehova waqondisa izimpilo zabo; Wayengumqondisi wokudla kwabo, nempahla yokugqoka, nendawo yokuhlala, kanye nokokuhamba kwabo. Leso kwakungesona isikhathi sokuveza isimo sikaNkulunkulu ngoba abantu bangaleso sikhathi babengabantwana, futhi-ke babembalwa kakhulu abantu ababehlubuka noma ababephikisa, futhi babengangcolile kakhulu. Ngakho babengeke babe yiziqhathaniso zesimo sikaNkulunkulu. Ubungcwele bukaNkulunkulu buvezwa kubantu abasezweni elingcolile. Futhi manje yilokhu kungcola okuvezwa abantu ezweni elingcolile okwahlulelwa uNkulunkulu. Ngale ndlela, konke lokho ayikho kubonakaliswa ekwahluleleni Kwakhe. Futhi kungani ahlulela? Yingoba unyanyiswa isono, futhi ngenxa yalokho ukwazi ukukhipha amazwi okwahlulela. Ukuba ubenganyanyiswa ukuhlubuka kwesintu, ngabe ubengaba nolaka olungaka? Ukuba bekungekho ukunyanya, kungekho angakuthandi, ukuba abantu bayahlubuka kodwa angabi nandaba, lokho bekuyoveza ukuthi Naye ungcole njengesintu. Isizathu esenza ukuthi akwazi ukwahlulela futhi asole isintu yingoba unyanyiswa ukungcola. Yonke into emnyanyisayo yileyo Yena uqobo angenayo. Ukuba ubenokuphikisa nokuhlubuka phakathi Kuye, ubengeke anyanyiswe abantu abaphikisayo nabahlubukayo. Ukuba umsebenzi wakhe ezinsukwini zokugcina ubusenziwa kwa-Israyeli ngabe awubalulekile nhlobo. Kungani umsebenzi wezinsuku zokugcina wenziwa eShayina, indawo emnyama, nesemuva kunazo zonke? Ukuba kuvezwe ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu. Ngamafuphi, indawo emnyama kakhulu inamathuba angcono okuveza ubungcwele Bakhe. Iqiniso liwukuthi ukwenza konke lokhu kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu. Uyazi manje ukuthi uNkulunkulu osezulwini wehlele emhlabeni futhi uphakathi kwethu, futhi Yena ugqanyiswe phakathi kokungcola nokuhlubuka kwenu, ukuze nikwazi ukuqala ukuqonda uNkulunkulu—akusikho ukuphakanyiswa okukhulu lokhu? Iqiniso ukuthi niyiqembu labantu baseShayina abakhethiwe, futhi ngenxa yokuthi ningabantu abakhethiwe nabajabulela umusa kaNkulunkulu, futhi ngenxa yokuthi ningabantu abalungele umusa Wakhe omkhulu, konke lokhu kuveza ukuthi kuyinto eniphakamisa kakhulu. UNkulunkulu uziveze Yena kanye naso sonke isimo Sakhe sobungcwele kini, futhi ubeke konke phezu kwenu, okunenza nikwazi ukuthokozela inqwaba yezibusiso. Anikezwa nje kuphela isimo Sakhe sokulunga, kodwa okubaluleke kakhulu, nizwe insindiso Yakhe kanye nokuhlengwa kanye nothando Lwakhe olungenamkhawulo, ukuze nina, bantu abangcole kakhulu, namukele umusa omkhulu kangaka—akusikho ukubusiseka lokhu? Akusikho yini lokhu ukuphakanyiswa uNkulunkulu? Nisesimweni esiphansi kakhulu futhi anizifanele lezi zibusiso ezinkulu, kodwa uNkulunkulu uniphakamisile noma kunjalo. Ngabe anizizwa ninamahloni? Uma ningeke nawufeza umsebenzi wenu, futhi ekugcineni nizoba namahloni kakhulu. Nizozisola nina. Okwamanje Yena akanishayi noma anijezise; inyama yenu iphephile futhi iyaphila, kodwa ekugcineni amazwi Akhe azonilethela amahloni. Kuze kube manje angikaze ngisole muntu obala. Ngikhulume amazwi aqinile, kodwa ngibaphathe kanjani abantu? Ngibaduduzile, ngabancenga, futhi ngabaxwayisa. Lokhu kwenzelwe isizathu esisodwa vo okungukunisindisa. Kungenzeka mhlawumbe ukuthi aniyiqondi inhloso Yami? Uma ngisho lokhu nonke kumele nikuqonde futhi anikhuthaze la mazwi. Baningi asebecacelwe manje: Ngabe lesi sibusiso asitholakali ngokwenza njengesiqhathaniso? Ukuba yisiqhathaniso akusona yini isibusiso esikhulu? Ekugcineni, nizosabalalisa ivangeli elilandelayo: "Thina siyiziqhathaniso zangempela." Bazonibuza: "Kusho ukuthini ukuba yiziqhathaniso zangempela?" Bese nithi: "Kusho labo kithi abaqedela umsebenzi kaNkulunkulu futhi abasebenza njengesiqhathaniso samandla kaNkulunkulu. Kungenxa yokuhlubuka kwethu ukuthi sisebenza njengesiqhathaniso kuso sonke isimo Sakhe sokulunga. Siyizinto ezilekelelayo nemixhantela yomsebenzi wokugcina kaNkulunkulu—singamathuluzi." Uma bezwa lokho, bazothinteka. Nizobe senithi: "Nathi futhi siyizibonelo nemifanekiso yokuqedela umsebenzi womhlaba wonke, kanye nokunqotshwa kwesintu sonke. Kungakhathaleki ukuthi singcwele noma singcolile, sibusiseke ngaphezu kwenu, ngoba sibone uNkulunkulu. Amandla kaNkulunkulu abonakalisiwe ngethuba lokunqoba thina Kwakhe, futhi kungenxa yokungcola kwethu ukuthi isimo Sakhe sokulunga sibonakaliswe. Ungakwazi ukwenza lokho? Awunalo ilungelo! Lokhu kungukuphakanyiswa nje kwethu Nguye! Yize singaqhoshi, siyaziqhenya ngokudumisa uNkulunkulu ngoba akekho omunye ongaphatha isethembiso esikhulu esingaka, futhi akekho ongajabulela isibusiso esikhulu kangaka. Kuyamangalisa ukuthi abantu abangcole kangaka bangenza ngempela umsebenzi wokuba yiziqhathaniso ekuphatheni kukaNkulunkulu, futhi empeleni sibonga okwedlula amazwi." Bazobuza: "Pho-ke, siyini isibonelo nomfanekiso?" Bese nithi: "Singabahlubuka kakhulu esintwini futhi singabangcole kakhulu. Siyilabo abakhohlakaliswe uSathane ngokujulile futhi sisemuva kakhulu futhi singabantu abaphansi kakhulu abangabenyama. Siyilabo abamele ukusetshenziswa uSathane. Manje sesikhethwe uNkulunkulu ukuthi sibe yilabo abanqotshwe kuqala esintwini. Sibone isimo sokulunga sikaNkulunkulu, sathola ifa lesethembiso Sakhe, futhi uzonqoba abantu abaningi ngathi. Yingakho siyizibonelo nemifanekiso kulabo abanqotshiwe phakathi kwesintu.” Lokhu kuwubufakazi benu obungcono kakhulu, futhi lokhu kungenedlule kukho okuhle kakhulu.

Umthombo:IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana