Ikhasi lokuqala

Ukububula KukaMninimandla Onke

      Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenakho ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kuthathwe ngomubi. Amehlo akho agutshuzelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivimbekile ngamazwi akhohlisayo futhi awulizwa iphimbo likaJehova elindindizelayo, noma umsindo wamanzi ageleza evela esihlalweni sobukhosi. Usulahlekelwe yikho konke obekumele kube ngokwakho kanye nakho konke uSomandla abekuphe kona. Usungene olwandle lomunyu olungenamkhawulo, kungekho namandla okuhlengwa, kungenathemba lokusinda, kusele kuphela ukuzabalaza nokutatazela. … Kusukela kulowo mzuzu, umiselwe ukuhlushwa ngomubi, ugcinwe le kude nezibusiso zikaSomandla, ungenakufinyelela ekuhlinzekeni kukaSomandla, bese uqala indlela engenakubuyela emuva. Ukumenyezwa okuyisigidi kucishe kungakwazi ukuvusa inhliziyo yakho nomoya wakho. Ulala ubuthongo obude ezandleni zomubi, osekuyengele endaweni engapheliyo, kungekho nkombandlela, kungekho nezimpawu zomgwaqo. Kusukela manje, usulahlekelwe ubungcwele, ubumsulwa bakho bakuqala, futhi usuqala ukucashela ukunakekela kukaSomandla. Omubi uqondisa inhliziyo yakho kulo lonke udaba futhi uba yimpilo yakho. Awusamesabi, awusamgwemi, awusamngabazi. Kunalokho, sewumthatha njengoNkulunkulu osenhliziyweni yakho. Usuqala ukumenza isithixo, ukumdumisa, awusahlukani naye njengesithunzi sakhe, futhi uyazibophezela ngokuvumelana omunye komunye ekuphileni nasekufeni. Awazi nhlobo ukuthi uvelaphi, kungani ukhona, noma kungani ufa. Ubheka uSomandla njengesihambi; awuyazi imvelaphi Yakhe, kungasaphathwa konke lokho akwenzele kona. Konke okuvela Kuye sekuyazondeka kuwe. Awukwazisi noma wazi ukubaluleka kwako. Uhambisana nomubi, kusukela ngosuku owaqala ngalo ukuthola ukondliwa okuvela kuSomandla. Wena nomubi nihamba eminyakeni eyizinkulungwane yezishingishane neziphepho. Ngokuhlanganyela naye, nimelene noNkulunkulu, owayewumsuka wempilo yakho. Awuphenduki, ingasaphathwa eyokuthi awazi ukuthi sewufike esigabeni sokubhubha kwakho. Uyakhohlwa ukuthi omubi usekulingile, wakuzwisa ubuhlungu; usukhohlwe nayi mvelaphi yakho. Kanjalo nje, omubi ubekulimaza kancane kancane, ngisho namanje. Inhliziyo yakho nomoya wakho akusenamuzwa futhi sekubolile. Awusakhonondi manje ngezinhlupheko zasemhlabeni, awusakholelwa ekuthini umhlaba awunabulungiswa. Awusenandaba ngobukhona bukaSomandla. Lokhu kungenxa yokuba sewuthatha omubi njengoyihlo weqiniso, futhi awusakwazi ukuhlukana naye. Yilena imfihlo esenhliziyweni yakho.

      Njengoba sekuqala ukusa, inkanyezi yokusa iyaphuma empumalanga. Yinkanyezi engakaze ibekhona phambilini. Ikhanyisa isibhakabhaka esisenezinkanyezi futhi yokhela ukukhanya obesekushabalele ezinhliziyweni zabantu. Abantu abasenaso isizungu, ngenxa yalokhu kukhanya, ukukhanya okukhanya phezu kwakho kanye nabanye. Kodwa nguwe wedwa osalokhu ulele ebumnyameni basebusuku. Awukwazi ukuwuzwa lo msindo, noma ukubona ukukhanya, awukwazi ukuqaphela ukufika kwezulu elisha kanye nomhlaba omusha, inkathi entsha. Ngoba uyihlo ukutshela ukuthi, “Mntanami, ungavuki, isikhathi sisekhona. Kuyabanda phandle, hlala endlini, kungaze inkemba nomkhonto kukuhlabe emehlweni.” Ukholelwa kuphela ezelulekweni zikayihlo, ngoba ukholelwa ukuthi uyihlo uqinisile njengoba uyihlo mdala kunawe, nokuthi uyohlo ukuthanda ngeqiniso. Iseluleko esinjalo kanye nothando olunjalo lukwenza ungabe usakholelwa enganekwaneni yokuthi kunokukhanya emhlabeni, ungabe usaba nendaba noma umhlaba uneqiniso. Awusalokothi uthembe ukusindiswa nguSomandla. Uyasijabulela isimo samanje, awusenathemba lokuvela kokukhanya, futhi awusalokhu ubheka naphandle ulindele ukufika kukaSomandla wasemandulo. Emehlweni akho, konke lokho okuhle ngeke kusavuseleleka, noma kuqhubeke kube khona. Emehlweni akho, ikusasa nengomuso lesintu liyashabalala futhi libhubhe. Ubambelele waqinisa ezingutsheni zikayihlo, uzimisele ngokuhlupheka nindawonye, wesaba ukulahlekelwa umlingani wakho ohamba naye kanye nendlela yohambo lwenu olude. Umhlaba obanzi nolufifii sewenze iningi lenu, langangabaza futhi alaphela amandla ekubambeni iqhaza elehlukene kulo mhlaba. Usakhe “amabutho amaningi” angakwesabi ukufa nhlobo. Ngaphezu kwalokho, usakhe izinqwaba zabantu ezingasena muzwa futhi ezikhubazekile, ezingaqondi inhloso yokuthi zadalelwani. Amehlo kaSomandla abheka nxazonke isintu esihlukumezeke kakhulu, ezwa ukuklewula kwabasenhluphekweni, ebona ukungazisoli kwalabo abasenhluphekweni, futhi ezwa nokungakwazi ukuzisiza kanye nokwesaba kwesintu esesilahlekelwe yinsindiso. Isintu senqaba ukunakekela Kwakhe, sihamba ngendlela yaso, futhi sibalekelana nokufuna amehlo Akhe. Sincamela ukunambitha konke ukubaba kwasolwandle olujulile, ndawonye nesitha. Ukububula kukaSomandla ngeke kusezwakala. Izandla zikaSomandla azisavumi ukuthinta isintu esidangele. Uyawuphinda futhi umsebenzi Wakhe, ebuyelwa futhi elahlekelwa, ngokuphindelela. Kusukela ngaleso sikhathi, uyakhathala, futhi azizwe ecobekile, ebese ewuyeka umsebenzi osesandleni Sakhe, futhi angabe esazulazula phakathi kwabantu… Abantu abanalwazi nhlobo ngalezi zinguquko, abanalwazi ngokufika nokuhamba, usizi nokudumala kukaSomandla.

        Konke okukulo mhlaba kuyaguquka ngokushesha emicabangweni kaSomandla, phansi kwamehlo Akhe. Izinto isintu esingakaze sizwe ngazo zingafika ngokushesha. Kodwa nokho, lokho isintu okwakulokhu kungokwaso kungavele kusilahlekele singazi. Akukho namunye ongaqonda ukuthi ukuphi uSomandla, futhi ngaphezu kwalokho, akukho namunye ongezwa ukuphakama nobukhulu bamandla empilo kaSomandla. Ukuphakama Kwakhe kusekutheni Yena ukwazi ukubona lokho abantu abangeke bakubone. Ubukhulu Bakhe busekutheni Yena ulahlwa kanjani yisintu kepha ebe esindisa isintu. Uyayazi incazelo yokuphila nokufa. Ngaphezu kwalokho, uyayazi imithetho yokuphila yesintu, asidalile. Uyisisekelo sobukhona bomuntu kanye noMhlengi wesintu ukuze sivuke futhi. Udicilela phansi izinhliziyo ezijabulile ngenhlupheko abuye akhuphulele phezulu izinhliziyo ezidabukile ngenjabulo. Konke lokhu okomsebenzi Wakhe, kanye nohlelo Lwakhe.

        Isintu, esashiya ukuphakela kwempilo okuvela kuSomandla asazi ukuthi kungani sikhona, kepha futhi sesaba ukufa. Akukho ukwesekeleka, alukho nosizo, kodwa isintu sisalokhu singabaza ukuvala amehlo aso, sibekezelela konke, sizama ukwelula impilo eyisinengiso kulo mhlaba emizimbeni engenakho ukwazi kwemiphefumulo. Uphila kanjalo, awunathemba; naye uphila kanjalo, ngokungenanhloso. Kukhona kuphela Ongcwele endabeni yasendulo oyofika ukusindisa labo ababubuliswa inhlupheko futhi abalangazelele kakhulu ukufika Kwakhe. Lokhu kukholwa ngeke kufezeke okwamanje kubantu abangazi. Nakuba kunjalo, abantu basalokhu belangazelela lokhu kakhulu. USomandla unomusa kulabo abahlupheka ngokweqile. Ngesikhathi esifanayo, ukhathele yilabo bantu abangenakho ukwazi, ngoba kumele alindele isikhathi eside impendulo evela kubantu. Ulangazelela ukufuna, ukufuna inhliziyo yakho nomoya wakho. Ufuna ukukunikeza ukudla namanzi kanye nokukuvusa, ukuze ungabe usoma, ungabe usalamba. Ngesikhathi usukhathele nalapho usuqala ukuba nosizi lwalapha emhlabeni, ungadideki, ungakhali. UNkulunkulu uSomandla, uMbheki, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini. Ubhekile eceleni kwakho, elindele ukuthi ubuyele emuva. Ulindele usuku lapho ingqondo yakho ibuya iphaphama: ubuyelwe ukukhumbula iqiniso lokuthi wavela kuNkulunkulu, ngandlela thize nandawana thize wake walahleka, walahlekelwa ngumqondo endleleni, kwase futhi, ungazelele waba noyihlo. Waphinde futhi wabona ukuthi uSomandla ubekade ebukela laphaya, elindele ukubuya kwakho sonke lesi sikhathi. Ukulangazelele kabi, elindele ukuphendulwa ngaphandle kwempendulo. Ukubuka kwakhe akunalo inani futhi kungokwenhliziyo nomoya womuntu. Mhlawumbe lokhu kubheka akunamkhawulo, futhi mhlawumbe lokhu kubheka sekusekugcineni. Kodwa kumele wazi kahle ukuthi inhliziyo nomoya wakho kuphi njengamanje.


Nhlaba 28, 2003

Umthombo : IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ukufunda Okuhambelanayo:Unyazi LwaseMpumalanga

Awekho amazwana:

Thumela amazwana