Ikhasi lokuqala

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umthandazo. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umthandazo. Bonisa konke okuthunyelwe

South Africa Christian Movie 2017 "EBUSIKA OBUBANDA KAKHULU" | The Testimony of a Christian


South Africa Christian Movie 2017 "EBUSIKA OBUBANDA KAKHULU" | The Testimony of a Christian


Igama lakhe uXiao Li. Sekuphele ishumi leminyaka ekholelwa kuNkulunkulu. Ebusika bango-2012, waboshwa amaphoyisa eKhomishana YamaShayina esebandleni. Phakathi nophenyo, amaphoyisa ayemyenga, emsabisa, emlimaza futhi emhlukumeza ngoba ezama ukumenza adumaze uNkulunkulu ngokuthi adalule ukuthi bakuphi abaholi bebandla kanye nemali yebandla.

Mayelana Nokuphila Komoya Okujwayelekile

Ikholwa kumele libe nokuphila komoya okujwayelekile—lesi isisekelo sokwazi amazwi kaNkulunkulu nokuba ngokoqobo. Okwamanje, ingabe yonke imithandazo, ukusondelana noNkulunkulu, ukuhlabelela, ukudumisa, ukuzindla, nokuzama ukuqonda amazwi kaNkulunkulu eniwenzayo kuhlangabezana namazinga okuphila komoya okujwayelekile? Akekho kini okumcacela kahle lokhu.

60. Noma Yini uNkulunkulu Ayishoyo Yisahlulelo Somuntu

  UXunqiu edolobheni laseNanyang, esiFundazweni saseHenan 

  Ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlulela futhi esola umuntu kuphela lapho esambule inkohlakalo yomuntu engaphakathi noma eveze amazwi anzima ahlulele isiphetho somuntu.

South African Gospel Song "Ukubaluleka Komthandazo" | Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu



South African Gospel Song "Ukubaluleka Komthandazo" | Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

Umthandazo ungenye yezindlela umuntu asebenzisana ngazo noNkulunkulu,
ukubiza uMoya Wakhe kanye nokuthintwa nguNkulunkulu.

Ibika Ledokhumentari ethi "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" | Ukuhlola Umhlaba Kanye Nezulu



   Esibhakabhakeni esibanzi esigcwele izinkanyezi, imihlaba iyangqubuzana, nochungechunge lwezigameko eziningi luzala imihlaba emisha…. Inqwaba yezinto zasezulwini ezisemkhathini zonke zisebenza ngokuzwana – ziqondiswa ngubani? Idokhumentari yobuKristu enomculo—Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke—izokwembula amaqiniso angempela maduze!

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

UNkulunkulu USomandla uthi:“ Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho . Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi.

Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu

       
 IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga
          Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa.

Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?

    IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga

         Ngemva kokuba abantu sebazi iqiniso lokuthi uJesu waba yinyama baqaphela lokhu: Ezulwini akukho kuphela uBaba, kodwa kuneNdodana, kanye noMoya imbala.bebelokhu bekholelwa, ukuthi kunalo Nkulunkulu ezulwini: uZiqu zintathu okunguYise, iNdodana, noMoya oNgcwele, bamunye.

Ukuhunyushwa Kwezwi Leshumi Nantathu


 IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga
   “ UNkulunkulu uyizonda yonke inzalo kadrako omkhulu obomvu, futhi umzonda nakakhulu udrako omkhulu obomvu. Yilena impande yolaka olusenhliziyweni kaNkulunkulu. Kubonakala sengathi uNkulunkulu ufuna ukuphonsa zonke izinto zikadrako omkhulu obomvu echibini lomlilo nesibabule ukuze azishise ziphele nya.

Ekukholweni Kwakho kuNkulunkulu Kumele Ulalele uNkulunkulu

IBandla likaNkulunkulu uSomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga


Kungani ukholwa kuNkulunkulu? Abantu abaningi bayabaxakwa yilo mbuzo. Banemibono emibili eyehlukene ngoNkulunkulu ongokoqobo kanye noNkulunkulu osezulwini, okukhombisa ukuthi bakholwa kuNkulunkulu bengaqonde kulalela, kodwa ukuthola izinzuzo ezithile, noma befuna ukubalekela ukwehlelwa yinhlekelele.

Izwi Leshumi

           INkathi Yombuso, kakade, yehlukile ezikhathini ezedlule. Ayithinti okwenziwa ngumuntu. Kunalokho, ngenza umsebenzi Wami emva kokwehlela emhlabeni — umsebenzi okungekho muntu ongawucabanga noma awufeze. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube manje, kuyo yonke le minyaka bekulokhu kungokokwakha ibandla, kodwa akuzwakali lutho ngokwakhiwa kombuso.

Izwi Lesibili

   “Ukulandela ukwenza ngendlela entsha, kuzoba nezinyathelo ezintsha emsebenzini waMi Njengoba kunjalo embusweni, ngizokwenza izinto ngobunkulunkulu ngokuqondile, ngihole isinyathelo ngasinye endleleni, ngibheke kahle yonke imininingwane, kungekho konakala ngezinhloso zabantu.

Qaphelani isiphetho sesintu




South African Gospel Song"Qaphelani isiphetho sesintu"

I
UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke,
amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
zinak’isiphetho sesintu;
zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,
ophakeme kakhulu ohlonishwayo;
zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,
njengalokh’isizukulwane
sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,
njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni.

Umsebenzi Nokungena (8)

Sengikhulume kaningi ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ukuze ngishintshe umoya womuntu, ngishintshe umphefumulo wabo bonke abantu, njengezinhliziyo zabo, ezihlupheke kakhulu, zaba zintsha, zasindisa imiphefumulo yazo, ezilinyazwe kakhulu ububi; umgomo wakho ukuvusa umoya wabantu, kuncibilike izinhliziyo zabo ezineqhwa, ukuze nabo baphinde babe basha.

Mayelana neBhayibheli (4)

UNkulunkuluUSomandla uthi:

"Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu.

Umsebenzi Nokungena (1)

UNkulunkuluUSomandla uthi
Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze.

Isenzo (2)


UNkulunkulu USomandla uthi:“Ezikhathini ezedlule, abantu babeziqeqeshela “ukuba noNkulunkulu baphile phakathi komoya ngaso sonke isikhathi” okuwukuthi, uma kuqhathaniswa nalokhu okwenziwa namuhla, kube ukuqeqesha okulula kukamoya. Ukwenza okunje kuza ngaphambi kokuba abantu bangene endleleni efanele yempilo, kanti yindlela engajulile nelula kakhulu kuzo zonke izindlela ezisetshenziswayo.