Ikhasi lokuqala

Isenzo (3)

Kumele nikwazi ukuphila ngokuzimela, nikwazi ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu ngokwakho, ukubona amazwi kaNkulunkulu ngokwakho, nokuphila impilo evamile engokomoya ngaphandle kokuholwa abanye; kumele nikwazi ukuthembela emazwini anamuhla kaNkulunkulu ukuze niphile, ningene ekwazini okuyiqiniso, nokubona ngeqiniso. Kulapho kuphela ozokwazi ukuma uqine. Namuhla, abantu abaningi abaziqondi ngokuphelele izilingo nokuhlushwa kwesikhathi esizayo. Esikhathini esizayo, abanye abantu bazobhekana nezinhlupho, kanti abanye bazobhekana nokujeziswa. Lokhu kujeziswa kuzoba nzima ngokwengeziwe; kuyoba ukuvela kwamaqiniso. Namuhla, konke okuzwayo, okwenzayo, nokubonakalisayo kwakha isisekelo sokulingwa kwesikhathi esizayo, futhi kukho konke, kumele ukwazi ukuphila ngokuzimela. Namuhla, isimo sabaningi ebandleni simi ngale ndlela elandelayo: Uma kukhona izisebenzi ezenza umsebenzi webandla-, bayathokoza, kanti uma zingekho, abathokozi; futhi abawunaki umsebenzi webandla, abanaki ngisho ukudla nokuphuza kwabo, futhi abanawo nomncane umthwalo - bafana nenyoni iHanhao.[a] Eqinisweni, kubantu abaningi umsebenzi engiwenzile umsebenzi nje wokunqoba, ngoba abaningi abakulungele nhlobo ukupheleliswa. Yidlanzana nje labantu abangapheleliswa. Uma, usuwezwile lawa mazwi, ukholwa ukuthi umsebenzi owenziwe uNkulunkulu owokunqoba abantu kuphela, ngakho-ke ulandela nje ngoba usujwayele, ingemukelwa kanjani indlela enjalo yokubuka izinto? Uma ngempela unonembeza, khona-ke kumele ube nomthwalo, ukwazi ukuthatha lowo mthwalo. Kumele uthi: Anginandaba noma ngizonqotshwa noma ngizopheleliswa, kodwa kumele ngibekezelele lesi sigaba sobufakazi ngendlela efanele. Njengesidalwa sikaNkulunkulu, umuntu anganqotshwa ngokuphelele nguNkulunkulu, ekugcineni, akwazi ukwanelisa uNkulunkulu, ukubuyisela uthando lukaNkulunkulu ngothando ezinhliziyweni yakhe nangokuzinikela kuNkulunkulu ngokuphelele. Lona umthwalo womuntu, ngumsebenzi okumele wenziwe umuntu, kuwumthwalo okumele uthwalwe umuntu, futhi umuntu kumele awufeze lo msebenzi. Kulapho kuphela lapho ekholwa khona ngempela kuNkulunkulu. Namuhla, ingabe lokhu okwenzayo ebandleni kungukufeza lowo mthwalo? Lokhu kuncike ekutheni uthwalisiwe yini, futhi kuncike olwazini lwakho. Ekuzweni lo msebenzi, uma umuntu esenqotshiwe futhi enolwazi lweqiniso, uzokwazi ukulalela naphezu kwethemba noma isiphetho sakho. Ngale ndlela, umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu uzofezeka ngokuphelele, ngoba laba bantu akukho okunye abakwaziyo ngaphezu kwalokhu, futhi abakwazi ukufeza izidingo eziphezulu. Yize kunjalo esikhathini esizayo, abanye abantu bazopheleliswa. Izinga labo lizoba ngcono, emoyeni wabo bazoba nolwazi olunzulu, izimpilo zabo zizokhula... Kodwa abanye ngeke nhlobo bafinyelele kulokhu, ngakho-ke ngeke basindiswe. Kunesizathu esenza ngithi abakwazi ukusindiswa. Esikhathini esizayo, abanye bazonqontshwa, abanye bazosuswa, abanye bazopheleliswa, kanti abanye bazosetshenziswa—ngakho abanye bazobhekana nezinhlupheko, abanye bazojeziswa (kuzoba izinhlekelele zendalo namashwa nje enziwe ngabantu), abanye bazosuswa, kanti abanye bazosinda. Kulokhu, bazohlukaniswa ngamunye ngokohlobo lwabo, iqembu ngalinye lizobe limele uhlobo oluthile lomuntu. Akubona bonke abantu abazosuswa, noma abazopheleliswa. Lokhu kungenxa yokuthi uhlobo lwabantu baseShayina luntula kakhulu, kanti idlanzana nje phakathi kwabo abanohlobo lokuzazi uPawulu ayenakho. Kulaba bantu, bambalwa abanokuzimisela ukuthanda uNkulunkulu njengoPetru, noma uhlobo lokholo olufana nolukaJobe. Ababaningi kubo abamhlonipha ngeqophelo elifanayo uJehova, noma abasezingeni elifanayo lokwethembeka ekusebenzeleni uJehova njengoDavide. Niyihlazo!

Namuhla, ukukhuluma ngokupheleliswa kuyingxenye eyodwa kuphela. Noma ngabe kwenzekani, kumele niphathe lesi sinyathelo sobufakazi ngendlela efanele. Uma wawuceliwe ukuba usebenzele uNkulunkulu ethempelini, ungakwenza kanjani? Uma ungeyena umpristi, futhi kungekhona ukuthi unesikhundla esifanayo nesezindlalifa noma amadodana kaNkulunkulu, usengakwazi ukwethembeka? Usengakwazi yini ukwenza konke okusemandleni akho ukusabalalisa umbuso kaNkulunkulu? Usengakwazi yini ukwenza umsebenzi owuthunywe uNkulunkulu ngendlela efanele? Noma ngabe isikhule kangakanani impilo yakho, umsebenzi wanamuhla uzokwenza ukholwe ngaphakathi, ubekele eceleni yonke imibono yakho. Ukuthi unakho noma cha okudingekayo ukuze ufune ukuphila, ekugcineni, umsebenzi kaNkulunkulu uzokwenza ukholwe ngokuphelele. Abanye abantu bathi: Ngiyakholwa kuNkulunkulu, kodwa abazi ukuthi kusho ukuthini ukuphishekela ukuphila. Kanti abanye bathi: Ukukholwa kwami kuNkulunkulu kungididile nje. Ngiyazi ukuthi ngeke ngipheleliswe, ngakho-ke ngikulungele ukusolwa. Ngisho nabantu abafana nalaba, abakulungele ukusolwa noma ukushatshalaliswa, kumele futhi bavume ukuthi umsebenzi wanamuhla wenziwa nguNkulunkulu. Abanye abantu babuye bathi: Angifuni ukupheleliswa, kodwa, namuhla, ngiyafisa ukwamukela konke ukuqeqesha kukaNkulunkulu, futhi ngiyafisa ukuphila ubuntu obujwayelekile, ngithuthukise izinga lami, ngihloniphe zonke izinhlelo zikaNkulunkulu... Kulokhu, sebenqotshiwe futhi baba nobufakazi, okufakazeka kona ukuthi lukhona ulwazi oluthile kulaba bantu. Lesi sigaba somsebenzi senziwe ngokukhulu ukushesha, futhi esikhathini esizayo, uzokwenziwa ngokushesha emazweni aphesheya. Namuhla, abantu abasemazweni aphesheya abakwazi nokulinda, bonke bajahe ukuya eShayina—ngakho-ke uma ningapheleliswanga, nizobe nibambezela abantu basemazweni aphesheya. Ngaleso sikhathi, akukhathaleki ukuthi ninjani, uma isikhathi sifika umsebenzi Wami uzofezwa futhi upheleliswe! Anginandaba nokuthi ningene kahle kanjani noma ninjani; wonke umsebenzi Wami ngeke ubanjezelwe yini. Ngenza umsebenzi wabantu bonke, futhi asikho isidingo sokuthi ngichithe esinye isikhathi ngani! Anigqugquzelekile, anazi lutho nhlobo! Anikufanele ukupheleliswa—ayikho nencane inhlasi yethemba! Esikhathini esizayo, ngisho noma abantu bangaqhubeka bezidonsa, bengazilungisi izimo zabo, lokhu ngeke kuwuphazamise umsebenzi womhlaba wonke. Uma sifika isikhathi sokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uphele, uzophela, futhi uma sifika isikhathi sokuthi abantu basuswe, bazosuswa. Yebo, labo okumele bapheleliswe, futhi abakufanelekele ukupheleliswa, bazopheleliswa—kodwa uma ningenalo ithemba, khona-ke umsebenzi kaNkulunkulu ngeke ulinde wena! Ekugcineni, uma unqontshiwe, nakho lokhu kungathathwa ngengobufakazi; kunemikhawulo yokuthi yini uNkulunkulu angayifuna kini. Noma ngabe isiqu somuntu sikwazi ukufika ezingeni elikhulu kangakanani, lokho kumele kube ubukhulu bobufakazi babo. Akunjengoba abantu becabanga ukuthi ubufakazi obunjalo bungafika emikhawulweni ephezulu kakhulu nokuthi buzoba bukhulu—angeke kwenzeke lokhu kinina bantu baseShayina. Ngixoxisane nani sonke lesi sikhathi, kanti nani nizibonele lokhu. Nginitshelile ukuthi ningaphikisi, ningahlubuki, ningenzi izinto ezimbi lapho ngifulathele. Ngiwasho nginibhekile lawa mazwi izikhathi eziningi, kodwa nalokho akwenele—uma nje ngiphenduka bayaguquka, abanye bangiphikise ngasese, ngaphandle kokuba namahloni. Nicabanga ukuthi angikwazi lokhu? Nicabanga ukuthi ningangidalela izinkinga bese kungenzeki lutho? Nicabanga ukuthi angazi uma nifuna ukudicilela phansi umsebenzi Wami uma ngingabhekile? Nicabanga ukuthi amasu enu angathi shu angamela isimilo senu? Njalo nibukeka sengathi niyahlonipha kodwa ekusithekeni anithembekile, nifihla imicabango emibi ezinhliziyweni zenu, ngisho ukufa akusona isijeziso esifanele abantu abanjengani. Nicabanga ukuthi umsebenzi omncane kaMoya oNgcwele kinina ungathatha indawo yokungihlonipha? Nicabanga ukuthi senizuze ukukhanyiselwa ngokumemeza iZulu? Anilazi ihlazo! Anizinto zalutho! Nicabanga ukuthi “izenzo ezinhle” zithinte iZulu, okunivumele nathola izipho zendalo ezinenze naba nolimi olushelelayo, olunenza nidukise abanye, futhi nikhohlise Nami? Naze nantula ukucabanga! Niyazi ukuthi ukukhanyiseleka kwenu kuvela kuphi? Niyazi ukuthi okukabani ukudla ebenikudla nisakhula? Naze nangaba nanembeza! Abanye benu abakaguquki ngisho nangemva kokubhekanwa nani iminyaka emine noma emihlanu; nicaciselekile ngalezi zindaba, kumele nicacelwe yindalo yenu—ngakho-ke ningakhonondi, uma ngelinye ilanga, nilahlwa. Abanye, abakhohlisa labo abangaphezulu nabangaphansi kwabo emsebenzini wabo, babhekane nezinto eziningi; abanye, ngenxa yokuthi banomhobholo wemali, babhekane nezinto eziningi; abanye, ngenxa yokuthi ababeki mingcele ecacile phakathi kwabesilisa nabesifazane, babhekane nezinto eziningi; abanye, ngenxa yokuthi bayavilapha, banake inyama kuphela, abakwenzi ukulunga uma beza ebandleni, babhekane nezinto eziningi; abanye, ngenxa yokuthi bayahluleka ukuba ngofakazi noma kuphi lapho behamba khona, benza isono futhi bangaziphathi kahle ngamabomu, bakhunjuziwe izikhathi eziningi; abanye bakhuluma ngamazwi nezimfundiso uma beza ebandleni, baziphakamise kunabanye, bengenalo nelincane iqiniso, ngenkathi abazalwane besongelana, bencintisana nabanye—bavezwe obala ngenxa yalokhu. Ngiwakhulumile kini lawa mazwi izikhathi eziningi, namuhla, angeke ngisakhuluma ngalokhu—yenzani lokhu enikufunayo! Zithatheleni nina izinqumo! Abaningi ababhekananga nalokhu unyaka owodwa noma emibili kuphela, abanye kube iminyaka emithathu noma emine, kanti abanye bakubonile lokhu eminyakeni eyishumi, bebhekane nakho ngenkathi bephenduka beba ngamakholwa, kodwa kuze kube manje luseluncane uguquko kubo. Nithini, anifani nezingulube? Ingabe angikhulumi kahle kini? Ningacabangi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu angeke uphele uma ningakwazi ukufinyelela ezingeni elithile. Ingabe uNkulunkulu anganilinda uma ningakwazi ukufeza izidingo Zakhe? Ngikutshela ngokusobala—akunjalo! Ungabi nethemba elinjalo ngezinto! Umsebenzi wanamuhla unesikhathi osibekelwe, uNkulunkulu akakukhohlisi! Phambilini, lapho izikhonzi zizwa ukulingwa, abantu babecabanga ukuthi uma bengama baqine ebufakazini babo kuNkulunkulu, kuzomele banqontshwe ngezinga elithile—kwakufanele babe abenzi bomsebenzi ngokuzikhethela nangokuthanda, babonge uNkulunkulu nsuku zonke, bangazidonsi nakancane noma benze ngokunganaki. Babecabanga ukuthi kungaleso sikhathi lapho bezoba ngabenzi bomsebenzi beqiniso, kodwa ingabe kunjalo ngempela? Ngaleso sikhathi, kwakunazo zonke izinhlobo zezibonakaliso kubantu. Abanye babaleka, abanye baphikisa uNkulunkulu, abanye bakhwabanisa imali yebandla, abazalwane basongelana, baqalekisana babukelana phansi. Kwakuyinkululeko enkulu kakhulu, kodwa kukhona okukodwa okwakukuhle ngakho: Akekho owabuyela emuva. Iyona nto enhle engashiwo ngakho. Baba nobufakazi phambi kukaSathane ngenxa yalokhu, futhi ngemva kwesikhathi bazuza ubunjalo babantu bakaNkulunkulu futhi babambelela kwaze kwaba namuhla. Umsebenzi kaNkulunkulu awenziwa ngendlela enicabanga ngayo. Uma isikhathi sesiphelile, umsebenzi uzophela, kungakhathaleki ukuthi unjani wena. Abanye abantu bangase bathi: Ngokwenza kanje awubasindisi abantu, noma awubathandi—awuyena uNkulunkulu olungile. Nginitshela ngokucacile: Umongo womsebenzi waMi namuhla ukunqoba nina nokunenza nibe nobufakazi. Ukunisindisa kungumxhantela nje; ukuthi nizosindiswa noma cha kukulokhu okufunwa yini, akuhlangene Nami. Notho kumele ngininqobe; ungalokhu uzama ukuhola phambi Kwami ngekhala—namuhla ngisebenza wena, hhayi okunye!

Namuhla, lokhu osukuqonda kungaphezulu kwawo wonke umuntu emlandweni ongazange apheleliswe. Kungaba ulwazi lwakho lokulingwa noma ukukholwa kuNkulunkulu, konke kungaphezu kwanoma ngubani okholwa kuNkulunkulu. Izinto oziqondayo yizinto ozazi ngaphambi kokulingwa yizimo, kodwa isiqu sakho sangempela asihambisani neze nazo. Lokhu okwaziyo kungaphezu kwalokhu okwenzayo. Yize uthi abantu abakholwa kuNkulunkulu kumele bathande uNkulunkulu, futhi akumele balwele izibusiso kuphela kodwa ukwanelisa intando kaNkulunkulu, okwenzekayo ezimpilweni zenu kuqhelelene nalokhu, kanti futhi kungcoliseke kakhulu. Abantu abaningi bakholwa kuNkulunkulu ukuze babe nokuthula nezinye izinzuzo. Uma kungeke kukuhlomulise, awukholwa kuNkulunkulu, kanti uma ungawutholi umusa kaNkulunkulu, uyadangala. Lokhu kungaba kanjani yisona siqu senu sangempela? Uma kuziwa ezigamekweni zomndeni ongasoze wazigwema (ukugula kwezingane, ukulaliswa kwabayeni esibhedlela, isivuno esingesihle, ukushushiswa kwamalungu omndeni, nokunye), awukwazi ukumelana nalezi zinto ezivame ukwenzeka ekuphileni. Uma kwenzeka izinto ezinjengalezi, uyethuka, awazi ukuthi wenzeni—futhi isikhathi esiningi, usola uNkulunkulu. Ukhononda ngokuthi amazwi kaNkulunkulu akukhohlisile, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wenze impilo yakho yabheka phezulu. Ingabe aninayo imicabango enjalo? Ingabe ucabanga ukuthi lezi zinto ziyenzeka phakathi kwenu ngokungavamile kuphela? Zonke izinsuku niphila ngaphansi kwezehlo ezinje. Anicabangi nakancane ngempumelelo yokholo lwenu kuNkulunkulu, nokuthi ningayifeza kanjani intando kaNkulunkulu. Isiqu senu sincane kakhulu, sincane ngisho kunesechwane lenkukhu. Uma ibhizinisi lomyeni wakho lilahlekelwa imali ukhononda ngoNkulunkulu, uma nizithola nisendaweni lapho ningavikelwe nguNkulunkulu nalapho nikhononda ngoNkulunkulu, nikhononda ngisho noma kufa elilodwa emachwaneni enu noma kugula inkomo endala esibayeni, uyakhononda noma sekuyisikhathi sokuthi indodana yakho iqale umndeni kodwa umndeni wakho awunayo imali eyenele, nalapho izikhonzi zebandla zidla izidlo ezimbalwa ekhaya lakho bese ibandla lingakubuyiseli imali noma kungekho okuthumelela noma imifino le, nalapho uyakhononda. Isisu sakho siqumbelene sigcwele ukukhononda, ngesinye isikhathi awuyi emihlanganweni noma udle uphuze amazwi kaNkulunkulu ngenxa yalokhu, uvamise ukucabanga kabi isikhathi eside. Ayikho into eyenzeka kuwe namuhla ehlangene namathemba akho akusasa noma nesiphetho sakho; lezi zinto bezizokwenzeka noma ungakholwa kuNkulunkulu, kodwa namuhla uzenza umthwalo kaNkulunkulu, ulokhu uthi uNkulunkulu ukulahlile. Kuthiwani ngokholo lwakho kuNkulunkulu, ingabe ngempela uyinikelile impilo yakho? Uma nibhekene nezilingo ezifana nezikaJobe, akekho phakathi kwenu olandela uNkulunkulu namuhla ongama aqine, beningawa nonke. Futhi nje, kunomehluko omkhulu phakathi kwenu noPetru. Namuhla, uma kungadliwa ingxenye nje yempahla yenu niyolokotha niphike ukuba khona kukaNkulunkulu; uma ungaphucwa indodana noma indodakazi yakho, ungagijima yonke indawo udinda isililo; uma impilo yakho ifika kwangqingetshe, uzozama ukukhuluma noNkulunkulu, ubuza ukuthi kungani ngisho amazwi amaningi kangaka ekuqaleni ngikuthusa. Ayikho into eningeke nilokothe ningayenzi ngezikhathi ezinjalo. Lokhu kusho ukuthi anikasiboni, futhi aninaso isiqu sangempela. Ngaleyo ndlela, izilingo ezikini zinkulu kakhulu, ngoba kuningi enikuqondayo, kodwa enikwaziyo ngempela akukhona ngisho okukodwa enkulungwaneni yalokhu enikwaziyo. Ningagcini ekuqondeni nasekwazini; kuyoba kuhle kakhulu ukuthi nibone ukuthi kungakanani eningakwenza, ukuthi ungakanani umjuluko womsebenzi wenu onzima ophendulwe waba ukukhanyisela nokukhanyisa kukaMoya oNgcwele, nasekuthini kungaki ukwenza kwenu enikufezile esinqumweni senu. Kufanele uthathe isiqu nokwenza kwakho ngokuzimisela. Ekukholweni kwakho kuNkulunkulu, akufanele uzame ukwenzela noma ngubani nje ngokungazimiseli—ukuthi ungazuza noma cha kuncike ekufuneni kwakho.

Imibhalo yaphansi:

a. Indaba yenyoni iHanhao ifana kakhulu nenganekwane ka-Aesop yentuthwane neqhwagi. Inyoni iHanhao ikhetha ukulala esikhundleni sokwakha isidleke ngenkathi isimo sezulu sisafudumele—naphezu kwezexwayiso eziningi ezivela kumakhelwane wayo, igwababa. Uma ubusika bufika, inyoni iyagodola ife.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana